Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 5/1 k. 29
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Isikhathi Sokuba Sihlale Siphapheme
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Ukuba Khona KukaKristu—Kusho Ukuthini Kuwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 5/1 k. 29

Imibuzo Evela Kubafundi

Kungashiwo yini ukuthi ukuqondwa okusanda kuthuthukiswa kwegama elithi “isizukulwane” elikuMathewu 24:34 kuvumela umbono wokuthi ukuphela kwesimiso sezinto kungase kufike esikhathini esikude esizayo?

Akunjalo neze. Ngokuphambene nalokho, ukuqondwa kwalendaba okusanda kuthuthukiswa kufanele kusisize sihlale sikulindele ukuphela. Kanjani?

Njengoba INqabayokulinda ka-November 1, 1995, yachaza, uJesu wasebenzisa inkulumo ethi “lesisizukulwane” kubantu ababi ababephila ngesikhathi esisodwa. (Mathewu 11:7, 16-19; 12:39, 45; 17:14-17; IzEnzo 2:5, 6, 14, 40) Yona ngokwayo yayingachazi inkathi enqunyiwe eqala ngosuku oluthile oluqondile.

Eqinisweni, esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyo leyo Nqabayokulinda sagxila emaphuzwini amabili ayisihluthulelo, elithi: “Isizukulwane sabantu asinakubhekwa njengenkathi enesibalo seminyaka ethile eqondile,” nelithi, “Abantu besizukulwane baphila inkathi emfushane ngokuqhathaniswa.”

Sivamile ukulisebenzisa ngalendlela elithi “isizukulwane.” Ngokwesibonelo, singase sithi, ‘Amasosha esizukulwane sikaNapoléon ayengazi lutho ngezindiza nangamabhomu e-athomu.’ Ingabe besiyobe sisho amasosha azalwa ngonyaka uNapoléon azalwa ngawo? Ingabe besiyobe sisho lawo masosha aseFrance afa ngaphambi kokufa kukaNapoléon kuphela? Akunjalo neze; futhi ngokulisebenzisa kanjalo elithi “isizukulwane” bekungenakuba ukuthi sizama ukunquma inani elithile leminyaka. Nokho, besiyobe sibhekisela enkathini emfushane ngokuqhathaniswa esikhathini sikaNapoléon, hhayi amakhulukhulu eminyaka esikhathi esizayo.

Kungokufanayo nangokuqonda kwethu lokho uJesu akusho esiprofethweni sakhe esanikezwa eNtabeni Yeminqumo. Ukugcwaliseka kwezici ezihlukahlukene zaleso siprofetho kufakazela ukuthi ukuphela kwalesi simiso kuseduze. (Mathewu 24:32, 33) Khumbula ukuthi ngokwesAmbulo 12:9, 10, lapho kumiswa uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini ngo-1914, uSathane waphonswa phansi emhlabeni. IsAmbulo sinezela ukuthi manje uSathane unolaka olukhulu. Ngani? Ngoba uyazi ukuthi “unenkathi yesikhathi emfushane.”—IsAmbulo 12:12.

Ngakho kwakufaneleka ukuba INqabayokulinda ka-November 1 ibe nesihlokwana esithi “Hlalani Nilindile!” Isigaba esilandelayo sasho kufanelekile ukuthi: “Akudingekile ukuba sisazi ngokuthé ngqo isikhathi sezenzakalo. Kunalokho, kumelwe sigxile ekubeni abalindile, sihlakulele ukholo oluqinile, futhi sihlale simatasa enkonzweni kaJehova—hhayi ekubaleni isikhathi.” Yabe isicaphuna amazwi kaJesu: “Hlalani nibhekile, nihlale niphapheme, ngoba anazi ukuthi sinini isikhathi esimisiwe. Kodwa lokho engikusho kini ngikusho kubo bonke, Hlalani nilindile.”—Marku 13:33, 37.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela