Ingabe Uyakhumbula?
Uye wakujabulela yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo elandelayo:
• Singazuza kanjani ekufundeni ngomkhaya kaShafani?
UShafani wayengumkopishi nonobhala wenkosi yakwaJuda uJosiya. Njengendoda enethonya embusweni, uShafani wawusekela umkhankaso wenkosi wokubuyisela ukukhulekela kweqiniso. Kumadodana kaShafani, amabili asekela umprofethi uJeremiya. Futhi enye indodana kanye nabazukulu ababili ngokufanayo basebenzisa ithonya labo ekusekeleni ukukhulekela kweqiniso. Ngokufanayo, nathi kufanele sisebenzise izimali zethu namandla nethonya ekusekeleni ukukhulekela kweqiniso.—12/15, amakhasi 19-22.
• U-Irene Hochstenbach wabunqoba kanjani ubunzima obabuyinhloko futhi wakwazi ukukhonza uJehova?
Lapho eneminyaka eyisikhombisa ubudala, waba isithulu. Naphezu kokuba yisithulu, uye wafunda ukukhulumisana nabanye futhi manje uhamba nomyeni wakhe (ongumbonisi ojikelezayo) njengoba ekhonza amabandla eNetherlands.—1/1, amakhasi 23-6.
• Yiziphi izinsiza-kufundisa ezimbili ezintsha ezakhululwa eMhlanganweni Wesigodi ‘Wabamemezeli BoMbuso Abashisekayo’?
AmaKristu embulungeni yonke ajabula lapho ethola incwadi ethi Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso, eklanyelwe ukufundwa nabantu abathakazelayo ngemva kokuba sebeqede ukufunda incwadi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade; enye incwadi entsha ithi Sondela KuJehova, igxila ezimfanelweni zikaJehova nasekusebenzelaneni kwakhe nabanye. Ibonisa nokuthi singamlingisa kanjani ekuboniseni izimfanelo zakhe.—1/15, amakhasi 23-4.
• Uyini umqondo wezAga 12:5: “Imicabango yabalungile ingukwahlulela”?
Yona kanye imiqondo yabantu abahle ihlanzekile futhi igxile ezintweni ezinhle nezilungileyo. Njengoba abalungileyo beshukunyiswa uthando ngoNkulunkulu nangabanye abantu, izinhloso zabo zinhle.—1/15, ikhasi 30.
• Yini engasiza umuntu ukuba ahlakulele umbono onokulinganisela ngomsebenzi?
Kuyasiza ukuqeqeshwa kusukela ebuntwaneni ukuba wazise umsebenzi. IBhayibheli lisinxusa ukuba sibe nemikhuba emihle yokusebenza, sigweme ubuvila. (IzAga 20:4) Likhuthaza amaKristu futhi ukuba angazikhandli ngokweqile emsebenzini. Kumelwe sikhumbule ukuthi inkonzo kaNkulunkulu ifanelwe indawo yokuqala ekuphileni kwethu. (1 Korinte 7:29-31) Ngaphezu kwalokho, amaKristu eqiniso aqiniseka ngokuthi uNkulunkulu ngeke awashiye.—2/1, amakhasi 4-6.
• Kukhulunywa kuphi okokuqala nge-altare eBhayibhelini?
KukuGenesise 8:20, obhekisela e-altare elakhiwa uNowa lapho ephuma emkhunjini ngemva kukaZamcolo. Kungase kwenzeke, nokho, ukuthi uKhayini no-Abela bawasebenzisa ama-altare lapho benza iminikelo yabo. (Genesise 4:3, 4)—2/15, ikhasi 28.
• Amanye amaKristu angasizakala kanjani ngokushintsha kwezimo?
Amanye aye azamukela—noma azenza—izinguquko emisebenzini yawo eziye zawavumela ukuba abe nesikhathi esengeziwe senkonzo. Amanye aye andisa isikhathi sawo namalungelo enkonzweni kaNkulunkulu lapho imithwalo yomkhaya incipha, njengalapho izingane zawo ziba ngabantu abadala futhi zishada.—3/1, amakhasi 19-22.
• Izibonelo zikaJona nomphostoli uPetru zisisiza kanjani ukuba sibheke abanye ngendlela uJehova ababheka ngayo?
Bobabili uJona noPetru babenamaphutha aziwayo ngendlela ababecabanga ngayo nendlela abasabela ngayo ekuvivinyweni kokholo lwabo nokulalela kwabo. Nakuba kunjalo, uJehova wabona izimfanelo ezinhle kubona futhi waqhubeka ebasebenzisa enkonzweni yakhe. Lapho abanye besona noma besidumaza, singagxila ezimfanelweni zabo ezinhle okungenzeka siye sazithola zikhanga esikhathini esidlule, nakokuhle uNkulunkulu akubonayo kubo.—3/15, amakhasi 16-19.
• Kungani izinguqulo zeBhayibheli zingafani ekuhlukaniseni ngezinombolo incwadi yamaHubo?
Kunomehluko ekuhlukaniseni ngezinombolo phakathi kwencwadi yokuqala yolimi lwesiHebheru nasekuhunyushelweni kwayo esiGrekini kuyi-Septuagint. Izinguqulo zamuva nje zingase zingafani, kuye ngokuthi zisekelwe embhalweni wesiHebheru noma kuyi-Septuagint.—4/1, ikhasi 31.