“Yondla Umlomo, Hhayi Izinyawo”
Ukuhlola Imikhuba Yokungcwaba Engokwesiko Yase-Afrika
“ABABANGCWABI abafileyo babo!” Lena inkulumo evame ukushiwo ngokuqondene noFakazi BakaJehova eNtshonalanga Afrika. Nokho, kwaziwa kahle ukuthi, empeleni, oFakazi bayabangcwaba abafileyo babo.
Kungani abantu bethi oFakazi BakaJehova ababangcwabi abafileyo babo? Benza kanjalo ngenxa yokuthi oFakazi abayigcini imikhuba eminingi yokungcwaba ethandwayo yendawo.
Imikhuba Yokungcwaba Engokwesiko
U-Aliu uhlala emzaneni othile Maphakathi neNigeria. Lapho unina efa, wazisa izihlobo ngokufa kwakhe wabe eselungiselela ukuba kunikezwe inkulumo engokomBhalo emzini kanina. Njengoba yanikezwa umdala webandla loFakazi BakaJehova lakuleyondawo, lenkulumo yadonsela ukunakekela esimweni sabafileyo nasethembeni lovuko elijabulisayo okubhekiselwe kulo eBhayibhelini. Ngemva kwenkulumo, unina ka-Aliu wangcwatshwa.
Izihlobo zazithukuthele kakhulu. Kuzona ukungcwaba kusuke kungaphelele uma kungenziwanga umlindelo, ngokuvamile owenziwa ngobusuku bangemva kokufa komuntu. Emphakathini wangakubo ka-Aliu umlindelo uyisikhathi somkhosi, hhayi ukulila. Isidumbu siyagezwa, sigqokiswe izingubo ezimhlophe, bese silaliswa embhedeni. Abafelwe bamema abaculi, bathenge amabhokisi kabhiya nojeke bewayini elenziwe ngesundu, futhi balungiselele inkabi noma imbuzi ezohlatshwa. Khona-ke izihlobo nabangane bayafika ukuze kuhlatshelelwe, kusinwe, kudliwe, futhi kuphuzwe kuze kuse ngosuku olulandelayo.
Phakathi nalemikhosi, ukudla kubekwa ezinyaweni zesidumbu. Kusikwa izingxenye zezinwele zomufi, izinzipho zeminwe, nezezinzwane futhi kugcinelwe “umngcwabo wesibili.” Lokhu kwenzeka ngemva kwezinsuku ezithile, amasonto, noma iminyaka.
Ngemva komlindelo, isidumbu siyangcwatshwa, nakuba izinkonzo zomgcwabo zithatha isonto noma ngaphezulu. Kamuva, kuba nomngcwabo wesibili. Lezizingxenye zezinwele, izinzipho zeminwe, nezezinzwane kusongwa ngendwangu emhlophe, eboshelwa epulangweni elingamamitha angu-1,5 noma angu-1,8. Kwenziwa udwendwe lokuhlabelela nokusina, lelipulangwe liyathwalwa liyiswe emathuneni futhi lingcwatshwe eduze komuntu elimmelelayo. Nalapha futhi, kuhlatshelelwa kakhulu, kuphuzwe, kube nokuzitika. Ukuze kuqedwe lemicikilisho yomngcwabo, kudutshulwa kanye ngesibhamu sibhekiswe phezulu.
Njengoba u-Aliu engazange azivumele zonke lezizinto, wasolwa ngokungabahloniphi abafile noma amasiko okubahlonipha. Kodwa kungani u-Aliu, uFakazi KaJehova, enqaba ukuvumelana nalamasiko? Ngoba unembeza wakhe awunakumvumela ukuba amukele lemibono engokwenkolo lamasiko asekelwe kuyo.
Izinkolelo Zase-Afrika Ezingokwesiko
Kulo lonke elase-Afrika, abantu bakholelwa ukuthi bonke abantu bavela endaweni yomoya futhi bayophindela lapho. AmaYoruba aseNigeria athi: “Umhlaba uyimakethe, kuyilapho izulu liyikhaya.” Futhi isisho sama-Igbo sithi: “Bonke abantu abeza kulelizwe kuyomelwe baphindele ekhaya, kungakhathaliseki ukuthi umuntu ulinda isikhathi eside kangakanani emhlabeni.”
Cabanga ngemikhuba okukhulunywe ngayo ekuqaleni. Injongo yomlindelo iwukufisela umoya uhambo oluhle. Izingubo ezimhlophe zibhekwa njengezambatho ezifanelekile zendawo yomoya. Ukubeka ukudla ezinyaweni kuhlobene nomqondo wokuthi isidumbu sidla ngemilenze futhi kumelwe sondliwe ukuze singalambi ohambweni lokuya ezweni lawokhokho.
Ngaphezu kwalokho, abantu ngokuvamile bakholelwa ukuthi lapho umoya ushiya umzimba, uyazula eduze kwabaphilayo futhi awuphindeli kokhokho kuze kube yilapho ekugcineni ukhululwa ngomngcwabo wesibili. Uma umngcwabo wesibili ungenziwa, abantu besaba ukuthi umoya uyothukuthela futhi uhluphe abaphilayo ngokugula noma ukufa. Ukudubula ngesibhamu kwenzelwa “ukuba kuthunyelwe umoya” ezulwini.
Nakuba imikhuba yemingcwabo ihluka kakhulu endaweni ngayinye e-Afrika, ngokuvamile umqondo oyinhloko uwukuthi umoya uyasinda lapho kufa umzimba. Injongo eyinhloko yalemicikilisho iwukusiza umoya ukuba usabele “obizweni lwasekhaya.”
Lezizinkolelo nemikhuba kuye kwakhuthazwa imfundiso yeLobukholwa yokungafi komphefumulo womuntu nokuhlonipha kwalo “osanta.” Kuvamile ukuzwa ukukhulumela komqeqeshi wamabutho eSwazini owathi uJesu akezelanga, ukuzochitha izinkolelo eziyisiko, kodwa ukuzozigcwalisa noma ukuzisekela. Njengoba abefundisi ngokuvamile bengamela ukuqhutshwa kwemingcwabo, abantu abaningi banomuzwa wokuthi iBhayibheli lisekela kokubili izinkolelo ezingokwesiko nemikhuba evela kuzo.
Lokho IBhayibheli Elikushoyo
Ingabe iBhayibheli liyazisekela lezizimfundiso? Ngokuphathelene nesimo sabafile, umShumayeli 3:20 uthi: “Konke [kokubili abantu nezilwane] kuya endaweni inye; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.” ImiBhalo iqhubeka ithi: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi-lutho . . . Uthando lwabo, nokuzonda kwabo, nomhawu wabo sekuphelile . . . Akukho-msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo [ethuneni], lapho uya khona.”—UmShumayeli 9:5, 6, 10.
Lemibhalo kanye neminye ikwenza kukhanye ukuthi abafile abanakusibona noma basizwe noma basisize noma basilimaze. Ingabe lokhu akuvumelani nalokho oye wakuphawula? Ungase wazi ngomuntu othile ocebile nonethonya kwabanye oye wafa futhi kamuva umkhaya wakhe wahlupheka, nakuba uye wazenza zonke izinkonzo zemingcwabo ezingokwesiko. Uma lowomuntu ephila endaweni yomoya, kungani engawusizi umkhaya wakhe? Akanakukwenza lokho ngoba okushiwo yiBhayibheli kuyiqiniso—ngempela abafile abaphili, ‘abanamandla ekufeni,’ khona-ke akekho umuntu abangamsiza.—Isaya 26:14.
INdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, yayikwazi lokhu ukuthi kuyiqiniso. Cabanga ngalokho okwenzeka ngemva kokufa kukaLazaru. IBhayibheli lithi: “[UJesu] wathi kubo [abafundi bakhe]: ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni. Abafundi bakhe base bethi kuye: Nkosi, uma elele, uyakusinda. Kepha uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe.”—Johane 11:11-13.
Phawula ukuthi uJesu wafanisa ukufa nokulala, ukuphumula. Lapho efika eBethaniya, waduduza odadewabo kaLazaru uMariya noMarta. Eshukunyiswa isihawu, uJesu wakhala izinyembezi. Nokho, akazange nganoma iyiphi indlela enze noma asho noma yini esikisela ukuthi uLazaru wayenomoya owawusaphila futhi efisa ukusizwa ukuba ufike ezweni lawokhokho. Kunalokho, uJesu wenza lokho ayethe uzokwenza. Wavusa uLazaru ekufeni ngovuko. Lokhu kwanikeza ubufakazi bokuthi ekugcineni uNkulunkulu uyosebenzisa uJesu ukuvusa bonke labo abasemathuneni okukhunjulwa.—Johane 11:17-44; 5:28, 29.
Kungani Behlukile?
Ingabe kukhona okungalungile ngokuvumelana nemikhuba yemingcwabo esekelwe ezinkolelweni ezingezona ezingokombhalo? U-Aliu nezigidi zabanye oFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi kukhona. Bayazi ukuthi bekuyoba okungalungile—ngisho nokuzenzisa—ngabo ukusekela noma yimuphi umkhuba osekelwe ngokuqondile ezimfundisweni zamanga nezidukisayo. Abafuni ukufana nababhali nabaFarisi, uJesu abalahla ngobuzenzizi obungokwenkolo.—Mathewu 23:1-36.
Umphostoli uPawulu waxwayisa isisebenzi akanye naso uThimothewu: “UMoya usho ngokuchachileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni, ngokuzenzisa kwabaqamba amanga.” (1 Thimothewu 4:1, 2) Ingabe umqondo ovamile wokuthi abafileyo besintu bayaphila endaweni yomoya uyimfundiso yamademoni?
Yebo, uyiyo. USathane uDeveli, ‘uyise wamanga,’ watshela u-Eva ukuthi wayengeke afe, ebonisa ukuthi wayeyoqhubeka ephila enyameni. (Johane 8:44; Genesise 3:3, 4) Lokho kwakungafani nokuthi umphefumulo ongafi uyaqhubeka uphila ngemva kokufa komzimba. Nokho, uSathane namademoni akhe balwela ukuphambukisa abantu eqinisweni leZwi likaNkulunkulu ngokuthuthukisa umqondo wokuthi ukuphila kuyaqhubeka ngemva kokufa. Ngenxa yokuthi bakholelwa lokho uNkulunkulu akushoyo eBhayibhelini, oFakazi BakaJehova abayihlanganyeli imibono nemikhuba esekela amanga kaSathane.—2 Korinte 6:14-18.
Ngokugwema imikhuba yokungcwaba engasekelwe emibhalweni, izinceku zikaJehova ziye zazondwa ngabathile abanemibono ehlukile kweyazo. OFakazi abathile baye baphucwa amafa. Abanye baye bakhishwa inyumbazane imikhaya yabo. Nokho, njengamaKristu eqiniso, bayaqaphela ukuthi ukulalela uNkulunkulu ngokwethembeka kubangela ukuzondwa yizwe. Njengabaphostoli bakaJesu Kristu abathembekile, bazimisele “ukulalela uNkulunkulu kunabantu.”—IzEnzo 5:29; Johane 17:14.
Nakuba eyazisa inkumbulo yabathandekayo bawo abafile, amaKristu eqiniso alwela ukubonakalisa uthando kwabaphilayo. Ngokwesibonelo, u-Aliu wayethathe unina wamletha kwakhe ngemva kokufa kukayise futhi wamondla wabuye wamnakekela kukho konke ukuphila kwakhe. Lapho abanye bethi u-Aliu wayengamthandi unina ngoba engazange amngcwabe ngokuvumelana nomkhuba wendawo, ubhekisela esishweni abantu bakubo abavame ukusisho njalo: “Yondla umlomo wami ngaphambi kokuba wondle izinyawo zami.” Ukondla umlomo, noma ukunakekela umuntu esaphila, kubaluleke ngaphezu kokondla izinyawo, okuwumkhuba ochazwe ekuqaleni futhi ohlobene nomlindelo ngemva kokufa kwalowomuntu. Empeleni, ukondla izinyawo akumzuzisi neze ofile.
U-Aliu ubuza abaphikisi bakhe, ‘Yikuphi obungakukhetha—ukuba umkhaya wakho ukunakekele lapho usugugile noma wenze umkhosi omkhulu ngemva kokufa kwakho?’ Abaningi bakhetha ukunakekelwa lapho besaphila. Futhi bayakujabulela ukwazi ukuthi lapho befa, bayoba nenkonzo yomngcwabo enesizotha esekelwe eBhayibhelini nomngcwabo ohloniphekile.
Yilokho oFakazi BakaJehova abazama ukukwenzela abathandekayo babo. Bondla umlomo, hhayi izinyawo.