Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 12/1 k. 9
  • Ukuthatha Ukuma Okuqinile Esikoleni Kuyavuzwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthatha Ukuma Okuqinile Esikoleni Kuyavuzwa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uyini umsuka We-Halloween?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Iqiniso Nge-Halloween
    I-Phaphama!—2013
  • Iqiniso Ngemikhosi Ethandwayo
    I-Phaphama!—2001
  • Imikhosi Ethandwayo—Ingabe Iwukuzijabulisa Okungenangozi?
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 12/1 k. 9

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Ukuthatha Ukuma Okuqinile Esikoleni Kuyavuzwa

IBHAYIBHELI liyabikezela: “Bonke abantwana bakho bayakuba-ngabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba-kukhulu.” (Isaya 54:13) Ngomqondo obanzi, ukuthi “bonke abantwana bakho” kungasebenza kuyo yonke indikimba yezinceku zikaNkulunkulu ezisemhlabeni, kuhlanganise nabancane kakhulu. Namuhla, abazali abangamaKristu bayaqikelela ukuthi izingane zabo ‘ziba-ngabafundi bakaJehova’ ekhaya nasemihlanganweni yobuKristu.

Nokho, lapho esesikoleni amaKristu asemasha abhekana nezinselele ezinzima. Ezikhathini eziningi akuthola kudingekile ukuthatha ukuma okuqinile okusekelwe kulokho aye akufunda eBhayibhelini. Lapho enza kanjalo, imiphumela ingaba nenzuzo kubafundi nakothisha ngokufanayo, njengoba kuboniswa okuhlangenwe nakho okulandelayo kwaseMicronesia.

Esiqhingini esincane saseTol esisePacific esentshonalanga eChuuk Islands, othisha besikole sendawo batshela zonke izingane ukuba zilungiselele futhi zihlanganyele emgubhweni we-Halloween wesikole. Abafundi abangoFakazi babazi ukuthi lomgubho wawungahilela imihlobiso nezambatho ezifanekisela izipoki, imikhovu, nabathakathi—konke okuhlobene namasiko okusebenzelana nemimoya. Lezi zingane zazingenakuhlanganyela kulokhu ngobuqotho.a

Ngenxa yokuqeqeshwa kwazo okusekelwe eBhayibhelini ekhaya nasebandleni lobuKristu, zazazi ukuthi imikhuba enjalo iyamcunula uNkulunkulu, ngisho noma yenziwa ngenjongo yokuzijabulisa kuphela. Ukuze asize ekuchazeni ukuma kwazo ngokucace kakhudlwana, lezi zingane zacela uBarak, esinye sezithunywa zevangeli ezingoFakazi ezikulesi siqhingi, ukuba azokhuluma nothisha bazo.

Ngemva kokuzwa incazelo, othisha bahlela ukuba kube nomhlangano wesibili, uBarak ayezokhuluma kuwo nazo zonke izisebenzi zesikole. Kulomhlangano, uBarak wanikeza amaqiniso abonisa ubunjalo be-Halloween. Lokhu kwaziswa wakuthola ezincwadini eziningana ze-Watch Tower kanye nakweminye imithombo. Othisha nabaphathi bamangazwa yilokho abakuthola ngomsuka, umlando, nesici esingokwenkolo salomgubho. Bakhetha ukuba babe nomhlangano wezisebenzi zesikole ukuze banqume indlela yokuxazulula lesi simo.

Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, kwamenyezelwa isinqumo esasingalindelekile. Wonke amalungiselelo e-Halloween ayehoxisiwe. Isikole sasingeke siyigubhe nhlobo i-Halloween ngalowo nyaka. Yeka umphumela omuhle owabangelwa ukuzimisela kwalaboFakazi abasebancane ukwenza okulungile esikoleni! Abasha akudingeki besabe noma babe namahloni okuthatha ukuma okucacile ngenxa yeqiniso leBhayibheli.

Emhlabeni wonke, oFakazi BakaJehova bafundisa izingane zabo ukuba zizikhandle esikoleni. OFakazi abasebancane baqeqeshelwa nokuphila ngezindinganiso zeBhayibheli nokuhlanganyela ithemba nezinkolelo zabo nabanye abafundi lapho benethuba. Ngisho noma imiphumela ingemihle noma ingasheshi njengakulendaba, abasha bangaba nokuzethemba nokwaneliseka okutholakala ngokwenza okulungile. Okubaluleke nangaphezulu, bangaqiniseka ukuthi uYise wasezulwini uyajabula futhi uyobabusisa ngokulalela kwabo kokukholeka.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe nge-Halloween nomsuka wayo ohlangene nokusetshenziswa kwemimoya, bheka i-Phaphama! ka-November 22, 1993, enyatheliswa yi-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela