Ukuphila NeNkonzo KaJesu
ISIHLOKO esithi “UJesu Ufeza Konke UNkulunkulu Akucelayo,” esisemakhasini alandelayo, siyingxenye yokugcina yochungechunge lwethu oseluthathe isikhathi eside oluthi “Ukuphila NeNkonzo KaJesu.” Lesici siye savela kuNqabayokulinda iminyaka engaphezu kweyisithupha, komagazini abangu-149 belandelana, kusukela kumagazini ka-April 1, 1985.
Sethemba ukuthi loluchungechunge olukuNqabayokulinda luye lwakusiza ukuba ulandele ukunxusa komphostoli uPawulu ukuba ‘sibheke kuJesu [“ngokucophelela,” NW]’ futhi silalele umyalo kaNkulunkulu wokuba ‘simuzwe.’ (Heberu 12:2, 3; Mathewu 17:5) Eminyakeni edlule, abaningi baye babhala besho ukuthi baye basizakala ukuba bakwenze lokhu. “Kunjengokungathi bengimlalele futhi ngibuka lokho akwenzayo,” kubhala omunye umfundi. “Ngiye ngafinyelela ekumthandeni ngokwengeziwe ngenxa yalezihloko.”
Omunye umfundi wabhala: “Umagazini ngamunye ubonakala uqukethe iphuzu elithile engangileqile lapho ngifunda ukulandisa kweBhayibheli. Ngiye ngakujabulela ukungenisa engqondweni izenzakalo ezihlukene ezenzeka ekuphileni kukaJesu ngokulandelana kwazo okungcono kakhulu ngokwesikhathi ezenzeke ngaso ngokufunda isihloko ngasinye.” Abaningi baye bazwakalisa ukwazisa okufanayo ngokuthola ukuthi kunini nokuthi kukuphi lapho uJesu afundisa futhi wenza khona izinto phakathi nenkonzo yakhe.
Owesifazane othile eSpain wathi: “Ngiye ngazigcina zonke lezihloko kusukela ekuqaleni. Ziyafundisa kakhulu kwabadala kanye nakubantwana. Ngineminyaka engu-44, futhi ngihlabeka umxhwele lapho ngifunda lokhu kulandisa. Kunjengokungathi ngangikhona esehlakalweni ngasinye esingokomlando.”
Umama othile eUnited States wabhala: “Ngenxa yokushaya emhloleni kwalezihloko namazwi azo alula, umyeni wami uye wahlanganyela nathi esifundweni sethu somkhaya. Indodana yami eneminyaka eyisishiyagalombili ubudala yangicela ukuba ngibhale ukuze nginibonge ngokuthi uyise manje usetadisha iBhayibheli. Icela ukuba ngolunye usuku lapho loluchungechunge seluphelile lezihloko zihlanganiswe zikhishwe njencwadi ukuze ikwazi ukuzihlanganyela nefunda nabo.”
Mhlawumbe uzizwa ngendlela efanayo nomfundi osanda kuzwakalisa ukudabuka kwakhe: “Ngizwa ngidabuka kancane uma ngicabanga ukuthi loluchungechunge luzophela ngokushesha njengoba kucatshangelwa izinsuku zokugcina zokuphila kukaKristu. Ngizoyikhumbula ngempela indawo yazo kuNqabayokulinda.” Sithemba ukuthi uzoyijabulela lengxenye yokugcina yochungechunge lwethu oluthi, “Ukuphila NeNkonzo KaJesu.”