Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 5/1 kk. 15-20
  • Ukubuyisela Izinto ZikaKesari KuKesari

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuyisela Izinto ZikaKesari KuKesari
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Izinto ZikaNkulunkulu”
  • “Izinto ZikaKesari”
  • Inkonzo Yezempi Ephoqelelwe
  • Inkonzo Yokusebenzela Uhulumeni
  • UNkulunkulu NoKesari
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ingabe Kufanele Uyikhokhe Intela?
    I-Phaphama!—2003
  • AmaKristu Okuqala NoMbuso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Yini Eyenza Umuntu Abe Isakhamuzi Esihle?
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 5/1 kk. 15-20

Ukubuyisela Izinto ZikaKesari KuKesari

“Nikezani bonke okubafaneleyo.”—ROMA 13:7.

1, 2. (a) NgokukaJesu, amaKristu kufanele azilinganise kanjani izibopho zawo kuNkulunkulu nakuKesari? (b) Yini oFakazi BakaJehova abayikhathalela kuqala?

NGOKUKAJESU, kunezinto esizikweleta uNkulunkulu nezinto esizikweleta uKesari, noma uMbuso. UJesu wathi: “Buyiselani izinto zikaKesari kuKesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.” Ngalamazwi ambalwa, wakhungathekisa izitha zakhe wayesebeka kahle ngamafuphi isimo sengqondo esinokulinganisela okumelwe sibe naso ebuhlotsheni bethu noNkulunkulu nasekusebenzelaneni kwethu noMbuso. Akumangalisi ukuthi izilaleli zakhe ‘zaqala ukumangala ngaye’!—Marku 12:17.

2 Yiqiniso, into yokuqala izinceku zikaJehova eziyikhathalelayo ukubuyisela izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu. (IHubo 116:12-14) Nokho, lapho zenza kanjalo azikhohlwa ukuthi uJesu wathi kumelwe zinikeze uKesari izinto ezithile. Onembeza bazo abaqeqeshwe ngeBhayibheli bafuna ukuba zikucabangele ngomthandazo ukuthi zingakubuyisela ngezinga elingakanani okufunwa uKesari. (Roma 13:7) Ezikhathini zanamuhla, abahluleli abaningi baye baqaphela ukuthi amandla kahulumeni anemingcele nokuthi abantu nohulumeni yonke indawo baboshwa umthetho wemvelo.

3, 4. Yiziphi izinto ezithakazelisayo eziye zashiwo ngomthetho wemvelo, umthetho owambuliwe, nomthetho wabantu?

3 Umphostoli uPawulu wabhekisela kulomthetho wemvelo lapho ebhala ngabantu bezwe: “Lokho okungase kwaziwe ngoNkulunkulu kuyabonakala phakathi kwabo, ngoba uNkulunkulu wakwenza kwabonakala kubo. Ngoba izimfanelo zakhe ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe, kangangokuthi abanazaba.” Uma bengawulalela, umthetho wemvelo uyoshukumisa ngisho nonembeza balabantu abangakholwa. Ngakho, uPawulu waqhubeka wathi: “Noma nini lapho abantu bezizwe abangenawo umthetho benza ngokwemvelo izinto zomthetho, lababantu, nakuba bengenawo umthetho, bangumthetho kubo ngokwabo. Yibo kanye ababonisa ukuthi ingqikithi yomthetho ilotshiwe ezinhliziyweni zabo, lapho unembeza wabo ufakazelana nabo.”—Roma 1:19, 20; 2:14, 15.

4 Ekhulwini le-18, umahluleli owaziwayo oyiNgisi uWilliam Blackstone wabhala: “Lomthetho wemvelo, njengoba untanga-nye nesintu [ubulokhu ukhona kusukela saba khona] futhi umiswe uNkulunkulu uqobo, ubopha ngaphezu kwanoma yimuphi omunye, njengoba kulindelekile. Ubopha imbulunga yonke, kuwo wonke amazwe, nangazo zonke izikhathi: akukho mithetho yabantu esebenzayo, uma iphambene nalo.” UBlackstone waqhubeka wakhuluma “ngomthetho owambuliwe,” njengoba utholakala eBhayibhelini, wabe esephawula: “Yonke imithetho yabantu ixhomeke kulezi zisekelo ezimbili, umthetho wemvelo nomthetho owambuliwe; okusho ukuthi, akukho mithetho yabantu okufanele yenziwe [ivunyelwe] iphikisane nale.” Lokhu kuvumelana nalokho uJesu akusho ngoNkulunkulu noKesari, njengoba kulotshwe kuMarku 12:17. Ngokusobala, kunezici uNkulunkulu alinganisela kuzo lokho uKesari angakufuna kumKristu. ISanhedrin yaphaphalazela esicini esinjalo lapho iyala abaphostoli ukuba bayeke ukushumayela ngoJesu. Ngakho, abaphostoli basabela ngokufanele: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.”—IzEnzo 5:28, 29.

“Izinto ZikaNkulunkulu”

5, 6. (a) Ngenxa yokuzalwa koMbuso ngo-1914, yini amaKristu okufanele ahlale eyikhumbula? (b) UmKristu ubunikeza kanjani ubufakazi bokuthi uyisikhonzi?

5 Ikakhulukazi kusukela ngo-1914, lapho uJehova uNkulunkulu, uMninimandla onke, eqala ukubusa njengenkosi ngoMbuso kaKristu wobuMesiya, kuye kwadingeka ukuba amaKristu aqikelele ukuba anganikezi uKesari izinto zikaNkulunkulu. (IsAmbulo 11:15, 17) Kunanini ngaphambili, umthetho kaNkulunkulu manje ufuna ukuba amaKristu angabi “ingxenye yezwe.” (Johane 17:16) Njengoba ezinikezele kuNkulunkulu, uMniki-kuphila wawo, kumelwe abonise ngokucacile ukuthi awasewona awawo siqu. (IHubo 100:2, 3) Njengoba uPawulu abhala, “singabakaJehova.” (Roma 14:8) Ngaphezu kwalokho, lapho umKristu ebhapathizwa, umiswa njengesikhonzi sikaNkulunkulu, ukuze asho njengoPawulu: “UNkulunkulu . . . [usenze] sakufanelekela ngokwanele ukuba yizikhonzi.”—2 Korinte 3:5, 6.

6 Umphostoli uPawulu wabuye wabhala: “Ngikhazimulisa inkonzo yami.” (Roma 11:13) Ngokuqinisekile kufanele senze okufanayo. Kungakhathaliseki ukuthi sihlanganyela enkonzweni isikhathi esigcwele noma cha, sihlale sikhumbula ukuthi uJehova uqobo osabele enkonzweni yethu. (2 Korinte 2:17) Njengoba abanye bengase bakungabaze ukuma kwethu, ngamunye umKristu ozinikezele, wabhapathizwa kumelwe akulungele ukunikeza ubufakazi obucacile nobuqondile bokuthi uyisikhonzi sezindaba ezinhle ngempela. (1 Petru 3:15) Inkonzo yakhe kufanele ibonakale nasekuziphatheni kwakhe. Njengesikhonzi sikaNkulunkulu, umKristu kufanele asekele futhi aphile ngezimiso zokuziphatha ezihlanzekile, alondoloze ubunye bomkhaya, athembeke, futhi abonise inhlonipho ngomthetho nokuhleleka. (Roma 12:17, 18; 1 Thesalonika 5:15) Ubuhlobo bomKristu noNkulunkulu nenkonzo yakhe ayabelwe ngokwaphezulu yizinto ezibaluleke kakhulu ekuphileni kwakhe. Akanakuziyeka ngenxa yomyalo kaKesari. Ngokusobala, kufanele zibalwe kanye ‘nezinto zikaNkulunkulu.’

