Kunengqondo Ukukholelwa Emhlabeni Oyipharadesi
KUWO wonke umlando, abantu abayizigidi bebelokhu bekholelwa ukuthi ekugcineni bazowushiya umhlaba baye ezulwini. Abanye bebekholelwa ukuthi akukaze kube injongo yoMdali wethu ukuba umhlaba ube indawo yethu yokuhlala yaphakade. Labo abaphila ngokuzibamba ngokweqile bona baye badlulela ngisho nakakhulu. Kwabaningi babo, umhlaba nazo zonke izinto zenyama kubi—isithiyo sokuthola ukwaneliseka kwangempela okungokomoya nokusondelana noNkulunkulu.
Labo abasungula le mibono kungenzeka babengakwazi lokho uNkulunkulu akusho ngomhlaba oyipharadesi noma kungenzeka bakushaya indiva ngamabomu. Eqinisweni, namuhla abaningi abathandi ukuhlola lokho uNkulunkulu aphefumulela abantu ukuba bakubhale eZwini lakhe, iBhayibheli, mayelana nale ndaba. (2 Thimothewu 3:16, 17) Kodwa akukona yini ukuhlakanipha ukuthemba iZwi likaNkulunkulu kunemibono yabantu? (Roma 3:4) Eqinisweni, kubalulekile ukuba senze kanjalo, ngoba iBhayibheli lisixwayisa ngokuthi isidalwa esibi esinamandla kodwa esingabonakali siye saphuphuthekisa abantu ngokomoya futhi manje ‘sidukisa umhlaba wonke owakhiwe.’—IsAmbulo 12:9; 2 Korinte 4:4.
Kungani Kunokudideka?
Imibono ephikisanayo ngomphefumulo yenze abantu badideka ngenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba. Abaningi bakholelwa ukuthi sinomphefumulo ongafi—okuthile okuhlukene nomzimba womuntu okusindayo ekufeni. Abanye bakholelwa ukuthi umphefumulo waba khona ngaphambi kokuba umzimba womuntu udalwe. Enye incwadi ithi isazi sefilosofi esingumGreki uPlato sasinombono wokuthi umphefumulo “uboshiwe emzimbeni okuyisijeziso sezono owazenza ngesikhathi usezulwini.” Ngokufanayo, isazi semfundiso yenkolo sangekhulu lesithathu u-Origen sathi “imiphefumulo yenza isono [ezulwini] ingakahlangani nomzimba” yabe “isiboshwa [kulowo mzimba osemhlabeni] ijeziselwa izono zayo.” Futhi izigidi zikholelwa ukuthi umhlaba umane nje uyindawo yokuvivinywa ohambweni lomuntu lokuya ezulwini.
Kunemibono futhi eyahlukahlukene mayelana nokuthi kwenzekani emphefumulweni lapho umuntu efa. Ngokwencwadi ethi History of Western Philosophy, abaseGibhithe baba nombono wokuthi “imiphefumulo yabafile yehlela ngaphansi komhlaba.” Kamuva izazi zefilosofi zaphikisa ngokuthi imiphefumulo yabafile ayehleli ngaphansi komhlaba kodwa empeleni inyukela endaweni yomoya ethé ukuphakama. Kuthiwa isazi sefilosofi esingumGreki uSocrates sasikholelwa ukuthi lapho umuntu efa umphefumulo “uyahamba uye endaweni engabonakali . . . futhi uchithe ukuphila kwawo konke unonkulunkulu.”
Lithini IBhayibheli?
Akukho ndawo lapho iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, iBhayibheli, lithi khona abantu banomphefumulo ongafi. Zifundele wena ngokwakho le ndaba kuGenesise 2:7. Ithi: “UJehova uNkulunkulu wabe esebumba umuntu ngothuli lomhlabathi wafuthela emakhaleni akhe umoya wokuphila, umuntu waba ngumphefumulo ophilayo.” Lokhu kucacile futhi akusho okunye. Ngesikhathi uNkulunkulu edala umuntu wokuqala, u-Adamu, akazange afake okuthile kuye okungabonakali. Cha, ngoba iBhayibheli lithi “umuntu waba ngumphefumulo ophilayo.” Umuntu akazange abe nomphefumulo. Waba ngumphefumulo.
Lapho edala umhlaba nabantu, uJehova wayengahlosile neze ukuba abantu bafe. Injongo kaNkulunkulu yayiwukuba abantu bahlale emhlabeni oyipharadesi phakade. U-Adamu wafa ngoba nje engawulalelanga umthetho kaNkulunkulu. (Genesise 2:8, 15-17; 3:1-6; Isaya 45:18) Ngesikhathi umuntu wokuqala efa, ingabe waya endaweni ethile yomoya? Cha! U-Adamu—umphefumulo—wabuyela othulini olungaphili lolo adalwa ngalo.—Genesise 3:17-19.
Sonke siye sazuza isono nokufa kukhokho wethu u-Adamu. (Roma 5:12) Lokhu kufa kuwukunqamuka kokuphila, njengoba nje kwaba njalo ku-Adamu. (IHubo 146:3, 4) Eqinisweni, kuzo zonke izincwadi zalo ezingu-66, iBhayibheli alilokothi lihlobanise igama elithi “ukungafi” noma “ukuphila phakade” nelithi “umphefumulo.” Ngokuphambene nalokho, imiBhalo isho ngokucacile ukuthi umphefumulo—umuntu—uyafa.—UmShumayeli 9:5, 10; Hezekeli 18:4.
Ingabe Izinto Ezingokwenyama Ngokwazo Zimbi?
Kuthiwani ngombono wokuthi izinto ezingokwenyama, ezihlanganisa nomhlaba, zimbi? Ababenalowo mbono kwakungabalandeli bobuMani, inhlangano yenkolo eyasungulwa ngumuntu okwakuthiwa uMani ePheresiya ngekhulu lesithathu C.E. I-New Encyclopædia Britannica ithi: “UbuMani baba khona ngenxa yosizi olukhona kubantu.” UMani wayekholelwa ukuthi ukuba ngumuntu ‘kwakungekona okwemvelo, kwakungabekezeleleki, futhi kwakukubi ngokuphelele.’ Futhi wayekholelwa ukuthi indlela yokuhlukana nalolu ‘sizi’ yayiwukuba umphefumulo uphume emzimbeni, ushiye umhlaba, uthole ukuphila komoya ezweni lomoya.
Ngokuphambene nalokho, iBhayibheli lisitshela ukuthi ngokukaNkulunkulu “konke ayekwenzile” ngesikhathi edala umhlaba nabantu “kwakukuhle kakhulu.” (Genesise 1:31) Ngaleso sikhathi, lwalungekho uthango phakathi kwabantu noNkulunkulu. U-Adamu no-Eva babenobuhlobo obuseduze noJehova, njengoba nje umuntu ophelele uJesu Kristu ayenobuhlobo obuseduze noYise osezulwini.—Mathewu 3:17.
Ukube abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, abazange benze isono, babeyoba nobuhlobo obuseduze noJehova uNkulunkulu phakade emhlabeni oyipharadesi. Baqala ukuphila ePharadesi, ngoba imiBhalo iyasitshela: “UJehova uNkulunkulu watshala insimu e-Edene, ngasempumalanga, wambeka lapho umuntu ayembumbile.” (Genesise 2:8) U-Eva wadalwa kuleyo nsimu eyipharadesi. Ukube u-Adamu no-Eva abazange bone, bona kanye nezingane zabo eziphelele babeyosebenza ndawonye ngokujabula kuze kube yilapho wonke umhlaba uba ipharadesi. (Genesise 2:21; 3:23, 24) IPharadesi emhlabeni laliyokuba ikhaya lesintu phakade.
Kungani Abanye Beya Ezulwini?
Ungase uthi: ‘Kodwa iBhayibheli liyakhuluma ngabantu abaya ezulwini, akunjalo?’ Yebo. Ngemva kokona kuka-Adamu, kwaba injongo kaJehova ukumisa uMbuso wasezulwini enye yenzalo ka-Adamu eyayizobusa kuwo “njengamakhosi phezu komhlaba” kanye noJesu Kristu. (IsAmbulo 5:10; Roma 8:17) Yayizovuselwa ekuphileni okungenakho ukufa ezulwini. Inani layo eliphelele lingu-144 000. Abokuqala kule nzalo kwakungabafundi bakaJesu abathembekile bangekhulu lokuqala.—Luka 12:32; 1 Korinte 15:42-44; IsAmbulo 14:1-5.
Nokho, kwakungeyona injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ukuba abantu abaqotho bashiye umhlaba baye ezulwini. Eqinisweni, lapho uJesu esemhlabeni, wathi: “Akekho umuntu oye wanyukela ezulwini ngaphandle kwalowo owehla evela ezulwini, iNdodana yomuntu.” (Johane 3:13) ‘NgeNdodana yomuntu,’ uJesu Kristu, uNkulunkulu walungiselela isihlengo esenza ukuba labo ababonisa ukholo emhlatshelweni kaJesu wesihlengo bathole ukuphila okuphakade. (Roma 5:8) Kodwa ziyohlalaphi lezo zigidi zabantu phakade?
Injongo KaNkulunkulu Yasekuqaleni Iyogcwaliseka
Nakuba kwaba injongo kaNkulunkulu ukuthatha abathile kubantu babe ababusi kanye noJesu Kristu eMbusweni wasezulwini, lokho akusho ukuthi bonke abantu abalungile baya ezulwini. UJehova wadala umhlaba ukuba ube yikhaya labantu eliyipharadesi. Maduzane nje, uNkulunkulu uzoyifeza leyo njongo yakhe yasekuqaleni.—Mathewu 6:9, 10.
Lapho uJesu Kristu nalabo ayobusa nabo ezulwini sebebusa, ukuthula nenjabulo kuyokwanda emhlabeni wonke. (IHubo 37:9-11) Labo abasenkumbulweni kaNkulunkulu bayovuswa futhi bayojabulela ukuphila okuphelele. (IzEnzo 24:15) Ngenxa yokuthembeka kwabo kuNkulunkulu, abantu abalalelayo bayothola lokho abazali bethu bokuqala abakulahla—ukuphila okuphakade njengabantu abaphelele emhlabeni oyipharadesi.—IsAmbulo 21:3, 4.
UJehova uNkulunkulu akahluleki neze ukufeza lokho ahlose ukukwenza. Ngomprofethi wakhe u-Isaya wathi: “Njengoba nje imvula ethululekayo yehla, neqhwa, kuvela emazulwini futhi kungabuyeli kuleyo ndawo kungazange empeleni kuwumatise umhlaba kuwenze ukhiqize futhi uhlume, futhi impela ohlwanyelayo anikwe imbewu, nodlayo isinkwa, liyoba njalo nezwi lami eliphuma emlonyeni wami. Ngeke libuyele kimi lingabanga namiphumela, kodwa ngokuqinisekile liyokwenza lokho engikujabulelayo, futhi liyophumelela ngokuqinisekile kulokho engilithumele kona.”—Isaya 55:10, 11.
Encwadini yeBhayibheli ka-Isaya, sithola amazwibela okuthi ukuphila kuyoba njani emhlabeni oyipharadesi. Akekho ohlala ePharadesi oyothi, “ngiyagula.” (Isaya 33:24) Izilwane ngeke zisaba yingozi kubantu. (Isaya 11:6-9) Abantu bayokwakha imizi yakwanokusho futhi bahlale kuyo, batshale izilimo badle baneliseke. (Isaya 65:21-25) Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu “empeleni uyokugwinya ukufa kuze kube phakade, iNkosi EnguMbusi uJehova ngokuqinisekile iyosula izinyembezi ebusweni bonke.”—Isaya 25:8.
Ngokushesha, abantu abalalelayo bazojabulela izimo ezinhle kanjalo. ‘Bayokhululwa ekugqilazweni ukonakala babe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’ (Roma 8:21) Yeka ukuthi kuyoba kuhle kanjani ukuphila phakade ePharadesi emhlabeni esithenjiswe lona! (Luka 23:43) Ungaba lapho uma wenza ngokuvumelana nolwazi olunembile lwemiBhalo futhi ubonisa ukholo kuJehova uNkulunkulu nakuJesu Kristu. Futhi ungaqiniseka ukuthi kunengqondo ukukholelwa emhlabeni oyipharadesi.
[Isithombe ekhasini 5]
U-Adamu no-Eva badalwa ngenjongo yokuba bahlale emhlabeni oyipharadesi phakade
[Izithombe ekhasini 7]
EPharadesi emhlabeni. . .
bayokwakha izindlu
bayotshala izivini
bayobusiswa uJehova
[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]
U.S. Fish & Wildlife Service, Washington, D.C./NASA