ISikole SaseGileyadi sikhipha ikilasi laso lekhulu
I-WATCHTOWER BIBLE SCHOOL OF GILEAD iye yafeza indima ebalulekile ekumenyezelweni koMbuso kaNkulunkulu embulungeni yonke ezikhathini zanamuhla. Kusukela iSikole SaseGileyadi saqala ukuqeqesha izithunywa zevangeli ngo-1943, abathweswe iziqu kuso baye bakhonza emazweni evile ku-200. Ngo-March 2, 1996, ikilasi lekhulu lathweswa iziqu.
Abafundi babesesikoleni phakathi nesikhathi okwakukhithika ngaso iqhwa elingaphezu kwamamitha amabili endaweni ye-Watchtower Educational Center esePatterson, eNew York. Akumangalisi ukuthi lalikhithika ngosuku lokuthweswa kwabo iziqu. Nakuba kunjalo, ihholo laligcwele, futhi izethameli ezengeziwe zazilalele ePatterson, eWallkill, naseBrooklyn—abantu abangu-2 878 sebebonke.
UTheodore Jaracz, ilungu leKomiti Yokufundisa yeNdikimba Ebusayo, wayengusihlalo. Ngemva kokwamukela ngemfudumalo izimenywa ezazivela emazweni amaningi, wacela ukuba bonke baphakame bahlabelele ingoma 52. Ihholo lahlokoma izindumiso eziya kuJehova lapho behlabelela ethi “IGama LikaBaba Wethu,” eliseculweni elithi Hubani Izindumiso ZikaJehova. Leyo ngoma, ihambisana namazwi kasihlalo mayelana nokusebenzisa imfundo ukuze kudunyiswe uJehova, yabeka isisekelo sesimiso esasizolandela.
Iseluleko EsingokomBhalo Esivela Emadodeni Akhulile
Ingxenye yokuqala yesimiso yayinezinkulumo ezimfushane eziqondiswe ekilasini labathweswa iziqu ezazinikezwa idlanzana lezinceku zikaJehova ezinesikhathi eside. URichard Abrahamson, oyilungu lezisebenzi zasendlunkulu owaqala inkonzo yakhe yesikhathi esigcwele ngo-1940, wanxusa leli kilasi: “Qhubekani Nilungiswa.” Walikhumbuza ukuthi kakade lase libe nezinkathi ezihlukahlukene zokulungiswa ekuphileni kwalo njengamaKristu, kuhlanganise nezinyanga ezinhlanu zokufunda kwalo eGileyadi. Ngakho kungani kufanele liqhubeke lilungiswa?
Isikhulumi sachaza ukuthi amazwi asetshenziswe umphostoli uPawulu kweyesi-2 Korinte 13:11 “asikisela inqubo eqhubekayo, ukuqhubeka komuntu ezithoba ekwakhiweni noma ekucwengisisweni nguJehova, noma ukucolisiswa, ukuze umuntu ahlangabezane nezindinganiso zikaJehova ezifuna okukhudlwana.” Ezabelweni zabo zakwamanye amazwe, abathweswe iziqu kuleli kilasi babezobhekana nezinselele ezintsha okholweni lwabo. Kwakuzodingeka bafunde ulimi olusha, bazivumelanise namasiko nezimo zokuphila ezihlukile, futhi bajwayele izinhlobo ezihlukile zensimu. Futhi babezobe besebenzelana nabantu abahlukahlukene emakhaya ezithunywa zevangeli nasemabandleni abo amasha. Uma babezosebenzisa izimiso zeBhayibheli ngokucophelela kuzo zonke lezi zimo, bezimisele ukulungiswa, khona-ke, njengoba umphostoli uPawulu abhala, ‘babengaqhubeka bejabula.’
UJohn Barr, elinye lamalungu ayisihlanu eNdikimba Ebusayo ahlanganyela esimisweni, wathatha isihloko sakhe kweyoku-1 Korinte 4:9. Wakhumbuza izilaleli zakhe ukuthi amaKristu awumbukwane kokubili ezingelosini nakubantu. “Ukwazi lokhu,” esho, “kwenza inkambo yomKristu ekuphileni ibaluleke nakakhulu, ikakhulukazi lapho eqaphela ukuthi ngalokho akushoyo nakwenzayo, angaba nethonya eliphawulekayo kulabo ababhekile, abangabonakali nababonakalayo. Ngikholelwa ukuthi lokhu kungokuthile okuyokuba kuhle kakhulu ngani nonke bafowethu nodadewethu abathandekayo bekilasi lekhulu laseGileyadi ukuba nikukhumbule njengoba nihamba niya ezindaweni ezikude zomhlaba.”
UMfoweth’ uBarr wakhuthaza abafundi abangu-48 ukuba bakhumbule ukuthi njengoba besiza abanjengezimvu ukuba bafunde iqiniso, “kuba khona injabulo phakathi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni esisodwa esiphendukayo.” (Luka 15:10) Ebhekisela kweyoku-1 Korinte 11:10, wabonisa ukuthi isimo sengqondo somuntu ngokuqondene namalungiselelo angokwasezulwini asigcini ngokuthinta abafowethu nodadewethu esibabonayo kodwa futhi sithinta nezingelosi esingaziboni. Yeka ukuthi kuzuzisa kanjani ukuba nalombono obanzi!
Elinye ilungu leNdikimba Ebusayo, uGerrit Lösch, nalo ngokwalo elathweswa iziqu eSikoleni SaseGileyadi, laxoxa ngemibhalo enjengeHubo 125:1, 2; Zakariya 2:4, 5; neHubo 71:21 ukuze libonise ukuthi uJehova ‘uhaqa abantu bakhe.’ Ubanikeza isivikelo nxazonke. Ingabe uNkulunkulu uyonikeza isivikelo esinjalo kuphela phakathi nosizi olukhulu? “Cha,” kuphendula isikhulumi, “ngoba kakade uJehova ‘ulugange lomlilo,’ isivikelo kubantu bakhe. Unyaka ka-1919 wangemva kwempi wafika lapho insali ka-Israyeli ongokomoya ilangazelela ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso emhlabeni wonke njengobufakazi kuzo zonke izizwe. Yayingabameleli beJerusalema elingokomfanekiso elisezulwini. UJehova uqinisekisa ukuthi laba bameleli uyobanikeza isivikelo saphezulu njengeqembu phakathi nesikhathi sokuphela. Ubani-ke ongabavimba ngokuphumelelayo? Akekho.” Yeka ukuthi lokhu kuqinisekisa kanjani kubo nakubo bonke abahlanganyela ngokuseduze nabo ekwenzeni intando yaphezulu!
U-Ulysses Glass, ilungu labaqondisi balesi sikole eselinesikhathi eside, wakhuthaza ikilasi ukuba ‘liqede ukuphendla isikhundla salo enhlanganweni kaJehova yomhlaba wonke.’ Isikhundla isimo noma umsebenzi ofanela amakhono noma ubuntu bothile ngokukhethekile. “Nina enizoba izithunywa zevangeli niye nasithola isikhundla senu enhlanganweni yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova,” esho. “Kodwa, nakuba kubalulekile njengamanje, lokhu kumane nje kuyisiqalo sokuphila kwenu njengezithunywa zevangeli.” Kwakuzodingeka zizikhandle ukuze ziwasebenzise kahle amakhono azo futhi zifaneleke ezabelweni ezikhethekile uJehova nenhlangano yakhe ayezinika zona.
Inkulumo yokuphetha kulengxenye yesimiso yanikezwa uWallace Liverance, ilungu labaqondisi baseGileyadi elakhonza iminyaka engu-17 eBolivia. “Nizomvivinya yini uNkulunkulu?” ebuza abafundi. Kufanele bakwenze kanjani? Isizwe sakwa-Israyeli samvivinya ngendlela engafanele uNkulunkulu. (Duteronomi 6:16) “Ngokusobala, ukuvivinya uNkulunkulu ngokukhononda noma ukububula noma mhlawumbe ngokubonisa ukungayithembi indlela yakhe yokusingatha izinto akulungile,” kusho isikhulumi. “Lapho ufika esabelweni sakho esisha, kwenqabe lokho kuthambekela,” sinxusa. Iyiphi-ke indlela efanele yokuvivinya uNkulunkulu? “Ukukholwa lokho akushoyo, ngokwenza njengoba nje esho, bese ushiyela umphumela ezandleni zakhe,” kuchaza uMfoweth’ uLiverance. Njengoba kubonakala kuMalaki 3:10, uJehova umema abantu bakhe: ‘Ngivivinyeni ngalokhu.’ Wathembisa ukuthi uma babeletha okweshumi kwabo endlini yethempeli ngokwethembeka, wayezobabusisa. “Kungani ungabheki isabelo sakho sokuba isithunywa sevangeli ngendlela efanayo?” kubuza isikhulumi. “UJehova ufuna ukuba uphumelele kuso, ngakho mvivinye. Namathela esabelweni sakho. Yenza ukulungisa afuna ukwenze. Khuthazela. Bona ukuthi ngeke yini akubusise.” Yeka iseluleko esihle kubo bonke abakhonza uJehova!
Ngemva kwengoma isimiso sashintsha sisuka ekubeni izinkulumo saba uchungechunge lwezingxoxo ezijabulisayo.
Amazwi Awusizo Avela Ensimini
UMark Noumair, ilungu elisha labaqondisi baseGileyadi, wacela abafundi ukuba balandise okuhlangenwe nakho ababebe nakho enkonzweni yasensimini lapho besesesikoleni. Lokhu kwaqokomisa ukubaluleka kokuthatha isinyathelo kuqala enkonzweni futhi kwanikeza izilaleli amacebiso awusizo ezingawasebenzisa.
Phakathi nesikhathi sesikole, abafundi baleli kilasi laseGileyadi bazuza ngokukhethekile ngokuba nobudlelwane namalungu amaKomiti EGatsha avela emazweni angu-42, nawo ayesePatterson Educational Center ngenjongo yokuqeqeshwa okukhethekile. Amaningi awo ayethweswe iziqu eGileyadi eminyakeni edlule. Esimisweni kwaxoxwa nabamele ikilasi lesi-3, lesi-5, lama-51, nelama-92, kanye nabavela oPhikweni LweSikole SaseGileyadi oluseJalimane. Yeka ukuthi amazwi abo ayezuzisa kanjani!
Balandisa ngendlela izithunywa zevangeli eziye zazizwa ngayo njengoba zibona inani labadumisi bakaJehova ezabelweni zabo landa lisuka kwabayidlanzana liya kwabangamashumi ezinkulungwane. Balandisa ngengxenye abaye baba nayo ekuyiseni izindaba ezinhle emakhaya agqagqene eziNtabeni zase-Andes nasemizini esesizalweni soMfula i-Amazon. Baxoxa ngokufakaza kubantu abangafundile. Balandisa ngokushikashikeka kwabo siqu befunda izilimi ezintsha nangokuthi ababethweswa iziqu ngokunengqondo babengase balindele ukuba kubathathe isikhathi esingakanani ukukwazi ukufakaza nokunikeza izinkulumo ngolimi olunjengesiShayina. Benza ngisho nemiboniso yezintshumayelo zeSpanishi nesiShayina. Bagcizelela ukuthi izithunywa zevangeli ziphumelela kakhulu lapho zingafundi nje kuphela ulimi kodwa futhi nendlela yokucabanga yabantu. Balandisa ngezimo zokuphila ngokuvamile ezinzima emazweni ampofu base bethi: “Izithunywa zevangeli kufanele ziqaphele ukuthi ngokuvamile lesi simo sibangelwa ukuxhashazwa. Isithunywa sevangeli senza kahle kakhulu uma sizizwa njengoba uJesu ayezizwa—wayenesihawu ngabantu ababenjengezimvu ezingenamalusi.”
Ngemva kwengoma isimiso saqhubeka ngenkulumo ka-A. D. Schroeder, ilungu leNdikimba Ebusayo. Waba nelungelo lokuba omunye wabafundisi bokuqala eSikoleni SaseGileyadi lapho sivulwa ngo-1943. Njengesiphetho esifanelekayo sesimiso, waxoxa ngesihloko esithi “Ukudumisa UJehova NjengeNkosi EnguMbusi.” Ingxoxo ethakazelisayo kaMfoweth’ uSchroeder yeHubo lama-24 yabahlaba umxhwele bonke ababekhona ngendlela nje okuyilungelo elikhulu ngayo ukudumisa uJehova njengeNkosi enguMbusi.
Ngemva kokukhishwa kwezitifiketi, nengoma yokuphetha, uKarl Klein weNdikimba Ebusayo waphetha ngomthandazo osuka enhliziyweni. Yeka ukuthi kwakuyisimiso esiwusizo nesiqabula kanjani ngokomoya!
Ezinsukwini ezithile ngemva kokuthweswa iziqu, amalungu angu-48 ekilasi aqala ukuphuma eya ezabelweni zezithunywa zevangeli emazweni angu-17. Kodwa ayengayiqali ngqá inkonzo yawo. Kakade ayesenomlando obonakalayo wenkonzo yobuKristu yesikhathi esigcwele. Lapho ebhalisa eGileyadi, ngokwesilinganiso, ayeneminyaka engu-33 ubudala futhi esenikele iminyaka engaphezu kuka-12 enkonzweni yesikhathi esigcwele. Amanye awo ayeke aba amalungu omkhaya waseBethel we-Watch Tower Society womhlaba wonke. Abanye babeye bakhonza njengababonisi abajikelezayo. Abaningana kulabafundi babeye bahlanganyela kakade ohlotsheni oluthile lwenkonzo yakwamanye amazwe—e-Afrika, eYurophu, eNingizimu Melika, eziqhingini, naphakathi kwabakhuluma izilimi zakwamanye amazwe ababesemazweni akubo. Kodwa manje bahlangana nezinye izithunywa eziningi eziye zakujabulela ukukwazi ukuthi, ‘Sizokhonza noma kuphi emhlabeni lapho sidingeka khona.’ Isifiso sabo esisuka enhliziyweni siwukuba basebenzise ukuphila kwabo ukuze badumise uJehova.
[Ibhokisi ekhasini 27]
Imininingwane Yekilasi:
Inani lamazwe amelelwe: 8
Inani lamazwe ababelwe kuwo: 17
Inani labafundi: 48
Isilinganiso seminyaka yobudala: 33,75
Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 17,31
Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 12,06
[Isithombe ekhasini 26]
Ikilasi Lekhulu Labathweswe Iziqu E-Watchtower Bible School of Gilead
Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.
(1) Shirley, M.; Grundström, M.; Genardini, D.; Giaimo, J.; Shood, W.; Phair, P.; Buchanan, C.; Robinson, D. (2) Pine, C.; Kraus, B.; Racicot, T.; Hansen, A.; Beets, T.; Berg, J.; Garcia, N.; Fleming, K. (3) Whinery, L.; Whinery, L.; Harps, C.; Giaimo, C.; Berg, T.; Mann, C.; Berrios, V.; Pfeifer, C. (4) Randall, L.; Genardini, S.; Kraus, H.; Fleming, R.; D’Abadie, S.; Shirley, T.; Stevenson, G.; Buchanan, B. (5) Robinson, T.; Garcia, J.; Harps, P.; Racicot, D.; D’Abadie, F.; Phair, M.; Stevenson, G.; Shood, D. (6) Beets, L.; Pfeifer, A.; Berrios, M.; Pine, J.; Mann, L.; Randall, P.; Grundström, J.; Hansen, G.