Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 8/1 kk. 29-31
  • Ukufunda Ukuba Nekhono Lokungacasuli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufunda Ukuba Nekhono Lokungacasuli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Liyini Ikhono Lokungacasuli?
  • Ukuqonda Imizwa Yabanye
  • Bonisa Ukuthi Uyaqonda
  • Yazi Ukuthi Yini Okungamelwe Uyisho
  • Inkulumo Eyelaphayo
  • Ukungacunuli Kodwa Uqine
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Ukuba-namasu Okungacunuli-muntu Nokho Kuqiniwe
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Isifundo Ngomusa
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Isifundo Ngesihawu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 8/1 kk. 29-31

Ukufunda Ukuba Nekhono Lokungacasuli

UPEGGY wabona indodana yakhe ikhulumisa kabi umfowabo omncane. Wabuza: “Ucabanga ukuthi kuhle ukukhuluma kanjalo nomfowenu? Bheka ukuthi uphatheke kabi kanjani!” Kungani asho kanjalo? Wayezama ukufundisa indodana yakhe ikhono lokwenza ngokungacasuli nokubonisa ukucabangela imizwa yabanye.

Umphostoli uPawulu wakhuthaza umngane wakhe osemncane uThimothewu ukuba abe “mnene [noma abe “nekhono lokungacasuli”] kubo bonke.” Ngokwenza kanjalo, uThimothewu wayeyogwema ukulimaza imizwa yabanye. (2 Thimothewu 2:24) Liyini ikhono lokungacasuli? Ungathuthukisa kanjani kulesi sici? Futhi ungabasiza kanjani abanye ukuba bahlakulele leli khono?

Liyini Ikhono Lokungacasuli?

Ikhono lokungacasuli lichazwa ngokuthi ukukwazi ukubona ubucayi besimo bese wenza noma usho into enomusa noma efaneleka kakhulu. Njengoba nje iminwe ezwelayo ikwazi ukuzwa uma into inamfuka, intofontofo, ibushelelezi, ishisa, noma inoboya, nomuntu onekhono lokungacasuli uyakwazi ukubona indlela abanye abazizwa ngayo nokuthi amazwi nezenzo zakhe kungabathinta kanjani. Kodwa ukwenza lokhu akulona ikhono nje kuphela; kuhilela isifiso esiqotho sokugwema ukulimaza abanye.

Ekulandiseni kweBhayibheli ngenceku ka-Elisha uGehazi, sithola isibonelo somuntu owayelintula ikhono lokungacasuli. Kwafika owesifazane waseShunemi ku-Elisha efuna induduzo ngemva kokushonelwa indodana yakhe eyiphethe ngezandla. Lapho ebuzwa ukuthi kusahamba kahle konke yini, waphendula wathi: “Kusahamba kahle.” Kodwa lapho esondela kumprofethi, “uGehazi wasondela ukuze amsunduze.” U-Elisha yena wathi: “Myeke, ngoba umphefumulo wakhe umunyu ngaphakathi kuye.”—2 AmaKhosi 4:17-20, 25-27.

Kwakungawani nje amawala angaka kuGehazi nokuntula ikhono lokungacasuli? Yiqiniso ukuthi lona wesifazane akayivezanga imizwa yakhe lapho ebuzwa. Kodwa vele, abantu abaningi abayivezeli noma ubani nje imizwa yabo. Noma kunjalo, kumelwe ukuba kwakubonakala ngandlela-thile ukuthi uphatheke kanjani. Kusobala ukuthi u-Elisha wabona, kodwa uGehazi akabonanga, noma wakhetha ukunganaki. Lokhu kuyibonisa kahle imbangela evamile yokwenza ngendlela ebonisa ukuntula ikhono lokungacasuli. Lapho umuntu ekhathalela ngokweqile ukubaluleka komsebenzi wakhe, kungaba lula ukuba angazinaki noma angazikhathaleli izidingo zalabo asebenzelana nabo. Ufana nomshayeli webhasi owayekhathalela kakhulu ukubamba isikhathi kangangokuthi akamanga ukuze athathe abagibeli.

Ukuze sigweme ukungabi nekhono lokungacasuli njengoGehazi, kufanele sizame ukuba nomusa kubantu, ngoba asazi ukuthi bazizwa kanjani ngempela. Kufanele siziphaphamele njalo izimpawu eziveza imizwa yomuntu bese sisabela ngenkulumo noma isenzo esinomusa. Ungalithuthukisa kanjani ikhono lakho kulokhu?

Ukuqonda Imizwa Yabanye

UJesu wayevelele ekuqondeni imizwa yabantu nasekwazini ukuthi iyiphi indlela engcono kakhulu yokubaphatha ngomusa. Kwake kwathi edla kwaSimoni, umFarisi, kweza kuye owesifazane “owaziwayo emzini ukuthi uyisoni.” Naye akashongo lutho ngomlomo, kodwa washo lukhulu ngezenzo. “Weza nomfuma we-alabhaste wamafutha anamakha, ehlala ngemuva ezinyaweni [zeNkosi uJesu], wakhala, waqala ukumanzisa izinyawo zayo ngezinyembezi zakhe ezisula ngezinwele zekhanda lakhe. Wanga izinyawo zayo wazigcoba ngamafutha anamakha.” UJesu wabona ukuthi kusho ukuthini konke lokhu. Futhi nakuba uSimoni engashongo lutho, uJesu wakwazi ukubona ukuthi ngaphakathi uthi: “Lo muntu, ukube ubengumprofethi, ngabe uyazi ukuthi lona wesifazane omthintayo ungubani nokuthi uluhlobo luni, ukuthi uyisoni.”—Luka 7:37-39.

Cabanga nje umonakalo owawuyodaleka ukube uJesu wamxosha lona wesifazane, noma ukube wathi kuSimoni: “Siwula! Awuboni yini ukuthi uphendukile?” Kunalokho, esebenzisa ikhono lokungacasuli, uJesu waxoxela uSimoni umfanekiso womlisa owasula isikweletu esikhulu sendoda ethile nesincane kakhulu senye indoda. “Iyiphi kuwo eyomthanda kakhulu?” kubuza uJesu. Ngakho, kunokuba kube sengathi wayemgxeka, uJesu wakwazi ukumncoma uSimoni ngempendulo yakhe enembile. Wabe esemsiza ngomusa uSimoni ukuba abone izimpawu eziningi zemizwa yangempela yalona wesifazane nokubonakalisa kwakhe ukuphenduka. UJesu wabheka kowesifazane wambonisa ngomusa ukuthi uyayiqonda imizwa yakhe. Wamtshela ukuthi izono zakhe zithethelelwe, futhi kamuva wathi: “Ukholo lwakho lukusindisile; hamba ngokuthula.” Yeka indlela okumelwe ukuba lawo mazwi abonisa ikhono lokungacasuli amqinisa ngayo ekuzimiseleni kwakhe ukwenza okulungile! (Luka 7:40-50) UJesu wayephumelela ekusebenziseni ikhono lokungacasuli ngoba wayeyibheka indlela abantu abazizwa ngayo abese esabela ngesihawu.

Njengoba nje uJesu asiza uSimoni, nathi singafunda bese sisiza abanye ukuba baluqonde ulimi lwemizwelo olungenamazwi. Ngezinye izikhathi izikhonzi ezinokuhlangenwe nakho zingabafundisa leli khono ensimini abasanda kuhlanganyela. Ngemva kokuxoxa nomninikhaya ngezindaba ezinhle, bangahlaziya izimpawu ebezibonisa imizwa yakhe. Ingabe lo muntu ubenamahloni, engabaza, ecasukile, noma ematasa? Iyiphi indlela ebingaba nomusa kakhulu yokumsiza? Abadala bangasiza nabazalwane nodade okungenzeka baye baphathana kabuhlungu ngokuntula ikhono lokungacasuli. Sizani ngamunye ukuba aqonde imizwa yomunye. Ingabe uzizwa ephoxiwe, enganakiwe, noma eqondwa ngokungeyikho? Umusa ungamenza kanjani azizwe kangcono?

Abazali kuhle basize izingane zabo ukuba zihlakulele isihawu, ngoba yiso esiyozishukumisela ukuba zenze ngendlela engacasuli. Indodana kaPeggy, eshiwo ekuqaleni, yakubona ukunyobozela komfowabo, ukuqudula kwakhe, namehlo akhe agcwele izinyembezi, yabuzwa ubuhlungu umfowabo abuzwayo. Njengoba unina ayenethemba, yazisola yanquma ukushintsha. Bobabili abafana bakaPeggy bawasebenzisa kahle lawo makhono abawafunda beseyizingane, kwathi ngemva kweminyaka baba abenzi babafundi abakhiqizayo nabelusi abaphumelelayo ebandleni lobuKristu.

Bonisa Ukuthi Uyaqonda

Ikhono lokungacasuli libaluleke ngokukhethekile lapho unesikhalo ngomuntu othile. Kungaba lula kakhulu ukulimaza umuzwa wakhe wokuzihlonipha. Ukuqale umncome ngokuqondile ngesici esithile kuyafaneleka njalo. Kunokuba umgxeke, gxila enkingeni. Chaza ukuthi izenzo zakhe zikuthinta kanjani nokuthi yini ngempela ongathanda ishintshe. Yibe usukulungela ukulalela. Mhlawumbe uye wamqonda ngokungeyikho.

Abantu bayathanda ukuzwa ukuthi uyawuqonda umbono wabo ngisho noma ungavumelani nawo. UJesu wakhuluma ngendlela ebonisa ikhono lokungacasuli, ebonisa ukuthi uyakuqonda ukukhathazeka kukaMarta. Wathi: “Marta, Marta, ukhathazwa futhi uphazanyiswa izinto eziningi.” (Luka 10:41) Ngokufanayo, lapho umuntu ekhuluma ngenkinga ethile, kunokuba unikeze ikhambi ungakakuzwa konke akushoyo, indlela enekhono lokungacasuli yokubonisa ukuthi uyaqonda iwukuyiphinda inkinga noma isikhalo ngawakho amazwi. Lena yindlela enomusa yokubonisa ukuthi uyaqonda.

Yazi Ukuthi Yini Okungamelwe Uyisho

Lapho iNdlovukazi u-Esteri ifuna ukucela umyeni wayo ukuba achithe icebo likaHamani lokuqothula amaJuda, yasebenzisa ikhono lokungacasuli yahlela izinto ukuze umyeni wayo ename. Yabe isilwethula-ke lolu daba olubucayi. Kodwa kuyasifundisa futhi ukuphawula lokho engakushongo. Ngekhono lokungacasuli, ayiyiphathanga eyokuba nesandla komyeni wayo kuleli cebo elibi.—Esteri 5:1-8; 7:1, 2; 8:5.

Ngokufanayo, lapho uhambele umyeni ongakholwa kadade, kunokuba umvulele iBhayibheli zisuka nje, kunganjani uma uqala ngokumbuza ngezinto azithandayo usebenzisa ikhono lokungacasuli? Lapho kufika umuntu ongaziwa eHholo LoMbuso egqoke ngendlela engafaneleki noma kubuya umuntu owanyamalala kudala, mamukele ngemfudumalo kunokuba ukhulume ngokugqoka kwakhe noma ukunyamalala kwakhe. Futhi lapho uphawula ukuthi umuntu osathakazela unombono onganembile, kungase kube ngcono ukungamlungisi khona manjalo. (Johane 16:12) Ikhono lokungacasuli lihilela ukubonisa umusa ngokwazi ukuthi yini okungamelwe uyisho.

Inkulumo Eyelaphayo

Ukufunda ukuba nekhono lokukhuluma ngokungacasuli kuyokusiza ukuba ube nobuhlobo obuhle nabanye, ngisho nalapho othile eye waziqonda ngokungeyikho izisusa zakho futhi ecasukile. Ngokwesibonelo, lapho amadoda akwa-Efrayimi ‘ezama ngamandla ukuxabana’ noGideyoni, impendulo yakhe ebonisa ikhono lokungacasuli yahlanganisa nencazelo ecacile yalokho okwakwenzekile ngempela nokuhlaziya ngobuqotho lokho okwakufezwe yila madoda akwa-Efrayimi. Lokhu kwakubonisa ikhono lokungacasuli ngoba waqaphela ukuthi kungani ecasukile, futhi ukuzithoba kwakhe kwawenza abohla.—AbaHluleli 8:1-3; IzAga 16:24.

Zama njalo ukucabanga indlela amazwi akho azobathinta ngayo abanye abantu. Ukwenza umzamo wokuba nekhono lokungacasuli kuyokusiza ukuba uthole injabulo echazwe kuzAga 15:23: “Umuntu uyajabula ngempendulo yomlomo wakhe, yeka ukuthi lihle kanjani nezwi ngesikhathi salo esifanele!”

[Isithombe ekhasini 31]

Abazali bangafundisa izingane zabo ukuba zibazwele abanye

[Isithombe ekhasini 31]

Izikhonzi ezinokuhlangenwe nakho ezingamaKristu zingafundisa abasanda kuhlanganyela ukuba babe nekhono lokungacasuli

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela