Ungathola Amagugu Angenakuqhathaniswa!
“KUKHONA yini okubonayo?” kubuza indoda eyiNgisi ecebile. “Yebo, ngibona izinto ezimangalisayo,” kuphendula isazi sezinto ezindala zaseGibithe. Kwakungonyaka ka-1922, futhi uHoward Carter wayesanda kulunguza nje ethuneni likaFaro Tutankhamen eSigodini Samakhosi saseGibithe. Amazwi kaCarter achichima injabulo:
“Njengoba amehlo ami ejwayelana nokukhanya, imininingwane yekamelo elingaphakathi yavela kancane kancane enkungwini, izilwane ezingavamile, izithombe, negolide—yonke indawo kwakucwebezela igolide. Okwesikhashana—kumelwe ukuba kwabonakala kungasapheli kwabanye ababelindile—ngamane ngakhexa nje ngokumangala . . . Sasingakaze sikuphuphe nokukuphupha okunjengalokhu, ikamelo eligcwele—kwakubonakala kunjengomnyuziyamu ogcwele—izinto.” UCarter uyavuma ukuthi wakuzwa “ukubanjezelwa kokulangazela . . . komhlwayi wamagugu.”
Lokho kutholakala kwalezozinto kwaveza imicebo emangalisayo eyayithukuswe eminyakeni engaphezu kwezi-3 000 edlule. Kodwa uNkulunkulu ufuna sihileleke ekuhlwayeni amagugu amahle ngokwengeziwe. Kuwukufuna okuvuza kakhulu kunanoma yikuphi okunye ukuhlwaya amatshe ayigugu, igolide, noma isiliva. Lokhu kuhlwaya amagugu kungokokufuna ukuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu, futhi omunye wemicebo yakho eyigugu kunayo yonke, ukuphila okuphakade.—Johane 17:3.
Umzamo Uyadingeka
Kudingeka umzamo omkhulu ukuze kumbiwe indawo enemivubukulo. Akulula ukumba isiqephu sendawo emagebhugebhu noma ukwehlela emanzini ayingozi ufuna umcebo othukusiwe, ogqitshiwe, noma ocwilile. Kodwa abahlwayi bamagugu abazimisele benza imizamo enjalo ngenjabulo. Ngokuvamile bakhuthazelela ubunzima obukhulu futhi banqobe izithiyo ezibonakala zingenakunqotshwa. Nokho, ingabe ukuhlwaya ukuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu akuwufanele yini umzamo omkhulu ngisho nangaphezulu?
Singathola amagugu angenakuqhathaniswa uma senza umzamo odingekile wokufunda iBhayibheli nezincwadi zobuKristu beqiniso eziklanyelwe ukusisiza ukuba sithole amatshe ayigugu okuhlakanipha eziwaqukethe. Umzamo oqhubekayo ubalulekile. Besingayikuceba uma besingaqala ukumba imicebo yezinto ezibonakalayo kodwa siyeke ngemva nje kokuqhwanda ngaphezulu. Bekuyoba okufanayo futhi uma siqala ukumba amagugu angokomoya bese siyeka ngokushesha ngoba sicabanga ukuthi kukhathaza kakhulu ukuqhubekela phambili. “Ukuhlakanipha kwaphezulu” kungokwalabo abazikhandlayo ukuba bakuzuze. (Jakobe 3:17) Ingabe akufanele yini wenze umzamo odingekayo ukuze uthole amagugu angenakuqhathaniswa okuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]
Cover and page 3 photo: K. Scholz/H. Armstrong Roberts