Ingabe Unombono Wekusasa Eliqhakazile Noma Elifiphele?
“KWAKUYISIKHATHI esingcono kakhulu, kwakuyisikhathi esibi kakhulu, . . . kwakuletha ithemba, kwakudangalisa, sasinakho konke phambi kwethu, sasingenalutho.” Amazwi esethulo sencwadi kaCharles Dickens ethi A Tale of Two Cities abonisa ngobuciko indlela izenzakalo ezingathonya ngayo ukucabanga, imizwa kanye nombono wethu.
Amadolobha amabili okubhekiselwe kuwo kwakuyiLondon neParis phakathi nesiyaluyalu seNguquko YaseFrance. Ezakhamuzini ezicindezelwe zaseFrance ngekhulu le-18, isimemezelo senguquko esekela amalungelo abantu ‘sasiletha ithemba’ ngempela. Kodwa kulabo besimiso sezombangazwe esidala, noma esiphumayo, ‘sasidangalisa,’ siholela ekufeni nasembubhisweni.
Ingabe wawunombono wekusasa eliqhakazile noma elifiphele? Lokho kwakuxhomeke ohlangothini owawukulo. Futhi kusenjalo namanje.
Isikhathi Sokuzihlola
Ingabe unombono wekusasa eliqhakazile? Ingabe unombono omuhle ngokuphila, uhlala unethemba lokungcono kakhulu? Noma ingabe uthambekele ekubeni nombono wekusasa elifiphele, ube nombono ofiphele ngekusasa lakho, unethemba lokungcono kakhulu kodwa ngesikhathi esifanayo ulindele okubi kakhulu?
Eminyakeni engu-60 edlule, umlobi wamanoveli waseMelika uJames Branch Cabell wawahlanganisa ngalendlela lamafilosofi amabili aphikisanayo: “Umuntu onombono wekusasa eliqhakazile umemezela ukuthi siphila emhlabeni ongcono kakhulu; kanti onombono wekusasa elifiphele uba novalo ngokuba yiqiniso kwalokho.” Uma unomuzwa wokuthi lombono uwukugxeka, ake uhlole izici ezintathu nje zezwe lanamuhla ezifakazela lokhu njengoba ziboniswe ngezansi. Ngemva kwalokho, cubungula indlela osabela ngayo, bese uzibuza, ‘Ingabe nginombono wekusasa eliqhakazile noma elifiphele?’
Ukuthula Okuhlala Njalo: Zingaki izindawo ongazibala emhlabeni ezikhungethwe izingxabano? I-Ireland, izwe elaliyiYugoslavia, iMpumalanga Ephakathi, iBurundi, iRwanda—lezi zisheshe zifike engqondweni. Ingabe lezi zingxabano kanye nezinye ziyoke zixazululwe ukuze kube nokuthula okuhlala njalo kuwo wonke umhlaba? Ingabe izwe liphokophele ekuthuleni?
Ukuzinza Kwezomnotho: Njengoba enethemba lokuhlanganiswa kwemali ngo-1999, amazwe e-European Union azama ngamandla ukusingatha izinkinga eziphathelene nokwehla kwamandla emali nokubolekwa kwemali emphakathini. Kwezinye izindawo, ukonakala kuwohloza isimo sezomnotho samazwe amaningi aseMelika nase-Afrika, lapho ukwehla kwamandla emali kubangela khona inkinga cishe engenakuxazululwa kanti izinkinga zobuzwe nazo zisahlukanisa abantu. Ingabe ukuzinza kwezomnotho emhlabeni kuseduze?
Ukuntuleka Kwemisebenzi: Okhethweni lukazwelonke luka-1997, amasonto aseBrithani ahlangana ukuze anxuse zonke izinhlangano zezombangazwe ukuba zibeke udaba lwemisebenzi phambili ohlwini lwezinto okumelwe zinakekelwe. Kodwa njengoba cishe amaphesenti angu-30 abantu abakwaziyo ukusebenza bengasebenzi nhlobo noma bengenawo umsebenzi okahle, ingabe ingaba khona imisebenzi ehlala njalo neyasikhathi sonke—ikakhulukazi yentsha?
Yeka ukuthi kulula kanjani ukuba nombono wekusasa elifiphele! Nokho sikhona isisekelo sokuba nombono wekusasa eliqhakazile, futhi sikumema ukuba ucabangele indlela okungenzeka ngayo ukuba ube nombono onjalo.
[Isithombe ekhasini 3]
INguquko YaseFrance
[Umthombo]
From the book Pictorial History of the World