Ungayicebisa Kanjani Imithandazo Yakho?
UMTHANDAZO uyingqayizivele phakathi kwezipho zothando ezivela kuJehova uNkulunkulu. Abaphikisi bangase bakuphuce iBhayibheli lakho noma bakuvimbele ukuba uhlangane nabakhulekeli okanye nabo, kodwa akekho ongakuvimbela ukuba uthandaze. Umthandazo ubaluleke ngendlela engenakulinganiswa. Khona-ke, yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba ngamunye wethu alazise futhi alisebenzise ngokugcwele lelilungelo. Yini engakusiza ukuba ucebise imithandazo yakho?
IBhayibheli aliyona incwadi yemithandazo. Nokho, lingachazwa njengencwadi yesintu enkulu kunazo zonke ephathelene nemithandazo. ImiBhalo YesiHeberu iyodwa iqukethe imithandazo engaphezu kuka-150. Eminye mifushane; eminye mide. Yenziwa obala noma ngasese, yenziwa amakhosi noma abathunjwa, ngesikhathi sokunqoba noma sosizi. Njengoba uDavide ahlabelela kuyiHubo 65:2, “bonke abantu” baphendukela kuJehova, “ozwayo imikhuleko.” Kungani uNkulunkulu aphefumulela abalobi beBhayibheli ukuba babhale imithandazo eminingi kanjalo ehlukahlukene?
Ukuze kuphendulwe lowombuzo, cabangela eyesi-2 Thimothewu 3:16. Ithi: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo.” Ngakho, imithandazo eseBhayibhelini ilotshelwe ukuqondisa, njengoba kunjalo nangesiprofetho, izimiso, nomlando ongokomBhalo. Ingasizuzisa kanjani lemithandazo?
Ngokuhlolisisa imithandazo esemiBhalweni, singayibona leyo eyenziwa ezimweni ezifana nezethu. Singafunda indlela imithandazo ehluka ngayo ngenjongo nesimo. Ngaphezu kwalokho, siyothola izinkulumo ezintsha zokudumisa nokubonga futhi siyothola amagama aqabulayo okunxusa nezicelo zethu. Ngamafuphi, imithandazo eseBhayibhelini ingasisiza ukuba sicebise imithandazo yethu.
UMariya, owaba unina kaJesu, wayengumuntu cishe owayezuza ezinkulumweni ezazisetshenziswa emthandazweni olotshwe eBhayibhelini. Wavakashela isihlobo sakhe u-Elisabethe ngemva kokuba bobabili bekhulelwe amadodana ngosizo lwaphezulu. UMariya wadumisa futhi wabonga uNkulunkulu, futhi amanye amazwi awasho afana ngokuphawulekayo nalawo asemthandazweni osemiBhalweni YesiHeberu. Kubonakala sengathi uMariya wayejwayelene nomthandazo kaHana, unina kaSamuweli umprofethi. UHana naye wayekhulelwe indodana ngosizo lukaNkulunkulu, eminyakeni engaphezu kuka-1 000 ngaphambili. Kungenzeka yini ukuthi uMariya wazindla ngalomthandazo ngenxa yokuthi wawuveza imizwa yakhe?—1 Samuweli 2:1-10; Luka 1:46-55.
Kuthiwani ngawe? Ungawukhumbula yini umthandazo oseBhayibhelini owenziwa ngaphansi kwezimo ezifana nezakho? Ukuthola, ukufunda, nokuzindla ngemithandazo enjalo kuyokusiza ukuba ucebise ukukhulumisana kwakho noNkulunkulu. Esihlokweni esilandelayo, sikumema ukuba uhlole imithandazo emithathu evela emiBhalweni Engcwele. Yenziwa ngaphansi kwezimo ezihlukahlukene, mhlawumbe ezifana nezakho.