Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 9/15 kk. 8-9
  • UPetru Ushumayela NgePhentekoste

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UPetru Ushumayela NgePhentekoste
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yilowo Nalowo Uzwa Ulimi Lwakhe Siqu
  • Isifundo Esisitholayo
  • “Bagcwala Umoya Ongcwele”
    ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
  • Ziyini “Izihluthulelo Zombuso Wamazulu”?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Wafunda Ukuthethelela ENkosini
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Waba Qotho Lapho Ebhekene Novivinyo
    Lingisa Ukholo Lwabo
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 9/15 kk. 8-9

Benza Intando KaJehova

UPetru Ushumayela NgePhentekoste

KWAKUSEKUSENI entwasahlobo epholile, ngonyaka ka-33 C.E. Kwakukhona ukwesasa yonke indawo! Isixuku samaJuda esixokozelayo kanye namaproselithe sasigcwele emigwaqweni yaseJerusalema. Sasivela ezindaweni ezinjenge-Elami, iMesopothamiya, iKhaphadosiya, iGibithe, neRoma. Yeka ukuthi kwakuthakazelisa kanjani ukusibona sivunule ngemvunulo yaso yomdabu kanye nokuzwa izilimi zaso ezihlukahlukene! Abanye babehambe amakhilomitha acishe abe izinkulungwane ezimbili ukuze babe khona kulomkhosi okhethekile. Wawuyini? IPhentekoste—umkhosi wentokozo wamaJuda ophawula ukuphela kokuvunwa kwebhali.—Levitikusi 23:15-21.

Intuthu yeminikelo yayithaphuka e-altare lethempeli futhi amaLevi ehlabelela iHallel (AmaHubo 113 kuya ku-118). Ngaphambi nje kuka-9:00 ekuseni, kwenzeka okuthile okwethusayo. Kwezwakala “umsindo” uvela ezulwini “ufana nje nowesivunguvungu esinamandla.” Wagcwalisa yonke indlu abafundi bakaJesu Kristu abangu-120 ababebuthene kuyo. Ukulandisa okungokomBhalo kuthi: “Kwabonakala kubo okunjengamalangabi futhi kwasakazeka, ngakunye kwahlala phezu kwalowo nalowo kubo, futhi bonke bagcwala umoya ongcwele baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengoba umoya wawubanika ukuba bakhulume.”—IzEnzo 2:1-4.

Yilowo Nalowo Uzwa Ulimi Lwakhe Siqu

Ngokushesha, abafundi abaningi baphumela ngaphandle kwendlu. Ngokumangalisayo, babekhuluma izilimi ezihlukahlukene zesixuku! Cabanga indlela okwamangalisa ngayo lapho isivakashi esivela ePheresiya nowaseGibithe ngokuzalwa bezwa abantu baseGalile bekhuluma ulimi lwabo. Ngokuqondakalayo, isixuku sasishaqekile. “Iyini inhloso yalento?” sibuza. Abanye baqala ukubahleka usulu abafundi, bethi: “Bagcwele iwayini elimnandi.”—IzEnzo 2:12, 13.

Ngokulandelayo umphostoli uPetru wasukuma wakhuluma nesixuku. Wachaza ukuthi lesi sipho sezilimi eziyisimangaliso sasiwukugcwaliseka kwesithembiso sikaNkulunkulu ngomprofethi uJoweli: “Ngiyothululela omunye womoya wami phezu kwayo yonke inhlobo yenyama.” (IzEnzo 2:14-21; Joweli 2:28-32) Yebo, uNkulunkulu wayesanda kuthulula umoya wakhe ongcwele phezu kwabafundi bakaJesu. Lokhu kwakuwubufakazi obusobala bokuthi uJesu wayevusiwe kwabafileyo futhi manje wayesezulwini ngakwesokunene sikaNkulunkulu. “Ngakho-ke,” kusho uPetru, “yonke indlu ka-Israyeli mayazi ukuthi uNkulunkulu wamenza kokubili iNkosi noKristu, loJesu enambethela.”—IzEnzo 2:22-36.

Izilaleli zasabela kanjani? ‘Zahlabeka enhliziyweni,’ kusho ukulandisa, “futhi zathi kuPetru nakubo bonke abanye abaphostoli: ‘Madoda, bafowethu, yini okufanele siyenze?’” UPetru wathi: “Phendukani, futhi yilowo nalowo kini abhapathizwe.” Abacishe babe u-3 000 benza lokho kanye! Ngemva kwalokho, ‘baqhubeka bezinikela ekufundiseni kwabaphostoli.’—IzEnzo 2:37-42.

Ngokuhola kulesi senzakalo esiyingqopha-mlando, uPetru wasebenzisa esokuqala ‘sezihluthulelo zombuso wamazulu,’ uJesu ayethembise ukumnika zona. (Mathewu 16:19) Lezi zihluthulelo zavula amalungelo akhethekile emaqenjini ahlukene abantu. Lesi sihluthulelo sokuqala senza kwaba nokwenzeka ngamaJuda ukuba abe amaKristu agcotshwe ngomoya. Kamuva, izihluthulelo esesibili nesesithathu zavula leli lungelo elifanayo kumaSamariya kanye nakwabeZizwe ngokulandelana.—IzEnzo 8:14-17; 10:44-48.

Isifundo Esisitholayo

Nakuba lesi sixuku samaJuda namaproselithe sahlanganyela ecaleni lomphakathi lokufa kweNdodana kaNkulunkulu, uPetru wakhuluma naso ngenhlonipho, esibiza ngokuthi ‘abafowabo.’ (IzEnzo 2:29) Umgomo wakhe kwakuwukuba asishukumisele ekubeni siphenduke, hhayi ukusilahla. Ngakho-ke, indlela yakhe yokukhuluma yayakha. Wethula amaqiniso futhi wasekela amaphuzu akhe ngezingcaphuno zemiBhalo.

Labo abashumayela izindaba ezinhle namuhla benza kahle ngokulandela isibonelo sikaPetru. Kufanele bazame ukuthola izinto abavumelana kuzo nezilaleli zabo bese bebonisana nazo ngemiBhalo ngokuhlakanipha. Lapho iqiniso leBhayibheli lethulwa ngendlela eyakhayo, bayosabela labo abanhliziyo ziqotho.—IzEnzo 13:48.

Intshiseko kaPetru kanye nesibindi sakhe ngosuku lwePhentekoste, yayihluke ngokuphelele ekuphikeni kwakhe uJesu emasontweni acishe abe ngu-7 ngaphambili. Ngaleso sikhathi uPetru wanqotshwa ukwesaba umuntu. (Mathewu 26:69-75) Kodwa uJesu wayemnxusele uPetru. (Luka 22:31, 32) Ngokungangabazeki, ukubonakala kukaJesu kuPetru ngemva kokuvuka kwakhe kwabaqinisa abaphostoli. (1 Korinte 15:5) Ngenxa yalokho, ukholo lukaPetru aluzange luphele. Phakathi nesikhathi esifushane, washumayela ngesibindi. Ngakho-ke, akazange ashumayele ngePhentekoste kuphela kodwa kwaze kwaba sekufeni kwakhe.

Kuthiwani uma siye sona ngandlela-thile, njengoba noPetru enza? Masibonise ukuphenduka, sithandazele intethelelo, futhi sithathe izinyathelo zokuthola usizo olungokomoya. (Jakobe 5:14-16) Khona-ke singaqhubekela phambili ngethemba lokuthi inkonzo yethu engcwele iyamukeleka kuBaba wethu wasezulwini onomusa, uJehova.—Eksodusi 34:6.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela