Qhubekani Nakhana
“Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube-ngelilungele ukwakha.”—EFESU 4:29.
1, 2. (a) Kungani kungase kushiwo ngokufanele ukuthi inkulumo iyisimangaliso? (b) Ikuphi ukuqapha okufanelekile ngokuphathelene nendlela esisebenzisa ngayo ulimi lwethu?
“INKULUMO iwumucu owumlingo ohlanganisa ndawonye abangane, imikhaya kanye nemiphakathi . . . Ngengqondo yomuntu kanye nokunyakaza ngokuvumelana kwemisipha [yolimi], senza imisindo evusa uthando, umhawu, inhlonipho—ngempela noma imiphi imizwelo yomuntu.”—Hearing, Taste and Smell.
2 Ulimi lwethu lungaphezulu kakhulu kokuba nje isitho sokugwinya noma sokunambitha; luyingxenye yekhono lethu lokuhlanganyela esikucabangayo nesikuzwayo. “Nolimi, luyisitho esincane,” kubhala uJakobe. “Ngalo sibonga iNkosi uBaba, nangalo siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu.” (Jakobe 3:5, 9) Yebo, ulimi lwethu singalusebenzisa ngezindlela ezinhle, njengasekudumiseni uJehova. Kodwa njengoba singaphelele, kalula nje singasebenzisa ulimi lwethu ukuba sikhulume izinto ezilimazayo noma ezimbi. UJakobe wabhala: “Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube-kanjalo.”—Jakobe 3:10.
3. Kufanele sinikeze ukunakekela kuziphi izici ezimbili zenkulumo yethu?
3 Nakuba kungekho muntu ongalulawula ngokuphelele ulimi lwakhe, ngokuqinisekile kufanele silwele ukuthuthuka. Umphostoli uPawulu uyaseluleka: “Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube-ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.” (Efesu 4:29) Phawula ukuthi leseluleko sinezici ezimbili: lokho okufanele silwele ukukugwema nalokho okufanele sizame ukukwenza. Ake sizicabangele zombili lezici.
Ukugwema Inkulumo Ebolileyo
4, 5. (a) Iyiphi impi amaKristu anayo ngokuphathelene nolimi olungcolile? (b) Imuphi umbono obungafanela amazwi athi “izwi elibolileyo”?
4 Eyabase-Efesu 4:29 iqala ngokusinxusa: “Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo.” Lokho kungase kungabi lula. Esinye isizathu siwukuthi inhlamba ivame kakhulu ezweni elisizungezile. Intsha eningi engamaKristu izwa inhlamba nsuku zonke, ngoba labo efunda nabo bangase bacabange ukuthi yenezela ukugcizelela noma ibenza babonakale beyizigila. Singase singakwazi ukukugwema ngokuphelele ukuzwa amazwi angcolile, kodwa singakwazi futhi kumelwe senze umzamo wokuzimisela wokungazamukeli lezizinto. Azinayo indawo ezingqondweni noma emilonyeni yethu.
5 Okugcizelela isixwayiso sikaPawulu igama lesiGreki elihlobene nenhlanzi eyonakele noma isithelo esibolile. Yiba nombono walokhu: Ubona indoda ethile iphelelwa isineke futhi ithukuthela kakhulu. Ekugcineni iyayidedela intukuthelo yayo, futhi ubona emlonyeni wayo kuphuma inhlanzi ebolile. Ube usubona kuphuma isithelo esibolile, esinuka kabi siphuhluka sithela bonke abantu abaseduze. Ubani lowo? Yeka ukuthi bekungaba kubi kanjani ukuba ibingomunye wethu! Kodwa, umbono onjalo ubungasifanela uma sivumela ukuba ‘kuphume emlonyeni wethu amazwi abolileyo.’
6. Eyabase-Efesu 4:29 isebenza kanjani enkulumweni egxekayo, nembi?
6 Okunye ukusebenza kweyabase-Efesu 4:29 kuwukuba sigweme ukugxeka njalo. Kuyavunywa, sonke sinemibono kanye nesikukhethayo ngokuphathelene nezinto esingazithandi noma esingazamukeli, kodwa ingabe wake waba seduze nomuntu obonakala enenkulumo embi (noma izinkulumo eziningi) ngawo wonke umuntu, indawo, noma into okukhulunywa ngayo? (Qhathanisa neyabaseRoma 12:9; Heberu 1:9.) Inkulumo yakhe iyabhidliza, ibangela ukucindezeleka, noma ibhubhise. (IHubo 10:7; 64:2-4; IzAga 16:27; Jakobe 4:11, 12) Angase angaqapheli ukuthi ufana kangakanani nabantu abagxekayo uMalaki abachazayo. (Malaki 3:13-15) Yeka indlela abengashaqeka ngayo uma umuntu omi eduze kwakhe ubengamtshela ukuthi emlonyeni wakhe kuphutshuka inhlanzi ebolile noma isithelo esibolile!
7. Ikuphi ukuzihlola ngamunye wethu okufanele akwenze?
7 Nakuba kulula ukuqaphela lapho othile njalo esho izinkulumo ezimbi noma ezigxekayo, zibuze, ‘Ingabe nami ngithambekele ekwenzeni kanjalo? Ingabe ngempela nginjalo?’ Kuyoba ukuhlakanipha ukuba ngezikhathi ezithile sicabange ngomoya oboniswa amazwi ethu. Ingabe ngokuyinhloko mabi, ayagxeka? Ingabe sizwakala njengabaduduzi-mbumbulu abathathu bakaJobe? (Jobe 2:11; 13:4, 5; 16:2; 19:2) Kungani ungatholi isici esihle ongakhuluma ngaso? Uma ingxoxo ngokuyinhloko ingeyokugxeka, kungani ungayishintshi ibe izindaba ezakhayo?
8. UMalaki 3:16 unikeza siphi isifundo ngokuphathelene nenkulumo, futhi singabonisa kanjani ukuthi siyasisebenzisa lesifundo?
8 UMalaki wanikeza lokhu okwehlukile: “Abamesaba uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye; uJehova waqaphela, wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.” (Malaki 3:16) Ingabe uqaphelile ukuthi uNkulunkulu wasabela kanjani enkulumweni eyakhayo? Inkulumo enjalo yayingaba namuphi umphumela kubangane? Nathi ngokwethu singafunda isifundo ngokuphathelene nenkulumo yethu yansuku zonke. Yeka ukuthi kuhle kakhulu kangakanani kithi nakwabanye uma ingxoxo yethu njalo ibonisa ‘umhlatshelo wethu wokubonga kuNkulunkulu.’—Heberu 13:15.
Sebenzela Ekwakheni Abanye
9. Kungani imihlangano yobuKristu iyizikhathi ezinhle zokwakha abanye?
9 Imihlangano yebandla iyizikhathi ezinhle kakhulu zokukhuluma ‘konke okulungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze kubavezele umusa abezwayo.’ (Efesu 4:29) Singakwenza lokho lapho sinikeza inkulumo ephathelene nokwaziswa okungokweBhayibheli, sihlanganyela embonisweni, noma siphendula phakathi nezingxenye zemibuzo nezimpendulo. Kanjalo sifakazela izAga 20:15: “Ukwazi kwezindebe kuyigugu elinqabileyo.” Futhi ubani owaziyo ukuthi zingaki izinhliziyo esizithintayo noma esizakhayo?
10. Ngemva kokucabangela ukuthi sivame ukuxoxa nobani, yikuphi ukulungisa esingase sikwenze? (2 Korinte 6:12, 13)
10 Isikhathi sangaphambi kwemihlangano nangemva kwayo sikahle ekwakheni abanye ngengxoxo ewusizo kwabalalele. Kungaba lula ukusebenzisa lezikhathi sinengxoxo emnandi nezihlobo kanye nabangane abambalwa esizizwa sikhululekile uma sinabo. (Johane 13:23; 19:26) Nokho, ngokuvumelana nabase-Efesu 4:29, kungani ungafuni abanye ongaxoxa nabo? (Qhathanisa noLuka 14:12-14.) Singazimisela kusengaphambili ukusho okungaphezu nje kukasawubona omfushane nodlulayo kwabathile abasebasha, asebekhulile, noma intsha, singaze ngisho sihlale naphansi nabasebancane ukuze sibe sesimweni sabo ngokwengeziwe. Isithakazelo sethu esiqotho kanye nezikhathi zenkulumo eyakhayo kuyokwenza abanye bakwazi ngisho nangokwengeziwe ukwenanela amazwi kaDavide kumaHubo 122:1.
11. (a) Imuphi umkhuba abaningi abaye bawuhlakulela ngokuphathelene nendawo yokuhlala? (b) Kungani abanye beshintshashintsha ngokuyinhloso indawo abahlala kuyo?
11 Olunye usizo engxoxweni eyakhayo luwukushintshashintsha indawo esihlala kuyo emihlanganweni yebandla. Umama onengane encane angase adinge ukuhlala eduze nendlu yomama abanabantwana, noma umuntu obuthakathaka angase adinge isihlalo esiseceleni ngasephaseshi, kodwa kuthiwani ngabanye bethu? Umkhuba nje ongasho lutho ungase usiholele emuva esihlalweni esithile noma indawo; ngisho nenyoni ngomzwelo wemvelo iphindela esidlekeni sayo. (Isaya 1:3; Mathewu 8:20) Nokho, ngokusobala njengoba singahlala nomaphi, kungani singashintshashintshi izindawo esihlala kuzo—ngakwesokudla, ngakwesobunxele, maphambidlana, njalonjalo—ngaleyondlela sijwayelane kangcono nabantu abahlukahlukene? Nakuba ungekho umthetho wokuba senze lokhu, abadala kanye nabanye abavuthiwe abashintshashintshayo lapho behlala khona baye bakuthola kulula ukudlulisela lokho okuwusizo kwabaningi kunokukwenza kubangane nje abaseduze abambalwa ngokuqhathaniswa.
Yakha Ngendlela Yokwesaba UNkulunkulu
12. Ikuphi ukuthambekela okubi okuye kwabonakala kuwo wonke umlando?
12 Isifiso somKristu sokwakha abanye kufanele simshukumisele ukuba alingise uNkulunkulu kulesici kunokuba alandele ukuthambekela kobuntu kokwenza imithetho eminingi.a Abantu abangaphelele sekunesikhathi eside bethambekela ekubuseni labo ababazungezile, futhi ngisho nezinye izinceku zikaNkulunkulu ziye zawuvumela lomkhuba. (Genesise 3:16; UmShumayeli 8:9) Ngesikhathi sikaJesu abaholi bamaJuda ‘babopha imithwalo enzima, bayibeka emahlombe abantu, kepha bona bengavumi ukuyifukula.’ (Mathewu 23:4) Baguqula amasiko angenangozi bawenza amasiko awumthetho. Ngokukhathalela kwabo ngokweqile imithetho yabantu, badebeselela izinto uNkulunkulu ayezibheka njengezibaluleke kakhulu. Akekho owayakhiwa ukwenza kwabo imithetho eminingi engekho emibhalweni; indlela yabo yayingeyona neze indlela kaNkulunkulu.—Mathewu 23:23, 24; Marku 7:1-13.
13. Kungani kungafanele ukushayela amaKristu esikanye nawo imithetho eminingi?
13 AmaKristu afuna ngobuqotho ukunamathela emithethweni yaphezulu. Nakuba kunjalo, nathi singaba izisulu zokuthambekela ekwenzeni imithetho eminingi ewumthwalo. Ngani? Phakathi kokunye, izinto esizithandayo noma esizikhethayo azifani, ngakho abanye bangakuthola kwamukeleka lokho abanye abangakuthandi futhi abanomuzwa wokuthi kufanele kungenziwa. AmaKristu awefani futhi nasentuthukweni yawo yokufinyelela ukuvuthwa okungokomoya. Kodwa ingabe ukwenza imithetho eminingi kuyindlela yokwesaba uNkulunkulu yokusiza abanye ukuba bathuthukele ekuvuthweni? (Filipi 3:15; 1 Thimothewu 1:19; Heberu 5:14) Ngisho nalapho umuntu ngempela ephishekela inkambo ebonakala iwukweqisa noma iyingozi, ingabe umthetho owenqabelayo uyikhambi elingcono kakhulu? Indlela kaNkulunkulu iwukuba labo abafanelekayo bazame ukubuyisa umuntu owonayo ngokubonisana naye ngobumnene.—Galathiya 6:1.
