Imiqulu YasoLwandle Olufile—Okutholiwe Okuyigugu
EBANGENI lamakhilomitha acishe abe ngu-24 eningizimu-mpumalanga yeJerusalema, eWadi En-Nar, umsele wamanzi ongenakuphila nowomile, wehla njalo uye ngasempumalanga yoLwandle Olufile. Uhide lwamawa olunezikhala lugudla ngasemuva kwethafa elingasogwini. Kulelithafa, ngezinsuku ezishisayo nangobusuku obubanda kakhulu basekwindla, amaTa‘amireh Bedouin alusela khona imihlambi yawo yezimvu neyezimbuzi.
Ngonyaka ka-1947, lapho elusa imihlambi, umalusi osemusha ongumBedouin waphonsa itshe embotsheni encane yewa elidilikayo. Wamangaliswa umsindo elawenza, ngokusobala owabangelwa ukuphihliza ujeke owenziwe ngobumba. Wabaleka ngenxa yokwesaba, kodwa ezinsukwini ezimbili kamuva waphindela futhi wakhwela amamitha acishe abe ngu-100 ukuze angene ngembobo enkudlwana nephakeme kakhudlwana. Njengoba amehlo akhe ayeya ebujwayela ubumnyama, wabona ojeke abade abayishumi begudle izindonga zomhume, nenqwaba yezitsha zobumba eziphukile phakathi kwamadwala adilikile agcwele phansi.
Iningi lalabojeke lalingenalutho, kodwa omunye wawunemiqulu emithathu, emibili yayo eyayisongwe ngendwangu. Wayithatha lemibhalo yesandla wabuyela nayo ekamu lamaBedouin futhi wayishiya lapho isikhathi esicishe sibe inyanga, isesikhwameni esilenga ensikeni yetende. Ekugcineni, amanye amaBedouin ayithatha lemiqulu ayisa eBetlehema ukuze abone ukuthi ayengathola malini ngayo. LamaBedouin axoshwa kabuhlungu komunye umuzi wezindela, etshelwa ukuthi lemiqulu yayingabalulekile kwanhlobo. Omunye umthengisi wathi lemibhalo yesandla yayingenazo izimfanelo zokuthi ivubukuliwe, futhi wasola ukuthi yayebiwe esinagogeni lamaJuda. Yeka ukuthi wayenephutha kanjani! Ekugcineni, ngomthungi wezicathulo waseSiriya owazenza umthengisi, kwatholakala kahle ukubaluleka kwayo. Ngokushesha, neminye imibhalo yesandla yahlolwa.
Eminye yalemibhalo yasendulo yanikeza ukuqonda okusha ngomsebenzi wamaqembu enkolo amaJuda ngesikhathi sikaKristu. Kodwa kwakuwumbhalo wesandla weBhayibheli wesiprofetho sikaIsaya owashukumisa izwe. Ngani?
Igugu Elikhulu
Umqulu kaIsaya owawusanda kutholwa ekuqaleni wawucishe ube ngamamitha angu-7,5 ubude. Wawakhiwa yizingcwecwe ezingu-17 zesikhumba sesilwane esilungiswe kahle, esasicishe sicoliseke njengesikhumba sokubhalela. Njengoba wawakhiwa izinhlu ezingu-54 ezinesilinganiso semigqa engu-30 ngalunye, wawudwetshwe imigqa ngokucophelela. Kulemigqa umlobi onekhono wayelobe izinhlamvu zombhalo, ezilotshwe ngezigaba.—Bheka isithombe.
Lomqulu wawungasongiwe ezindukwini, futhi wawumnyama kakhulu enkabeni yawo lapho izandla eziningi ezaziwubamba khona uma ufundwa. Wawugugile impela, ubonakala ukuthi wawulungiswe ngokuhlakanipha futhi uxhunyiwe. Ukulondolozeka kwawo kahle kwakubangelwa ukuthi wawuvaleleke kahle kujeke. Ingabe uyigugu kangakanani esazini seBhayibheli, futhi ngaphezu kwalokho, kithi sonke?
Lombhalo wesandla womprofethi uIsaya mdala ngeminyaka ecishe ibe yinkulungwane kunoma iyiphi enye ikhophi esekhona, futhi okuqukethe akuhlukile kakhulu. UProfesa uMillar Burrows, umhleli wombhalo owakhishwa ngo-1950 wathi: “Umbhalo kaIsaya okulombhalo wesandla, onomehluko omkhulu ekubhalweni kwamagama nasohlelweni lolimi nasekwazisweni okuningi okunhlobonhlobo ikakhulukazi okuthakazelisayo nokubalulekile, ngokuyinhloko uvezwe kakhulu kamuva kuyiMT [UmBhalo WeMasora WesiHeberu].”a Okunye okuphawulekayo ukusebenzisa kwawo okungaguquguquki iTetragrammaton, יהוה, igama elingcwele likaNkulunkulu elithi, Jehova, ngesiHeberu.
Eminye ImiBhalo Yesandla Eyigugu
Igama laphezulu liyavela futhi nakomunye umbhalo wesandla ovela kulomhume ofanayo, manje owaziwa ngokuthi iCave 1. Encwadini ekhulumela incwadi kaHabakuki, iTetragrammaton ivela izikhathi ezine ngezinhlamvu zesiHeberu sakuqala, indlela endala kakhulu ehlukile ekubhalweni kwezinhlamvu zesiHeberu eziyizikwele okujwayeleke kakhulu.—Bheka umbhalo waphansi kuyiNW Ref. Bi. kuHabakuki 1:9.
Kulomhume kwatholakala izingxenyana zomunye umqulu kaIsaya, kanye nezingcezu zesikhumba zencwadi yeBhayibheli kaDaniyeli. Enye yalezi ilondoloza ushintsho olusuka olimini lwesiHeberu kuya kwelesiAramu kuDaniyeli 2:4, njengoba nje kwatholakala emibhalweni yesandla yeminyaka eyinkulungwane kamuva.
Izingxenye ezincane zalemiqulu ezilondolozwe kahle manje ziyaboniswa eJerusalema, emnyuziyamu owaziwa ngokuthi iShrine of the Book. Lomnyuziyamu ungaphansi komhlaba, ngakho uma uvakashela lapho, uba nomuzwa wokuthi ungena emhumeni. Ingxenye engenhla yalomnyuziyamu inesimo sesivalo sikajeke wobumba okwatholakala kuwo Umqulu kaIsaya WasoLwandle Olufile. Nokho, ubona ikhophi enyatheliswe kabusha kuphela yombhalo wesandla kaIsaya. Umbhalo wokuqala oyigugu ulondolozwe egunjini lokugcina izinto eliseduze nalapho.
[Umbhalo waphansi]
a Okunye kokwaziswa kwayo okubaluleke kakhulu kuphawulwe kuyiNew World Translation of the Holy Scriptures—With References kuIsaya 11:1; 12:2; 14:4; 15:2; 18:2; 30:19; 37:20, 28; 40:6; 48:19; 51:19; 56:5; 60:21. Embhalweni waphansi lomqulu uboniswe ngokuthi 1QIsa.
[Imithombo Yezithombe ekhasini 10]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.
Courtesy of The British Museum
[Umthombo Wesithombe ekhasini 11]
Israel Antiquities Authority; The Shrine of the Book, Israel Museum; D. Samuel and Jeanne H. Gottesman Center for Biblical Manuscripts