Kungani Kumelwe Ukholelwe KuJesu Kristu?
“NGISHO nabantu abaningi abangewona amaKristu bayakholelwa ukuthi wayengumfundisi omkhulu nohlakaniphile. Ngokuqinisekile wayengomunye wabantu ababa nethonya elikhulu kakhulu kwabake baphila.” (The World Book Encyclopedia) Ngubani “Lowo”? NguJesu Kristu, umsunguli wobuKristu.
Nokho, naphezu kwalokho okushiwo yile encyclopedia, amakhulu ezigidi zabantu baseMpumalanga nakwezinye izindawo awamazi uJesu Kristu, angase nje akhumbule igama kusukela ezincwadini zasesikoleni esiphakeme. Ngisho nasemasontweni eLobukholwa, kunezazi zemfundiso yenkolo nabefundisi abathi asimazi ngempela uJesu futhi babangele ukuba bungatshazwe ubuqiniso bokulandisa okune okukhona kokuphila kwakhe (amaVangeli), okuseBhayibhelini.
Ingabe kungenzeka ukuthi abalobi bamaVangeli bazakhela umlando wokuphila kukaJesu? Akunjalo neze! Isazi-mlando esaziwayo uWill Durant, ngemva kokuhlaziya lokho kulandisa kwamaVangeli, sabhala: “Ukuthi amadoda ambalwa avamile esizukulwaneni esisodwa aye aqamba umuntu onamandla nokhanga kangaka, onezindinganiso eziphakeme kangaka nombono oshukumisa kangaka wobuzalwane besintu, bekungaba isimangaliso esingakholeki kunanoma isiphi emaVangelini. Ngemva kwamakhulu amabili eminyaka okuCusumbula, kulokhu kucacile ukuphila, ubuntu nezimfundiso zikaKristu, futhi kuyisici esithakazelisa kunazo zonke emlandweni womuntu waseNtshonalanga.”
Noma kunjalo, bakhona abamshaya indiva uJesu Kristu, bembheka njengongakufanele ukunakwa ngenxa yalokho okuye kwenziwa yilabo abathi bangabalandeli bakhe. Amanye amaJapane angathi: ‘Baphonsa ibhomu le-athomu eNagasaki. Kanti iNagasaki yayinamaKristu amaningi kunamadolobha amaningi aseJapane.’ Kodwa ingabe ungasola udokotela ngesifo sesiguli uma leso siguli singasilandeli isiqondiso sikadokotela? Abantu abaningi abathi bangamaKristu sekuyisikhathi eside belishaya indiva ikhambi likaJesu lokunqoba izinkinga zesintu. Kodwa uJesu wanikeza ikhambi lezinkinga zansuku zonke nelezinkathazo zesintu emhlabeni wonke. Kungakho sikumema ukuba ufunde isihloko esilandelayo, uzibonele ukuthi wayeluhlobo luni lomuntu.