Ingabe Ukhona Oye Wamkhuthaza Muva Nje?
U-ELENA wayeneminyaka engu-17 kuphela ubudala lapho odokotela bethola ukuthi wayenomdlavuza wesizalo. Unina, uMari, kwadingeka abhekane nosizi lokubona u-Elena esezinhlungwini ezinkulu.
Ekugcineni, u-Elena wadluliselwa esibhedlela esithile eMadrid, eSpain, esiqhele ngamakhilomitha angu-1 900 ukusuka ekhaya eCanary Islands. EMadrid iqembu lodokotela lalizimisele ukuhlinza ngaphandle kwegazi. (IzEnzo 15:28, 29) Kodwa ngokushesha ngemva kokuba ukuhlinza kuqalile, kwaba sobala ukuthi isimo sika-Elena asisenakunqandwa. Umdlavuza wawususakazeke kuwo wonke umzimba wakhe, futhi odokotela abahlinzayo bengenakwenza lutho. U-Elena washona ezinsukwini ezingu-8 efike eMadrid.
Akuzange kudingeke ukuba uMari abhekane nalolosizi olwesabekayo yedwa. Ngezindleko zabo siqu, abadala ababili abangamaKristu bamphelezela yena nendodana yakhe endala ukuya eMadrid futhi bahlala lapho kwaze kwaba sekushoneni kuka-Elena. “Bangisiza bagcwalisa isikhala esikhulu engangisizwa ngaphakathi,” kuchaza uMari. “Angisoze ngasikhohlwa isikhuthazo abanginikeza sona. Ukusekela kwabo okungokomoya nosizo olungokoqobo kwakungenakuqhathaniswa. ‘Babeyindawo yokucashela umoya’ yangempela.”—Isaya 32:1, 2.
UJehova uyajabula ngokuthi abelusi abanothando abanjengalaba banakekela izimvu zakhe ngendlela enesisa kangaka. (IzAga 19:17; 1 Petru 5:2-4) Nokho, ukukhuthaza abanye akulona ilungelo labadala nje kuphela. Wonke amaKristu ahlangana ndawonye ngenjongo yokuthola imfundo engokomoya nokuba ‘akhuthazane.’ (Heberu 10:24, 25) Ukukhuthazana kuyingxenye ewumnyombo yokuhlangana kobuKristu.
Isikhuthazo Sihlanganisani?
Njengoba nje imbali enhle ibuna lapho incishwa amanzi, ngokufanayo nabantu ngabanye—kokubili emkhayeni nasebandleni—bangayetha ngokuntula isikhuthazo. Ngakolunye uhlangothi, isikhuthazo esifike ngesikhathi singaqinisa labo ababhekene nokulingwa, sivuselele umoya wabacindezelekile, futhi sibafake amandla labo abakhonza uNkulunkulu ngokukholeka.
Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “isikhuthazo” lihlanganisa nomqondo womthoba-nhliziyo, ukunxusa, nenduduzo. Ngakho-ke, isikhuthazo asilinganiselwe ekutsheleni othile ukuthi wenza kahle. Singase sihlanganise nokunikeza usizo olungokoqobo nosizo olungokomoya.
Empeleni, igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “isikhuthazo” ngokwezwi nezwi lisho “ukubizela othile eceleni kwakho.” Ukuhamba silinganisene nabafowethu nodadewethu abangokomoya kusenza sikwazi ukunikeza ukusekela okusheshayo uma kwenzeka omunye wabo ekhathala noma ekhubeka. (UmShumayeli 4:9, 10) Ngokuthakazelisayo, abantu bakaJehova “bamkhonza ngahlombe-linye.” (Zefaniya 3:9, qhathanisa ne-NW.) Futhi umphostoli uPawulu wabiza umKristu othile ngokuthi ‘umana wakhe oqotho.’ (Filipi 4:3) Ukudonsa ndawonye ngaphansi kwejoka elifanayo ngokukhonza ngahlombe-linye kwenza umthwalo ube lula kakhudlwana, ikakhulukazi kulabo abangaqinile ngokomoya.—Qhathanisa noMathewu 11:29.
Banikeza Isikhuthazo
Njengoba isikhuthazo sibaluleke kangaka, ake sicabangele izibonelo zaso ezimbalwa ezingokomBhalo. Lapho umprofethi kaNkulunkulu uMose esondela ekupheleni kokuphila kwakhe, uJehova wabela uJoshuwa ukuba abe umholi wama-Israyeli. Lokhu kwakungesona isabelo esilula, njengoba uMose ngokwakhe ayazi kahle. (Numeri 11:14, 15) Ngakho, uJehova watshela uMose ukuba ‘ayale uJoshuwa, amkhuthaze, amqinise.’—Duteronomi 3:28, qhathanisa ne-NW.
