Ingabe Uyathethelela?
UBILL nendodakazi yakhe eneminyaka engu-16 ubudala, uLisa, babengezwani. Ukungavumelani okuncane phakathi kwabo kwakuvame ukuphumela ekuthethisaneni okubi. Ekugcineni, lokhu kungezwani kwanda kwaze kwafinyelela ezingeni lapho uLisa acelwa khona ukuba ahambe ekhaya.a
Ngemva kwesikhathi esithile, uLisa waqaphela ukuthi wayenephutha futhi wacela ukuba uyise amthethelele. Kodwa esikhundleni sokuba akhohlwe amaphutha kaLisa esikhathi esidlule, uyise othukuthele wayenqaba imizamo yakhe yokwenza ukuthula. Cabanga ngakho! Wayengazimisele ukubonisa indodakazi yakhe siqu isihe!
Emakhulwini amaningi eminyaka adlule umuntu othile ongenacala wagwetshelwa ukufa ngenxa yobugebengu ayengazange abenze. Ofakazi bafakaza amanga, futhi izikhulu zezombangazwe zamlahla ngecala, zenqaba ngamabomu ukusebenzisa ubulungisa. Lowomuntu ongenacala kwakunguJesu Kristu. Ngaphambi nje kokuba afe, wacela uNkulunkulu ngomthandazo: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.”—Luka 23:34.
UJesu wathethelela ngokukhululekile, ngokusuka enhliziyweni yakhe, futhi abalandeli bakhe banxuswa ukuba bamlingise kulokhu. (Efesu 4:32) Nokho, njengoBill, abaningi ngokungenamusa abazimisele ukuthethelela. Siqhathaniseka kanjani esakho isimo kulendaba? Uzimisele yini ukuthethelela abanye lapho bekona? Futhi kuthiwani ngezono ezingathi sína? Ingabe nalezi kumelwe zithethelelwe?
Ukuthethelela Kuyinselele
Ukuthethelela akulula ngaso sonke isikhathi. Futhi kulezizikhathi ezibucayi, ukusebenzelana kwabantu kuye kwaba okunezinkinga ngokwengeziwe. Ngokuvamile ukuphila komkhaya ngokukhethekile kugcwaliswe ukucindezeleka. Esikhathini eside ngaphambili umphostoli uPawulu ongumKristu wayeshilo ukuthi izimo ezinjalo zaziyovama “ezinsukwini zokugcina.” Wathi: “Abantu bazakuba-ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, . . . nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele.”—2 Thimothewu 3:1-4.
Khona-ke, ngokungenakugwenywa sonke sibhekene nokucindezela okuvela ngaphandle okuvivinya amandla ethu okuthethelela abanye. Ngaphezu kwalokho, siphinde silwisane nokucindezela okuvela ngaphakathi kithi. UPawulu wabubula: “Okuhle engikuthandayo angikwenzi, kodwa okubi engingakuthandiyo lokho ngiyakwenza. Uma-ke ngenza lokho engingakuthandiyo akuseyimi engenza lokho, kodwa yisono esihlala kimi.” (Roma 7:19, 20) Ngenxa yalokho, iningi lethu alithetheleli ngendlela ebesingathanda ukwenza ngayo. Phela, ukungapheleli okuzuzwe njengefa nesono kunethonya elinamandla kithi sonke, ngezinye izikhathi kusenza sihluleke ukubonisa abantu esiphila nabo isihawu.
Lapho ekhuthazwa ukuba athethelele omunye umuntu ngesono esincane, omunye wesifazane wasabela: “Akekho ofanelwe umzamo odingekayo ukuze uthethelele.” Uma kwengulwa phezulu ukukhulumela okunjalo kungabonakala kuwukungabi naluzwela, ukuba lukhuni, ngisho nokubonisa ukungathembi muntu. Nokho, uma sikubheka ngokujulile sithola ukuthi kwembula ukukhungatheka abantu abaningi abakuzwayo lapho bebhekana nezwe abalibheka njengelinobugovu, elinganakekeli, nelinonya. Enye indoda yathi: “Abantu bayakuchwensa uma ubathethelela. Bagibela phezu kwakho.”
Khona-ke, akumangalisi ukuthi ukuhlakulela isimo sengqondo sokuthethelela kunzima kulezizinsuku zokugcina. Nakuba kunjalo, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sithethelele ngomusa. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 2:7.) Kungani kufanele sibe abathethelelayo?
[Umbhalo waphansi]
a Amagama ashintshiwe.