Yini Eyigugu Ngempela?
Ukuba nento eyigugu ngempela kungajabulisa kakhulu. Kodwa kungaba yini leyo? Imali eningi? Amagugu okuhloba abizayo noma angavamile? Udumo nokuvelela? Abantu abaningi bazazisa kakhulu lezi zinto. Ukuba nazo kungamondla umuntu, kwenze ukuphila kube nenjongo kakhudlwana, noma kwanelise isifiso sangaphakathi sokuqashelwa nokufeza okuthile. Ingabe siphishekela ukuthola izinto ezinjalo, sinethemba lokuthi ziyofeza imigomo nezifiso zethu zekusasa?
NGOKUVAMILE, abantu bazisa into kuye ngokuthi izanelisa kangakanani izidingo noma izifiso zabo. Siyazazisa izinto ezibangela umuzwa wenjabulo zinikeze nethemba lekusasa elilondekile. Siyazazisa nezinto eziletha impumuzo esheshayo, ukunethezeka, noma ukuqashelwa. Nokho, ukunquma ukuba yigugu kwezinto ngokusekelwe ezifisweni zethu ezishintshayo kukha phezulu futhi kuwukuba neso elinqundekile. Empeleni, ukuthi into iyigugu ngempela yini kunqunywa ukuthi yini esiyibona iyisidingo sethu esikhulu kunazo zonke.
Yini eyisidingo sethu esikhulu kunazo zonke? Akukho lutho oluyigugu uma lungenaso isici esisodwa esiyinhloko—ukuphila. Ngaphandle kokuphila, asinakuba khona. Inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uSolomoni yabhala: “Kepha abafileyo abazi lutho . . . Akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.” (UmShumayeli 9:5, 10) Uma sificwa ukufa, siyaphoqeleka ukuba sihlukane nakho konke esinakho. Ngakho-ke, isidingo sethu esikhulu kunazo zonke ukuthola okuthile okuyolondoloza ukuphila kwethu. Yini eyokwenza lokho?
Yini Eyolondoloza Ukuphila Kwethu?
INkosi uSolomoni yathi ‘imali iwumthunzi.’ (UmShumayeli 7:12) Uma sinemali eyanele, singathola ukudla nomuzi onethezekile. Imali ingase isenze sikwazi ukujabulela ukuvakashela ezindaweni ezikude. Inganakekela izidingo zethu lapho singasakwazi ukusebenza ngenxa yokuguga noma ukugula. Ziningi izinzuzo zokuba nemali. Nokho, imali ayikwazi ukulondoloza ukuphila kwethu. Umphostoli uPawulu wanxusa uThimothewu: “Yala labo abacebile esimisweni samanje sezinto ukuba bangaqhoshi, futhi bangabeki ithemba labo engcebweni engaqinisekile, kodwa kuNkulunkulu.” (1 Thimothewu 6:17) Ukuba nayo yonke imali esemhlabeni ngeke kusithengele ukuphila.
Cabanga ngesibonelo sendoda okuthiwa uHitoshi. Njengoba akhula ngobumpofu, uHitoshi wayenesifiso esinamandla sokuceba. Wayekholelwa kakhulu emandleni emali kangangokuthi wayecabanga ukuthi ngisho nabantu bangathengwa ngayo. UHitoshi wabe esevakashelwa yindoda eyambuza ukuthi uyazi yini ukuthi uJesu Kristu wamfela. Lo mbuzo wenza uHitoshi waba nelukuluku ngoba wayenomuzwa wokuthi akukho muntu ongafela umuntu onjengaye. Wahamba wayolalela inkulumo yasobala yeBhayibheli futhi wamangala lapho ezwa umyalo othi ‘gcina iso lilihle.’ Isikhulumi sachaza ukuthi iso ‘elihle’ yiso eligxile ezintweni ezikude nasezintweni ezingokomoya. (Luka 11:34) Kunokuba afukuzele imali, uHitoshi waqala ukubeka izinto ezingokomoya kuqala ekuphileni kwakhe.
Izinto ezibonakalayo zingasilethela futhi ukuzinza nokulondeka okuthile. Ukuba nenala yezinto kungasenza singakhathazeki ngezidingo zethu zansuku zonke. Umuzi omuhle osendaweni ethandekayo ungasinika umuzwa wokufeza okuthile. Izingubo zikanokusho nemoto enhle kungasenza sihlonishwe abanye.
Kuyisibusiso ‘ukubona okuhle kuwo wonke umshikashika wethu.’ (UmShumayeli 3:13) Futhi ukuba nensada kungenza abathandekayo bethu bakwazi ‘ukukhululeka, badle, baphuze, bazijabulise.’ Nokho, ukubaluleka kwezinto ezibonakalayo kudlula ngokushesha. Exwayisa ngokukhanuka, uJesu Kristu wathi: “Ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.” (Luka 12:15-21) Izinto ezibonakalayo azikwazi ukuqinisekisa ukuthi sithola ukuphila, kungakhathaliseki ubuningi noma inani lazo.
Ngokwesibonelo, uLiz wayeshade nendoda enezimali zayo. Uyalandisa: “Sasinomuzi omuhle nezimoto ezimbili, futhi isimo sethu sezimali sasisenza sikwazi ukujabulela noma yini eyinto ebonakalayo ezweni . . . Okuxakayo nje ukuthi ngangisakhathazeka ngemali.” Uyachaza: “Uma silahlekelwa, ukulahlekelwa kwethu kwakuyoba kukhulu kakhulu. Sengathi lapho uba nokuningi, umuzwa wakho wokulondeka uyancipha.”
Abaningi balwazisa kakhulu udumo nokuvelela ngoba kungabenza bahlonishwe. Kuleli zwe lanamuhla ukuba nomsebenzi ophumelelayo kuyinto efiswayo. Ukuhlakulela amathalente noma amakhono angavamile kungasisiza sizenzele igama. Abanye bangase basiphakamise, bayihloniphe kakhulu imibono yethu futhi bafune ukuthandeka kithi. Konke lokhu kungajabulisa kakhulu futhi kwanelise. Nokho, ekugcineni, kuyanyamalala. USolomoni wayenayo yonke inkazimulo namandla inkosi engaba nako, kodwa wabalisa: “Akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nokwesiwula . . . Konke kuyakube sekukhohlakele.” (UmShumayeli 2:16) Udumo nokuvelela akulethi ukuphila.
Umqophi wezithombe okuthiwa uCelo waqala ukwazisa okuthile okuyigugu kakhulu kunodumo. Njengoba ayenesiphiwo, wayefanelekela ukuyoqeqeshelwa ukuthuthukisa amakhono akhe. Kungakabiphi, umsebenzi wakhe wawusunconywa abezindaba nabacubunguli bemisebenzi yobuciko. Kwabukiswa ngemifanekiso yakhe eminingi emadolobheni amakhulu eYurophu. UCelo uyalandisa: “Kumelwe ngivume ukuthi okwesikhathi esithile ubuciko kwakuyiyona nto ebaluleke kakhulu ekuphileni kwami. Nokho, ngaqaphela ukuthi ukuqhubeka ngiphishekela umsebenzi wami, kimina kwakuyofana nokuzama ukukhonza amakhosi amabili. (Mathewu 6:24) Ngangiqiniseka ukuthi into ebaluleke kakhulu engangingayenza kwakuwukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ngakho ngazinqumela ukuwuyeka umsebenzi wami wokuba umqophi wezithombe.”
Yini Eyigugu Kunakho Konke
Njengoba kungekho lutho olunenjongo noma oluyigugu uma lungahambisani nokuphila, yini esingayithola engaqinisekisa ukuthi siyaqhubeka siphila? Konke ukuphila kuvela kuJehova uNkulunkulu. (IHubo 36:9) Ngempela, “ngaye sinokuphila siyanyakaza futhi sikhona.” (IzEnzo 17:28) Labo abathandayo ubapha ukuphila okuphakade. (Roma 6:23) Yini okumelwe siyenze ukuze sifanelekele lesi sipho?
Ukuthola isipho sokuphila okuphakade kuxhomeke ekubeni kwethu nobuhlobo obuseduze noJehova. Ngakho-ke, umusa wakhe uyigugu kunanoma yini enye esingaba nayo. Lapho sinawo, siba nethemba lenjabulo yangempela nehlala njalo. Nokho, ngaphandle komusa kaNkulunkulu, sibhekene nokubhujiswa okuphakade. Ngakho-ke, kusobala ukuthi noma yini eyosisiza sibe nobuhlobo obuhle noJehova iyigugu kakhulu.
Okumelwe Sikwenze
Ukuphumelela kwethu kuxhomeke ekutholeni kwethu ulwazi. Umthombo wolwazi olunembile yiZwi likaJehova, iBhayibheli. Yilona lodwa elisitshela okumelwe sikwenze ukuze sijabulise uNkulunkulu. Ngakho-ke, kudingeka sitadishe imiBhalo ngokucophelela. Ukuzama ngokuzimisela ukufunda konke esingakufunda ngoJehova uNkulunkulu noJesu Kristu kuphumela ‘olwazini olusho ukuphila okumi phakade.’ (Johane 17:3) Ulwazi olunjalo luyingcebo edinga ukwaziswa!—IzAga 2:1-5.
Ulwazi esiluthola eZwini likaNkulunkulu lusihlomisela ukuthatha isinyathelo esilandelayo—ukubonisa ukholo kuJesu Kristu. UJehova uye wanikeza umyalo othi bonke abeza kuye kumelwe beze ngoJesu. (Johane 14:6) Eqinisweni, “ayikho insindiso kunoma ubani omunye.” (IzEnzo 4:12) Ukusinda kwethu ekugcineni akuxhomekile ‘esiliveni noma egolideni kodwa kuxhomeke egazini eliyigugu likaKristu.’ (1 Petru 1:18, 19) Kumelwe sibonise ukholo lwethu ngokukholelwa ezimfundisweni zikaJesu nangokulandela isibonelo sakhe. (Heberu 12:1-3; 1 Petru 2:21) Futhi yeka indlela umhlatshelo wakhe oyigugu ngayo! Ukusetshenziswa kwezinzuzo zawo kunquma ikusasa laphakade laso sonke isintu. Lapho ususetshenziswe ngokugcwele kithi, sinikwa isipho sokuphila okuphakade esiyigugu ngempela.—Johane 3:16.
UJesu wathi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangomphefumulo wakho wonke nangengqondo yakho yonke.” (Mathewu 22:37) Ukuthanda uJehova kusho ukuba “sigcine imiyalo yakhe.” (1 Johane 5:3) Imiyalo yakhe ifuna sizigcine sihlukile ezweni, silondoloze ukuziphatha okuqotho futhi sisekele uMbuso wakhe ngobuqotho. Yileyo ndlela ‘esikhetha ngayo ukuphila’ kunokufa. (Duteronomi 30:19) Uma ‘sisondela kuNkulunkulu, uyosondela kithi.’—Jakobe 4:8.
Isiqinisekiso somusa kaNkulunkulu sibaluleke kakhulu kunayo yonke ingcebo esemhlabeni. Labo abanawo bacebe kunabo bonke abantu emhlabeni! Ngakho-ke, kwangathi singalwela ukuthola ingcebo eyigugu ngempela—ukwamukelwa nguJehova. Ngempela, masilalele isiyalo somphostoli uPawulu: “Phishekela ukulunga, ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, ukholo, uthando, ukukhuthazela, ubumnene bomoya. Yilwa ukulwa okuhle kokholo, bambisisa ukuphila okuphakade.”—1 Thimothewu 6:11, 12.
[Izithombe ekhasini 21]
Yini oyazisa kakhulu? Imali, izinto ezibonakalayo, udumo, noma okunye?
[Isithombe ekhasini 23]
Kudingeka sitadishe imiBhalo ngokucophelela