“Kumelwe Nithandaze Ngale Ndlela”
UYAWAZI yini amazwi oMthandazo WeNkosi? Lona umthandazo oyisibonelo uJesu Kristu awufundisa. Phakathi neNtshumayelo yakhe yaseNtabeni edumile, uJesu wathi: “Khona-ke, kumelwe nithandaze ngale ndlela.” (Mathewu 6:9) Njengoba kunguJesu owaqamba lo mthandazo, uvame ukubizwa ngokuthi uMthandazo WeNkosi nangokuthi uBaba Wethu.—Latin, Paternoster.
Abantu abaningi emhlabeni jikelele baye bawubamba ngekhanda uMthandazo WeNkosi futhi bawuphindaphinda njalo, mhlawumbe nsuku zonke. Eminyakeni yamuva, abaningi baye bawucula lo mthandazo ezikoleni nasezenzakalweni zomphakathi. Kungani uhlonishwa kangaka uMthandazo WeNkosi?
Isazi semfundiso yenkolo sangekhulu lesithathu, uCyprian, sabhala: “Imuphi umthandazo ongaba ngokomoya ukudlula lowo esawunikezwa uKristu . . . ? Imuphi umthandazo oya kuBaba ongaba iqiniso ukudlula lowo esawunikezwa iNdodana eyiQiniso ngokwayo?”—Johane 14:6.
Ikhathekizimu leSonto LamaRoma Katolika libheka uBaba Wethu “njengomthandazo oyisisekelo wamaKristu.” I-World Book Encyclopedia iyakuvuma ukubaluleka kwalo mthandazo kuzo zonke izinkolo zobuKristu, futhi iwubiza ngokuthi enye “yezinto eziyisisekelo ezishiwo enkolweni yobuKristu.”
Nokho, kumelwe kuvunywe ukuthi abaningi abawaziyo ngekhanda lo Mthandazo WeNkosi abawuqondi ngokugcwele. Iphephandaba laseCanada i-Ottawa Citizen lithi: “Uma uke wathintana nobuKristu ngandlela-thile, cishe uyakwazi ukuwusho usheshisa uMthandazo WeNkosi kungadingeki nokuthi uthathe ikhefu lokudonsa umoya. Kodwa kungaba nzima ukuwusho unensa nangendlela ebonisa ukuthi uyawuqonda.”
Kubaluleke ngempela yini ukuba siyiqonde imithandazo yethu kuNkulunkulu? Kungani uJesu asinika uMthandazo WeNkosi? Usho ukuthini kuwe? Manje ake sixoxe ngale mibuzo?