Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 4/15 k. 30
  • Ingabe Uyakhumbula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakhumbula?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubhekana Nenselele Yokwethembeka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Imfundo—Yisebenzisele Ukudumisa UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • “Wena Wedwa [Uqotho]”
    Sondela KuJehova
  • Bhekani Abathembekile!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 4/15 k. 30

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe uye wabathola bewusizo kuwe omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Khona-ke kungani ungahloli inkumbulo yakho ngemibuzo elandelayo:

◻ Yisiphi isifundo esingasifunda ekuweni kwabakwa-Amoni? (Zefaniya 2:9, 10)

UJehova akakuthathi kalula ukubuyiselwa komusa wakhe ngenzondo, futhi ngesikhathi sakhe esifanele, uyophinda athathe isinyathelo, njengoba nje enza ezikhathini zasendulo. (Qhathanisa neHubo 2:6-12.)—12/15, ikhasi 10.

◻ Yiziphi izindlela amaKristu anokuthula ngazo?

Okokuqala, ‘anokuthula noNkulunkulu ngeNkosi yawo uJesu Kristu.’ (Roma 5:1) Okwesibili, anokuthula phakathi kwawo ngokuhlakulela ‘ukuhlakanipha okuvela phezulu, okokuqala okumsulwa, bese kuba nokuthula.’ (Jakobe 3:17)—1/1, ikhasi 11.

◻ Yiziphi ezinye zezinto iZwi likaNkulunkulu elifaniswa nazo, futhi lokhu kusisiza kanjani?

IZwi likaNkulunkulu lifaniswa nobisi olunomsoco, ukudla okuqinile, amanzi aqabulayo nahlanzayo, isibuko, nanenkemba ebukhali. Ukuqonda lokho okushiwo yilamazwi kusiza isikhonzi ukuba sisebenzise iBhayibheli ngekhono.—1/1, ikhasi 29.

◻ Yini imfundo yezwe elinganiselwe okufanele isisize ukuba siyenze?

Ukufunda kahle, ukubhala ngokucacile, ukukhula ngokwengqondo nangokokuziphatha, nokuqeqeshelwa imisebenzi edingekayo ekuphileni kwansuku zonke nokuphumelela enkonzweni engcwele.—2/1, ikhasi 10.

◻ Isiphi isifundo esiwusizo ngokuqondene nemfundo esingasifunda kuJesu?

Imfundo akufanele isetshenziselwe ukuzidumisa thina ngokwethu, kodwa kufanele isetshenziselwe ukuletha udumo kuMfundisi omkhulu kunabo bonke, uJehova uNkulunkulu. (Johane 7:18)—2/1, ikhasi 10.

◻ Uyini uMbuso kaNkulunkulu?

UMbuso uwuhulumeni wasezulwini omiswe ngokwaphezulu obangela ukuba kwenzeke intando kaNkulunkulu yokuqeda imiphumela yesono nokufa futhi ubuyisele izimo zokulunga emhlabeni. (Daniyeli 2:44; IsAmbulo 11:15; 12:10)—2/1, ikhasi 16.

◻ IBhayibheli liyinikeza kanjani imfundo edingekayo ukuze ubudlova buqedwe phakade?

NgeZwi lakhe, iBhayibheli, uJehova ufundisa abantu ukuthanda ukuthula nokulunga. (Isaya 48:17, 18) IZwi likaNkulunkulu linamandla okufinyelela nokuthinta inhliziyo yomuntu, lishintshe ukucabanga nokuziphatha kwakhe. (Heberu 4:12)—2/15, ikhasi 6.

◻ Kungashiwo kanjani ukuthi isiprofetho sika-Isaya isahluko 35 sinokugcwaliseka okuthathu?

Isiprofetho sika-Isaya sagcwaliseka okokuqala lapho amaJuda ebuya ekuthunjweni eBabiloni ngo-537 B.C.E. Sinokugcwaliseka okungokomoya okuqhubekayo namuhla kusukela ekukhululweni kuka-Israyeli ongokomoya ekuthunjweni yiBabiloni Elikhulu. Futhi siyoba nokugcwaliseka kwesithathu ngokuphathelene nesiqinisekiso esingokweBhayibheli sezimo zepharadesi ezingokoqobo emhlabeni. (IHubo 37:10, 11; IsAmbulo 21:4, 5)—2/15, ikhasi 17.

◻ Isithakazelo sikaNkulunkulu somuntu siqu kubantu sabonakala kanjani ezimangalisweni ezenziwa iNdodana yakhe, uJesu?

Njengoba uJesu ‘engakwazi ukwenza ngisho nento eyodwa ngokusuka kuye siqu, kodwa kuphela lokho abona uYise ekwenza,’ ububele bakhe bunikeza umbono othinta inhliziyo wokukhathalela kukaJehova ngayinye yezinceku zakhe. (Johane 5:19)—3/1, ikhasi 5.

◻ Yini esikiselwa amazwi kaJesu athi ‘amathuna ayisikhumbuzo’ asetshenziswe kuJohane 5:28, 29?

Igama lesiGreki elithi mne·mei’on (ithuna eliyisikhumbuzo) elisetshenziswe lapha lisikisela ukuthi uJehova ukhumbula umlando womuntu oye wafa, kuhlanganise nezici zakhe zofuzo nenkumbulo yakhe ephelele. Lokhu kunikeza ubufakazi obunamandla bokuthi uNkulunkulu ukhathalela abantu ngabanye!—3/1, ikhasi 6.

◻ Isiphi isigijimi esiyisixwayiso esisesiprofethweni sikaZefaniya esiwusizo olungokoqobo kithi?

Lesi akusona isikhathi sokuvumela ukungabaza kwakheke ezinhliziyweni zethu bese sikuhlehlisa ezingqondweni zethu ukufika kosuku lukaJehova. Futhi, kufanele siqaphele imiphumela ethena amandla yokunganaki. (Zefaniya 1:12, 13; 3:8)—3/1, ikhasi 17.

◻ Kungani ukwethembeka kuNkulunkulu kuyinselele?

Ngoba ukwethembeka kuphambana nokuthambekela kobugovu esikuzuze njengefa kubazali bethu. (Genesise 8:21; Roma 7:19) Okubaluleke nakakhulu, uSathane namademoni akhe bazimisele ukusenza singathembeki kuNkulunkulu. (Efesu 6:12; 1 Petru 5:8)—3/15, ikhasi 10.

◻ Kukuziphi izici ezine okumelwe sibhekane kuzo nenselele yokwethembeka, futhi yini ezosisiza ukuba senze kanjalo?

Izici ezine ziwukwethembeka kuJehova, enhlanganweni yakhe, ebandleni, nakwesishade nabo. Okunye okungasiza ekubhekaneni nalezi zinselele ukuqaphela ukuthi inselele yokwethembeka ihlobene nokulwelwa kobukhosi bukaJehova.—3/15, ikhasi 20.

◻ Isiphi isifundo esingasifunda kokuhlangenwe nakho kukaDavide lapho ezama ukuletha umphongolo wesivumelwano eJerusalema? (2 Samuweli 6:2-7)

UDavide wazishaya indiva iziyalezo uJehova ayezinikezile ngokuqondene nokuphathwa koMphongolo, futhi lokhu kwaletha inhlekelele. Isifundo siwukuthi akufanele nanini sisole uJehova ngezinkinga ezidalekayo lapho singazinaki iziyalezo zakhe ezicacile. (IzAga 19:3)—4/1, amakhasi 28, 29.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela