Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 4/1 k. 3
  • Izwe Elingcono—Ingabe Iphupho Nje?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izwe Elingcono—Ingabe Iphupho Nje?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izwe Elingcono—Liseduze!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Abantu Abahlala Kwamanye Amaplanethi—Iphupho Elidala Kakhulu
    I-Phaphama!—1990
  • Ingabe Amaphupho Angalibikezela Ikusasa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ingabe Amaphupho Ayimiyalezo Evela KuNkulunkulu?
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 4/1 k. 3

Izwe Elingcono—Ingabe Iphupho Nje?

UMA wawungumlandeli weMazdaism njengoba yayishunyayelwa umprofethi uZoroaster wase-Iran, wawuyolindela usuku umhlaba oyophindela ngalo ebuhleni bawo basekuqaleni. Uma ubuhlala eGreece yasendulo, mhlawumbe ubuyophupha ngokufinyelela eziQhingini Zenhlanhla ezinhle noma ukubona ukubuya kweNkathi Yokuchuma eyachazwa imbongi uHesiod ekhulwini lesishiyagalombili B.C.E. INdiya elingumGuaraní eNingizimu Melika kungenzeka ukuthi lisafuna iZwe Elingenabo Ububi. Uma uphila esikhathini sethu, mhlawumbe unethemba lokuthi izwe liyothuthuka ngenxa yemibono ethile yezombangazwe noma ngenxa yokuqaphela kwanamuhla indawo ezungezile.

INkathi Yokuchuma, iziQhingi Zenhlanhla, iZwe Elingenabo Ububi—lamagama aphakathi kwamaningi asetshenziselwa ukuchaza isifiso esifanayo, ithemba lezwe elingcono.

Lelizwe, izwe lethu, ngokuqinisekile aliyona indawo ekahle. Ubugebengu obunonya obandayo, izimpi zobudlova obungakaze bubonwe ezingomagwazendlini, ukubulawa okuhleliwe kwezinhlanga, ukungabi nandaba nokuhlupheka kwabanye, ubumpofu nendlala, ukuswelakala kwemisebenzi nokuntuleka kobumbano, izinkinga zendawo ezungezile, izifo ezingelapheki ezikhathaza abaningi—uhlu lomaye banamuhla lubonakala lungapheli. Ecabanga ngezimpi ezilwiwayo manje, umcosheli wezindaba wase-Italy wathi: “Umbuzo ongase uphakame ngokuvamile uwukuthi ingabe inzondo ayiwona umuzwa onamandla kakhulu obusa isikhathi sethu.” Uma ucabanga ngesimo, ingabe ucabanga ukuthi kungokoqobo ukuphishekela okuthile okuhlukile, okuthile okungcono? Noma ingabe ukuphisheka okunjalo kumane kuyisifiso seZwe Elihle Lasemaphusheni, iphupho elingasoze lafezeka? Ingabe siphila ezweni elingcono kakhulu kunawo wonke angaba khona?

Lokhu kukhathazeka akukusha. Emakhulwini eminyaka abantu baye baphupha ngezwe lapho ubunye, ubulungisa, ukuchuma, nothando kuyobusa khona. Ngokuhamba kwesikhathi, izazi zefilosofi eziningana ziye zazwakalisa imibono yazo ngeMibuso ekahle, amazwe angcono. Kodwa, ngokudabukisayo, azizange zikwazi ukuchaza indlela yokuyenza isebenze ngokuphumelelayo.

Ingabe loluhlu lwamaphupho olunamakhulu eminyaka lukhona, amaZwe Amahle Asemaphusheni, nalokho abantu abakuphishekelayo ngomphakathi ongcono kukhona okusifundisa khona?

[Isithombe ekhasini 3]

Ingabe leli yizwe elingcono kakhulu kunawo wonke angaba khona?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela