Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 4/15 kk. 4-7
  • Ungasitholaphi Isiqondiso Esinokwethenjelwa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungasitholaphi Isiqondiso Esinokwethenjelwa?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Siklanyelwe Ukuba Samukele Isiqondiso Saphezulu
  • Ukulotshwa KweBhayibheli Okungokwaphezulu
  • Liyazuzisa Ngaso Sonke Isikhathi—Alikaze Lilimaze
  • Ikusasa Elilondekile Lalabo Abalandela Isiqondiso SikaNkulunkulu
  • Funa Isiqondiso SikaNkulunkulu Kuzo Zonke Izinto
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Yini Engakusiza Ube Nekusasa Elilondekile?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
  • Kungani Kufanele Sifune Isiqondiso EBhayibhelini?
    I-Phaphama!—2006
  • “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha”
    Incwajana Ethi “Bheka” (Lmn)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 4/15 kk. 4-7

Ungasitholaphi Isiqondiso Esinokwethenjelwa?

“NGIYAZI, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo. Ngilaye, Jehova.”—Jeremiya 10:23, 24.

Umlobi weBhayibheli uJeremiya wabhala lawomazwi eminyakeni engaba amakhulu angu-25 edlule. Isimo esidabukisayo sesintu ngemva kwezinkulungwane zeminyaka yokusebenzisa isiqondiso somuntu sigcizelela ukuthi lamazwi ayiqiniso elingenakuphikwa. Kodwa ungase ubuze, ‘Singatholakalaphi isiqondiso esinokwethenjelwa?’

Umbhalo ocashunwe ngenhla ubhekisela emthonjeni wesiqondiso esinokwethenjelwa esiphakeme kakhulu kunesomuntu—uMdali womuntu, uJehova uNkulunkulu. Ngokuqinisekile akekho owazi ukwakheka komuntu nezidingo zakhe kangcono kunoMdali wethu. Nokho, ingabe uNkulunkulu unesithakazelo sokusinikeza isiqondiso esinjalo? Usinikeza kanjani? Ingabe siyasebenza esikhathini sethu?

Siklanyelwe Ukuba Samukele Isiqondiso Saphezulu

Kwaziwa kahle ukuthi umehluko oyinhloko ohlukanisa abantu ezilwaneni ugxile ekwakhekeni, ikhono, nasekusebenzeni kwengqondo yomuntu. Cishe ezilwaneni konke ukusebenza kwengqondo kuxhunywe esimisweni esibizwa ngokuthi ukuhlakanipha okungokwemvelo. Akunjalo ngabantu.—IzAga 30:24-28.

Ngokungafani nezingqondo zezilwane, ingxenye enkulu yengqondo yomuntu ayinazo izimiso ezihleliwe. UNkulunkulu wanikeza abantu amandla okuzikhethela, okwenza bakwazi ukwenza izinqumo ezihlakaniphile futhi babonakalise izimfanelo eziphakeme, ezinjengothando, ukuphana, ukungabi nabugovu, ubulungisa, nokuhlakanipha.

Ingabe kunengqondo ukucabanga ukuthi uNkulunkulu wayengadala umuntu enamandla anjalo okucabanga ngaphandle kokunikeza isiqondiso esithile ngokuphathelene nendlela angasetshenziswa ngayo kangcono? UNkulunkulu wanikeza abantu bokuqala isiqondiso esiqondile. (Genesise 2:15-17, 19; 3:8, 9) Ngisho nangemva kokuwela komuntu esonweni, uJehova uye waqhubeka eqondisa amadoda nabesifazane abathembekile, ngokuphawulekayo esebenzisa iZwi lakhe siqu eliphefumlelwe, iBhayibheli. (IHubo 119:105) Lokhu kuye kwanikeza abantu ithuba lokubhekana ngokuphumelelayo nezinkinga zokuphila zansuku zonke njengoba besebenzisa inkululeko yabo yokuzikhethela ngokuhlakanipha.

