Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w02 10/1 k. 8
  • Indondo Yokuncoma IHholo LoMbuso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indondo Yokuncoma IHholo LoMbuso
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • AmaHholo OMbuso Avulekele Wonke Umuntu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Lena Indawo Yethu Yokukhulekela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Ukwanda Okumangalisayo Kwenza Kudingeke Izakhiwo Ngokushesha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
w02 10/1 k. 8

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Indondo Yokuncoma IHholo LoMbuso

UMNYANGO Wezemvelo eFinland waqamba unyaka ka-2000 ngokuthi “UNyaka Wezingadi.” Omunye wabagqugquzeli wathi “injongo yokuba isiqubulo salo nyaka kube esezingadi iwukusikhumbuza sonke ngokubaluleka kohlaza ekuphileni kwethu kwansuku zonke nasenhlalakahleni yethu.”

Ngo-January 12, 2001, kwafika incwadi ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eFinland ivela kuyi-Finnish Association of Landscape Industries. Le ncwadi yayichaza ukuthi iHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova eTikkurila liklonyeliswe ngenye yezindondo zonyaka wokulungiswa kwezingadi ngenxa yokuklanywa ngendlela evelele kwamagceke alo nokunakekelwa kahle kwengadi yalo. Incwadi yanezela nokuthi “ukubukeka kwamagceke alo, kokubili ehlobo nasebusika, kuhlaba umxhwele, kuhle kakhulu, futhi kusezingeni eliphezulu.”

Indondo yanikezwa oFakazi BakaJehova eRosendahl Hotel eTampere, eFinland, emkhosini owawethanyelwe ochwepheshe nosomabhizinisi abangu-400. I-Finnish Association of Landscape Industries yaphinde yakhiphela abezindaba isihloko esasithi: “Ezingxenyeni ezahlukene zezwe, amaHholo OMbuso oFakazi BakaJehova, cishe wonke, aklanywe kahle. Ukunakekelwa kwamagceke kudonsa amehlo abantu abadlula ngendlela. IHholo LoMbuso eliseTikkurila liyisibonelo sengadi enhle kunazo zonke. Isakhiwo negceke eliyisithabathaba kunanelana kahle ngendlela ezothile nenokuvumelana.”

EFinland kunamaHholo OMbuso angu-233, amaningi azungezwe izingadi ezinhle. Kodwa okwenza lezi zindawo zibe zinhle ngempela ukuthi ziyizikhungo zokukhulekela kweqiniso nemfundo yeBhayibheli. KoFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi eziyisithupha emhlabeni wonke, iHholo LoMbuso—kungakhathaliseki ukuthi lihle kakhulu noma lisesilinganisweni—liyindawo ethandwayo. Yingakho bekulangazelela ukulinakekela ngenkuthalo nangothando. Iminyango yamaHholo OMbuso ivulekele wonke umuntu emphakathini wakini!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela