Ingabe Ukudalelwa Kufanele Kubuse Ukuphila Kwakho?
OHLWINI, okuwukuphela komuntu ongazange akholelwe enkolelweni yokudalelwa kwakunguJesu Kristu. Wawuyini umbono wakhe?
Ukulandisa okuphathelene nokuphila kukaJesu kwangekhulu lokuqala leminyaka (izincwadi zeBhayibheli zikaMathewu, uMarku, uLuka, nekaJohane) kuveza inkolelo yakhe yokuthi abantu bangalithonya ikusasa labo, okusho nje lokho okwenzeka kubo.
Ngokwesibonelo, uJesu wathi uNkulunkulu “uzakubapha okuhle abacela kuye” wathi futhi umuntu “okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni nguyena oyakusindiswa.” Ngokufanayo, lapho izakhamuzi zaseJerusalema zingazinaki izixwayiso ezaziyosindisa ukuphila kwazo, uJesu akazange athi zisabela kanjalo ngenxa yokudalelwa. Kunalokho, wathi: “Kepha anivumanga.”—Mathewu 7:7-11; 23:37, 38; 24:13.
Singawuqonda futhi umbono kaJesu ngalokho akuphawula ngokuqondene nengozi ebulalayo eyenzeka eJerusalema, ethi: “Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babenamacala kunabantu bonke abakhileyo eJerusalema na? Ngithi kini: Qha.” (Luka 13:4, 5) Phawula ukuthi uJesu akazange athi ukufa kwalabobantu abangu-18 kwabangelwa ukudalelwa, futhi akashongo ukuthi bafa ngenxa yokuba bebabi kunabanye. Kunalokho, ngokungafani nabaFarisi bosuku lwakhe abazama ukuvumelanisa inkolelo yokudalelwa nenkolelo yokuzikhethela komuntu, uJesu wafundisa ukuthi umuntu angakwazi ukulithonya ikusasa lakhe siqu.
Abaphostoli bakaJesu ngokufanayo bafundisa ukuthi insindiso iyinto wonke umuntu angazikhethela yona. Umphostoli uPawulu wabhala: “Wazi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube-yinsindiso.” Futhi umphostoli uPetru wathi: “Njengezingane ezisand’ ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube-ngukusindiswa.” (2 Thimothewu 3:15; 1 Petru 2:2; bheka futhi nezEnzo 10:34, 35; 17:26, 27.) IEncyclopœdia of Religion and Ethics kaHastings iveza ukuthi ababhali bekhulu leminyaka lesibili nelesithathu, abanjengoJustin, uOrigen, noIrenaeus, ‘babengazi lutho ngokunqunyelwa kusengaphambili okungenakuguquka; bafundisa ngokuzikhethela.’
Kodwa uma abaningi kangaka, kuhlanganise namaJuda amaningi abazungezile, babekholelwa ezinhlotsheni ezithile zezinkolelo zokudalelwa, kungani uJesu namaKristu okuqala bengazange bakukholelwe ukuthi isiphetho somuntu sinqunyiwe? Esinye isizathu siwukuthi lombono unezinkinga eziningi. Uma sibala ezimbili nje: Inkolelo yokudalelwa iphambene nezimfanelo zikaJehova uNkulunkulu; amaqiniso ayiveza njengengamanga. Ngaphezu kwalokho, ingafaka engozini ukuphila kwakho kwamanje nokwesikhathi esizayo. Ukubhekisisa kuzokubonisa ukuthi kukanjani kunjalo.
Izimfanelo ZikaNkulunkulu Nokusikiselwa Inkolelo Yokudalelwa
Emuva ekhulwini leminyaka lesithathu B.C.E., isazi sefilosofi uZeno waseCitium wafundisa abafundi bakhe eAthene ukuba “bamukele okunqunywe ukuDalelwa njengokungcono kunakho konke ngandlela-thile efihlekile.” Nokho, ngolunye usuku ngemva kokuba uZeno ezwe ukuthi isigqila sakhe sasinecala lokweba, uZeno wabhekana ubuso nobuso nalokho okusikiselwa ifilosofi yakhe siqu. Kanjani? Lapho eshaya lelisela, isigqila saphendula: “Kodwa ngadalelwa ukuba ngebe.”
Isigqila sikaZeno sasikhuluma iphuzu. Uma ukholelwa ukuthi indlela yokuphila yomuntu ngamunye inqunywe kusengaphambili, khona-ke ukubeka umuntu icala ngokuba isela kufana nokubeka imbewu yamawolintshi icala ngokuba isihlahla samawolintshi. Ngaphezu kwalokho, kokubili umuntu nembewu kumane nje kulandela uhlelo. Nokho, yini ngempela esikiselwa ukucabanga kanjalo?
Nokho, uma izigebengu kumane kuwukuthi zilandela ukudalelwa kwazo, khona-ke yilowo owanquma imisebenzi yazo onecala lezenzo zazo. Kungaba ngubani lowo? Ngokwabakholelwa enkolelweni yokudalelwa, uNkulunkulu ngokwakhe. Uma siqhubekela phambili kakhulu nalendlela yokucabanga, khona-ke kumelwe ukuba uNkulunkulu uyiMbangela Yokuqala yabo bonke ububi, ubudlova nokucindezela okuke kwenziwa umuntu. Ingabe uyakwamukela lokho?
Isihloko esikuyiNederlands Theologisch Tijdschrift (Iphephandaba Lezenkolo LesiDashi) siphawula ukuthi umbono onjalo othambekele enkolelweni yokudalelwa “usikisela kusengaphambili umfanekiso kaNkulunkulu ongavikeleki okungenani kumaKristu.” Ngani? Ngoba uphikisana nomfanekiso kaNkulunkulu owavezwa abalobi beBhayibheli abaphefumlelwe. Ngokwesibonelo, phawula lezingcaphuno ezivela encwadini ephefumlelwe yamaHubo: “Awusiye uNkulunkulu othanda okubi.” “Nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.” “[INkosi yobuMesiya kaNkulunkulu emisiwe] iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni.” (IHubo 5:4; 11:5; 72:14) Ngokusobala, okusikiselwa yinkolelo yokudalelwa kuyangqubuzana nezimfanelo zikaNkulunkulu.
Inkolelo Yokudalelwa Namaqiniso
Kodwa kuthiwani ngezinhlekelele zemvelo? Ingabe akudalwanga ukuthi ziyoba khona futhi ngalokho kungokungenakwenzeka ukuzigwema?
Yini evezwa amaqiniso? Phawula okwatholwa ekuhloleni imbangela yezinhlekelele zemvelo, njengoba kubikwa iphephandaba lesiDashi iNRC Handelsblad: “Kuze kube manje, ukuzamazama komhlaba, izikhukhula, ukudilika komhlaba, neziphepho . . . kwakulokhu kucatshangelwa njengezimanga zendalo. Nokho, ukubhekisisa kubonisa ukuthi ukuphazamisa indalo okukhulu komuntu kuye kwawathinta ngokungathi sína amandla omhlaba okuzivikela ezinhlekeleleni. Ngenxa yalokho, izinhlekelele zemvelo zibulala abantu abaningi kunanini ngaphambili.”—Omalukeke sizenzele.
Izikhukhula zaseBangladesh okukhulunywe ngazo esihlokweni esandulelayo ziyisibonelo salokhu. Ososayensi manje bathi “ukucekelwa phansi kwezindawo ezinkulu zamahlathi eNepal, eNyakatho yeNdiya, naseBangladesh kuye kwaba isici esiyinhloko esibangela izikhukhula eziye zahlasela iBangladesh eminyakeni yamuva.” (Umagazini iVoice) Omunye umbiko uthi ukugawulwa kwamahlathi kuye kwakhuphula izinga lezikhukhula eBangladesh kusukela esikhukhuleni esisodwa eminyakeni engu-50 kuya kwesisodwa njalo ngeminyaka emine. Izenzo ezifanayo zokuphazamisa komuntu kwezinye izingxenye zomhlaba ziye zaholela emiphumeleni eyinhlekelele ngokufanayo—izomiso, ukusha kwamahlathi nokudilika komhlaba. Yebo, izenzo zomuntu—hhayi ukudalelwa okuyimfihlakalo—ngokuvamile zibangela noma ziqhubekisela phambili izinhlekele zemvelo.
Njengoba lokhu kunjalo, izenzo zomuntu futhi kufanele zenze okuphambene: zinciphise izinhlekelele. Ingabe kunjalo? Yebo. Cabangela lamaqiniso: I-UNICEF (United Nations Children’s Fund) ibika ukuthi eminyakeni eminingi amakhulu ezingane ezihlala phakathi nezwe laseBangladesh zaba izimpumputhe. Ingabe lokhu kwakubangelwa ukudalelwa okungenakuguqulwa? Lutho neze. Ngemva kokuba izisebenzi zeUNICEF zitshele omama balapho ukuba bondle imikhaya yabo ngezithelo nangemifino hhayi ngelayisi kuphela, isifo samehlo saqala ukuncipha. Njengamanje, lokhu kushintshwa kokudla kuye kwasindisa amakhulu ezingane eBangladesh ebumpumputheni.
Ngokufanayo, abantu abangabhemi, ngokwesilinganiso, baphila iminyaka emithathu kuya kwemine ngaphezu kwababhemayo. Abagibeli bezimoto abazibopha ngamabhande ezihlalo baba nezingozi ezibulalayo ezimbalwa kunalabo abangazibophi. Ngokusobala, izenzo zakho siqu—hhayi ukudalelwa—zithonya ukuphila kwakho.
Imiphumela Ebulalayo Yenkolelo Yokudalelwa
Njengoba kuphawuliwe, inkolelo yokudalelwa ingafushanisa nokuphila kwakho. Kanjani? Ixoxa “ngezibonelo zenkolelo yokudalelwa zohlobo oluhlasimulisayo,” iEncyclopedia of Religion ithi: “Kusukela eMpini Yezwe II sazi ngokuhlasela kwabaseJapane kokuqhumisa imikhumbi okubulalayo nokubulala okwenzeka emakamu amaSS (Schutzstaffel) phakathi nokubusa kukaHitler okwenziwa ngenxa yombono wokunqunyelwa kusengaphambili (Schicksal) abathi ukudlula kude ukubaluleka kokuphila kwabantu ngabanye.” Incwadi efanayo iphawula ukuthi, muva nje “ukuhlasela ngenjongo yokubulala okwakugqugquzelwa inkolo ezisulwini ezazibhekwa njengosongo enkolweni yobuIslam . . . kwaba into evela cishe njalo emibikweni yamaphephandaba eMpumalanga Eseduze.” Imibiko enjalo ithi, izinkulungwane zamasosha asemasha zaya empini ziqiniseka ukuthi “uma kungabhaliwe ukuthi umuntu uzofa, ngeke alimale.”
Nokho, ngisho nabafundisi bobuMuslim abahlonishwayo bayakuphikisa ukuziphatha okunjalo kokunganaki. Ngokwesibonelo, enye icaliph (owalandela uMuhammad esikhundleni) yathi: “Umuntu osemlilweni kufanele azinikele entandweni kaNkulunkulu; kodwa lowo ongakangeni emlilweni akudingeki aziphonse kuwo.” Ngokudabukisayo, izindimbane zamasosha azizange zenze ngokuvumelana nalesoseluleko secaliph. Phakathi neminyaka yempi ethi ayibe yisishiyagalombili, eIran kwafa abantu abalinganiselwa ku-400 000—abantu abafa empini abangaphezu kwabafa eUnited States ngeMpi Yezwe II! Ngokusobala, imfundiso yokudalelwa ingakufushanisa ukuphila kwakho. Ingafaka engozini ngisho nokuphila kwakho kwesikhathi esizayo. Kanjani?