Ukulotshwa KweBhayibheli Okungokwaphezulu

Yini eyenza iBhayibheli libe umthombo onokwethenjelwa wesiqondiso? Phakathi kokunye, linikeza ukwaziswa okunguMdali kuphela ongakunikeza. Linikeza uhlu lomlando wezenzakalo ezenzeka esikhathini eside ngaphambi kokuba umuntu aqale ukuphila. Ngokwesibonelo, linikeza umlando wendlela umhlaba owalungiselelwa ngayo ngezigaba ezilandelanayo kwaze kwaba yilapho usukulungele ukusekela ukuphila kwabantu. (Genesise, izahluko 1, 2) Nakuba lokhu kwalotshwa eBhayibhelini eminyakeni engaphezu kuka-3 000 edlule, kuyavumelana nemiqondo yanamuhla engokwesayensi.

Kudala ngaphambi kokuba isintu sikwamukele ukuthi umhlaba uyisiyingi, iBhayibheli lathi: “[UNkulunkulu] welula inyakatho phezu kwendawo engenalutho; uphanyeka umhlaba phezu kweze.” (Jobe 26:7) Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lembula ukuthi kukhona “ohlezi esiyingelezini somhlaba—abakhile kuwo banjengezintethe.” (Isaya 40:22) UNkulunkulu kuphela, uMdali, obenganikeza lokhu kwaziswa.

Umuntu akanikezwanga ikhono lokubona okuzokwenzeka esikhathini esizayo. Kunalokho, uMdali ubikezela ikusasa ngamakhasi eBhayibheli. UNkulunkulu waphefumlela umprofethi u-Isaya ukuba alobe ngaYe: “NginguNkulunkulu, akakho omunye, yebo, nginguNkulunkulu, akakho onjengami, engimemezela ngaphambili okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa.”—Isaya 46:9, 10.

IBhayibheli liye labonisa ukuthi lingabikezela umphumela kusukela ekuqaleni ngokunemba okumangalisayo. Ngokwesibonelo, labikezela ukumiswa, ukuwa, nezici zemibuso yezwe emikhulu phakathi nezinkulungwane zeminyaka yomlando wabantu. Leziziprofetho eziphawulekayo zalotshwa emakhulwini amaningi eminyaka ngaphambi kokugcwaliseka kwazo, kwezinye izimo ezinkulungwaneni zeminyaka ngaphambili. Ngakho iBhayibheli libikezela ngokunembile izenzakalo zosuku lwanamuhla, kanye nemiphumela yazo. IBhayibheli liyingqayizivele ngoba libonisa indlela yokusinda phakathi nokubhujiswa kohulumeni abangaphelele abenziwe ngabantu e-Armagedoni, ‘usuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’ UMbuso kaNkulunkulu ezandleni zeNdodana yakhe, uJesu Kristu, uyofeza lesosenzakalo esikhulu.—IsAmbulo 16:14, 16; 17:9-18; Daniyeli, izahluko 2, 8.

Liyazuzisa Ngaso Sonke Isikhathi—Alikaze Lilimaze

Ukuhlakanipha okuvamile komuntu akuphelele; ngakho, iseluleko somuntu asizuzisi ngaso sonke isikhathi, nakuba singase sinikezwe ngezisusa ezinhle. Akunjalo ngeseluleko seBhayibheli. UNkulunkulu ngokwakhe uthi: “NginguJehova, . . . okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo. Sengathi nga ulalele imiyalo yami! Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba-njengomfula, nokulunga kwakho njengamaza olwandle.”—Isaya 48:17, 18.

Isiqondiso saphezulu sisisiza ukuba sakhe isisekelo sezinto eziza kuqala futhi sibambelele ezindinganisweni eziphakeme ekuphileni. Nakuba umphakathi wanamuhla ugcizelela izinzuzo nemigomo yezinto ezibonakalayo, iBhayibheli ligcizelela indlela okubaluleke ngayo ukuba ‘singabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwayo kungokwaphakade.’ (2 Korinte 4:18) Ngalendlela sikhuthazwa ukuba sibe nemigomo emihle kakhulu ekuphileni, okungukuthi, imigomo engokomoya ngokuphathelene nokwenziwa kwentando kaNkulunkulu, sibe nomgomo oyinhloko wokuphila phakade esimisweni esisha sokulunga.

Njengoba umKristu ezimisela ukuphishekela lemigomo ephakeme, iseluleko seBhayibheli simsiza ukuba aphile ukuphila okungcono kakhulu ngangokunokwenzeka kulesisimiso esibi sezinto. Ukuhlakanipha kwabantu kwanamuhla kubonakala kukhuthaza ifilosofi yokusebenza kancane futhi uthole imali eningi. Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli lisitshela ukuthi “isandla esinobudenge siveza ubumpofu, kepha isandla sokukhuthala siyacebisa.” Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu angamaHeberu: “Siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle, sithanda ukuhamba kahle ezintweni zonke.”—IzAga 10:4; Heberu 13:18.

IBhayibheli linikeza futhi iseluleko esisebenzayo elungiselelweni lomkhaya. Liyichaza ngokucacile indima yabo bobabili indoda nomfazi elungiselelweni lomshado, kanye nendlela eqondile yokukhulisa nokufundisa abantwana. Lithi: “Amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. . . . Kepha umfazi makahloniphe indoda yakhe. Bantwana, lalelani abazali benu . . . Nani-boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.” Ukulandela iseluleko esiphakeme soMdali kunengxenye enkulu ekusimameni nasenjabulweni yomkhaya.—Efesu 5:21–6:4.

Ikusasa Elilondekile Lalabo Abalandela Isiqondiso SikaNkulunkulu

IZwi likaNkulunkulu elilotshiwe liveza ikhambi uNkulunkulu analo lazo zonke izinkinga zesintu. Ngokushesha uJehova uNkulunkulu uzoqeda isimiso sezinto samanje, kanye nalo lonke usizi lwaso, ukungabi nabulungisa nokuhlupheka, futhi alethe izwe lakhe elisha lokulunga esikhundleni saso. IBhayibheli liyakuchaza lokhu kweyesi-2 Petru 3:7-10, bese linezela evesini 13: “Kepha siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.” Lezi yizindaba ezinhle ezingenakuqhathaniswa ezinganikezwa umkhaya wesintu. Ziyiso kanye isigijimi iBhayibheli elisinikezayo naleso oFakazi BakaJehova abasishumayelayo emazweni angaphezu kuka-200 naseziqhingini zolwandle.

Lapho intando kaNkulunkulu yenziwa emhlabeni wonke, wonke umkhaya wesintu uyozuza ngokulandela isiqondiso esihle kakhulu soMdali wawo, uJehova. Ngeke ziphinde zibe khona izinkinga zobumpofu, ubugebengu, nezidakamizwa. Ngeke isintu sisakhathazwa ukugula, ukuguga, nokufa. Umkhaya wesintu uyophakanyiselwa ekupheleleni abazali bethu bokuqala ababenakho ngaphambi kokuhlubuka esiqondisweni sikaNkulunkulu.

Yeka indlela incwadi yokugcina yeBhayibheli efushanisa kahle ngayo isimo esijabulisayo salabo abathembela esiqondisweni saphezulu! IsAmbulo 21:4, 5 sithi: “[UNkulunkulu] azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” UMdali wethu wakuqinisekisa lokho, ethi: “Bheka, ngenza konke kube-kusha.” Uyanezela: “Lawamazwi athembekile, aqinisile.”

Ukuze samukele lezizibusiso, yini uNkulunkulu ayilindele kithi? Umphostoli uPawulu uchaza ukuthi intando kaNkulunkulu iwukuba “abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.” (1 Thimothewu 2:4) OFakazi BakaJehova bakumema ngokufudumele ukuba uzuze lololwazi oluqondile lweqiniso ngokutadisha iBhayibheli ngokujulile. Ngokufunda intando yaphezulu ngenkuthalo, nawe ungathola kokuhlangenwe nakho ukuthi ukuhlakanipha kwaphezulu kuwukuphela kwesiqondiso esinokwethenjelwa kulezizikhathi eziyingozi. Ukuphuthuma kwezikhathi kukwenza kudingeke ngokwengeziwe kunanini ngaphambili ukusilandela!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela