Gwema Ukusola Izisusa Zabanye
UMSHUMAYELI ovelele wakuthelevishini wasola kanzima umshumayeli akanye naye ngokuphinga. Nokho, kungakapheli nonyaka, lomshumayeli owayesola omunye wabhadanywa nesifebe.
Kwesinye isenzakalo, umbuso wezwe oholayo wathuma amanxusa ukuyokhuthaza amaqembu alwayo ukuba abe nezingxoxo zokuthula. Ngesikhathi esifanayo, wona kanye lowo mbuso wathumela ngesinyenyela abathengisi bawo bezikhali ezizweni zangaphandle ukuba bayothengisa izikhali ezibiza izinkulungwane zezigidi zamaRandi.
Njengoba ubuzenzisi obusobala buye bavama kangaka, ingabe kuyamangaza yini ukuthi ukwethembana ngokwezinga elikhulu kuye kwathathelwa indawo ukungabazana? Kwabaningi, kuye kwaba into evamile ukungabaza izisusa zabanye.
NjengamaKristu, kumelwe siqaphele ukuba singavumeli isimo sengqondo esinjalo sithonye ubuhlobo bethu nalabo esikholwa nabo abathembekile. Nakuba uJesu Kristu asinxusa ukuba ‘siqaphe njengezinyoka’ lapho siphakathi kwezitha zethu, akazange athi kufanele sisole abalandeli bakhe beqiniso. (Mathewu 10:16) Khona-ke, ziyini izingozi zokusola izisusa zabanye? Kukuziphi izici okumelwe siqaphele ngokukhethekile kuzo ukuba sigweme ukuthambekela okunjalo? Futhi singabulondoloza kanjani ubuhlobo bethu obuyigugu namaKristu esikanye nawo?
Isifundo Kulokho Okwenzeka Endulo
Ukusola izisusa zabanye ngaphandle kwesizathu esizwakalayo kufana nokubahlulela. Kunjengokungathi sivele siphethe ngokuthi amazwi noma izenzo zabo kumane kuyicebo lokufihla okuthile okuphambukile nenzondo. Ngokuvamile inkinga yangempela iwumbono oyiphutha ngendaba, njengoba kungabonwa ekulandiseni kweBhayibheli okutholakala kuJoshuwa isahluko 22.
Ama-Israyeli ayesekuqedile ukunqoba iZwe Lesithembiso futhi ayesanda kuthola izindawo eziyizabelo zawo ngokwezizwe. Isizwe sakwaRubeni nesakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase zakha i-altare “elikhulu ukubonakala kwalo” ngaseMfuleni iJordani. Ezinye izizwe zacabanga ngokungafanele ukuthi lesi kwakuyisenzo sokuhlubuka. Kwacatshangwa ukuthi lezi zizwe ezintathu zazizosebenzisa lesi sakhiwo esikhulu ukuze zenze umhlatshelo kunokuba ziye etendeni lokuhlangana eShilo, indawo emiselwe ukukhulekela. Ngokushesha, lezi zizwe ezazisola ezinye zenza amalungiselelo okuhlasela.—Joshuwa 22:10-12.
Zenza okutusekayo ngokuxhumana nabafowabo abangama-Israyeli ngokuthumela iqembu lezithunywa ezingokomthetho elaliholwa uFinehasi. Lapho zizwa ukumangalelwa ngokungathembeki, ukuvukela nokuhlubuka kuJehova, izizwe okwakuthiwa zonile zachaza isizathu sazo sokwakha lelo altare elikhulu. Kunokuba libe i-altare lomhlatshelo, lalizoba “ufakazi” wobunye bezizwe zakwa-Israyeli ekukhulekeleni uJehova. (Joshuwa 22:26, 27) Ababethunyiwe babuyela ekhaya benelisekile ukuthi akukho okwakungalungile ngabafowabo. Kanjalo kwagwenywa impi yombango nokuchithwa kwegazi okwesabekayo.
Yeka isifundo esisitholayo sokuba singalokothi sisheshe sisole izisusa zabanye! Ngokuvamile lokho okubonakala kuyiqiniso lapho kudluliswa amehlo nje kutholakala kuhluke ngokuphelele lapho kuhlolwa ngokucophelela. Lokhu kuyiqiniso ezicini eziningi zokuphila komKristu.
Umbono Wethu Ngabadala
Lapho befeza umthwalo wabo wemfanelo ‘wokwelusa ibandla likaNkulunkulu,’ ngezinye izikhathi abadala bakuthola kudingeka ukuba beluleke abantu abahlukahlukene ebandleni. (IzEnzo 20:28) Ngokwesibonelo, sisabela kanjani uma abadala bekhuluma nathi ngezingane zethu ngokuphathelene nezindaba ezifana nokuzihlanganisa nababi noma ukuziphatha okungafanele nothile wobulili obuhlukile? Ingabe siba nomcabango wokuthi unezisusa ezisithekile futhi sithi ezinhliziyweni zethu, ‘Akakaze nje awuthande umkhaya wethu’? Uma sivumela imizwa enjalo ukuba isithonye, singase sizisole kamuva. Inhlalakahle engokomoya yezingane zakho ingase ibe sengozini, futhi kufanele sisazise iseluleko esiwusizo esingokomBhalo.—IzAga 12:15.
Lapho umdala webandla eseluleka, masingafuni isisusa esifihlekile. Kunalokho, masizibuze ukuthi ayikho yini indlela esingazuza ngayo eselulekweni sakhe esisekelwe eBhayibhelini. Umphostoli uPawulu wabhala: “Yiqiniso, asikho isiyalo esibonakala okwamanje sengathi siyajabulisa, kodwa sibanga usizi; nokho kamuva labo abaqeqeshwe yiso sibathelela isithelo esinokuthula, okuwukuthi, ukulunga.” (Heberu 12:11) Ngakho masibe nokwazisa futhi sihlaziye lendaba ngomqondo ovulekile. Khumbula ukuthi ngokuvamile kunzima ngabadala ukunikeza iseluleko njengoba nje kunzima nangathi ukuba sisamukele.
Imizwa Eba Khona Ngabazali
Lapho ibhekene nemingcele ethile eyibekelwe abazali, enye intsha ingabaza izisusa zabazali bayo. Enye ingase ithi: ‘Kungani abazali bami bebeka imithetho eminingi kangaka? Kumelwe ukuba abafuni ukuba ngijabulele ukuphila.’ Nokho, kunokuba ifinyelele isiphetho esinjalo, intsha idinga ukuhlaziya isimo ngomqondo ovulekile.
Abazali baye bachitha iminyaka eminingi benakekela izingane zabo. Baye balahlekelwa kakhulu ngokwezinto ezibonakalayo nangezinye izindlela ukuze benze lokhu. Ingabe sikhona isizathu sokuphetha ngokuthi manje bazimisele ukwenza ukuphila kwezingane zabo ezeve eshumini nambili kube lusizi? Akukhona yini okunengqondo kakhudlwana ukucabanga ukuthi uthando lushukumisela laba bazali ukuba bavikele izingane zabo futhi bazinakekele? Ngeke yini uthando olufanayo lubashukumisele ukuba bazibekele imingcele ethile izingane zabo, esezibhekene nezinselele ezintsha zokuphila? Yeka ukuthi kungaba okungenamusa nokungenakwazisa kanjani ukusola izisusa zabazali abanothando!—Efesu 6:1-3.
Isimo Sethu Sengqondo NgamaKristu Esikanye Nawo
Abaningi bathambekele ekwahluleleni abanye kusengaphambili nokubabheka njengohlobo oluthile lwabantu. Kuthiwani uma thina ngokwethu siye saba nesimo sengqondo esinjalo futhi ngandlela-thile siye sasola abathile? Ingabe kungenzeka ukuthi sithonywe yizwe kulokhu?
Ngokwesibonelo, ake sithi omunye wabafowethu abangokomoya unomuzi omuhle nemoto ebizayo. Ingabe kufanele simane siphethe ngokuthi ungumuntu othanda izinto ezibonakalayo ongabeki izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwakhe? Amanye amaKristu angase akwazi ukuba nezinto ezinhle, kodwa lokho akusho ukuthi anezisusa ezimbi noma ‘awafuni kuqala umbuso.’ Kungenzeka amatasa kakhulu emisebenzini engokomoya, esebenzisa ngokungagodli izinto zawo ezibonakalayo ukuze athuthukise izithakazelo zoMbuso, mhlawumbe ngendlela enganakekile.—Mathewu 6:1-4, 33.
Ibandla lamaKristu lekhulu lokuqala lalihlanganisa abantu bazo zonke izinhlobo—abacebile nabampofu. (IzEnzo 17:34; 1 Thimothewu 2:3, 4; 6:17; Jakobe 2:5) UNkulunkulu akanqumi ukufaneleka kwabantu ngokwesimo sabo sezimali, futhi nathi akufanele senze kanjalo. Kufanele sibathande esikholwa nabo abavivinyiwe nabathembekile, ‘singenzi lutho ngokokuthambekela okunobandlululo.’—1 Thimothewu 5:21.
Kulelizwe elisemandleni kaSathane, ukubheka umuntu njengowuhlobo oluthile nokumngabaza kuyizinhlobo ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, umuntu angase abhekwe njengonobudlova noma othanda izinto ezibonakalayo ngenxa nje yesizinda sakhe. Nokho, njengamaKristu, akumelwe sibe nesimo sengqondo esinjalo. Inhlangano kaJehova ayiyona indawo yokubandlululana nokusolana. Wonke amaKristu eqiniso kudingeka alingise uJehova uNkulunkulu, ‘ongenakho ukungalungi, nokukhetha ubuso.’—2 IziKronike 19:7; IzEnzo 10:34, 35.
Shukunyiswa Uthando
ImiBhalo isho ngokucacile ukuthi “bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) Ngakho kudingeka sibheke abakhulekeli abakanye nathi njengabahlanganyela nathi ekulweleni ukunikela inkonzo eyamukelekayo kuJehova. Uma siye savumela ukusola noma eminye imizwa engafanele ukuba ithonye ubuhlobo bethu nomfowethu noma nodadewethu ongokomoya, masithandazele usizo lukaNkulunkulu lokulwa nesimo sengqondo esinjalo ukuze singabi izisulu zikaSathane. (Mathewu 6:13) Wenza u-Eva wakholwa ukuthi uJehova wayenezisusa ezimbi, wayengenandaba nenhlalakahle yakhe, futhi wayemncisha inkululeko eyayiyomenza ajabule ngempela. (Genesise 3:1-5) Ukusola izisusa zabafowethu kufeza izinjongo zakhe.—2 Korinte 2:11; 1 Petru 5:8.
Uma sithola ukuthi sithambekele ekusoleni izisusa zabanye, masicabangele isibonelo sikaJesu Kristu. Nakuba ayeyiNdodana kaNkulunkulu ephelele, akazange afune izisusa ezimbi kubafundi bakhe. Kunalokho, uJesu wafuna okuhle kubo. Lapho abafundi bakhe bephikisana ngesikhundla sokuvelela, akazange acabange ukuthi babenezisusa ezimbi, futhi ngenxa yalokho akhethe abaphostoli abangu-12 abasha esikhundleni sabo. (Marku 9:34, 35) Njengoba babengaphelele, kungenzeka ukuthi ngandlela-thile babethonywe isiko lobuJuda lezihlubuki, elaliqokomisa ukuzikhukhumeza nokuhlukanisa abantu ngokwezigaba. UJesu wayazi ukuthi into eyinhloko eyayishukumisa abalandeli bakhe uthando ngoJehova. Ngokubonisa uthando olunjalo nokunamathela kuJesu, bavuzwa kakhulu.—Luka 22:28-30.
Uma besingabheka labo esikholwa nabo abathembekile ngokusola, lokhu bekuyofana nokubheka izinto ngezibuko ezibonisa okuphambene. Akukho obekungabonakala njengoba kunjalo ngempela. Ngakho masibheke ngezibuko zothando. Kunobufakazi obuningi bokuthi amaKristu athembekile esikanye nawo ayasithanda futhi ayakufanelekela ukucabangela kwethu komusa. (1 Korinte 13:4-8) Ngakho kwangathi singawabonisa uthando futhi sigweme ukusola izisusa zabanye.
[Isithombe ekhasini 26]
Ubabheka kanjani abanye abakhonza uNkulunkulu ngokwethembeka?
[Isithombe ekhasini 27]
Ukwethembana nokuhloniphana kwenza oFakazi BakaJehova babe umkhaya owodwa ojabulayo