14. Iziphi izinjongo ezafezwa imithetho uNkulunkulu ayinika uIsrayeli?
14 Yiqiniso, lapho esasebenzisa uIsrayeli njengabantu bakhe, uNkulunkulu wabeka amakhulukhulu emithetho ephathelene nokukhulekela ethempelini, imihlatshelo, ngisho nokugqiba indle. Lokhu kwakufaneleka ngesizwe esihlukanisiwe, futhi eminingi yemithetho yayinokubaluleka okungokwesiprofetho futhi yasiza ekuholeleni amaJuda kuMesiya. UPawulu wabhala: “Umthetho sewaba-ngumlayi wethu wokusiyisa kuKristu, ukuze silungisiswe ngokukholwa. Kepha-ke sekufikile ukukholwa, asisephansi komlayi.” (Galathiya 3:19, 23-25) Ngemva kokuba uMthetho usuphelisiwe esigxotsheni sokuhlushwa, uNkulunkulu akazange anikeze amaKristu uhlu oluningiliziwe lwemithetho ephathelene nezici eziningi zokuphila, njengokungathi leyo kwakuyindlela yokuwagcina akhekile okholweni.
15. Isiphi isiqondiso uNkulunkulu aye wasinikeza abakhulekeli abangamaKristu?
15 Yiqiniso, asisibo abangenawo umthetho. UNkulunkulu usiyala ukuba siyeke ukukhonza izithombe, ubufebe nokuphinga, kanye nokusebenzisa kabi igazi. Ukunqabela ngokuqondile ukubulala, ukuqamba amanga, ukusebenzisa imimoya engabonakali, kanye nezinye izono ezihlukahlukene. (IzEnzo 15:28, 29; 1 Korinte 6:9, 10; IsAmbulo 21:8) Futhi eZwini lakhe unikeza isiqondiso esicacile ngezindaba eziningi. Nokho, ngokwesilinganiso esikhulu kakhulu kunamaIsrayeli, sinomthwalo wemfanelo wokufunda nokusebenzisa izimiso zeBhayibheli. Abadala bangakha abanye ngokubasiza ukuba bathole futhi bacabangele lezimiso kunokuba bamane nje bafune noma benze imithetho.
Abadala Abakhayo
16, 17. Abaphostoli babeka siphi isibonelo esihle ngokuphathelene nokushayela abakhulekeli abakanye nabo imithetho?
16 UPawulu wabhala: “Kwesesifinyelele kukho, sihambe ngawo lowomkhondo.” (Filipi 3:16) Ngokuvumelana nalowombono wokwesaba uNkulunkulu, lomphostoli wasebenzelana nabanye ngendlela eyakhayo. Ngokwesibonelo, kwaphakama umbuzo ngokuthi kwakufanele yini ukudla inyama okungenzeka yayivela ethempelini lokukhulekela izithombe. Ingabe lomdala, mhlawumbe ngenjongo yokwenza ukuba kwenziwe izinto ngendlela efanayo noma yokwenza kubangabi namidanti, wabeka umthetho othile owawuzobusa bonke abasemabandleni okuqala? Cha. Wavuma ukuthi ukuba nolwazi olungalingani kanye nokungafani kokuthuthukela ekuvuthweni kwakungase kuholele lawomaKristu ekubeni akhethe izinto ezingefani. Ngokuphathelene naye, wayezimisele ukubeka isibonelo esihle.—Roma 14:1-4; 1 Korinte 8:4-13.
17 ImiBhalo YamaKristu YesiGreki ibonisa ukuthi abaphostoli babesinikeza iseluleko esiwusizo ezindabeni ezithile zomuntu siqu, njengalezo eziphathelene nokugqoka nokuzilungisa, kodwa abazange baphendukele ekwenzeni imithetho esebenza kuzo zonke izici. Namuhla lokhu kuyisibonelo esihle kubabonisi abangamaKristu, abanesithakazelo ekwakheni umhlambi. Futhi empeleni kuqhubekisela phambili indlela eyisisekelo yokusebenzelana uNkulunkulu ayilandela ngisho nangoIsrayeli wasendulo.
18. UJehova wanikeza miphi imithetho kuIsrayeli ngokuphathelene nokugqoka?
18 UNkulunkulu akazange anikeze amaIsrayeli imithetho enemicikilisho ngokuphathelene nokugqoka. Ngokusobala amadoda nabesifazane babesebenzisa izembatho, noma izingubo zangaphezulu ezifanayo, nakuba eyowesifazane yayingahlotshiswa noma ibe nemibala egqame kakhulu. Kokubili amadoda nabesifazane babegqoka isa·dhinʹ, noma ingubo yangaphansi. (AbaHluleli 14:12; IzAga 31:24; Isaya 3:23) Imiphi imithetho ephathelene nokugqoka uNkulunkulu ayinikeza? Amadoda nabesifazane kwakungafanele bagqoke izingubo ezibenza babukeke njengabobulili obuhlukile, ngokusobala ngenhloso yobungqingili. (Duteronomi 22:5) Ukuze abonise ukuthi ayehlukile ezizweni ezizungezile, amaIsrayeli kwakumelwe enze ingubo yawo ibe nezinsephe emphethweni, ibe negoda eliluhlaza ngenhla kwensephe, futhi mhlawumbe nezinsephe emachosheni ezingubo. (Numeri 15:38-41) Lokho ngokuyisisekelo yisona kuphela isiqondiso uMthetho owasinikeza ngokuphathelene nezitayela zokugqoka.
19, 20. (a) Isiphi isiqondiso iBhayibheli elisinikeza amaKristu mayelana nokugqoka nokuzilungisa? (b) Imuphi umbono abadala okufanele babe nawo ngokuphathelene nokushaya imithetho ngokubukeka komuntu siqu?
19 Nakuba amaKristu engekho ngaphansi koMthetho, ingabe sinayo eminye imithetho eningiliziwe ngokuphathelene nokugqoka noma ukuzilungisa esiyinikezwe eBhayibhelini? Akunjalo ngempela. UNkulunkulu wanikeza izimiso ezilinganiselayo esingazisebenzisa. UPawulu wabhala: “Nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda, kungabi-ngezinwele ezalukiweyo, nangegolide, nangamaparele, nangezambatho ezinemali eningi.” (1 Thimothewu 2:9) UPetru wanxusa ukuthi kunokuba bagxile ekuzilungiseni komzimba, abesifazane abangamaKristu kufanele bagxile ‘kumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula.’ (1 Petru 3:3, 4) Khona nje ukuthi leseluleko sabhalwa kusikisela ukuthi amanye amaKristu ekhulu lokuqala leminyaka kungenzeka kwakudingeka ukuba alinganisele ngokwengeziwe futhi azithibe ekugqokeni kwawo nasekuzilungiseni. Nokho, kunokuba benze kube imfuneko—noma benqabele—izitayela ezithile, abaphostoli bamane nje banikeza iseluleko esakhayo.
20 OFakazi BakaJehova kufanele bahlonipheke futhi ngokuvamile bayahlonishwa ngenxa yokubukeka kwabo okunesizotha. Nakuba kunjalo, izitayela ziyehluka kuye ngamazwe futhi zingehluka ngisho nasendaweni eyodwa noma ebandleni. Njengokulindelekile, umdala onemibono eqinile noma izinto ezithile azithandayo ekugqokeni nasekuzilungiseni angase azinqumele ngokufanelekile yena kanye nomkhaya wakhe. Kodwa ngokuphathelene nomhlambi, kudingeka akhumbule iphuzu likaPawulu: “Kungesikho ukuthi siyabusa phezu kokukholwa kwenu, kodwa siyizisebenzi zokuthokoza kwenu kanye nani, ngokuba nimi ekukholweni.” (2 Korinte 1:24) Yebo, ngokuthiba noma imiphi imizwa yokushayela ibandla imithetho, abadala basebenzela ukwakha ukholo lwabanye.
21. Abadala bangalunikeza kanjani usizo olwakhayo uma othile eqisa ekugqokeni?
21 Njengasekhulwini lokuqala leminyaka, ngezinye izikhathi othile osanda kuhlanganyela noma obuthakathaka ngokomoya angase alandele inkambo engabazekayo noma engahlakaniphile yokugqoka noma yokusebenzisa izimonyo noma izinto zokuhloba. Yini-ke okumelwe yenziwe? Nalapho, eyabaseGalathiya 6:1 ibanikeza isiqondiso abadala abangamaKristu abakufuna ngobuqotho ukusiza. Ngaphambi kokuba umdala anqume ukunikeza iseluleko, angase ngokuhlakanipha abonisane nomdala akanye naye, kutuswa ukuba angayi kumdala amaziyo ukuthi uthanda izinto ezinjengezakhe noma ocabanga njengaye. Uma indlela ethile yezwe yokugqoka noma yokuzilungisa ibonakala ithonya abaningi ebandleni, indikimba yabadala ingaxoxa ngokuthi ingalunikeza kanjani usizo ngendlela engcono kakhulu, njengokunikeza inkulumo yomusa, eyakhayo emhlanganweni webandla noma ngokunikeza usizo kubantu ngabanye. (IzAga 24:6; 27:17) Umgomo wabo uyoba ukukhuthaza isimo esivezwa kweyesi-2 Korinte 6:3: “Asibekeli-muntu nasinye isikhubekiso nangokukodwa, funa inkonzo yethu isolwe.”
22. (a) Kungani kungafanele kuphazamise uma kunokungafani okuncane kwemibono? (b) Isiphi isibonelo esihle uPawulu asinikeza?
22 Abadala abangamaKristu ‘abelusa umhlambi kaNkulunkulu abawunakekelayo’ bafuna ukwenza njengoba uPetru achaza, okungukuthi, ‘kungabi-njengabazenza amakhosi phezu kwalabo uNkulunkulu azizuzela bona.’ (1 Petru 5:2, 3, qhathanisa neNW.) Emsebenzini wabo wothando, kungase kuphakame imibuzo ngezindaba okungase kube khona kuzo ukukhetha okungefani. Mhlawumbe kuyisiko lendawo ukusukuma lapho kufundwa izigaba phakathi neSifundo seNqabayokulinda. Amalungiselelo eqembu enkonzo yasensimini kanye neminye imininingwane eminingi ephathelene nenkonzo ngokwayo kungase kusingathwe ngendlela eyisiko laleyondawo. Nakuba kunjalo, ingabe bekungaba inhlekelele ukuba othile ubenendlela ethé ukuhluka kancane? Ababonisi abanothando banesifiso sokuba ‘konke kwenziwe ngemfanelo nangenhlelo,’ okungamazwi uPawulu awasebenzisa ngokuphathelene nezipho eziyisimangaliso. Kodwa umongo ubonisa ukuthi isithakazelo esiyinhloko sikaPawulu sasiwukuba “kwakheke ibandla.” (1 Korinte 14:12, 40) Akazange abonise ukuthambekela kokushaya imithetho eminingi engapheli, njengokungathi inhloso yakhe eyinhloko yayiwukuba kube khona ukufana ncamashí noma ukwenza kahle ngokuphelele. Wabhala: “Ngamandla ethu eyasipha wona iNkosi ukuba nakhiwe kungengukuba nibhidlizwe.”—2 Korinte 10:8.
23. Iziphi ezinye izindlela esingalingisa ngazo isibonelo sikaPawulu sokwakha abanye?
23 Ngokungangabazeki uPawulu wasebenzela ukwakha abanye ngenkulumo eqondile nekhuthazayo. Kunokuba nobudlelwane neqoqo elincane nje labangane, wenza umzamo okhethekile wokuvakashela abazalwane abaningi nodade, kokubili abaqinile ngokomoya nalabo ababekudinga ngokukhethekile ukuba bakhiwe. Futhi wagcizelela uthando—kunemithetho—ngoba “uthando luyakha.”—1 Korinte 8:1.
[Umbhalo waphansi]
a Emkhayeni imithetho ehlukahlukene ibonakala ifanelekile, kuxhomeke ezimweni. IBhayibheli ligunyaza abazali ukuba bazenzele izinqumo ezintweni izingane zabo ezincane.—Eksodusi 20:12; IzAga 6:20; Efesu 6:1-3.
Amaphuzu Okubukeza
◻ Kungani kufanelekile ukushintsha uma sithambekele enkulumweni embi noma egxekayo?
◻ Yini esingayenza ukuze sibe ngabakhayo ngokwengeziwe ebandleni?
◻ Iyiphi indlela yokwesaba uNkulunkulu ngokuphathelene nokushayela abanye imithetho eminingi?
◻ Yini eyosiza abadala ukuba bagweme ukushayela umhlambi imithetho yabantu?