Ukubala Izindleko Zokuthuthela Ezweni Elicebile
KUYISENZAKALO esijwayelekile kumanxusa kuwo wonke amazwe asathuthuka: ikamelo lokulinda eligcwele abantu abalindele ngokukhathazeka ithuba labo lengxoxo. Ngesisekelo saleyongxoxo emfushane kodwa ebalulekile, kuyonqunywa ukuthi bangayithola yini ivisa yokuya ezweni elithuthukile eNtshonalanga. Abaningi bakholelwa ukuthi lokhu kuyoba ithikithi labo lokufinyelela ukuchuma. “Sekuyiminyaka emine ngisebenza kanzima, futhi ngiye ngangakwazi ngisho nokuthenga umsakazo,” kukhononda omunye osemusha waseNtshonalanga Afrika. “Ukuba bengiseNgilandi noma eUnited States, ngabe manje senginemoto nendawo yami siqu engihlala kuyo.”
Kulula ukuqonda ukuthi kungani abaningi emazweni ampofu, asathuthuka bezizwa ngaleyondlela. Kubona, kunzima ukuthola imisebenzi, futhi umholo uphansi. Ukwehla kwamandla emali kukhukhula imali abayilondolozayo. Izindawo zokuhlala ziyantuleka futhi ziminyene. Abantu bagqoka izingubo eziye zalahlwa yilabo abasemazweni acebe kakhudlwana. Abaningi bazizwa bebambeke obishini olungokomnotho.
Futhi yeka indlela iNtshonalanga ecebile eheha ngayo! Enye insizwa eSierra Leone yathi: “Abanye abaye bavakashela phesheya babuya basitshele izindaba ezisimisa idolo ukuba siye futhi siyozibonela ngawethu amazwe athuthukile. Bathi kumelwe usebenze kanzima, kodwa wenza imali enhle ukuze ukwazi ukuzondla futhi uthole ngisho nezinye izinto zokunethezeka, njengemoto. Futhi uma ubuya lapha [nezinkulungwane ezinhlanu zamarandi], ungaqalisa ibhizinisi futhi ushade.”
Akumangalisi ukuthi ezinye izinceku zikaNkulunkulu zicabanga ngendlela efanayo. Omunye udade waseAfrika wathi: “Thina esisebasha enhlanganweni kaNkulunkulu silalela izingxoxo ngendlela abanye abaye bathuthela phesheya abaphila kahle ngayo. Ngakho ngezinye izikhathi ngiyazibuza, ‘Kuthiwani ngami? Kungani ngihlupheka lapha? Ingabe kumelwe ngihambe noma ngihlale?’”
Uma uhlala ezweni elimpofu, nawe ungase uzibuze ukuthi ukuthutha kungalithuthukisa yini izinga lokuphila kwakho. Nokho, ukufudukela kwelinye izwe kuwumsebenzi omkhulu, kuyisinyathelo esibizayo nesingathi sína. Kungase kuhlanganise nokufunda ulimi olusha, ukuzuza amakhono amasha omsebenzi, ukuzivumelanisa nempucuko entsha, ukukhuthazelela ubandlululo abaningi abalubonisa kwabavela kwamanye amazwe, nokufunda yonke indlela entsha yokuphila. Nokho, amaKristu amaningi aye enza kanjalo ngokuphumelelayo futhi aye azibonakalisa engamagugu angempela emabandleni asemazweni awo amasha, ekhonza njengabamemezeli abayizibonelo, amaphayona, abadala, nezinceku ezikhonzayo.
