Benza Intando KaJehova
Owesifazane Onokuqonda Ugwema Inhlekelele
OWESIFAZANE onengqondo ehluzekile oshade nendoda engento yalutho—sasinjalo isimo sika-Abigayili noNabali. U-Abigayili “wayehlakaniphile, ebukeka emuhle.” Ngokuphambene, uNabali ‘wayelukhuni enobubi emisebenzini yakhe.’ (1 Samuweli 25:3) Isigemegeme esenzeka esihilela lombhangqwana ongafanelani senza amagama awo ahlale njalo emlandweni weBhayibheli. Ake sibone ukuthi kwenzeka kanjani.
Isenzo Somusa Sithathwa Kalula
Kwakuyikhulu le-11 B.C.E. UDavide wayegcotshwe njengenkosi yakwa-Israyeli yesikhathi esizayo, kodwa esikhundleni sokubusa wayebaleka. Inkosi eyayibusa, uSawule, yayizimisele ukumbulala. Ngenxa yalokho, uDavide waphoqeleka ukuba aphile njengombaleki. Ekugcineni yena nababekanye naye abangaba ngu-600 bathola indawo yokuphephela ehlane lasePharanu, eningizimu yakwaJuda ngasehlane laseSinayi.—1 Samuweli 23:13; 25:1.
Ngenkathi belapho, bahlangana nabelusi ababesebenzela indoda okuthiwa uNabali. Lesi sicebi sozalo lukaKalebi sasinezimvu ezingu-3 000 nezimbuzi ezingu-1 000, futhi izimvu zaso sasizigundela eKarmeli, umuzi oseningizimu yeHebroni futhi mhlawumbe oqhele ngamakhilomitha angu-40 kuphela ukusuka ePharanu.a UDavide nabantu bakhe basiza abelusi bakaNabali ekuvikeleni imihlambi yabo emaseleni ayezula kuleli hlane.—1 Samuweli 25:14-16.
Ngalesi sikhathi ukugundwa kwezimvu kwase kuqalile eKarmeli. Lesi kwakuyisikhathi senjabulo, esifana nesikhathi sokuvuna kumlimi. Kwakuyisikhathi futhi sokupha ngesandla esivulekile, lapho abanikazi bezimvu babenikeza ababebasebenzele imivuzo. Ngakho uDavide wayengagabadeli lapho ethumela amadoda ayishumi emzini waseKarmeli ukuba ayocela ukudla kuNabali njengeholo lenkonzo ababeyenzele imihlambi yakhe.—1 Samuweli 25:4-9.
UNabali akasabelanga neze ngokupha ngomusa. Wakloloda: “Ngubani uDavide na?” Esikisela ukuthi uDavide nabantu bakhe babemane beyizinceku ezibalekile, wabe esebuza: “Ngithathe yini isinkwa sami, namanzi ami, nengikuhlabele abagundi bami, ngikuphe abantu engingabazi ukuthi bavelaphi, na?” Lapho uDavide ezwa lokhu, wathi kubantu bakhe: “Bhincani, kube-yilowo nalowo inkemba yakhe.” Amadoda angaba ngu-400 avivela impi.—1 Samuweli 25:10-13.
Ukuqonda Kuka-Abigayili
Amazwi kaNabali achaphayo afika ezindlebeni zomkakhe, u-Abigayili. Mhlawumbe kwakungaqali ukuba kudingeke angenele futhi abhulele uNabali imililo ayeseyokhele. Noma ngabe ikuphi, u-Abigayili wathatha isinyathelo ngokushesha. Engamtshelanga uNabali, walungisa umphako—kwakuyizimvu ezinhlanu nensada yokudla—waphuma wayohlangabeza uDavide ehlane.—1 Samuweli 25:18-20.
Lapho u-Abigayili ebona uDavide, wakhothama phambi kwakhe ngokushesha. “Inkosi yami [mayinganaki, NW] lowomuntu omubi uNabali,” emncenga. “Manje-ke, lesisipho esilethwa yincekukazi yakho enkosini yami, masinikwe izinsizwa ezilandela inkosi yami.” Wanezela: “Akuyikuba-yisikhubekiso kuwe [lokhu okwenziwe uNabali], kungabi-nesanya enhliziyweni yenkosi yami.” Igama lesiHeberu lapha elihunyushwe ngokuthi ‘isanya’ lisikisela ukukhathazwa unembeza. Ngakho u-Abigayili waxwayisa uDavide ngokuthatha isinyathelo sokuxhamazela ayeyozisola ngaso kamuva.—1 Samuweli 25:23-31.
UDavide wamlalela u-Abigayili. Wathi kuye: “Makubusiswe ukuhlakanipha kwakho, ubusiswe nawe ongivimbele namuhla ukungena ecaleni legazi. . . . Uma ungasheshanga ukuza ukuba ungihlangabeze, impela nga kungasalanga kuNabali ngasekuseni kusasa nokukodwa okungokwesilisa.”—1 Samuweli 25:32-34.
Izifundo Esizitholayo
Lendaba yeBhayibheli ibonisa ukuthi akukhona nakancane okungalungile ukuba owesifazane ohlonipha uNkulunkulu athathe isinyathelo esifanele kuqala uma kudingeka. U-Abigayili wenza ngokuphambene nezifiso zomyeni wakhe uNabali, kodwa iBhayibheli alimsoli ngalokhu. Ngokuphambene nalokho, liyamtusa njengowesifazane onokuqonda nohluzekile engqondweni. Ngokuthatha isinyathelo kuqala kulesi simo esibucayi, u-Abigayili wasindisa ukuphila kwabaningi.
Nakuba ngokuvamile inkosikazi kufanele ibonise umoya wokuzithoba wokuhlonipha uNkulunkulu, kungase kufaneleke ukuba ingavumelani nomyeni wayo lapho izimiso zokulunga zisengozini. Yiqiniso, kufanele izame ukuhlala ‘inomoya othule nomnene’ futhi ingazenzeli izinto ngokwayo ngenxa nje yokucasuka, ukuzazisa, noma ukuvukela. (1 Petru 3:4) Nokho, inkosikazi ehlonipha uNkulunkulu akufanele izizwe icindezelekile ukuba yenze noma yini eyaziyo ukuthi iwubuwula noma iphula izimiso zeBhayibheli. Lendaba elandisa ngo-Abigayili inikeza iphuzu elinamandla ngempela eliphikisa labo abathi iBhayibheli liveza abesifazane njengezigqila nje.
Lendaba isifundisa nangokuzithiba. Ngezinye izikhathi, uDavide wayeyibonisa kakhulu lemfanelo. Ngokwesibonelo, wenqaba ukubulala iNkosi uSawule eyayifuna ukuziphindiselela, nakuba ayenethuba elihle lokuyibulala futhi ukufa kukaSawule kwakuyolethela uDavide ukuthula. (1 Samuweli 24:2-7) Ngokuphambene nalokhu, lapho uNabali emedelela ngokumethuka, wayengakulindele lokhu uDavide futhi wafunga ukuthi uzoziphindiselela. Lesi isixwayiso esicacile kumaKristu azama ‘ukungabuyiseli muntu okubi ngokubi.’ Kuzo zonke izimo, kufanele alandele isiyalo sikaPawulu: “Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke. Ningaziphindiseleli, bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka.”—Roma 12:17-19.
[Umbhalo waphansi]
a Ihlane lasePharanu kucatshangwa ukuthi lize lifike enyakatho, eBeri-Sheba. Lengxenye yezwe yayinamadlelo amakhulu.
[Isithombe ekhasini 15]
U-Abigayili uletha izipho kuDavide