Benza Intando KaJehova
Intombazanyana Eyakhuluma Ngesibindi
PHAKATHI nekhulu leshumi B.C.E., ubuhlobo phakathi kuka-Israyeli ne-Aramu babushubile. Kwakuvame ukuqubuka izimpi kangangokuthi lapho kuphela iminyaka emithathu kungazange kube nobudlova, kwaqopheka umlando.—1 AmaKhosi 22:1.
Okwakusongela kakhulu ngalezo zikhathi kwakungamaviyo abaphangi ama-Aramu, amanye awo ayenamakhulukhulu amasosha. Lamabutho ayehlasela ama-Israyeli abese ewaphanga, athumbe amaningi futhi awenze izigqila—ngisho nezingane.
Kokunye ukuhlasela, “intombazanyana” ethile yahlukaniswa ngonya nomkhaya wakubo owesaba uNkulunkulu. (2 AmaKhosi 5:2, qhathanisa ne-NW.) Njengoba yayiyiswe e-Aramu, yaphoqeleka ukuba ihlale phakathi kwabantu okungenzeka yabathola bethusa futhi ibeshwama—abantu ababekhulekela ilanga, inyanga, izinkanyezi, izihlahla, izitshalo, ngisho namatshe. Yeka indlela ababehluke ngayo emkhayeni wakubo nakubangane bayo, ababekhulekela uNkulunkulu oyedwa weqiniso, uJehova! Nokho, ngisho nakulesi simo engasijwayele, lentombazane yabonisa isibindi esiphawulekayo ngokuqondene nokukhulekelwa kukaJehova. Ngenxa yalokhu, yashintsha ukuphila kwesikhulu esivelele esasikhonza ngaphansi kwenkosi yase-Aramu. Ake sibone ukuthi kanjani.
Isibindi Sokukhuluma
Lentombazanyana ayibizwanga ngegama ekulandiseni kweBhayibheli. Yaba incekukazi yomkaNahamani, induna yempi eyiqhawe ngaphansi kweNkosi uBeni-Hadadi II. (2 AmaKhosi 5:1) Nakuba ayehlonishwa, uNahamani wayenesifo sochoko esinyanyekayo.
Mhlawumbe isimo senhlonipho salentombazane sabangela ukuba umkaNahamani athulule isifuba sakhe kuyo. Kungenzeka lona wesifazane wabuza lentombazane, ‘Yini eyenzelwa abantu abanochoko kwa-Israyeli?’ Lentombazane engum-Israyeli ayizange ibe namahloni okusho ngesibindi: “Sengathi inkosi yami ingaba-phambi komprofethi oseSamariya; khona ibiyakuphiliswa ochokweni lwayo.”—2 AmaKhosi 5:3.
Amazwi alentombazane awazange aphebezwe njengephupho lobuntwana. Ngokuphambene, abikwa eNkosini uBeni-Hadadi, eyathuma uNahamani nabanye ukuba bathathe uhambo lwamakhilomitha angu-150 oluya eSamariya bayofuna lomprofethi.—2 AmaKhosi 5:4, 5.
Ukuphulukiswa KukaNahamani
UNahamani namadoda ayenaye baya eNkosini yakwa-Israyeli uJehoramu, bephethe incwadi yesethulo evela kuBeni-Hadadi kanye nesipho esikhulu semali. Akumangalisi ukuthi iNkosi uJehoramu ekhulekela ithole ayizange ibonise ukholo kumprofethi kaNkulunkulu olwaboniswa intombazane eyincekukazi. Kunalokho, yacabanga ukuthi uNahamani wayezosusa uthuthuva. Lapho umprofethi kaNkulunkulu u-Elisha ezwa ngokwesaba kukaJehoramu, wathumela isigijimi ngaso leso sikhathi ecela ukuba inkosi ithumele uNahamani endlini yakhe.—2 AmaKhosi 5:6-8.
Lapho uNahamani efika endlini ka-Elisha, lomprofethi wathuma isithunywa esamtshela: “Hamba ugeze kasikhombisa eJordani; kuyakuthi inyama ibuyele kuwe, uhlambuluke.” (2 AmaKhosi 5:9, 10) UNahamani wathukuthela wagan’ unwabu. Elindele ukuphulukiswa okuyisimangaliso nokuwumbukwane, wabuza: “OAbana noFariphari, imifula yaseDamaseku, abangcono kunawo onke amanzi akwaIsrayeli na? Ngingegeze kuyo yini, ngihlambuluke, na?” UNahamani wafulathela indlu ka-Elisha ethukuthele. Kodwa lapho izinceku zikaNahamani zimbonisa, ekugcineni wavuma. Ngemva kokugeza kasikhombisa eMfuleni iJordani, “inyama yakhe yabuya yaba-njengenyama yomntwana omncane, wahlambuluka.”—2 AmaKhosi 5:11-14.
Lapho ephindela ku-Elisha, uNahamani wathi: “Bheka, sengiyazi ukuthi akakho uNkulunkulu emhlabeni wonke, kwaIsrayeli kuphela.” UNahamani wafunga ukuthi wayengeke ‘esanikela ngomnikelo wokushiswa nomhlatshelo kwabanye onkulunkulu, kodwa kuJehova kuphela.’—2 AmaKhosi 5:15-17.
Isifundo Esisitholayo
UNahamani wayengeke aye kumprofethi u-Elisha ukube intombazanyana eyincekukazi yayingakhulumanga ngesibindi. Namuhla, intsha eningi yenza okufanayo. Kungenzeka ukuthi esikoleni izungezwe abafundi abangenaso isithakazelo sokukhonza uNkulunkulu. Nakuba kunjalo, iyakhuluma ngalokho ekukholelwayo. Enye yayo iqala ukwenza kanjalo isencane impela.
Cabanga ngo-Alexandra, intombazane yase-Australia eneminyaka emihlanu ubudala. Lapho eqala isikole, unina wahlela ukuba achazele uthisha ngezinkolelo zoFakazi BakaJehova. Kodwa unina ka-Alexandra wathola isimanga. Lothisha wathi: “Sengiyazazi kakade izinkolelo zenu eziningi, kanye nalokho u-Alexandra azokwenza esikoleni nangeke akwenze.” Unina ka-Alexandra wamangala, ngoba zazingekho ezinye izingane ezingoFakazi kulesi sikole. “U-Alexandra usesitshelile,” kuchaza lothisha. Yebo, lentombazanyana yase ixoxe ngesu kakade nothisha wayo.
Intsha enjengalentombazanyana ikhuluma ngesibindi. Ngaleyo ndlela yenza ngokuvumelana neHubo 148:12, 13: “Nani-zinsizwa nezintombi, nani-maxhegu nabafana. Mabadumise igama likaJehova, ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.”