Nokho, akubona bonke abaye baphumelela kahle kangako. Ukucindezela nobunzima bokuthutha kuye kwaphumela ekulimaleni kwabanye ngokomoya. Khona-ke, ngokusobala ukuthutha okunjalo akumelwe kwenziwe ngaphandle kokucabanga okungathi sína, okuhambisana nomthandazo. IBhayibheli liyeluleka kuzAga 3:5, 6: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.” Yebo, ufuna ukuqiniseka ukuthi wenza ngokuvumelana nentando kaJehova. (Jakobe 4:13-15) Futhi uJesu wanikeza iseluleko esiwusizo ukuze akusize ukuba wenze lokhu lapho ekhuthaza ababemlalele ukuba ‘babale izindleko.’ (Luka 14:28) Lokhu kuhlanganisa okungaphezu kokucabangela okungokwezimali. Kusho ukucabangela ukuba nokwenzeka kwezindleko ezingokomoya zokuthutha.
Amaqiniso Okuphila Kwaphesheya
Ngaphambi kokuba uthuthele nomaphi, kumelwe ube nombono omuhle, ongokoqobo ngalokho okumelwe ukulindele lapho ufika kuleyondawo. Uma kungenzeka, qala ngokuvakasha futhi uzibonele ukuthi izimo zinjani. Ngaphandle kwalokho, kuzomelwe uthembele ekwazisweni okuyinzwa-bethi. IBhayibheli liyaxwayisa: “Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke, kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.”—IzAga 14:15.
Abanye baye bathola konke ukwaziswa abanakho ngokuphila emazweni aseNtshonalanga emabhayisikobho nasemibukisweni yamathelevishini. Ngaleyondlela bakholelwa ukuthi wonke umuntu lapho ucebile, ushayela imoto entsha, futhi uhlala ekhayeni elinethezekile. Nokho, isimo esingokoqobo sihluke kakhulu. Amazwe amaningi acebile anamazinga aphawulekayo obumpofu, ukungabi namakhaya, nokuntuleka kwemisebenzi. Futhi eziningi zezakhamuzi ezimpofu kakhulu zingabasanda kufudukela khona. Isikhulu esiyinxusa laseU.S. kwelinye izwe elimpofu siyachaza: “Abantu abakuqapheli ngempela ukuthi kunzima kanjani ukuzinza eMelika. Abanye babhala izincwadi bebhalela ekhaya besho indlela abaqhubeka kahle ngayo—indlela abathenge ngayo izimoto ezimbili nendlu—kodwa eqinisweni bayakhandleka ngempela.”
Isimo siyafana nakwezinye izindawo. UMnu. Sahr Sorie ungumqeqeshi waseNtshonalanga Afrika oye wahlala futhi wafunda eLondon. Wathi: “Akulula ukuthutha eAfrika futhi uhlale eNgilandi. Inani elikhulu labafuduki liphila ukuphila okumpofu kakhulu. Ubona imibimbi yobunzima ebusweni babo. Abanye bakuthola kunzima ukuqongelela [irandi] ukuze bashaye ucingo. Ngokuvamile bahlanganyela ikamelo elilodwa nabanye abaningi, neheater encane nje ukuze ibagcine befudumele. Bakwazi ukuthola kuphela imisebenzi ephansi, futhi noma kunjalo akwanele ukuba bakhokhele izikweletu zabo. Labo abashiya iAfrika ukuze babalekele ubumpofu ngokuphindaphindiwe bazithola besesimweni esibi kakhulu esiminyaminyeni semijondolo yaseYurophu.”
Ukucindezela okungokwezimali okuhambisana nokuzinza ezweni elisha kungaliminyanisa kalula ingokomoya lomuntu. (Mathewu 13:22) Yiqiniso, ukusebenza kanzima kuyatuswa eBhayibhelini. (IzAga 10:4; 13:4) Kodwa abaningi abaya phesheya baphoqeleleka ukuba bathathe imisebenzi emibili noma emithathu ukuze bafinyelele imigomo yabo engokwezimali—noma ukuze nje bakwazi ukulala bedlile. Sincane noma asikho isikhathi esisalayo sokuphishekela ukukhulekelwa kukaNkulunkulu. Imihlangano yobuKristu, isifundo seBhayibheli, nokuhlanganyela iqiniso leBhayibheli nabanye kuyadebeselwa. Amazwi kaJesu Kristu azibonakalisa eyiqiniso ngendlela ewusizi: “Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.”—Mathewu 6:24.
Ukucindezela Kokuziphatha
Kumelwe futhi ucabangele isimo sokuziphatha ezweni elisha onethemba lokuhlala kulo. IBhayibheli lisitshela ukuthi uLoti wakhetha ukuhlala eThafeni laseJordani. Ngokombono wezinto ezibonakalayo, isinqumo sakhe sasibonakala singesokuhlakanipha, ngoba “lalinamanzi lonke . . . ; lalinjengensimu kaJehova.” (Genesise 13:10) Nokho, omakhelwane abasha bakaLoti “babebabi bengabonayo kakhulu phambi kukaJehova”—bengabaphendukezeli bobulili! (Genesise 13:13) Ngenxa yalokho, “ngokubona nangokuzwa lona olungileyo, ehlala phakathi kwabo, wezwisa ubuhlungu umphefumulo wakhe olungileyo imihla ngemihla ngenxa yezenzo ezingenamthetho.”—2 Petru 2:8.
Ngokufanayo, namuhla ukuthuthela eNtshonalanga kungase kubeke wena nomkhaya wakho ekucindezeleni okungokokuziphatha nezilingo okunzima ukwedlula okwasezweni lenkaba yakho. Ngaphezu kwalokho, abantu asebekhulile kungenzeka bangahlonishwa njengoba babehlonishwa ekhaya. Inhlonipho ngabazali kungenzeka ayikhuthazwa. Omakhelwane kungenzeka abanasithakazelo komunye nomunye. Ukucindezela okunjalo kungakuthinta kanjani wena nomkhaya wakho? Lokhu ngokuthile okumelwe ukucabangele ngomthandazo.
Abazali Abangekho Ekhaya
Abanye abazali baye bakhetha ukushiya imikhaya yabo emuva futhi baye phesheya bodwa. Abakucebile ukuba balande imikhaya yabo lapho bezinza noma mhlawumbe babuyele ekhaya nenqwaba yemali. Ingabe ilungiselelo elinjalo liwukuhlakanipha?
ImiBhalo ibopha abazali ukuba banakekele izidingo ezingokwezinto ezibonakalayo zemikhaya yabo, futhi kwezinye izimo eziphoqayo, umzali angase angabi nakho ukwenza ngenye indlela ngaphandle kokusebenza phesheya ukuze enze amalungiselelo anjalo. (1 Thimothewu 5:8) Naphezu kwalokho, abazali babophekile futhi ukuba banakekele izidingo ezingokomoya zemikhaya yabo. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Nani-boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.”—Efesu 6:4.
Ingabe ubaba angakwenza ngokuphumelelayo lokhu uma engekho emkhayeni wakhe izinyanga noma iminyaka isikhathi ngasinye? Cishe ngeke. Ngakho kumelwe ucabangele ukuthi noma iziphi izinzuzo ezingokwezinto ezibonakalayo ezingazuzwa ziyawufanela yini umphumela ukungabibikho kwakho okungase kube nawo kubantwana bakho. Ngaphandle kwalokho, abafuduki ngokuvamile bathola ukuthi akulula neze ukuzenzela “ingcebo” njengoba babecabanga. Uma umfuduki engakwazi ukukhokhela uhambo lomkhaya, ukwehlukana kungaqhubeka iminyaka eminingi. Nakho lokhu kungabangela izingozi zokuziphatha ezingathi sína. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 7:1-5.) Kuyadabukisa ukusho ukuthi abanye ezimweni ezinjalo ezivivinyayo baye bawela ekuziphatheni okubi kobulili.
Ukuthembela Emalungiselelweni KaNkulunkulu
Njengoba izimo zezomnotho zezwe ziwohloka ngokwengeziwe, kuhle ukukhumbula ukuthi izinceku zikaNkulunkulu akumelwe zesabe ukuthi zizoshiywa. UJesu wathi: “Ningakhathazeki nithi: Siyakudlani? noma: Siyakuphuzani? noma: Siyakwembathani na? Ngokuba konke lokhu abezizwe bayakufunisisa; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu. Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.”—Mathewu 6:31-33.
OFakazi BakaJehova namuhla bakhonza izithakazelo zoMbuso kaNkulunkulu ngokumemezela ngentshiseko izindaba ezinhle. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Emazweni amaningi ampofu, kunesidingo esikhulu sabashumayeli boMbuso. Ikakhulukazi kunesidingo sabadala abavuthiwe nezinceku ezikhonzayo. Kunokuya ezweni elichumayo ngokomnotho lapho indingeko ingeyona enkulu kangako, abaningi baye bakhetha ukuhlala emazweni abo endabuko. Abanye babanjalo baye baphumelela kanjani?
UAlethia, owesifazane waseNtshonalanga Afrika oye wakhonza enkonzweni yesikhathi esigcwele iminyaka engu-30 ezweni lakubo lomdabu, washo lokhu: “Nganginethuba lokuhlala phesheya. Isizathu esenza ukuba ngingayi ukuyohlala khona sasiwukuthi ngithanda ukuba nabantu bakithi nezihlobo. Ngiyakujabulela ukubasiza ukuba bafunde iqiniso ukuze sikwazi ukukhonza uJehova ndawonye. Akukho nokukodwa okuye kwangilahlekela ngokuhlala lapha, futhi angizisoli ngalutho.”
UWinifred ngokufanayo uhlala ezweni laseAfrika. Izinga lokuphila okungokwezinto ezibonakalayo lapho libhekwa njengelinye eliphansi kakhulu emhlabeni. Kodwa ngemva kweminyaka engu-42 esenkonzweni yamaphayona yesikhathi esigcwele, uthi: “Akulula ngaso sonke isikhathi ukukwazi ukuba nemadlana. USathane uzama ukwenza izinto zibe nzima, kodwa uJehova uye wanginakekela ngaso sonke isikhathi futhi wanelisa izidingo zami.”
Ezikhathini zasendulo uAbrahama ‘wayeqiniseka ngokugcwele ukuthi lokho [uNkulunkulu] akuthembisile unamandla nokukwenza.’ (Roma 4:21) Ingabe nawe ngokufanayo uyaqiniseka ukuthi uJehova uyakwazi ukufeza isithembiso sakhe futhi akunakekele uma ubeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwakho? Ingabe uyavumelana nomhubi owabhala: “Umthetho womlomo wakho [Nkulunkulu] muhle kunezinkulungwane zegolide nezesiliva”? (IHubo 119:72) Noma kungenzeka ukuthi kunesidingo sokuba usisebenzise ngokugcwele iseluleko somphostoli uPawulu? Kweyoku-1 Thimothewu 6:8, wabhala: “Uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.” Ingabe kungenzeka ukuthi into okuwukuhlakanipha ukuyenza ukusebenzisa ngokunenzuzo izimo okuzo manje, hhayi ukufuna ezintsha?
Izimo ezingokomnotho emazweni amaningi zingabangela ubunzima obukhulu kumaKristu. Ngakho, uma ngemva kokucabangela zonke izici ezihilelekile, umkhaya unquma ukufuduka, asikho isizathu sokuba abanye babe abagxekayo. (Galathiya 6:5) Labo abasele bangaqhubeka becela usizo lukaJehova ekukhuthazeleleni ubunzima obulethwa yilesimiso, kuyilapho bejabulela izibusiso ezingokomoya uNkulunkulu abanikeza zona. Khumbula, ngokushesha ukungalungi nokubandlulula kwalelizwe kuzolungiswa ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. Khona-ke kuzoba njengoba umhubi abhala: “[Jehova] uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.”—IHubo 145:16.