Obani Abakhazimulisa UNkulunkulu Namuhla?
“Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla.”—ISAMBULO 4:11.
1, 2. (a) Yiziphi izibonelo ezibonisa umkhakha obizwa ngokuthi i-biomimetics? (b) Imuphi umbuzo ophakamayo, futhi ithini impendulo?
NGELINYE ilanga ngawo-1940, unjiniyela waseSwitzerland uGeorge de Mestral wavakashisa inja yakhe. Lapho ebuyela ekhaya, waphawula ukuthi izingubo zakhe noboya benja kwakugcwele uqadolo. Efuna ukwazi okwengeziwe, wahlola uqadolo ngesibonakhulu futhi kwamthakazelisa okusameva amancanyana akubona okwakubambelela kunoma yini okwakungabambelela kuyo. Ekugcineni, wasungula indwangu esebenza njengoqadolo—iVelcro. Akuyena yedwa ude Mestral owakopela endalweni. E-United States, izelamani zakwaWright zaklama indiza ngemva kokutadisha izinyoni ezinkulu zindiza. Unjiniyela waseFrance u-Alexandre-Gustave Eiffel waklama ibhilidi eliseParis elibizwa ngegama lakhe, esebenzisa izimiso eziyisisekelo ezenza ithanga lomuntu likwazi ukuthwala isisindo somzimba.
2 Lezi zibonelo zikubonisa kahle loko okubizwa ngokuthi i-biomimetics, umkhakha wesayensi ozama ukulingisa imiklamo yendalo.a Kuphakama umbuzo omuhle nokho: Abasunguli bezinto bamtusa kangaki Lowo owaklama uqadolo omncanyana, izinyoni ezinkulu, ithanga lomuntu nazo zonke ezinye izinto ezinhle zemvelo okusekelwa kuzo izinto ezisungulwa abantu? Iqiniso elidabukisayo liwukuthi kuleli zwe lanamuhla, kuyaqabukela uNkulunkulu etusiwe noma enikezwe inkazimulo emfanele.
3, 4. Lisho ukuthini igama lesiHebheru elihunyushwa ngokuthi “inkazimulo,” futhi lisho ukuthini lapho libhekisela kuJehova?
3 Abanye bangase bazibuze, ‘Kungani kudingeka sikhazimulise uNkulunkulu? Kanti uNkulunkulu akakhazimuli yini?’ Yiqiniso, uJehova ukhazimula ngaphezu kwakho konke okusezulwini nasemhlabeni, kodwa lokho akusho ukuthi bonke abantu babona kanjalo. EBhayibhelini, igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “inkazimulo” linomqondo ‘wobukhulu.’ Libhekisela kunoma yini eyenza umuntu abonakale enesithunzi noma ebalulekile kwabanye. Uma libhekisela kuNkulunkulu, lisho lokho okwenza uNkulunkulu amangalise kubantu.
4 Bambalwa namuhla abakuqaphelayo okwenza uNkulunkulu amangalise. (IHubo 10:4; 14:1) Eqinisweni, abantu abanegama emphakathini, uma kuwukuthi bayakholelwa kuNkulunkulu, baye bathonya abantu ukuba bangamhloniphi uMdali okhazimulayo wezulu nomhlaba. Bakwenze ngaziphi izindlela lokho?
“Abanazaba”
5. Ososayensi abaningi bathi zavelaphi izimanga zendalo?
5 Ososayensi abaningi bami kwelokuthi uNkulunkulu akekho. Pho, bazichaza kanjani izimanga zendalo, kuhlanganise nabantu? Bathi zaba khona ngenxa yokuziphendukela kwemvelo, zamane zazivelela. Ngokwesibonelo, isazi sokuziphendukela kwemvelo uStephen Jay Gould sabhala: “Silapha ngenxa yokuthi iqembu elixakile lezinhlanzi lalinephiko elakheke ngendlela eyinqaba likwazi ukuphenduka libe imilenze yezidalwa ezihamba ezweni . . . Singase sifune impendulo ‘ehlakaniphile kunale’—kodwa ayikho.” URichard E. Leakey noRoger Lewin nabo babhala: “Mhlawumbe abantu bamane nje bayiphutha elikhulu lesayensi yezinto eziphilayo.” Ngisho nososayensi abathile ababuncomayo ubuhle nomklamo wendalo bayehluleka ukudumisa uNkulunkulu.
6. Yini eyenza abaningi bayeke ukunikeza uNkulunkulu udumo olumfanele njengoMdali?
6 Lapho izifundiswa zigomela ngokuthi ukuziphendukela kwemvelo kuyiqiniso, zisuke zisho ukuthi abangenalwazi kuphela abenqabayo ukukukholelwa. Abaningi basabela kanjani kulokho kugomela? Eminyakeni eminingi edlule, umuntu onolwazi oluzikile ngokuziphendukela kwemvelo waxoxa nabantu ababeyamukela le mfundiso. Wathi: “Ngathola ukuthi abaningi abakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo bakukholelwa ngoba betshelwe ukuthi bonke abantu abahlakaniphile bayakukholelwa.” Yebo, lapho izifundiswa zisho imibono yazo yokuthi uNkulunkulu akekho, abanye bayayeka ukumnikeza udumo olumfanele njengoMdali.—IzAga 14:15, 18.
7. NgokweyabaseRoma 1:20, yini ebonakala ngokucacile endalweni ebonakalayo, futhi kungani?
7 Ingabe ososayensi bafinyelele kulezi ziphetho ngenxa yamaqiniso nobufakazi obuzwakalayo? Phinde! Sizungezwe ubufakazi bokuthi uMdali ukhona. Umphostoli uPawulu waloba ngaYe: “Izimfanelo zakhe ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe [isintu] kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe, kangangokuthi [abangakholwa] abanazaba.” (Roma 1:20) UMdali washiya isigxivizo sakhe emsebenzini wezandla zakhe. Ngakho uPawulu uthi kusukela ekudalweni kwesintu, abantu ‘bebengabuqonda’ ubufakazi bokuthi uNkulunkulu ukhona besebenzisa indalo ebonakalayo. Bukuphi lobu bufakazi?
8. (a) Amazulu awafakazela kanjani amandla nokuhlakanipha kukaNkulunkulu? (b) Yini ebonisa ukuthi ukhona uMuntu Owadala izulu nomhlaba?
8 Ubufakazi bokuthi uNkulunkulu ukhona sibubona emazulwini anezinkanyezi. “Amazulu amemezela inkazimulo kaNkulunkulu,” kusho iHubo 19:1. “Amazulu”—ilanga, inyanga nezinkanyezi—afakazela amandla nokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Inani lezinkanyezi nje lilodwa lisishiya sibambe ongezansi. Futhi zonke lezi zindikimba zasezulwini azimane nje ziklaye zibheke nomaphi emkhathini kodwa zilandela imithetho eqondile.b (Isaya 40:26) Kunengqondo yini ukuthi ukuhleleka okunjalo kuvele kuzenzekele? Isimanga ukuthi ososayensi abaningi bathi izulu nomhlaba kwavele kwaba khona. Echaza okusikiselwa yilokhu, uprofesa mumbe waloba: “[Umbono wokuthi] izulu nomhlaba akunasiqalo wamukeleka kalula [kwabanombono] wokuthi uNkulunkulu akekho noma akaziwa. Ngokufanayo, umbono wokuthi izulu nomhlaba kunesiqalo ufuna kube khona owakudala; ngoba kungaba khona kanjani kungadalwanga muntu?”
9. Ukuhlakanipha kukaJehova kubonakala kanjani endalweni eyizilwane?
9 Emhlabeni nakhona siyabubona ubufakazi bokuthi uNkulunkulu ukhona. Umhubi wababaza: “O Jehova, yeka ukuthi miningi kangakanani imisebenzi yakho! Yonke uyenzé ngokuhlakanipha. Umhlaba ugcwele imikhiqizo yakho.” (IHubo 104:24) “Imikhiqizo” kaJehova, ehlanganisa indalo eyizilwane, ibonisa ukuhlakanipha kwakhe. Njengoba sishilo ekuqaleni, imiklamo yezinto eziphilayo mihle kangangokuthi ososayensi baye bafune ukuyilingisa. Cabanga ngezinye izibonelo ezimbalwa. Abacwaningi batadisha izimpondo ezimagatshagatsha zenyamazane ngenjongo yokwakha izigqoko zokuzivikela eziqinile kunezikhona; babheka uhlobo lwezimpukane ezinamadlebe abukhali ngenjongo yokuthuthukisa izinsizakuzwa; futhi bahlola izimpaphe zamaphiko amalulwane ngenjongo yokuthuthukisa izindiza ezingeke zibonwe umshini okwazi ukubona izinto ezisithekile. Kodwa noma angazama kangakanani, umuntu ngeke akwazi ngempela ukuyilingisa ncamashi imiklamo ephelele yendalo. Incwadi ethi Biomimicry—Innovation Inspired by Nature ithi: “Izinto eziphilayo zikwenze konke esifuna ukukwenza, kodwa aziwubhubhudli uwoyela ombiwa phansi, aziyingcolisi iplanethi, noma zifake ikusasa lazo engozini.” Ukuhlakanipha ngempela!
10. Kungani kungenangqondo ukuphika ukuthi ukhona uMklami Omkhulu? Fanekisa.
10 Kungakhathaliseki ukuthi ubuka amazulu phezulu noma ugqolozela indalo ekhona la emhlabeni, bucacile ubufakazi bokuthi uMdali ukhona. (Jeremiya 10:12) Kufanele sivumelane ngokuphelele nezidalwa zasezulwini ezimemeza zithi: “Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto.” (IsAmbulo 4:11) Noma kunjalo, ososayensi abaningi bayehluleka ukubona lobu bufakazi ‘ngamehlo enhliziyo yabo’ yize ingase ibamangalise imiklamo yezinto abazibona ngamehlo abo enyama. (Efesu 1:18) Singakufanekisa kanje: Ukuncoma ubuhle nomklamo wendalo bese uphika ukuthi ukhona uMklami Omkhulu akunangqondo njengokuncoma umdwebo omuhle kakhulu ngesikhathi esifanayo uphike ukuthi ukhona umdwebi owathatha indwangu engenalutho wayenza umdwebo wobuciko. Akumangazi ukuthi labo abangafuni ukukholelwa kuNkulunkulu kuthiwa “abanazaba”!
“Abaholi Abayizimpumputhe” Badukisa Abaningi
11, 12. Imfundiso yokunqunyelwa kusengaphambili isekelwe kumuphi umbono, futhi yini ebonisa ukuthi ayimkhazimulisi uNkulunkulu?
11 Abantu abaningi abasontayo bakholelwa ngempela ukuthi ukukhulekela kwabo kukhazimulisa uNkulunkulu. (Roma 10:2, 3) Nokho, inkolo iyonke ingomunye umkhakha womphakathi wesintu oye wavimba izigidi ukuba zikhazimulise uNkulunkulu. Kanjani? Ake sibheke izindlela ezimbili.
12 Eyokuqala, izinkolo zisusa inkazimulo kuNkulunkulu ngezimfundiso ezingamanga. Ngokwesibonelo, cabanga ngemfundiso yokunqunyelwa kusengaphambili. Le mfundiso isekelwe embonweni wokuthi njengoba uNkulunkulu enamandla okwazi ikusasa, kumelwe ukuba uyawazi umphumela wazo zonke izinto. Ngakho imfundiso yokunqunyelwa kusengaphambili isikisela ukuthi kade uNkulunkulu alinquma ikusasa lomuntu ngamunye—kungakhathaliseki ukuthi lihle noma libi. Ngokwale mfundiso, nguNkulunkulu okumelwe asolwe ngakho konke ukuhlupheka nobubi obusemhlabeni namuhla. Akumkhazimulisi neze uNkulunkulu ukusolwa ngecala okungeleSitha sakhe esikhulu, uSathane, lowo iBhayibheli elimbiza ‘ngombusi waleli zwe’!—Johane 14:30; 1 Johane 5:19.
13. Kungani kuwubuwula ukucabanga ukuthi uNkulunkulu akakwazi ukulawula ikhono lakhe lokwazi ikusasa? Fanekisa.
13 Ukunqunyelwa kusengaphambili kuyimfundiso engasekelwe emiBhalweni futhi enyundela uNkulunkulu. Ididanisa lokho akwazi ukukwenza nalokho akwenzayo ngempela. EBhayibhelini kubekwe kwacaca ukuthi uNkulunkulu uyakwazi ukwazi izinto kusengaphambili. (Isaya 46:9, 10) Kodwa akunangqondo ukucabanga ukuthi akakwazi ukulawula ikhono lakhe lokwazi ikusasa noma ukuthi uyena obangela yonke imiphumela eyenzekayo. Ngokwesibonelo: Ake sithi ubuyisikhondlakhondla esinamandla. Ingabe ubusuyofuna ukuqukula yonke into esindayo oyibonayo? Cha! Ngokufanayo, ukuthi uNkulunkulu unekhono lokwazi ikusasa akumphoqi ukuba azi noma anqume yonke into kusengaphambili. Ikhono lakhe lokwazi izinto kusengaphambili akalisebenzisi noma kanjani.c Ngokusobala, izimfundiso ezingamanga ezihlanganisa nokunqunyelwa kusengaphambili azimkhazimulisi uNkulunkulu.
14. Inkolo ehleliwe imhlazise ngayiphi indlela uNkulunkulu?
14 Indlela yesibili inkolo ehleliwe ehlazisa ngayo uNkulunkulu ukuziphatha kwabalandeli bayo. AmaKristu alindeleke ukuba alandele izimfundiso zikaJesu. Phakathi kwezinye izinto, uJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba ‘bathandane’ futhi bahlale ‘bengeyona ingxenye yezwe.’ (Johane 15:12; 17:14-16) Kuthiwani ngabefundisi beLobukholwa? Ingabe bazilandele ngempela lezo zimfundiso?
15. (a) Unjani umlando wabefundisi endabeni yezimpi zezizwe? (b) Ukuziphatha kwabefundisi kuzithinte kanjani izigidi zabantu?
15 Cabanga ngomlando wabefundisi endabeni yezimpi. Baye basekela izimpi eziningi zezizwe, bazivuna futhi bahola nokuhola kuzo. Baye babusisa amasosha babeka nezaba zokubulala. Siyazibuza, ‘Bake bacabange nje labo befundisi ukuthi ozakwabo bangalé nabo benza okufanayo?’ (Bheka ibhokisi elithi “UNkulunkulu Usohlangothini Lukabani?”) Abefundisi abamkhazimulisi uNkulunkulu uma bethi basekelwa nguye ezimpini eziphalalisa igazi; bengamkhazimulisi futhi nalapho bethi izindinganiso zeBhayibheli ziyisidala futhi bevuna ukuziphatha okubi kobulili kwazo zonke izinhlobo. Yeka indlela abasikhumbuza ngayo abaholi benkolo uJesu ababiza ngokuthi “abenza okungemthetho” ‘nabaholi abayizimpumputhe’! (Mathewu 7:15-23; 15:14) Ukuziphatha kwabefundisi kulupholisile uthando lwezigidi zabantu ngoNkulunkulu.—Mathewu 24:12.
Obani Abakhazimulisa UNkulunkulu Ngempela?
16. Ukuze siphendule umbuzo othi obani abakhazimulisa uNkulunkulu ngempela, kungani kumelwe sibheke iBhayibheli?
16 Uma abantu abaningi abanegama nabaqavile emhlabeni behlulekile ukukhazimulisa uNkulunkulu, obani-ke abamkhazimulisa ngempela? Ukuze siphendule lowo mbuzo, kumelwe sibheke iBhayibheli. Phela uNkulunkulu unegunya lokusho ukuthi kumelwe akhazinyuliswe kanjani, futhi uzibekile izindinganiso eZwini lakhe, iBhayibheli. (Isaya 42:8) Masibheke izindlela ezintathu zokukhazimulisa uNkulunkulu, endleleni ngayinye siphendule umbuzo othi obani namuhla abamkhazimulisa ngempela.
17. UJehova uqobo lwakhe wabonisa kanjani ukuthi ukukhazimulisa igama lakhe kuyisici esisemqoka sentando yakhe, futhi obani namuhla abadumisa igama likaNkulunkulu emhlabeni jikelele?
17 Eyokuqala, singamkhazimulisa uNkulunkulu ngokudumisa igama lakhe. Ukuthi ukudumisa igama lakhe kuyisici esibalulekile sentando kaNkulunkulu kufakazelwa yilokho uJehova akutshela uJesu. Sekusele izinsuku ezimbalwa afe, uJesu wathandaza: “Baba, khazimulisa igama lakho.” Kwabe sekuphendula izwi: “Ngilikhazimulisile futhi ngizophinde ngilikhazimulise.” (Johane 12:28) Akungatshazwa ukuthi uJehova uqobo lwakhe owayekhuluma. Empendulweni yakhe kusobala ukuthi ukukhazimulisa igama lakhe kusemqoka kuye. Obani-ke namuhla abakhazimulisa uJehova ngokwenza igama lakhe laziwe nangokumdumisa emhlabeni jikelele? OFakazi BakaJehova, futhi bakwenza emazweni angu-235!—IHubo 86:11, 12.
18. Singababona kanjani abakhulekela uNkulunkulu “ngeqiniso,” futhi yiliphi iqembu ebelilokhu lifundisa iqiniso leBhayibheli iminyaka eyevile ekhulwini?
18 Eyesibili, singamkhazimulisa uNkulunkulu ngokufundisa iqiniso ngaye. UJesu wathi abakhulekeli beqiniso ‘babeyokhulekela [uNkulunkulu] ngeqiniso.’ (Johane 4:24) Singababona kanjani abakhulekela uNkulunkulu “ngeqiniso”? Kumelwe balahle izimfundiso ezingasekelwe eBhayibhelini nezimmelela kabi uNkulunkulu nentando yakhe. Kumelwe bafundise amaqiniso amsulwa eZwi likaNkulunkulu ahlanganisa lawa: UJehova unguNkulunkulu oPhezukonke, futhi inkazimulo yalesi sikhundla iya kuye yedwa (IHubo 83:18); uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu noMbusi omisiwe woMbuso kaMesiya kaNkulunkulu (1 Korinte 15:27, 28); uMbuso kaNkulunkulu uyongcwelisa igama likaJehova futhi ufeze injongo yakhe ngalo mhlaba nabantu abakuwo (Mathewu 6:9, 10); izindaba ezinhle ngalo Mbuso kumelwe zishunyayelwe emhlabeni wonke. (Mathewu 24:14) Eminyakeni eyevile ekhulwini, linye vo iqembu eliye lawafundisa ngokwethembeka amaqiniso anjalo ayigugu—oFakazi BakaJehova!
19, 20. (a) Kungani ukuziphatha okuhle komKristu kungase kukhazimulise uNkulunkulu? (b) Yimiphi imibuzo engasisiza sithole ukuthi obani namuhla abakhazimulisa uNkulunkulu ngokuziphatha okuhle?
19 Eyesithathu, singakhazimulisa uNkulunkulu ngokuphila ngezindinganiso zakhe. Umphostoli uPetru waloba: “Gcinani ukuziphatha kwenu kukuhle phakathi kwezizwe, ukuze kuthi, entweni ezikhuluma kabi ngani kuyo njengokungathi ningabenzi bokubi, zikhazimulise uNkulunkulu ngosuku lokuhlola kwakhe ngenxa yemisebenzi yenu emihle ezingofakazi bayo bokuzibonela.” (1 Petru 2:12) Ukholo lomKristu lubonakala ngokuziphatha kwakhe. Lapho izibukeli zikuphawula lokho—okusho ukuthi, lapho zibona ukuthi ukuziphatha okuhle komKristu kubangelwa ukholo lwakhe—uNkulunkulu uyakhazinyuliswa.
20 Obani namuhla abakhazimulisa uNkulunkulu ngokuhlala beziphethe kahle? Yiliphi iqembu lenkolo eliye lanconywa ohulumeni ngokuba izakhamuzi ezinokuthula, ezigcina umthetho nezikhokha izintela? (Roma 13:1, 3, 6, 7) Yibaphi abantu abaziwa emhlabeni wonke ngokuba munye namakholwa abakanye nawo—ubunye obunqoba ukungafani kwezinhlanga, kobuzwe nokwezizwe? (IHubo 133:1; IzEnzo 10:34, 35) Yiliphi iqembu elaziwa emhlabeni jikelele ngomsebenzi walo wokufundisa ngeBhayibheli okhuthaza ukuhlonishwa komthetho, izindinganiso zemikhaya nokuziphatha okuvumelana neBhayibheli? Linye vo iqembu elikuziphatha kwalo okuhle kulezi zici nakwezinye kuzikhulumela kona—oFakazi BakaJehova!
Ingabe Wena Uyamkhazimulisa UNkulunkulu?
21. Kungani kufanele sizibuze ukuthi thina ngabanye siyamkhazimulisa yini uJehova?
21 Kuhle ukuba ngamunye wethu azibuze, ‘Ingabe mina ngiyamkhazimulisa uJehova?’ NgokweHubo 148, indalo eningi iyamkhazimulisa uNkulunkulu. Izingelosi, amazulu, umhlaba nendalo eyizilwane—konke kudumisa uJehova. (Amavesi 1-10) Yeka indlela okudabukisa ngayo ukuthi iningi labantu namuhla alimdumisi! Ngokuphila ngendlela ekhazimulisa uNkulunkulu, uzifanisa nayo yonke indalo edumisa uJehova. (Amavesi 11-13) Ayikho indlela yokuphila engcono kunale.
22. Ngokukhazimulisa uJehova, ubusiswa ngaziphi izindlela, futhi yini okufanele unqume ukuyenza?
22 Ngokukhazimulisa uJehova, ubusiswa ngezindlela eziningi. Lapho ubonisa ukholo emhlatshelweni kaKristu wesihlengo, ubuyisana noNkulunkulu futhi uba nobuhlobo obunokuthula nobunomvuzo noYihlo wasezulwini. (Roma 5:10) Lapho uzicinga izizathu zokukhazimulisa uNkulunkulu, uba nombono oqondile nokwazisa okwengeziwe. (Jeremiya 31:12) Uma usunjalo, ususesimweni sokusiza abanye baphile ukuphila okwanelisayo nokujabulisayo, ngaleyo ndlela uthole injabulo eyengeziwe wena ngokwakho. (IzEnzo 20:35) Sengathi ungaba phakathi kwalabo abazenzela isinqumo esiqinile sokukhazimulisa uNkulunkulu—manje naphakade!
[Imibhalo yaphansi]
a Igama elithi biomimetics livela kwelesiGreki elithi biʹos, elisho “ukuphila” nelithi miʹme·sis, elisho “ukulingisa.”
b Ukuze uthole imininingwane ngendlela amazulu abonakalisa ngayo ukuhlakanipha namandla kaNkulunkulu, bheka izahluko 5 no-17 zencwadi ethi Sondela KuJehova enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
c Bheka umQulu 1, ikhasi 853, le-Insight on the Scriptures, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
Uyakhumbula?
• Kungani singathi iningi lososayensi alibasizanga abantu ukuba bakhazimulise uNkulunkulu?
• Yiziphi izindlela ezimbili inkolo ehleliwe ebavimbele ngazo abantu ukukhazimulisa uNkulunkulu?
• Singamkhazimulisa ngaziphi izindlela uNkulunkulu?
• Kungani kufanele ucabange ngokuthi wena uyamkhazimulisa yini uJehova?
[Ibhokisi ekhasini 12]
“UNkulunkulu Usohlangothini Lukabani?”
Indoda eyayiseButhweni Lasemoyeni LaseJalimane ngesikhathi seMpi Yezwe II kodwa kamuva yaba omunye woFakazi BakaJehova iyakhumbula:
“Okwangiphazamisa phakathi naleyo minyaka yempi . . . kwakuwukubona abefundisi bazo zonke izinkolo—amaKatolika, amaLuthela, ama-Episcopal, nabanye—bebusisa izindiza namabutho azo ngaphambi kokusuka ayohlasela ngamabhomu abulalayo. Ngangivame ukucabanga, ‘UNkulunkulu usohlangothini lukabani?’
“Amasosha aseJalimane ayefaka amabhande ayenekhongco elalibhalwe ukuthi Gott mit uns (uNkulunkulu unathi). Kodwa ngazibuza, ‘Kungani uNkulunkulu engenakuwasekela amasosha angakolunye uhlangothi angawenkolo efanayo futhi athandaza kuNkulunkulu ofanayo?’”
[Isithombe ekhasini 10]
Emhlabeni wonke oFakazi BakaJehova bakhazimulisa uNkulunkulu ngempela