Njengoba okholelwa enkolelweni yokudalelwa ekholelwa ukuthi ikusasa alinakubalekelwa futhi linqunyiwe njengesikhathi esidlule, angase asifukamele kalula isici sobuntu esiyingozi. Siphi isici? IEncyclopedia of Theology iyaphendula: “Umuntu . . . uzizwa engenalusizo, eyisici esingelutho, esixhashazwa ekwenzakaleni kwezinto emphakathini okubonakala kungenakubalekelwa. Lokhu kubangela ukunganaki okusizakala ngalokho okushiwo inkolelo-ze kokuthi yonke into ixhomeke ekudalelweni okuyimfihlakalo kodwa okunamandla.”
Yini ebangela ukunganaki kube yingozi? Ngokuvamile kuholela esimweni sengqondo esiwubuwula sokunqotshwa. Lokhu kungavimbela umuntu okholelwa ekudalelweni ukuba athathe noma yisiphi isinyathelo kuqala noma ukuba asabele ngisho nasesimemweni esihle sikaNkulunkulu: “We nina nonke enomileyo, wozani emanzini . . . bekani izindlebe, nize kimi, nizwe, uyakuphila umphefumulo wenu.” (Isaya 55:1-3) Uma ukukholelwa ekudalelweni kuyimbangela yokuhluleka ‘ukuza’ ‘nokulalela,’ kuyophumela ekulahlekelweni ithuba ‘lokuphila’ phakade ePharadesi elizayo elibuyiselwe emhlabeni. Yeka ukulahlekelwa!
Ngakho wena umiphi? Uma ukhulele emphakathini lapho imibono ethambekele enkolelweni yokudalelwa yakha khona isisekelo sokucabanga kwabantu, kungenzeka uye wayamukela lenkolelo ngaphandle kokungabaza. Nokho, amaphuzu aphikisayo okuxoxwe ngawo kulesihloko kungenzeka akusizile ukuba ubone ukuthi ngezinga elikhulu ukuphila kwakho kwamanje nokwesikhathi esizayo kulolongwa izenzo zakho siqu.
Njengoba uye wabona, ukucabanga, amaqiniso, futhi ngaphezu kwakho konke, imiBhalo eNgcwele kubonisa ukuthi akumelwe uthonywe isimo sengqondo sokunqotshwa okubulalayo. Esikhundleni salokho, njengoba uJesu wanxusa: “Zabalaza . . . ukuze ungene ngomnyango omncane.” (Luka 13:24, The Emphatic Diaglott, ukufundwa kweinterlinear) Wayesho ukuthini? Umkhulumeli othile weBhayibheli uyachaza: “Igama elithi [zabalaza] lithathwe emidlalweni yamaGreki. Emincintiswaneni yawo yokugijima . . . ayezikhandla, noma ezabalaza, noma enza konke okusemandleni awo ukuze anqobe.” Esikhundleni sokuba uthobele ukunqotshwa ekuphileni, uJesu wanxusa ukuba uzikhandle ukuze unqobe!
Ngakho, thintitha noma yikuphi ukunganaki okubangelwa ukudalelwa. Ngenela umncintiswano wokuphila njengoba iZwi likaNkulunkulu linxusa, futhi ungayivumeli inkolelo yokudalelwa ikwenze unciphise ijubane. (Bheka eyoku-1 Korinte 9:24-27.) Khuphula ijubane ngokusabela ngokushesha esimemweni esiphefumlelwe: “Khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho.” Ungakwenza kanjani lokho kukhetha? ‘Ngokuthanda uJehova uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe, unamathele kuye.’ Ukwenza kanjalo kuyoholela ekunqobeni, ngoba uJehova uyoba “ukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho.”—Duteronomi 30:19, 20.
[Isithombe ekhasini 7]
UMose akazange ashumayele ngokudalelwa kodwa wanxusa: “Khethani ukuphila ukuba niphile.”