Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 12/1 kk. 14-19
  • Yibani Ngabafundi Abajabulayo Bencwadi YesAmbulo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yibani Ngabafundi Abajabulayo Bencwadi YesAmbulo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amabandla Aqondiswa NguKristu
  • Ukuzithoba Ngenjabulo Ebukhosini BukaJehova
  • ‘Uyajabula Noma Ubani Ogcina La Mazwi’
  • IsAmbulo Nawe
    IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
  • Incwadi YesAmbulo—Isho Ukuthini?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Yizwa Lokho Okushoyo Umoya Emabandleni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Izinto Okumelwe Zenzeke Maduzane
    IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 12/1 kk. 14-19

Yibani Ngabafundi Abajabulayo Bencwadi YesAmbulo

“Uyajabula lowo ofunda ngokuzwakalayo nalabo abezwa amazwi alesisiprofetho, futhi abagcina izinto ezilotshwe kuso.”—ISAMBULO 1:3.

1. Wayekusiphi isimo umphostoli uJohane lapho ebhala isAmbulo, futhi le mibono yalotshwa ngayiphi injongo?

“MINA Johane . . . ngaba sesiqhinganeni esibizwa ngokuthi iPhatmose ngenxa yokukhuluma ngoNkulunkulu nangenxa yokufakaza ngoJesu.” (IsAmbulo 1:9) Yilesi isimo umphostoli uJohane ayilobela kuso incwadi i-Apocalypse, noma isAmbulo. Kucatshangwa ukuthi wadingiselwa ePhatmose ngenkathi kubusa uMbusi uDomitian waseRoma (81-96 C.E.), owaphoqelela ukukhulekelwa kombusi futhi waba umshushisi wamaKristu. Lapho esePhatmose, uJohane waba nochungechunge lwemibono ayibhala phansi. Akayilandisanga ngenjongo yokwethusa amaKristu okuqala, kodwa wayilandisa ukuze awaqinise, awaduduze futhi awakhuthaze ekulingweni ayebhekene nakho nakulokho okwakuseza.—IzEnzo 28:22; IsAmbulo 1:4; 2:3, 9, 10, 13.

2. Kungani isimo ayekuso uJohane namaKristu ayekanye nawo sithakazelisa kumaKristu aphila namuhla?

2 Isimo eyalotshelwa kuso le ncwadi yeBhayibheli sibaluleke kakhulu kumaKristu aphila namuhla. UJohane washushiswa ngoba engufakazi kaJehova neNdodana yaKhe, uKristu Jesu. Yena namaKristu ayekanye nawo babezondwa ngoba, nakuba babezama ukuba yizakhamuzi eziqotho, babengenakumkhulekela umbusi. (Luka 4:8) Kwamanye amazwe, amaKristu eqiniso namuhla azithola esesimweni esifanayo, lapho uMbuso uzinqumela ngokwawo ukuthi yini “elungile ngokwenkolo.” Ngakho-ke, yeka indlela aduduza ngayo amazwi atholakala esethulweni sencwadi yesAmbulo: “Uyajabula lowo ofunda ngokuzwakalayo nalabo abezwa amazwi alesisiprofetho, futhi abagcina izinto ezilotshwe kuso; ngoba isikhathi esimisiwe siseduze.” (IsAmbulo 1:3) Yebo, abafundi besAmbulo abanakayo nabalalelayo bangathola injabulo yangempela nezibusiso eziningi.

3. Ngubani owuMthombo wesAmbulo uJohane ambulelwa sona?

3 Ubani owuMthombo oyinhloko wesAmbulo, futhi sidluliselwa ngamuphi umzila? Ivesi lokuqala liyasitshela: “Isambulo sikaJesu Kristu, uNkulunkulu amnika sona, ukuze abonise izigqila zakhe izinto okumelwe zenzeke maduzane. Futhi wathuma ingelosi yakhe futhi wasethula ngayo ngezibonakaliso esigqileni sakhe uJohane.” (IsAmbulo 1:1) Kalula nje, uMthombo wangempela wesAmbulo nguJehova uNkulunkulu, owasinika uJesu, futhi uJesu wayesesidlulisela kuJohane esebenzisa ingelosi. Ukuhlolisisa kakhudlwana kwembula ukuthi uJesu wasebenzisa nomoya ongcwele ukuze adlulisele imiyalezo emabandleni futhi anikeze uJohane imibono.—IsAmbulo 2:7, 11, 17, 29; 3:6, 13, 22; 4:2; 17:3; 21:10; qhathanisa nezEnzo 2:33.

4. Iyiphi indlela uJehova asayisebenzisa nanamuhla yokuhola abantu bakhe abasemhlabeni?

4 UJehova usayisebenzisa iNdodana yakhe, “inhloko yebandla,” ukuze afundise izinceku zakhe ezisemhlabeni. (Efesu 5:23; Isaya 54:13; Johane 6:45) UJehova usebenzisa nomoya wakhe ukuze afundise abantu bakhe. (Johane 15:26; 1 Korinte 2:10) Futhi njengoba nje uJesu asebenzisa ‘isigqila sakhe uJohane’ ukuze adlulisele ukudla okungokomoya okusekelayo emabandleni ekhulu lokuqala, nanamuhla usebenzisa “isigqila esikholekile nesiqondayo,” esakhiwa ‘abafowabo’ abagcotshiwe abasemhlabeni, ukuze sinikeze abendlu yakhe nawozakwabo ‘ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele.’ (Mathewu 24:45-47; 25:40) Bayajabula labo abaqaphela uMthombo ‘wezipho ezinhle’ esizithola ngokudla okungokomoya nangomzila uJehova awusebenzisayo.—Jakobe 1:17.

Amabandla Aqondiswa NguKristu

5. (a) Afaniswa nani amabandla amaKristu nababonisi bawo? (b) Naphezu kokungapheleli kobuntu, yini eyoba nengxenye ekusiletheleni injabulo?

5 Ezahlukweni zokuqala zesAmbulo, amabandla amaKristu afaniswa nezinti zezibani. Ababonisi bawo bafaniswa nezingelosi (izithunywa) nanezinkanyezi. (IsAmbulo 1:20)a Ezisho yena, uKristu watshela uJohane ukuba abhale: “Yilezi izinto azishoyo lowo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, yena ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide.” (IsAmbulo 2:1) Imiyalezo eyisikhombisa eyathunyelwa emabandleni ayisikhombisa ase-Asiya ibonisa ukuthi ekhulwini lokuqala C.E., amabandla nabadala bawo ayenezici ezinhle nezingezinhle. Kunjalo nanamuhla. Ngakho-ke, siyoba abajabula kakhulu uma singalokothi sikhohlwe ukuthi uKristu, iNhloko yethu, uphakathi kwamabandla. Ukwazi kahle okwenzekayo. Ababonisi ‘basesandleni sakhe sokunene’ ngokomfanekiso, okungukuthi, balawulwa futhi baqondiswe nguye futhi bayolandisa kuye ngendlela abawelusa ngayo amabandla.—IzEnzo 20:28; Heberu 13:17.

6. Yini ebonisa ukuthi akubona ababonisi kuphela abayolandisa kuKristu?

6 Nokho, siyobe siyazikhohlisa uma sicabanga ukuthi ababonisi yibo kuphela abayolandisa kuKristu ngezenzo zabo. Komunye wemiyalezo yakhe, uKristu wathi: “Wonke amabandla [ayokwazi] ukuthi nginguye ohlola izinso nezinhliziyo, futhi ngiyoninika ngabanye ngokwezenzo zenu.” (IsAmbulo 2:23) Lokhu kuyisixwayiso nesikhuthazo ngesikhathi esisodwa—isixwayiso sokuthi uKristu uyazazi izisusa zethu ezijulile, isikhuthazo ngoba kusiqinisekisa ukuthi uKristu uyayibona imizamo yethu futhi uyosibusisa uma senza konke esingakwenza.—Marku 14:6-9; Luka 21:3, 4.

7. AmaKristu aseFiladelfiya ‘ayeligcine kanjani izwi eliphathelene nokukhuthazela kukaJesu’?

7 Umyalezo kaKristu oya ebandleni laseFiladelfiya eLidiya awunamazwi okusola, kodwa wenza isithembiso okufanele sithakazelise kakhulu kithi. “Ngenxa yokuthi uligcinile izwi eliphathelene nokukhuthazela kwami, nami ngiyokugcina ukuba ungangeni ehoreni lokuvivinywa, eliyofika phezu komhlaba wonke owakhiwe, ukuze kuvivinywe abahlala emhlabeni.” (IsAmbulo 3:10) Amazwi esiGreki athi “uligcinile izwi eliphathelene nokukhuthazela kwami” angasho nokuthi “ukugcinile engakusho mayelana nokukhuthazela.” Ivesi 8 lisikisela ukuthi amaKristu aseFiladelfiya ayengagcinanga ngokulalela imiyalo kaKristu kodwa futhi ayelandele neseluleko sakhe sokuba akhuthazele ngokwethembeka.—Mathewu 10:22; Luka 21:19.

8. (a) Yisiphi isithembiso esenziwa uJesu kumaKristu aseFiladelfiya? (b) Obani namuhla abathintwa ‘yihora lokuvivinywa’?

8 UJesu wanezela ukuthi wayezowagcina ukuba angangeni “ehoreni lokulingwa.” Asazi ukuthi lokho kwakusho ukuthini kulawo maKristu ngaleso sikhathi. Nakuba kwaba nesikhawana oshushisweni ngemva kokufa kukaDomitian ngo-96 C.E., kwaqubuka igagasi elisha loshushiso ngaphansi kukaTrajan (98-117 C.E.), ngokungangabazeki elabangela ukulingwa okwengeziwe. Kodwa ‘ihora lokulingwa’ eliyinhloko ‘lisosukwini lweNkosi,’ phakathi ‘nesikhathi sokugcina,’ lapho sikhona njengamanje. (IsAmbulo 1:10; Daniyeli 12:4) AmaKristu agcotshwe ngomoya adlula esikhathini sokuvivinywa okukhulu phakathi neMpi Yezwe I nangemva nje kwayo. Nokho, ‘ihora lokuvivinywa’ lisaqhubeka. Lithinta ‘umhlaba wonke owakhiwe,’ kuhlanganise nezigidi ezakha isixuku esikhulu, ezinethemba lokusinda osizini olukhulu. (IsAmbulo 3:10; 7:9, 14) Siyojabula uma ‘sigcina lokho uJesu akusho mayelana nokukhuthazela,’ okungukuthi: “Lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.”—Mathewu 24:13.

Ukuzithoba Ngenjabulo Ebukhosini BukaJehova

9, 10. (a) Umbono wesihlalo sobukhosi sikaJehova kufanele usithinte ngaziphi izindlela? (b) Ukufunda kwethu isAmbulo kungaba kanjani nengxenye ekusiletheleni injabulo?

9 Umbono wesihlalo sobukhosi sikaJehova nowesigcawu sakhe sasezulwini onikezwe ezahlukweni 4 no-5 zesAmbulo 4:1–5:14 kufanele usenze sesabe. Kufanele asihlabe umxhwele amazwi okudumisa asuka enhliziyweni ashiwo yizidalwa ezinamandla zasezulwini njengoba zizithoba ngenjabulo ebukhosini bukaJehova obulungile. (IsAmbulo 4:8-11) Amazwi ethu kufanele ezwakale phakathi kwalabo abathi: “KuLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makube isibusiso nodumo nenkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade.”—IsAmbulo 5:13.

10 Ngokoqobo, lokhu kusho ukuzithoba kwethu ngenjabulo entandweni kaJehova kuzo zonke izinto. Umphostoli uPawulu wabhala: “Noma ngabe yini eniyenza ngezwi noma ngomsebenzi, kwenzeni konke ngegama leNkosi uJesu, nibonga uNkulunkulu uYise ngaye.” (Kolose 3:17) Ukufunda kwethu isAmbulo kuyosenza sijabule ngempela uma ekujuleni kwezingqondo nezinhliziyo zethu siqaphela ubukhosi bukaJehova futhi sicabanga ngentando yakhe kuzo zonke izici zokuphila kwethu.

11, 12. (a) Isimiso sikaSathane sasemhlabeni sizozanyazanyiswa futhi sibhujiswe kanjani? (b) NgokwesAmbulo isahluko 7, obani ‘abayokwazi ukuma’ ngaleso sikhathi?

11 Ukuzithoba ngenjabulo ebukhosini bukaJehova kuyisisekelo senjabulo kumuntu ngamunye nasembulungeni yonke. Ngokushesha ukuzamazama okukhulu okungokomfanekiso kuzozamazamisa isimiso sezwe sikaSathane ezisekelweni zaso futhi kusibhubhise. Ngeke babe nandawo yokuphephela abantu abenqabayo ukuzithoba kuhulumeni wasezulwini owuMbuso kaKristu, omelela ukubusa kukaNkulunkulu okufanelekile. Isiprofetho sithi: “Amakhosi omhlaba nabasezikhundleni eziphezulu nabalawuli bamabutho nabacebileyo nabanamandla nazo zonke izigqila nabo bonke abantu abakhululekile bazifihla emihumeni nasemadwaleni asezintabeni. Futhi baqhubeka bethi ezintabeni nasemadwaleni: ‘Welani phezu kwethu nisifihle ebusweni baLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni lweWundlu, ngoba usuku olukhulu lolaka lwabo selufikile, futhi ubani okwaziyo ukuma na?’”—IsAmbulo 6:12, 15-17.

12 Ngokuphathelene nalowo mbuzo, esahlukweni esilandelayo, umphostoli uJohane uchaza labo abakha isixuku esikhulu, abaphuma osizini olukhulu, uthi ‘bami phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu.’ (IsAmbulo 7:9, 14, 15) Ukuma kwabo phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu kubonisa ukuthi bayasiqaphela leso sihlalo sobukhosi futhi bazithoba ngokuphelele ebukhosini bukaJehova. Ngakho-ke bayamukeleka.

13. (a) Yini ekhulekelwa yiningi lezakhamuzi zasemhlabeni, futhi lufanekiselani uphawu olusebunzini lwazo nasesandleni sazo? (b) Ngakho kungani kuyodingeka ukukhuthazela?

13 Ngakolunye uhlangothi, isahluko 13 sibonisa zonke ezinye izakhamuzi zomhlaba zikhulekela isimiso sezombangazwe sikaSathane, esifanekiselwa yisilo sasendle. Zithola uphawu “ebunzini” noma “esandleni,” okubonisa ukuthi ziyahambisana naleso simiso futhi zisisekela ngokoqobo. (IsAmbulo 13:1-8, 16, 17) Khona-ke, isahluko 14 siyanezela: “Uma noma ubani ekhulekela isilo sasendle nomfanekiso waso, futhi amukele uphawu ebunzini lakhe noma esandleni sakhe, uyophuza newayini lentukuthelo kaNkulunkulu elithululelwa endebeni yolaka lwakhe lingahlanjululiwe . . . Lapha kulapho kusho khona ukukhuthazela kulabo abangcwele, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nokholo lukaJesu.” (IsAmbulo 14:9, 10, 12) Njengoba isikhathi siqhubeka, umbuzo uyolokhu uwukuthi: Wena usekela bani? Usekela uJehova nobukhosi bakhe noma isimiso sezombangazwe esingamhloniphi uNkulunkulu esifanekiselwa yisilo sasendle? Bayojabula labo abagwema ukuthola uphawu lwesilo futhi abakhuthazela ngokwethembeka bezithoba ebukhosini bukaJehova.

14, 15. Yimuphi umyalezo ongenela phakathi nencazelo ye-Armagedoni ekusAmbulo, futhi usho ukuthini kithi?

14 Ababusi ‘bomhlaba wonke owakhiwe’ baqondé enhlekeleleni, bayobhekana noJehova mayelana nodaba lobukhosi. Umphelandaba kuyoba yi-Armagedoni, ‘impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’ (IsAmbulo 16:14, 16) Phakathi nalokhu kuchazwa kokubuthwa kwababusi bomhlaba ukuze balwe noJehova kuvela amazwi avusa isithakazelo. UJesu uqobo ungenela kulo mbono athi: “Bheka! Ngiyeza njengesela. Uyajabula lowo ohlala ephapheme futhi agcine izingubo zakhe zangaphandle, ukuze angahambi-ze futhi abantu babuke ukuhlazeka kwakhe.” (IsAmbulo 16:15) Lokhu kungenzeka kubhekisele kubalindi bethempeli abangamaLevi ababehlutshulwa izingubo futhi bahlazeke obala uma babetholakale belele emsebenzini wabo wokulinda.

15 Umyalezo ucacile: Uma sifuna ukusinda kuyi-Armagedoni, kumelwe sihlale siqaphile ngokomoya futhi sigcine izingubo ezingokomfanekiso ezisibonakalisa njengoFakazi BakaJehova uNkulunkulu abathembekile. Siyojabula uma sigwema ukozela okungokomoya futhi siqhubeka singayekethisi, sihlanganyela ngentshiseko ekusakazeni ‘izindaba ezinhle ezimi phakade’ zoMbuso kaNkulunkulu omisiwe.—IsAmbulo 14:6.

‘Uyajabula Noma Ubani Ogcina La Mazwi’

16. Kungani izahluko zokugcina zesAmbulo ziyimbangela enkulu yenjabulo?

16 Abafundi abajabulayo bencwadi yesAmbulo bathola injabulo enkulu njengoba befunda izahluko zokugcina ezichaza ithemba lethu elikhazimulayo—izulu elisha nomhlaba omusha, okungukuthi, uhulumeni onguMbuso wasezulwini olungile obusa umphakathi wabantu omusha nohlanziwe, kube udumo ‘kuJehova uNkulunkulu uMninimandla onke.’ (IsAmbulo 21:22) Njengoba lolu chungechunge olumangalisayo lwemibono luphetha, isithunywa esiyingelosi sathi kuJohane: “Lamazwi akholekile futhi ayiqiniso; yebo, uJehova uNkulunkulu wezinkulumo eziphefumulelwe zabaprofethi wathuma ingelosi yakhe ukuba ibonise izigqila zakhe izinto okumelwe zenzeke ngokushesha. Bheka! Ngiyeza masinyane. Uyajabula noma ubani ogcina amazwi esiprofetho salomqulu.”—IsAmbulo 22:6, 7.

17. (a) Yisiphi isiqinisekiso esinikezwa kusAmbulo 22:6? (b) Yini okufanele siqaphele ukuthi siyayigwema?

17 Abafundi abajabulayo besAmbulo bazokhumbula ukuthi amazwi afuze lawa akhona nasekuqaleni kwalo “mqulu.” (IsAmbulo 1:1, 3) La mazwi ayasiqinisekisa ukuthi zonke lezi “zinto” okuprofethwe ngazo kule ncwadi yokugcina yeBhayibheli ‘zizokwenzeka maduzane.’ Sesingene shí esikhathini sokuphela, kangangokuthi izenzekalo ezihambisana naso ezibikezelwe kusAmbulo kumelwe nakanjani zenzeke ngokushesha zilandelana eduze. Ngakho-ke, noma yikuphi okubonakala kuwukusimama kwesimiso sikaSathane akufanele kusilolozele silale. Umfundi oqaphile uzozikhumbula izixwayiso ezinikezwe emiyalezweni eyathunyelwa emabandleni ayisikhombisa ase-Asiya futhi agweme izingibe zokuthanda izinto ezibonakalayo, ukukhonza izithombe, ukuziphatha okubi, ukuba sivivi nokwakha amahlelo ezihlubuki.

18, 19. Kungani kusamelwe uJesu eze, futhi yiliphi ithemba elivezwe nguJohane esihlanganyela kulo? (b) UJehova ‘usazokuza’ ngayiphi injongo?

18 Encwadini yesAmbulo, uJesu umemezela kaningana ethi: “Ngiyeza masinyane.” (IsAmbulo 2:16; 3:11; 22:7, 20a) Kusamelwe eze azokhipha isahlulelo eBabiloni Elikhulu, esimisweni sikaSathane sezombangazwe nakubo bonke abantu abenqabayo ukuzithoba ebukhosini bukaJehova, obubonakaliswa kwamanje ngoMbuso kaMesiya. Sisho kanye nomphostoli uJohane, owathi: “Amen! Woza, Nkosi Jesu.”—IsAmbulo 22:20b.

19 UJehova ngokwakhe uthi: “Bheka! Ngiyeza masinyane, futhi ngiphethe umvuzo engiwunikezayo, ukuze nginikeze lowo nalowo njengokomsebenzi wakhe.” (IsAmbulo 22:12) Njengoba silindele umvuzo omangalisayo wokuphila okungenakuphela njengengxenye ‘yamazulu amasha’ athenjisiwe noma ‘yomhlaba omusha,’ kwangathi singahlanganyela ngentshiseko ekumemeni bonke abantu abanhliziyo ziqotho: “‘Woza!’ Futhi noma ubani owomile makeze; nanoma ubani othandayo makathathe amanzi okuphila mahhala.” (IsAmbulo 22:17) Kwangathi nabo bangaba abafundi abajabulayo bencwadi ephefumulelwe neshukumisayo yesAmbulo!

[Umbhalo waphansi]

a Bheka IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, amakhasi 28-9, 136 (umbhalo waphansi).

Amaphuzu Okubukeza

◻ Yimuphi umzila uJehova awusebenzisa ukuze adlulise isAmbulo, futhi yini esingayifunda kulokhu?

◻ Kungani kufanele sikujabulele ukufunda imiyalezo ethunyelwa emabandleni ayisikhombisa ase-Asiya?

◻ Singalondolozwa kanjani siphephile phakathi ‘nehora lokuvivinywa’?

◻ Iyiphi injabulo esiyoyithola uma sigcina amazwi omqulu oqukethe isAmbulo?

[Isithombe ekhasini 15]

Bayajabula labo abaqaphela uMthombo wezindaba ezithokozisayo

[Isithombe ekhasini 18]

Uyajabula lowo ohlala ephapheme

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela