Ubuhle Bangempela—Ungabakha
IBhayibheli lineseluleko sakho kokubili amadoda nabesifazane endabeni yokubukeka okuhle. Ngamadoda, liYaphawula: “Ubuhle bezinsizwa ngamandla azo.” (IzAga 20:29, NW) Yebo, amandla nobungqabavu bezinsizwa bungaba obukhanga kakhulu. Kodwa kwenzekani lapho lawomandla obusha ephela? IsAga seBhayibheli sithi: “Ubumpunga bungumqhele wodumo; bufumaniswa endleleni yokulunga.” (IzAga 16:31) Ukulunga kuyisici sobuhle bangaphakathi. Uma insizwa ikuhlakulela, kuyohlala kukhona nalapho ilahlekelwa yilawomandla akhangayo obusha.
Ngokuqondene nabesifazane iBhayibheli lithi: “Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.” (IzAga 31:30) Intombi ebukekayo, enhle, ingumngane ojabulisayo. Kodwa kuthiwani uma kukhona ukuzenzisa nobuze bobugovu obucashe ebuhleni bomzimba? Khona-ke ubuhle bungaphandle kuphela, futhi bufihla ububi bangaphakathi. Lapho ukubukeka kushabalala, kuzosalani? Yeka ukuthi kungcono kangakanani uma ukubukeka kuhambisana nobuhle bangaphakathi obungashabalali, obugxiliswe ‘ekwesabeni uJehova’!
Ukushintsha Kobuntu
Ingabe kungenzeka yini ukwakha lobuhle bangaphakathi? Yebo. Eqinisweni, ngamaKristu, kumelwe. UNkulunkulu uyabazisa ubuhle beqiniso. “Wenze konke kwaba kuhle ngesikhathi sakho.” (UmShumayeli 3:11, Revised Standard Version) Akanakukwamukela ukukhulekela kwalabo abakuziphatha kwabo kuveza izimfanelo zangaphakathi ezingathandeki.
Amazwi kamphostoli uPawulu kwabaseKolose asikisela isidingo sokuhlakulela ubuhle bangaphakathi. Okokuqala, uyayala: “Nani manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu; ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe.” Yebo, noma ngubani owenza izinto ezinjalo ezimbi uyanyanyeka kuNkulunkulu—nakubantu abacabanga kahle. Khona-ke, uPawulu uyaqhubeka: “Nembethe omusha, owenziwa-musha abe-nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo.” (Kolose 3:8-10) Kumelwe ‘sembathe’ indlela yokucabanga nokuzwa evumelana nentando kaNkulunkulu. Yini ebonisa ‘lobuntu obusha’?
Izimfanelo ZobuKristu
IBhayibheli linikeza izimfanelo eziningi ezinhle ezihlanganyela ekubakheni. Kodwa isisekelo salobuhle bangaphakathi sichazwe emazwini kaJesu: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho. Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala. Owesibili ofana nawo uthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” (Mathewu 22:37-39) Uthando ngoNkulunkulu lusiholela ekufuneni ukuba wuhlobo lomuntu olumjabulisayo. Uthando olunjalo lusishukumisela ukuba sikhulume ngaye kwabanye, sibasize ukuba nabo bazi uMdali wabo.—Isaya 52:7.
Ezinye izimfanelo ezihlanganyela ekwakheni ubuntu obusha zichazwe umphostoli uPawulu: “Uthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.”—Galathiya 5:22, 23.
Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lisho ngokuqondile emadodeni: “Indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla . . . Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo.” (Efesu 5:23, 25) Futhi kubafazi, iBhayibheli lithi: “Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi . . . umfazi makahloniphe indoda yakhe.” (Efesu 5:22, 33) Yeka ukuthi ukuphila komkhaya kukhanga kanjani lapho indoda igcwalisa imithwalo yayo yemfanelo ngendlela enothando, engenabugovu, nenokubekezela! Futhi yeka ukuthi kulula kangakanani ngendoda ukuba igcwalise indima yayo efanele lapho umfazi eveza ubuhle bakhe bangaphakathi ngokuyisekela ngothando futhi angabi ngoncintisanayo noma ogxeka ngokwedlulele. Ukuphila komkhaya ngaphansi kwezimo ezinjalo kungaba okujabulisa ngempela.
Izibonelo eziphawulwe esihlokweni esidlule zibonise ezinye zalezimfanelo zisetshenziswa. Intombazane yomShulamiti yabonisa ukungaguquki nothando olujulile ngomalusi wayo lapho yenqaba ukumyeka ngenxa yobukhazikhazi besigodlo sikaSolomoni. UJosefa wabonisa ukulunga azalwa nakho lapho enqaba ukona enkosini yakhe, uPotifari. Futhi wabonisa ukuzithiba lapho ebaleka kunokuba ayengwe umfazi kaPotifari. Futhi wabonisa ubumnene, ukuthula, nokubekezela lapho enqaba ukuvumela ukuba izenzakalo eziningi ezimbi ekuphileni kwakhe zimzwise ubuhlungu.
Ubuhle Ezweni Elibi
Ingabe izimfanelo ezinjalo ezinhle ziyasebenza namuhla? Abaningi bacabanga ukuthi akunjalo. Kunalokho, basabela ezweni elizifunela okwalo, nelihahayo abaphila kulo ngokuzenza lukhuni. Banomuzwa wokuthi ukuze baphumelele kumelwe babe nonya, bafise, babeke ubumina kuqala futhi bahahele konke abangase bakuthole.
Ngokuphambene, iBhayibheli liyakhuthaza: “Ningenzi-lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani, yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye.” (Filipi 2:3, 4) Umphakathi wesintu uwohloka kabi kangaka ngoba isintu sisonke asisilandeli leseluleko esihle.
Ngaphezu kwalokho, ezweni lamanje, impumelelo yomuntu ilinganiswa ngemali noma ngesikhundla. Umuntu ocebile ubhekwa njengomuntu ophumelelayo. Nokho, ngokuphathelene namagugu angempela, akubalulekile nakancane ukuthi umuntu unothile noma umpofu. Ngempela, umcebo unezingozi zawo. IBhayibheli liyaxwayisa: “Abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo.” Liyenezela: “Ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi.”—1 Thimothewu 6:9, 10.
Yebo, abantu abangamagovu, abahahayo, abathanda izinto ezibonakalayo, nabanonya ngokuvamile bajabulela “impumelelo” yesikhashana namuhla. Kodwa ayiyona impumelelo yangempela, njengoba inkokhelo yendlela enjalo yokuphila embi—ukungathandeki komuntu, imishado ewohlokile, ukuxhwala, nokukhungatheka okuvamile—iphakeme kakhulu. Umuntu wenziwa ngomfanekiso kaNkulunkulu, kodwa uma ehlubuka ngokudlubulunda ezimfanelweni uNkulunkulu azifaka kuye ekuqaleni, ngeke neze ayifinyelele injabulo yomuntu siqu.—Genesise 1:27.
Ukwakha Ubuhle Bangaphakathi
Khona-ke, singamelana kanjani nethonya elibi lalelizwe futhi sakhe izimfanelo ezinhle nezokwesaba uNkulunkulu? Lapho uPawulu ebala izimfanelo ‘zothando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba,’ wazibiza ngokuthi “izithelo zikaMoya.” (Galathiya 5:22, 23) Ngakho umoya kaNkulunkulu udingekile uma sizokwakha lezimfanelo ezinhle zangaphakathi.
Kanjani? Phela, ukufunda iBhayibheli elaphefumlelwa ngomoya kaNkulunkulu, kuyosisiza ukuba sizazi lezimfanelo futhi kuqinise isifiso sethu sokuzihlakulela. (2 Thimothewu 3:16) OFakazi BakaJehova bayakujabulela njalo ukusiza emzamweni onjalo, njengoba bekubheka njengengxenye yenkonzo yabo ukusiza abantu ukuba bafunde iBhayibheli. Ukuzihlola okuqotho kuyosenza ukuba sikwazi ukubona lapho sishiyeka khona, futhi singathandazela usizo lomoya kaNkulunkulu kulezindawo. Ukuhlangana nabakhulekeli bakaNkulunkulu esikanye nabo kuyosinikeza ukusekela kontanga esikudingayo, nalapha futhi, umoya kaNkulunkulu uyasiza ngoba, njengoba uJesu asho, “lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”—Mathewu 18:20.
Izwe Elihle Ngaphambili
Yiqiniso, akekho noyedwa wethu oyokunqoba ngokuphelele ukungapheleli kwethu, kodwa uma silwela ukwakha lobuhle bangaphakathi, uNkulunkulu uyoyibusisa imizamo yethu. Futhi uyosivuza ngendlela emangalisayo. IBhayibheli lisigcinele injongo kaNkulunkulu ngokushesha eyoletha isimiso esisha sezinto esiyohluka ngokuphelele kwesamanje. Kuso, “abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.” (IHubo 37:29) UJesu ngokwakhe wathi: “Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.”—Mathewu 5:5.
Ngalesosikhathi, ukuncintisana nobugovu okungathandeki kwalesimiso sezinto kuyothathelwa indawo ukuthula okuhle. “Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.” (Isaya 11:9) Ngempela, uNkulunkulu ‘uyosula izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.’—IsAmbulo 21:4.
Ingabe izimo ezinjalo zizwakala zikhanga? Zingenzeka kuphela ngoba izakhamuzi zomhlaba ngalesosikhathi ziyoba nobuhle bangaphakathi obusekelwe othandweni ngoNkulunkulu nangomakhelwane. Futhi uNkulunkulu uthembise ukuthi labo abamkhonzayo manje, behlakulela ‘ubuntu obusha’ futhi belwa kanzima ukuze balandele izindinganiso zakhe, bayokubona ukugcwaliseka kwalesosithembiso. Ukubukeka okuhle, ubuhle obungokomzimba, abusoze baziletha izibusiso ezinjalo. Khona-ke, yeka isizathu esihle sokwakha lobobuhle bangaphakathi obunothe kakhulu, nobuhlala njalo obujabulisa kangaka kubantu abacabanga kahle nakuNkulunkulu ngokwakhe!
[Isithombe ekhasini 6]
Abantu abakhangayo ngokomzimba kufanele bagweme ukuba nobugovu nokuzicabangela. Kunalokho, kumelwe bahlakulele ubuhle bangaphakathi obujabulisa uNkulunkulu