Ngesikhathi sabahluleli bakwa-Israyeli, indodakazi kaJefta yasithobela ngokuzithandela isithembiso sikayise esifungelwe ngokudela ithuba lokuba nomkhaya ukuze ikhonze endlini kaJehova engcwele. Ingabe ukuzidela kwayo kwashaywa indiva? Cha, ngoba eyabAhluleli 11:40 ithi: ‘Amadodakazi akwa-Israyeli ayeya yonke iminyaka ukuyitusa indodakazi kaJefta wakwaGileyadi izinsuku ezine ngomnyaka.’ Ukuhanjelwa okunjalo kumelwe ukuba kwakuyikhuthaza kakhulu lendodakazi kaJefta ezidelayo.
Ukunikeza isikhuthazo ngezinye izikhathi kudinga isibindi. Phakathi nohambo lokuqala lomphostoli uPawulu lwezithunywa zevangeli, wahlangabezana nokuphikiswa okunzima emizini eminingana yase-Asia Minor. Waxoshwa e-Antiyokiya, wasinda ngokulambisa ezobulawa e-Ikoniyu, futhi e-Listra wakhandwa ngamatshe wayekwa kucatshangwa ukuthi usefile. Nokho, ngokushesha ngemva kwalokho, uPawulu nabangane bakhe babuyela kulemizi, “baqinisa imiphefumulo yabafundi [bebakhuthaza, NW] ukuba beme ekukholweni, bethi: Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.” (IzEnzo 14:21, 22) UPawulu wayezimisele ukufaka ukuphila kwakhe engozini ukuze akhuthaze lababafundi abasha.
Nokho, abafundi abasha abawona ukuphela kwamaKristu adinga isikhuthazo. Eminyakeni eminingi kamuva, uPawulu wathatha uhambo olukhandlayo lokuya eRoma, lapho ayeyoquliswa khona. Njengoba esondela lapho ayeya khona, kungenzeka ukuthi ngandlela-thile wayedangele. Kodwa lapho efika endaweni ethile engamakhilomitha angu-74 eningizimu-mpumalanga yeRoma, umoya wakhe wavuseleleka. Ngani? Ngoba abazalwane abavela eRoma babezile ukuzomhlangabeza e-Aphiyo Foru naseTresi Thaberne. “UPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.” (IzEnzo 28:15) Ezimweni ezifanayo, ukuba khona nje kwethu kungase kubakhuthaze kakhulu esikholwa kanye nabo.
Bamba Amathuba Okunikeza Isikhuthazo
Maningi ngempela amathuba okunikeza isikhuthazo. Ingabe inhliziyo yakho yashukunyiswa inkulumo enhle yabafundi enikezwe umzalwane noma udade eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini? Uyajabula yini ngokuthi kukhona abeve eshumini nambili abaqinile ngokomoya ebandleni? Ingabe ukukhuthazela kwasebebadala kukuhlabé umxhwele? Uyithandile yini indlela omunye wamaphayona asebenzisé ngayo iBhayibheli enkonzweni yendlu ngendlu? Khona-ke ncoma, futhi usho okuthile okukhuthazayo.
Isikhuthazo sifeza indima ebalulekile emkhayeni kanye nasebandleni. Singasiza abazali ukuba bakhulise abantwana babo “ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.” (Efesu 6:4) Ukutshela umntwana ukuthi wenze kahle, nokuchaza ukuthi ukusho ngani lokhu, akuve kungakhuthaza! Eminyakeni yokweva eshumini nambili, lapho intsha ibhekana khona nezilingo eziningi nokucindezelwa, isikhuthazo esinikezwa njalo sibalulekile.
Ukuntuleka kwesikhuthazo phakathi neminyaka yobuntwana kungaba okulimazayo ngempela. Namuhla, uMichael, ongumdala ongumKristu, unobungane, kodwa uthi: “Ubaba akakaze nakanye asho ukuthi into ethile ngiyenze kahle. Ngakho ngakhula ngintula ukuzethemba. . . . Nakuba manje ngineminyaka engu-50 ubudala, ngisakwazisa ukuqinisekiswa abangane bami ukuthi ngiwufeza kahle umsebenzi wami njengomdala. . . . Okuhlangenwe nakho kwami siqu kuye kwangifundisa ukuthi kubaluleke kangakanani ukunikeza isikhuthazo kwabanye, futhi ngiyazikhandla ukuze ngisinikeze.”
Ubani Odinga Ukukhuthazwa?
Abadala abangamaKristu abasebenza kanzima bayakufanelekela ukukhuthazwa. UPawulu wabhala: “Siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazi abakhandlekayo phakathi kwenu, nabaniphetheyo eNkosini, nabanilulekayo, nibazisise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo.” (1 Thesalonika 5:12, 13) Kulula ukuwuthatha kalula umsebenzi onzima wabadala. Kodwa amazwi okwazisa okuqotho nesikhuthazo angawenza uzwakale ulula umthwalo wabo.
Labo phakathi kwethu abakhuthazelela izimo ezinzima nabo bayasidinga isikhuthazo. “Nithokozise abadanileyo, nisekele ababuthakathaka,” kululeka iBhayibheli. (1 Thesalonika 5:14) Abazali abangabodwa, abafelokazi, abeve eshumini nambili, asebebadala, nababuthakathaka ngokwempilo baphakathi kwalabo abangase bazizwe becindezelekile noma bebuthakathaka ngokomoya ngezikhathi ezithile.
UMaría ungowesifazane ongumKristu owazithola elahlwe umyeni wakhe kungazelelwe. Wathi: “NjengoJobe, ngezinye izikhathi ngangifisa ukufa. [Jobe 14:13] Nokho ngaqhubeka ngikhuthazela ngenxa yesikhuthazo engangisithola. Abadala ababili, engangibajwayele kakhulu, basebenzisa amahora amaningi bengisiza ukuba ngibone ukubaluleka kokuqhubeka nenkonzo yesikhathi esigcwele. Futhi odade ababili abanokuqonda nabo bangiduduza, belalela ngesineke lapho ngithulula inhliziyo yami. Ngokusebenzisa iBhayibheli, bangenza ngakwazi ukubona izinto ngombono kaJehova. Angazi ukuthi salifunda izikhathi ezingaki iHubo 55:22, kodwa engikwaziyo ukuthi ngokusebenzisa lombhalo, ngakwazi kancane kancane ukubuye ngisimame ngokomoya nangokomzwelo. Konke lokhu kwenzeka eminyakeni engu-12 edlule, futhi ngiyajabula ukusho ukuthi ngiye ngaqhubeka nenkonzo yesikhathi esigcwele kuze kube manje. Ukuphila kwami kuyanelisa futhi ngijabule naphezu kobuhlungu obungokomzwelo obufikayo ngezikhathi ezithile. Ngiyaqiniseka ukuthi isikhuthazo phakathi nesikhathi esinjengaleso singenza umahluko omkhulu ekuphileni komuntu.”
Abanye badinga isikhuthazo ngoba beye benza amaphutha futhi manje belwela ukuwalungisa. Mhlawumbe baye bathola ukusolwa kothando. (IzAga 27:6) Abadala abaye banikeza lokho kusola bangaphaphamela ukuncoma lapho bebona iseluleko esingokomBhalo sisetshenziswa. Amazwi abo esikhuthazo ayoba nenzuzo ekabili—ukuqinisekisa uthando lwabo ngomuntu ophambukayo ukuze anganqotshwa “ukudabuka okukhulu” nokumkhumbuza izinzuzo zokusebenzisa iseluleko.—2 Korinte 2:7, 8.
Umdala othile wenza iphutha elingathi sína futhi walahlekelwa ilungelo lakhe lobubonisi ebandleni. Uthi: “Lapho kwenziwa isaziso sokugudluzwa kwami njengomdala, ngacabanga ukuthi abazalwane babeyozizwa bengakhululekile uma ngiphakathi kwabo. Noma kunjalo, abadala basigcina siyisifuba ngokuphelele isizathu salokhu futhi bazikhandla ukuba banginikeze isikhuthazo. Lonke ibandla ngokufanayo ladlulisela uthando nobungane, ngokuqinisekile okwathuthukisa ukululama kwami ngokomoya.”
Yiba Okhuthazayo
Kulokhu kuphila kwethu okumatasa, kulula ukudebeselela ukunikeza isikhuthazo. Kodwa yeka ukuthi kungaba inzuzo kangakanani! Ukuze unikeze isikhuthazo esiphumelelayo, kumelwe ugcine izinto ezimbili engqondweni. Okokuqala, cabanga ngalokho ozokusho, ukuze isikhuthazo sakho sibe esiqondile. Okwesibili, funa ithuba lokuya kumuntu ofanelwa ukunconywa noma odinga ukwakhiwa.
Lapho ukwenza njalo lokhu, yilapho uyoba nenjabulo eyengeziwe. Kakade, uJesu uyasiqinisekisa: “Kubusisekile ukupha kunokwamukela.” (IzEnzo 20:35) Ngokukhuthaza abanye, uyobe uzikhuthaza wena. Kungani ungakwenzi umgomo wakho ukunikeza isikhuthazo kothile nsuku zonke?