“Izinto ZikaKesari”

7. Liyini idumela loFakazi BakaJehova ngokukhokha izintela?

7 OFakazi BakaJehova bayazi ukuthi kumelwe ‘bazithobe emagunyeni aphakeme,’ ababusi bohulumeni. (Roma 13:1) Ngakho, lapho uKesari, uMbuso, efuna izinto ezifanele, onembeza babo abaqeqeshwe ngeBhayibheli bayabavumela ukuba bahlangabezane nalezi zimfuno. Ngokwesibonelo, amaKristu eqiniso aphakathi kwabakhokhi bentela abayisibonelo emhlabeni. EJalimane iphephandaba i-Münchner Merkur lathi ngoFakazi BakaJehova: “Bangabakhokhi bentela abathembeke kunabo bonke nabayiletha ngesikhathi ukudlula bonke eFederal Republic.” E-Italy iphephandaba i-Stampa laphawula: “[OFakazi BakaJehova] bayizakhamuzi ezithembeke kunazo zonke noma ubani angafisa ukuba nazo: abazibalekeli izintela noma bafune ukugwema imithetho engathandeki ukuze kuzuze bona.” Izinceku zikaJehova lokhu zikwenza ‘ngenxa kanembeza wazo.’—Roma 13:5, 6.

8. Ingabe esikukweleta uKesari kugcina ezinteleni zemali?

8 Ingabe “izinto zikaKesari” zigcina ekukhokheni izintela? Cha. UPawulu wabala ezinye izinto, njengokwesaba nodumo. Kuyi-Critical and Exegetical Hand-Book to the Gospel of Matthew yaso, isazi esingumJalimane uHeinrich Meyer sabhala: “Uma kukhulunywa [ngezinto zikaKesari] . . . akumelwe sicabange nje ngentela yombuso, kodwa ngakho konke okufanele uKesari ngenxa yokubusa okufanele.” Isazi-mlando u-E. W. Barnes, encwadini yaso ethi The Rise of Christianity, saphawula ukuthi umKristu wayekhokha izintela okufanele azikhokhe futhi “amukele ngokufanayo zonke ezinye izibopho zoMbuso, uma nje kungadingeki anikeze uKesari izinto zikaNkulunkulu.”

9, 10. Yikuphi ukungaqiniseki umKristu angase abe nakho ngokubuyisela kuKesari okumfanele, kodwa yimaphi amaqiniso okufanele akhunjulwe?

9 Yiziphi izinto uMbuso ongase uzifune ngaphandle kokweqela ezintweni zikaNkulunkulu? Abanye baye baba nomuzwa wokuthi bangamnikeza uKesari imali yezintela ngokufanelekile kodwa kugcine lapho. Ngokuqinisekile abazizwa bekhululekile ukunikeza uKesari noma yini engase ithathe isikhathi esingase sisetshenziselwe imisebenzi engokwasezulwini. Noma kunjalo, nakuba kuyiqiniso ukuthi kufanele ‘sithande uJehova uNkulunkulu wethu ngayo yonke inhliziyo yethu, umphefumulo, ingqondo nezikhwepha,’ uJehova ulindele ukuba sibe nesikhathi sokwenza ezinye izinto ezingeyona inkonzo engcwele. (Marku 12:30; Filipi 3:3) Ngokwesibonelo, umKristu oshadile welulekwa ukuba abe nesikhathi azosinikela ekujabuliseni umngane wakhe womshado. Imisebenzi enjalo ayimibi, kodwa umphostoli uPawulu uthi ‘yizinto zezwe’ hhayi ‘izinto zeNkosi.’—1 Korinte 7:32-34; qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 5:8.

10 Ngaphezu kwalokho, uKristu wagunyaza abalandeli bakhe ukuba ‘babuyisele’ izintela, futhi ngokuqinisekile lokhu kuhilela ukusebenzisa isikhathi esinikezelwe kuJehova—kwazise ukuphila kwethu konke kunikezelwe ngalendlela. Uma isilinganiso sentela ezweni elithile singamaphesenti angu-33 omholo (singaphezu kwalokho kwamanye amazwe), lokhu kusho ukuthi unyaka ngamunye isisebenzi sikhokhela uMnyango Wezimali WoMbuso umholo wezinyanga ezine. Uma sikubeka ngenye indlela, mhla siyeka ukusebenza, isisebenzi esivamile siyobe sisebenze iminyaka engaba ngu-15 sihola imali eyintela efunwa “uKesari.” Cabanga nangendaba yesikole. Emazweni amaningi umthetho ufuna ukuba abazali bafake abantwana babo esikoleni iminyaka ethile. Inani leminyaka yokufunda alifani emazweni ngamazwe. Ezindaweni eziningi liyisikhathi eside impela. Yiqiniso, ukufunda okunjalo ngokuvamile kuyazuzisa, kodwa uKesari onqumayo ukuthi ingxenye engakanani yokuphila komntwana okumelwe isetshenziswe ngalendlela, futhi abazali abangamaKristu benza ngokuvumelana naleso sinqumo sikaKesari.

Inkonzo Yezempi Ephoqelelwe

11, 12. (a) Iyiphi into efunwa uKesari emazweni amaningi? (b) AmaKristu okuqala ayibheka kanjani inkonzo yezempi?

11 Enye into efunwa uKesari kwamanye amazwe inkonzo yezempi ephoqelelwe. Ekhulwini lama-20, leli lungiselelo liye lamiswa amazwe amaningi ngezikhathi zempi, amanye nangezikhathi zokuthula. Eminyakeni eminingi eFrance, lesi sibopho sasibizwa ngokuthi intela yegazi, okusho ukuthi zonke izinsizwa kwakumelwe zizimisele ukudela ukuphila kwazo ngenxa yoMbuso. Ingabe lokhu kungokuthile labo abazinikezele kuJehova abangakunikela ngonembeza okhululekile? AmaKristu ekhulu lokuqala ayibheka kanjani lendaba?

12 Nakuba amaKristu okuqala impela ayezama ukuba yizakhamuzi ezikahle, ukholo lwawo lwaluwavimba ukuba abulale noma adele ukuphila kwawo ngenxa yoMbuso. I-Encyclopedia of Religion ithi: “Obaba bokuqala besonto, kuhlanganise noTertullian no-Origen, bakufakazela ukuthi amaKristu ayephoqwa ukuba abulale, okuyisimiso esasiwavimba ukuba ahlanganyele ebuthweni laseRoma.” Encwadini yakhe ethi The Early Church and the World, uProfesa C. J. Cadoux uyabhala: “Okungenani kuze kube sekubuseni kukaMarcus Aurelius [161-180 C.E.], akukho mKristu owayeba isosha ngemva kokubhapathizwa kwakhe.”

13. Kungani abaningi kweLobukholwa bengabheki inkonzo yezempi njengoba amaKristu okuqala ayeyibheka?

13 Kungani amalungu amasonto eLobukholwa engabheki izinto ngalendlela namuhla? Ngenxa yoshintsho olukhulu olwenzeka ekhulwini lesine. Incwadi yamaKatolika ethi A History of the Christian Councils iyachaza: “AmaKristu amaningi, . . . ngaphansi kwababusi bamaqaba, ayenokungabaza okungokwenkolo uma kuziwa enkonzweni yezempi, futhi ayenqaba ngokuqiniseka ukuya empini, noma avele ashiye. UMkhandlu [wase-Arles, owahlangana ngo-314 C.E.], ucabangela izinguquko ezazenziwe uConstantine, wamisa umthetho owawuthi amaKristu kumelwe ahlanganyele empini, . . . ngoba iSonto linokuthula (in pace) ngaphansi kwesikhulu esinomusa kumaKristu.” Ngenxa yalokhu kulahlwa kwezimfundiso zikaJesu, kusukela ngaleso sikhathi kuze kube manje, abefundisi beLobukholwa baye bakhuthaza imihlambi yabo ukuba ikhonze emabuthweni ezizwe, nakuba abanye abantu beye bathatha ukuma kokuba abenqaba ngenxa kanembeza.

14, 15. (a) Kungaziphi izizathu amaKristu kwezinye izindawo efuna ilungelo lokukhululwa ekwenzeni inkonzo yezempi? (b) Lapho ukukhululwa kungekho khona, yiziphi izimiso ezingokomBhalo eziyosiza umKristu ukuba enze isinqumo esifanele endabeni yenkonzo yezempi?

14 Ingabe amaKristu namuhla abophekile ukuba alandele iningi kulendaba? Cha. Uma umKristu ozinikezele, wabhapathizwa, ehlala ezweni lapho izikhonzi zenkolo (ministers) zikhululwa khona ekwenzeni inkonzo yezempi, angenza ukuba alithole leli lungiselelo, ngoba eqinisweni uyisikhonzi (minister). (2 Thimothewu 4:5) Amazwe amaningi, kuhlanganise ne-United States ne-Australia, aye anikeza inkululeko enjalo ngisho nangesikhathi sempi. Futhi phakathi nesikhathi sokuthula, emazweni amaningi okwenziwa kuwo inkonzo yezempi ephoqelelwe, oFakazi BakaJehova, njengezikhonzi zenkolo, banikezwa leyo nkululeko. Ngenxa yalokho, bangaqhubeka besiza abantu ngenkonzo yabo yasobala.

15 Nokho, kuthiwani uma umKristu ehlala ezweni lapho izikhonzi zenkolo zingayinikezwa khona leyo nkululeko? Khona-ke kuyodingeka enze isinqumo somuntu siqu elalela unembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli. (Galathiya 6:5) Njengoba eqaphela igunya likaKesari, uyocabangisisa ngokucophelela ukuthi yini ayikweleta uJehova. (IHubo 36:9; 116:12-14; IzEnzo 17:28) UmKristu uyokhumbula ukuthi uphawu lomKristu weqiniso uthando ngabo bonke akholwa nabo, ngisho nalabo abahlala kwamanye amazwe noma labo abangabezinye izizwe. (Johane 13:34, 35; 1 Petru 2:17) Ngaphezu kwalokho, ngeke akhohlwe izimiso ezingokomBhalo ezitholakala emibhalweni enjengo-Isaya 2:2-4; Mathewu 26:52; Roma 12:18; 14:19; 2 Korinte 10:4; namaHeberu 12:14.

Inkonzo Yokusebenzela Uhulumeni

16. Kwamanye amazwe, iyiphi inkonzo engahlangene nempi uKesari ayifuna kulabo abenqaba inkonzo yezempi?

16 Nokho, kunamazwe lapho uMbuso, nakuba ungazikhululi izikhonzi zenkolo, kodwa uvume ukuba abanye abantu benqabe inkonzo yempi. Amaningi alamazwe enza ilungiselelo lokuba abantu abanjalo abenqaba ngenxa kanembeza bangaphoqelelwa ukuba benze inkonzo yezempi. Kwezinye izindawo inkonzo efunekayo yokusebenzela uhulumeni, njengomsebenzi owusizo emphakathini, ibhekwa njengenkonzo yesizwe engeyona eyempi. Ingabe umKristu ozinikezele angayenza inkonzo enjalo? Nalapha, umKristu ozinikezele, wabhapathizwa, kuyodingeka azenzele isinqumo sakhe siqu esisekelwe kunembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli.

17. Ingabe sikhona isibonelo eBhayibhelini senkonzo yokusebenzela uhulumeni engeyona eyempi?

17 Kubonakala sengathi inkonzo ephoqelelwe yayenziwa ngezikhathi zeBhayibheli. Enye incwadi yomlando ithi: “Ngaphandle kwezintela nezinkokhelo ezazithathwa kubantu baseJudiya, kwakukhona ne-corvée [umsebenzi ongakhokhelwa ofunwa iziphathimandla zomphakathi]. Leli kwakuyilungiselelo lasendulo eMpumalanga, elaqhubeka lisetshenziswa iziphathimandla zaseGreece nezaseRoma. . . . NeTestamente Elisha libhekisela ezibonelweni ze-corvée eJudiya, okubonisa indlela eyayisakazeke ngayo. Ngokuvumelana naleli siko, amasosha acindezela uSimoni waseKhurene ukuba athwale isiphambano [isigxobo sokuhlushwa] sikaJesu (Mathewu 5:41; 27:32; Marku 15:21; Luka 23:26).”

18. Yiziphi izinhlobo zomsebenzi womphakathi ongahlangene nempi kanye nenkolo, oFakazi BakaJehova ngokuvamile abaye bahambisana nawo?

18 Ngokufanayo, kwamanye amazwe namuhla uMbuso noma iziphathimandla zendawo zifuna ukuba izakhamuzi zihlanganyele ezinhlotsheni ezihlukahlukene zenkonzo yomphakathi. Ngezinye izikhathi lenkonzo iba eyomsebenzi othile, njengokumba imithombo noma ukwakha imigwaqo; ngezinye izikhathi yenziwa njalo, njengokuhlanganyela masonto onke ekucoceni imigwaqo, izikole, noma izibhedlela. Lapho inkonzo enjalo yokusebenzela uhulumeni izuzisa umphakathi futhi ingahlangene nenkolo yamanga noma ngandlela-thile ingamelene nonembeza boFakazi BakaJehova, ngokuvamile baye bavuma ukuyenza. (1 Petru 2:13-15) Ngokuvamile lokhu kuye kwaphumela ebufakazini obuhle futhi ngezinye izikhathi kwavala imilomo yalabo abamangalela oFakazi ngamanga ngokuthi balwa nohulumeni.—Qhathanisa noMathewu 10:18.

19. Kufanele enze njani umKristu lapho uKesari emcela ukuba okwesikhathi esithile enze inkonzo yesizwe engeyona eyempi?

19 Nokho, kuthiwani uma uMbuso ufuna ukuba okwesikhathi esithile umKristu enze inkonzo yokusebenzela uhulumeni eyingxenye yenkonzo yesizwe ngaphansi kwabaphathi abasebenzela uhulumeni? Nakulokhu, amaKristu kumelwe azenzele isinqumo sawo siqu esisekelwe kunembeza ofundisiwe. “Sonke siyokuma phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu.” (Roma 14:10) AmaKristu abhekene nemfuneko kaKesari kufanele ahlole indaba ngemva komthandazo futhi azindle ngayo.a Kungase kube ukuhlakanipha futhi ukuxoxa namaKristu avuthiwe ebandleni ngalendaba. Ngemva kwalokhu kumelwe kwenziwe isinqumo somuntu siqu.—IzAga 2:1-5; Filipi 4:5.

20. Yimiphi imibuzo nezimiso ezingokomBhalo ezisiza umKristu ukuba acabangele indaba yenkonzo yesizwe yokusebenzela uhulumeni engeyona eyempi?

20 Njengoba enza lokho kucwaninga, amaKristu ayocabangela izimiso zeBhayibheli ezimbalwa. UPawulu wathi kumelwe ‘silalele ohulumeni neziphathimandla njengababusi, silungele yonke imisebenzi emihle, sibe nengqondo, sibonisa bonke ubumnene kubantu bonke.’ (Thithu 3:1, 2) Ngesikhathi esifanayo, amaKristu ayokwenza kahle ukucwaninga ngomsebenzi ohlongozwayo wokusebenzela uhulumeni. Uma ewamukela, ingabe ayokwazi ukulondoloza ukungathathi-hlangothi kobuKristu? (Mika 4:3, 5; Johane 17:16) Ingabe kuyowenza ahileleke enkolweni yamanga? (IsAmbulo 18:4, 20, 21) Ingabe ukuwenza kuyovimbela noma kukulinganisele kakhulu ukufeza kwawo imithwalo yawo yemfanelo yobuKristu? (Mathewu 24:14; Heberu 10:24, 25) Ngakolunye uhlangothi, ingabe ayokwazi ukuqhubeka ethuthuka ngokomoya, mhlawumbe ahlanganyele ngisho nasenkonzweni yesikhathi esigcwele ngesikhathi enza inkonzo yawo efunekayo?—Heberu 6:11, 12.

21. Kungakhathaliseki ukuthi isinqumo sakhe siyini, ibandla kufanele limbheke kanjani umzalwane obhekene nendaba yenkonzo yesizwe yokusebenzela uhulumeni engeyona eyempi?

21 Kuthiwani uma izimpendulo eziqotho zomKristu emibuzweni enjalo ziholela ekubeni aphethe ngokuthi inkonzo yesizwe yokusebenzela uhulumeni ‘iwumsebenzi omuhle’ angawenza ngoba elalela iziphathimandla? Leso yisinqumo sakhe phambi kukaJehova. Abadala abamisiwe nabanye kufanele bawuhloniphe ngokugcwele unembeza walowo mzalwane futhi baqhubeke bembheka njengomKristu onokuma okuhle. Nokho, uma umKristu enomuzwa wokuthi akanakuyenza lenkonzo yokusebenzela uhulumeni, ukuma kwakhe nakho kufanele kuhlonishwe. Naye uyoqhubeka enokuma okuhle futhi kufanele asekelwe ngothando.—1 Korinte 10:29; 2 Korinte 1:24; 1 Petru 3:16.

22. Kungakhathaliseki ukuthi sibhekene nasiphi isimo, yini esiyoqhubeka siyenza?

22 NjengamaKristu ngeke siyeke ukunikeza “lowo ofuna udumo, udumo olunjalo.” (Roma 13:7) Siyohlonipha ukuhleleka okuhle futhi sifune ukuba yizakhamuzi ezinokuthula, nezigcina umthetho. (IHubo 34:14) Singase sithandaze nokuthandaza “ngokuphathelene namakhosi nabo bonke labo abasesikhundleni esiphakeme” lapho lamadoda kudingeka enze izinqumo ezithinta ukuphila nomsebenzi wethu wobuKristu. Ngenxa yokubuyisela kwethu izinto zikaKesari kuKesari, sethemba ukuthi “[siyoqhubeka] siphila ukuphila okuzolile nokunokuthula ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu okuphelele nokuthatha izinto ngokungathi sína.” (1 Thimothewu 2:1, 2) Ngaphezu kwakho konke, siyoqhubeka sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso njengowukuphela kwethemba lesintu, sibuyisela ngokucophelela izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka INqabayokulinda yesiNgisi ka-May 15, 1964, ikhasi 308, isigaba 21.

Ungachaza?

◻ Elinganisela ubuhlobo bakhe noKesari kanye noJehova, yini umKristu ayikhathalela kuqala?

◻ Yini esiyikweleta uJehova esingeke nanini siyinike uKesari?

◻ Yiziphi ezinye zezinto esizibuyisela kuKesari kufanele?

◻ Yimiphi imibhalo esisiza ukuba senze isinqumo esiqondile endabeni yenkonzo yezempi ephoqelelwe?

◻ Yiziphi izinto okumelwe sizikhumbule uma kuthiwa masenze inkonzo yesizwe yokusebenzela uhulumeni engeyona eyempi?

◻ Ngokuqondene noJehova noKesari, yini esiqhubeka siyenza?

[Isithombe ekhasini 16, 17]

Abaphostoli batshela iSanhedrin: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela