Indlela Abelusi AbangamaKristu Abakukhonza Ngayo
EZINDAWENI eziningi ungakwazi ukuqaphela indlela abelusi abanakekela ngayo umhlambi. Bahola izimvu, bazivikele, futhi bazondle. Lokhu kuyabathakazelisa abadala abangamaKristu, njengoba umsebenzi wabo uhlanganisa nemisebenzi yokwalusa. Ngempela, kuwumthwalo wabo wemfanelo ‘ukwalusa ibandla likaNkulunkulu’ ‘nokunaka wonke umhlambi.’—IzEnzo 20:28.
Uma uyilungu lebandla lobuKristu, abelusi abangokomoya bangakukhonza kanjani? Futhi kufanele usabele kanjani emizamweni abayenzayo ngenxa yakho? Kungani ibandla lidinga usizo lwabo?
Ukuvikelwa Kuphi?
Ezikhathini zasendulo izingonyama nezinye izilwane zasendle zazenza imihlambi ibe sengozini futhi zidla izimvu ezihamba zodwa. Abelusi kwakudingeka banikeze isivikelo. (1 Samuweli 17:34, 35) NoSathane uDeveli ‘uhambahamba njengengonyama ebhongayo, efuna ukushwabadela othile.’ (1 Petru 5:8) Akalwi ngolaka nenhlangano kaJehova yasemhlabeni iyonke nje kuphela kodwa futhi ulwa nenceku kaNkulunkulu ngayinye. Uyini umgomo kaSathane? Ufuna ukudumaza abantu bakaJehova ngisho nokubavimbela ukuba ‘bagcine imiyalo kaNkulunkulu’ futhi benze ‘umsebenzi wokufakaza ngoJesu.’—IsAmbulo 12:17.
UJehova wamangalela abelusi bakahulumeni kwa-Israyeli wasendulo ngokuthi babenganaki ngoba izimvu zakhe zazibe “ukudla kwazo zonke izilwane zasendle.” (Hezekeli 34:8) Nokho, abadala abangamaKristu banesifiso esisuka enhliziyweni sokuvikela labo abasebandleni ukuze kungabikho noyedwa olahlekayo ngenxa yokunganaki noma ngenxa yethonya likaSathane, izwe, noma “izimpisi” eziyizihlubuki. (IzEnzo 20:29, 30) Abelusi bawasiza kanjani wonke amalungu omhlambi ukuba ahlale esangulukile futhi elindile? Enye indlela iwukunikeza izinkulumo ezingokomBhalo ezilungiselelwe kahle endaweni yesikhulumi eHholo LoMbuso. Enye iwukuba nezingxoxo ezinhle ezikhuthazayo ngaphambi nangemva kwemihlangano. Kanti enye indlela ephumelelayo iwukuzivakashela ngokoqobo “izimvu” ekhaya. (Qhathanisa neHubo 95:7.) Kodwa kuyini ukuhambela kokwalusa? Kufanele kwenziwe kanjani ukuhambela okunjalo? Futhi obani okufanele bahanjelwe?
Kuyini Ukuhambela Kokwalusa?
Ukuhambela kokwalusa akukhona nje ukuvakasha kobungane lapho kuxoxwa khona ngezinto ezingasho lutho. Omunye umdala waphawula: “Abamemezeli abaningi bakujabulela kakhulu ukufunda umbhalo noma ukuxoxa ngomuntu othile oseBhayibhelini. Yiqiniso, akubi umdala kuphela okhulumayo. Ummemezeli woMbuso ohanjelwe ngokuvamile uyakujabulela ukusho akucabangayo ngeBhayibheli, futhi ukwenza kanjalo kuqinisa ukholo lwakhe siqu. Umdala angase eze ne-Nqabayokulinda noma i-Phaphama! ukuze axoxe ngesihloko esithile esakhayo. Mhlawumbe yilengxoxo engokomoya eyenza umehluko phakathi kokuhambela kokwalusa nokuvakasha kobungane.”
Omunye umdala onokuhlangenwe nakho waphawula: “Ngaphambi kokuhambela, umdala uchitha isikhathi esithile ecabanga ngommemezeli azomhambela. Yini engakha lommemezeli? Ukutusa okuqotho kuyingxenye eyinhloko yokuhambela kokwalusa, ngoba kuqinisa umuntu ukuba akhuthazele.” Yebo, ukuhambela kokwalusa akukhona nje ukuvakasha kobungane okungenziwa yinoma ubani ebandleni.
Kungani Umalusi Ekuhambela?
Lapho umdala ehambela ikhaya, usuke elungele ukukhuthaza akholwa nabo nokubasiza ukuba baqine okholweni. (Roma 1:11) Ngakho lapho umdala oyedwa noma ababili befisa ukukuhambela, usabela kanjani? Omunye umbonisi ojikelezayo wathi: “Uma ukuhambela kokwalusa kwenziwa kuphela lapho kukhona okungahambi kahle, ukusabela kokuqala ekuhambeleni okuhlelwayo kungase kube ukuthi, ‘Sengenzeni?’” Abelusi abangokomoya abanothando balingisa uJehova, owanakekela umhubi futhi ‘wabuyisa umphefumulo wakhe’ ngaso sonke isikhathi, ikakhulukazi ngezikhathi zokucindezeleka nesidingo esikhethekile.—IHubo 23:1-4.
Injongo yokuhambela kokwalusa ‘ukwakha hhayi ukudiliza.’ (2 Korinte 13:10) Amazwi okwazisa ngokukhuthazela, intshiseko, nomsebenzi wokwethembeka walowo ohanjelwe, ayakhuthaza ngempela. Omunye umdala waphawula: “Lapho wenza ukuhambela kokwalusa, akukuhle ukunikeza umbono wokuthi uze ngenjongo yokuthola nokuxoxa ngezinkinga. Yebo, ummemezeli ngokwakhe angase afune ukuxoxa ngenkinga ethile. Futhi uma imvu ixhuga noma izahlukanisa emhlanjini, umdala kudingeka enze okuthile ukuze asize.”
Ngokungangabazeki abelusi abangamaKristu bayonakekela ngokukhethekile noma yibaphi abanjengezimvu ezichazwe ngalamazwi: “Ngiyakufuna ezilahlekileyo [mina Jehova], ngibuyise ezixoshiweyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo.” (Hezekeli 34:16) Yebo, kungase kudingeke ukuba izimvu zifunwe, zibuyiswe, ziboshwe, noma ziqiniswe. Abelusi abangama-Israyeli bayidebeselela lemithwalo yemfanelo. Ukwenza lomsebenzi kudinga ukuba umalusi asondele emvwini ethile abese enakekela izidingo zayo. Ngokuyisisekelo, lokhu kufanele kube isici esihlukanisayo sokuhambela kokwalusa ngakunye okwenziwa namuhla.
Izimvu Ezinempilo Ziyakudinga Ukunakekelwa
Ingabe kufanele siphethe ngokuthi abelusi abangokomoya bosuku lwanamuhla akudingekile bazinake kakhulu izimvu ezinempilo? Uma imvu engokoqobo ingena enkathazweni, kulula ukuyisiza uma imethemba umalusi. Incwadi ethile iphawula ukuthi “ngokwemvelo izimvu ziyabesaba abantu, futhi akulula ngaso sonke isikhathi ukuzenza zikwethembe.” Phakathi kwezinye izinto, lencwadi efanayo isikisela lesi siqondiso esiyisisekelo ukuze wenze izimvu zikwethembe: “Khuluma njalo nalezi zilwane. Ziyalijwayela iphimbo, eliziqinisekisayo. Vama ukuyovakashela izimvu edlelweni.”—Alles für das Schaf. Handbuch für die artgerechte Haltung (Konke Okuphathelene Nezimvu. Incwadi Echaza Indlela Okufanele Zinakekelwe Kahle Ngayo).
Ngakho-ke ukuxhumana okuqondile kudingekile ukuze kube khona ukwethembana phakathi kukamalusi nezimvu. Kungokufanayo nasebandleni lobuKristu. Omunye umdala waphawula: “Ukwaziwa njengomdala ovakashela izimvu njalo ebandleni kwenza kube lula ukuhambela imvu enezinkinga.” Ngakho, abelusi abangokomoya akufanele bazame ukondla nokunakekela izimvu eHholo LoMbuso kuphela. Ngezinga izimo ezibavumela ngalo, abadala kufanele bazazi izimvu ngokwenza ukuhambela kokwalusa emakhaya azo. Omunye umKristu ukhumbula ukuthi lapho esanda kumiswa njengomdala, umbonisi owengamele wamshayela ucingo emcela ukuba avakashele umzalwane owayesanda kushonelwa indodakazi yakhe engozini yomgwaqo ehlasimulisayo futhi amduduze. Lomdala uyavuma: “Yeka indlela engazizwa nginamahloni ngayo, njengoba ngangingakaze ngiye kulomzalwane futhi ngingazi ngisho nokuthi uhlalaphi! Ngakhululeka lapho umdala ovuthiwe ecela ukuhamba nami.” Yebo, abadala bayasizana ekuhambeleni kokwalusa.
Lapho elungiselela futhi enza okunye kokuhambela kokwalusa, umdala angabambisana nenceku ekhonzayo ezama ukufinyelela “umsebenzi omuhle” wombonisi. (1 Thimothewu 3:1, 13) Yeka ukuthi inceku ekhonzayo ikwazisa kangakanani ukubona indlela umdala akhonza ngayo izimvu ekuhambeleni kokwalusa! Ngaleyo ndlela abadala nezinceku ezikhonzayo basondelana nabo bonke ebandleni, beqinisa izibopho zothando nobunye bobuKristu.—Kolose 3:14.
Ukuhlela Isikhathi Sokuhambela Kokwalusa
Lapho enye indikimba yabadala ishiyela ukuhambela kokwalusa kubaqhubi beZifundo Zencwadi Zebandla, abamemezeli basemaqenjini athile babehanjelwa bonke phakathi nezinyanga eziyisithupha, kuyilapho abakwamanye amaqembu babengahanjelwa nhlobo. Lokhu kwashukumisela umdala othile ukuba athi: “Kubonakala sengathi abanye abadala bathatha isinyathelo kuqala benze umsebenzi wokwalusa kaningi, kodwa abanye badinga isikhuthazo sabadala abakanye nabo ukuze benze kanjalo.” Ngakho ezinye izindikimba zabadala zenza amalungiselelo okuba bonke abamemezeli bahanjelwe abelusi phakathi nesikhathi esithile esinqunyiwe.
Yebo, umdala nanoma imuphi omunye ummemezeli angavakashela othile ebandleni ngaphandle kokulindela ukuba kwenziwe amalungiselelo akhethekile. Ngaphambi kokuba enze ukuhambela kokwalusa, omunye umdala ushaya ucingo abese ethi, “Ngihambela umkhaya owodwa inyanga ngayinye. Nginganivakashela yini isikhathi esingangehora ngenyanga ezayo? Isiphi isikhathi esinganilungela?”
Izibusiso Zokuhambela Kokwalusa
Njengoba ukucindezela kwalesi simiso esibi kuqhubeka kwanda, ukuhambela okukhuthazayo kwabelusi abaqondayo kuzuzisa kakhulu kunanini ngaphambili. Lapho bonke abasemhlanjini benikezwa isikhuthazo nosizo ngokuhambela kokwalusa, imvu ngayinye izizwa iphephile futhi ilondekile.
Ngokuqondene nebandla lapho abamemezeli boMbuso babehanjelwa khona njalo, kwabikwa: “Abamemezeli baba nombono oqondile ngokuhambela kokwalusa. Kwakuvamile ukuba ummemezeli aye komunye wabadala ambuze ukuthi uzophinde amhambele nini futhi, njengoba ayezijabulele izingxoxo ezakhayo ekuhambeleni okudlule. Ukuhambela kokwalusa kwakungesinye isici esasiza ekuthuthukiseni umoya webandla.” Eminye imibiko ibonisa ukuthi lapho abelusi bekhonza ngothando ngalendlela, ibandla lingakhula ekubeni nothando, ubunye, nemfudumalo. Yeka isibusiso!
Abelusi abangamaKristu benza ukuhambela ukuze bathuthukise inhlalakahle engokomoya yezimvu. Abadala bafuna ukukhuthaza nokuqinisa abakholwa nabo. Uma phakathi nokuhambela kuvela inkinga engathi sína edinga iseluleko, kungase kube ngcono ukwenza amalungiselelo okuxoxa ngesinye isikhathi, ikakhulukazi uma umdala ehamba nenceku ekhonzayo. Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi, umthandazo wokuphetha ukuhambela kokwalusa uyafaneleka.
Ingabe umalusi ongokomoya ufuna ukukuhambela ekhaya esikhathini esiseduze esizayo? Uma kunjalo, silindele ngenjabulo isikhuthazo ozosithola. Uzokukhonza futhi akuqinise esinqumweni sakho sokuhlala endleleni eholela ekuphileni okumi phakade.—Mathewu 7:13, 14.
[Ibhokisi ekhasini 26]
Indlela Yokwenza Ukuhambela Kokwalusa
◻ Beka isikhathi: Ngokuvamile kuhle ukubeka isikhathi. Uma umdala ehlela ukusingatha inkinga engathi sína, kuyoba kuhle ukwazisa ummemezeli ngalokhu ngaphambi kwesikhathi.
◻ Ukulungiselela: Cabangela ubuntu nesimo somuntu. Nikeza ukutusa okusuka enhliziyweni. Kwenze umgomo wakho ukudlulisela “isipho esingokomoya” esikhuthazayo, esiqinisa ukholo.—Roma 1:11, 12.
◻ Ubani okufanele uhambe naye: Omunye umdala noma inceku ekhonzayo efanelekayo.
◻ Phakathi nokuhambela: Umdala kufanele akhululeke, abe nothando, nombono oqondile, futhi avumelane nezimo. Buza ngomkhaya, inhlalakahle yawo, nokunye. Lalela ngokucophelela. Uma kuvela izinkinga ezingathi sína, kungase kube ngcono ukuhlela ukuhambela kokwalusa okukhethekile.
◻ Ubude besikhathi sokuhambela: Namathela esikhathini okuvunyelwene ngaso, futhi uhambe lapho omvakashele esakujabulela ukuhanjelwa.
◻ Ukuphetha ukuhambela: Umthandazo uyafaneleka futhi waziswa ngempela.—Filipi 4:6, 7.
[Isithombe ekhasini 24]
Abelusi abangamaKristu banikeza isivikelo esingokomoya
[Izithombe ekhasini 26]
Ukuhambela kokwalusa kunikeza amathuba amahle okunikeza isikhuthazo esingokomoya