Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w00 9/15 kk. 3-4
  • Ukukhalela Usizo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukhalela Usizo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkinga Yomhlaba Wonke
    I-Phaphama!—2001
  • Ukuzibulala—uhlupho Entsheni
    I-Phaphama!—1998
  • Kungani Kunokuzibulala Okuningi Kangaka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Okwenza Abantu Balahle Ithemba Ngokuphila
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
w00 9/15 kk. 3-4

Ukukhalela Usizo

“UNKULUNKULU ungishiyile!” kukhala owesifazane waseBrazil. Ngemva kokufa okuzumayo komyeni wakhe, wayenomuzwa wokuthi ukuphila kwakungasenayo injongo. Wake wazama ukududuza othile ocindezeleke ngaleyo ndlela noma mhlawumbe okhalela usizo?

Abanye bayadangala bagcine bezibulele—futhi iningi labo kuba yintsha. Iphephandaba i-Folha de S. Paulo, lithi ukucwaninga okwenziwa eBrazil kubonisa ukuthi “ukuzibulala kwentsha kuye kwanda ngamaphesenti angu-26.” Ngokwesibonelo, cabangela indaba kaWalter,a insizwa esencane yaseSão Paulo. Wayeyintandane, engenalo ikhaya, ehlala esigangeni, engenabo abangane angathembela kubo. Ukuze aqede lonke lolu sizi, uWalter wanquma ukuziphonsa ebhulohweni.

U-Edna, umama ongayedwa wayesenabantwana ababili lapho ethola enye indoda. Ngemva kwenyanga nje kuphela, baqala ukuhlala ndawonye endlini kanina, owayesebenzisa imimoya futhi ewumlutha wotshwala. U-Edna wathola enye ingane, waqala ukuphuza ngokweqile, futhi wacindezeleka kangangokuba waze wazama nokuzibulala. Ekugcineni, walahlekelwa ilungelo lokuhlala nezingane zakhe.

Kuthiwani ngabantu asebekhulile? UMaria wayehlale engumuntu ojabule futhi ozixoxelayo. Nokho, njengoba ayekhula, waqala ukukhathazeka ngomsebenzi wakhe njengomhlengikazi enovalo lokuthi wayezokwenza iphutha. Lokhu kwamenza wacindezeleka. Ngemva kokuzama ukuzelapha ngemithi, wafuna usizo kwabezokwelapha, futhi ukwelashwa akuthola kwabonakala kumsiza. Kodwa lapho elahlekelwa umsebenzi wakhe eseneminyaka engu-57 ubudala, ukucindezeleka kwabuya ngamandla kangangokuba wayengaboni ukuthi wayengathola ikhambi. UMaria wacabanga ukuzibulala.

UProfesa José Alberto Del Porto waseSão Paulo University uthi, “cishe abantu abangamaphesenti angu-10 abacindezelekile bayaye bazame ukuzibulala.” UDkt. David Satcher, ongudokotela omkhulu wase-United States uthi, “kunzima ukukholelwa ukuthi abantu abangaphezu kwengxenye yabantu abafayo, baye bafa ngenxa yokuzibulala kunokuba babulawe, kodwa kuyiqiniso elibuhlungu.”

Ngezinye izikhathi ukuzama ukuzibulala, empeleni, kuyindlela yokukhalela usizo. Futhi ngokuqinisekile amalungu omkhaya nabangane bafuna ukumsiza lowo osuke eselahle ithemba. Yiqiniso, ngeke kusize ukusebenzisa amagama anjengokuthi: “Yeka ukuzidabukela,” “Ungcono kabi kunabantu abaningi” noma, “Sonke sibhekana nezikhathi ezinzima ngezinye izikhathi.” Kunalokho, kungani ungabi umngane weqiniso futhi ube isilaleli esihle? Yebo, zama ukusiza umuntu odangele abone ukuthi ukuphila kuyigugu.

Umlobi waseFrance uVoltaire waloba: “Umuntu othi uma esathonyekile, azibulale namuhla, ubengakhetha ukuphila ukuba ubeke wathi ukulinda isonto elilodwa.” Khona-ke, singababonisa kanjani abantu asebelahle ithemba ukuthi ukuphila kuyigugu?

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

[Isithombe ekhasini 3]

Inani elandayo lentsha nabantu asebekhulile liyazibulala

[Isithombe ekhasini 4]

Ungamsiza kanjani umuntu oselahle ithemba?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela