Ingabe Konke Ukukhononda Kubi?
Zikhona yini izinto ezibuhlungu ukwedlula lezo ezicasulayo kodwa ongekhononde ngazo?—Marquis De Custine, 1790-1857.
IMINYAKA emibili wayeye wakhuthazelela ukuhlukunyezwa ngokobulili yisisebenzi ayekanye naso. Ukwenqaba kwakhe kwaphumela ekuhlukunyezweni ngamazwi nasekukhishweni inyumbazane. Ukucindezeleka kwangaphakathi kwamgulisa, kodwa yini ayengayenza? Ngokufanayo, umfundi owayephuma phambili ekilasini lakhe waxoshwa ngenxa yokuthi unembeza wakhe wawungamvumeli ukuba ahlanganyele ekuzivocavoceni kokufunda ukulwa okwakudingeka esikoleni. Bobabili baba nomuzwa wokuthi boniwe, kodwa ingabe kwakumelwe bakhononde? Uma bekhononda, ingabe babengalindela ukukhululeka noma kwakuyomane kwenze izinto zibe zimbi nakakhulu?
Ukukhononda okunjengalokhu nokunye kuvamile namuhla, njengoba siphila nabantu abangaphelele ezweni elingakuthandi okuhle. Ukukhononda kuyahlukahluka, kusukela emizweni yendumalo, usizi, ubuhlungu, noma intukuthelo ngenxa yesimo esithile kuya ekumangaleleni omunye emthethweni. Abaningi bakhetha ukukugwema ukukhononda nokumelana nesitha; nokho, ingabe ngaso sonke isikhathi umuntu kumelwe athule? Uyini umbono weBhayibheli?
Imiphumela Emibi Kumuntu Ngokwakhe Nakwabanye
Akungabazeki ukuthi umoya wokukhononda njalo uyalimaza, futhi iBhayibheli liyawulahla. Umuntu okhonondayo uyobangela ukulimala okungokwenyama nokungokomoya kuyena ngokwakhe nosizi kulabo abayizisulu zokukhononda kwakhe. Sibhekisela kowesifazane okhonondayo, isaga seBhayibheli sithi: “Ukuconsa okunganqamukiyo ngosuku lwemvula nowesifazane oxabanayo kuyafana.” (IzAga 27:15) Ukukhononda ngoJehova noma ngelinye lamalungiselelo akhe kuyicala elikhulu. Lapho isizwe sakwa-Israyeli sikhononda ngemana elaliyisimangaliso esalinikwa phakathi nohambo lwasehlane lweminyaka engu-40, silibiza ngokuthi “isinkwa esilulana,” uJehova wathuma izinyoka ezinesihlungu ukuba zijezise abakhonondi abangenanhlonipho, futhi abaningi bafa.—Numeri 21:5, 6.
Ngaphezu kwalokho, uJesu waluleka abalandeli bakhe, ukuba bangakhonondi ‘ngomucu wotshani’ wamaphutha abazalwane, kodwa siqaphele “umshayo” wokushiyeka esinakho thina ngokwethu. (Mathewu 7:1-5) Ngokufanayo, uPawulu wakulahla ukwahlulela abanye (okuwuhlobo lokukhononda) ‘njengokungenazaba . . . njengoba wena owahlulelayo uzenza umkhuba izinto ezinjalo.’ Lezi zixwayiso mayelana nokukhononda kumelwe zisishukumisele ukuba sigweme ukugxeka ngokungadingekile nokuhlakulela umoya wokukhononda.—Roma 2:1.
Ingabe Konke Ukukhononda Kuyalahlwa?
Khona-ke, ingabe kufanele siphethe ngokuthi lonke uhlobo lokukhononda kumelwe lulahlwe? Cha, akufanele. IBhayibheli libonisa ukuthi ukungabi nabulungisa kuningi ezweni esiphila kulo elonakele, futhi kudinga ukulungiswa. Komunye umfanekiso uJesu ukhuluma ngomahluleli ongalungile owenza ubulungisa engathandi kumfelokazi owayecindezelekile ukuze “angaqhubeki eza futhi amtube aze aphelele.” (Luka 18:1-8) Ngezindlela ezithile nathi kungase kudingeke siphikelele sikhononda kuze kulungiswe okungalungile.
Ngokusikhuthaza ukuba sithandazele ukuza koMbuso kaNkulunkulu, ingabe uJesu wayengasenzi ukuba siqaphele ubuthakathaka bezwe esiphila kulo futhi ‘sikhale’ kuNkulunkulu sicele ikhambi? (Mathewu 6:10) Lapho “isikhalo” ngobubi beSodoma neGomora lasendulo sifinyelela kuye, uJehova wathuma izithunywa zakhe ukuba “zibone ukuba benzile impela konke njengokwesikhalo” zilethe ikhambi. (Genesise 18:20, 21) UJehova ngokulandelayo walungisa isimo ngokubhubhisa leyo mizi emibili nezakhamuzi zayo ezaziziphethe kabi, kwaba ukukhululeka kulabo ababekhonondé kuye.
IBandla LobuKristu
Ingabe kufanele kube ngokuhlukile phakathi kwabazalwane ebandleni lobuKristu? Nakuba amaKristu engabesilisa nabesifazane abangaphelele, azama ngobuqotho ukukhonza uNkulunkulu ngokuthula nobunye. Nokho, izimo eziyisizathu sokukhononda nezidinga ukulungiswa ziyophakama phakathi kwawo. Ekhulwini lokuqala leminyaka, isimo esinjalo saphakama ebandleni labagcotshiwe, ngokushesha nje ngemva kwePhentekoste. Abaningi ababesanda kuguqukela ebuKristwini basala eJerusalema ukuze bathole iziqondiso ezengeziwe nesikhuthazo. Bahlanganyela ukudla okwakukhona. Nokho, “kwavela ukububula kumaJuda akhuluma isiGreki ngamaJuda akhuluma isiHeberu, ngoba abafelokazi bawo babenganakwa ekwabiweni kwansuku zonke.” Kunokuba balahle laba bakhonondi njengabanochuku, abaphostoli bathatha isinyathelo ukuze balungise isimo. Yebo, ukukhononda okufanelekile okwenziwa ngenhlonipho efanele nangomoya omuhle kuyolalelwa ngokuthobeka futhi kulungiswe yilabo abengamele ibandla.—IzEnzo 6:1-6; 1 Petru 5:3.
Khononda Egunyeni Elifanele
Ingabe uphawulile ezibonelweni ezingenhla ukuthi ukukhononda kufanele kwenziwe ngomoya ofanele egunyeni elifanele? Ngokwesibonelo, bekuyoba okungenanzuzo ukukhononda ephoyiseni ngentela emba eqolo noma kumahluleli ngokugula kwakho. Ngokufanayo, kungaba okungafanelekile ukukhononda ngesimo esithile ngaphakathi noma ngaphandle kwebandla kumuntu ongenagunya noma ikhono lokusiza.
Emazweni amaningi namuhla, kunezinkantolo namanye amagunya afanele esingayisa izikhalo zethu kuwo ngethemba lokuthola impumuzo ethile. Lapho umfundi okukhulunywe ngaye ekuqaleni eyisa ukukhononda kwakhe enkantolo, abahluleli bamthetha ngecala, futhi waphinde wabuyiselwa esikoleni, isikole saxolisa. Ngokufanayo, owesifazane owayehlukunyezwa ngokobulili wathola impumuzo ngenyunyana yabesifazane abasebenzayo. Ibhodi yesikole yaxolisa. Abaqashi bakhe bathatha izinyathelo zokuqeda ukuhlukunyezwa kwabantu ngokobulili.
Nokho, akufanele kulindelwe ukuthi konke ukukhononda kuyoba nomphumela ofanayo. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yaphawula ngokufanelekile: “Okuyisigwegwe akunakuqondiswa.” (UmShumayeli 1:15) Senza kahle ukuqaphela ukuthi ezinye izindaba kuyomane kudingeke zilindele uNkulunkulu azilungise ngesikhathi sakhe esifanele.
[Isithombe ekhasini 31]
Abadala balalela futhi balungise ukukhononda okunengqondo