Amasiko Enkolo—Ingabe Awukukhulekela UNkulunkulu Ngeqiniso?
“SALGA, salga, salga” (“Phuma, phuma, phuma”). Lokhu kukhala kosizi kuphuma emathuneni amnyama esiqhingini saseJanitzio eChibini lasePatzcuaro, eMexico. Lapho iNdiya elizinikele elikhuluma isiTarasco linxusa isihlobo salo esifile ngosizo lomthandazo obhaliwe. “IRosari Engcwele mayinqamule amaketanga akubophile,” licela.
Usuku Lwabafile. Kusukela ekuseni kakhulu, abesifazane nabantwana baye bagcwalisa amathuna abomkhaya wabo ngamaqabunga ezimbali nezigxobo zezinkuni ezihlotshisiwe. Baye babeka iminikelo yezithelo namaqebelengwana phambi kwamathuna. Futhi manje baqungela ubusuku obubandayo isibindi ukuba bahlabelele imithandazo noma bagcine umlindelo ekukhanyeni okukahle kwezinkulungwane zamakhandlela alokozayo akhanyiswe ngenxa yabafile.
Lokho okubonakala kungajwayelekile noma ngisho kuyingqayizivele kobukela engaphandle kulabantu kuyisiko lenkolo elihlonishwa ngoba selinesikhathi eside: ukugubha kwamaKatolika Usuku Lwayo Yonke Imiphefumulo. Emazweni amaningi aseLatin America, isiko liphoqelela izigidi zamakholwa ukuba zithutheleke emathuneni futhi zinikele imithandazo ebhaliwe nezipho kwabafileyo bazo.
ILatin America futhi inamasiko amaningana ngokuqondene nezithombe zenkolo. Izithombe zikaKristu nezikaMariya zisakazeke kuyo yonke indawo, zihlobisa amakhaya amaningi nezitolo. Uma ungena ebhasini uyobona njalo imifanekiso emincane kaMariya inanyathiselwe ngenhla kwesihlalo somshayeli. Izithombe eziqoshiwe zikaMariya, ezihlotshiswe ngokukhanya okunemibala ebanikayo esikhundleni samakhandlela, zize ngisho zinanyathiselwe zibheke ephasishini lebhasi.
EColombia imifanekiso emikhulu kaKristu nekaMariya ibheke phansi iphezu kwezintaba eziphakeme kunamadolobha amaningi. Esiqongweni esidumile saseMonserrate kunesonto eligcwele izithombe ezihlonishwa kakhulu. Phakathi namasonto angcwele akhethekile, izinkulungwane zezakhamuzi zaseBogota zinyukela kulesiqongo esinamadwala, abanye bekhasa ngamadolo asikekile nawophayo.
Izithombe, iziphambano, imikhosi—lokhu kuyingxenye yamasiko enkolo aye aba indlela emisiwe yokuphila kwabantu emhlabeni wonke. Lamasiko abelokhu edluliselwa esizukulwaneni ngesizukulwane, futhi abantu bathambekele ekuwabhekeni njengangcwele.
Ingabe Awukukhulekela Ngeqiniso?
Nakuba mhlawumbe abaningi beneliseka ngokulandela amasiko ngokungangabazi, ngamaKristu amaningi okuzisholo lamasiko aveza ingqinamba ephazamisayo. Nakuba kunjalo, uJesu Kristu ngokwakhe owathi: ‘Abakhulekayo abaqinisileyo bayakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso.’ (Johane 4:23) Nokho, amasiko enkolo amaningi ngokusobala asuselwe emikhubeni yenkolo engeyona eyobuKristu, noma efana nayo ngokushaqisayo. Ngokwesibonelo, uSuku Lwayo Yonke Imiphefumulo cishe lufana nomkhosi wobuBuddha we“Ullambana,” usuku olubekelwe eceleni ‘lokubonakaliswa kozwela lwabantwana kokhokho abafile nokukhululwa kwemimoya ebugqilini balelizwe.’ (The New Encyclopædia Britannica, uhlelo lwango-1976, Micropaedia, Umqulu 1, ikhasi 260) Ingabe abalandeli bamasiko anjalo ngempela bakhuleka ngeqiniso?
Abanye baphikisa ngokuthi ukwamukelwa nje kwamasiko esontweni kuwenza angabi mabi. UMkhandlu Wesibili WeVatican ngo-1965 wathi: “ISonto alikususeli emiBhalweni Engcwele kuphela ukuqiniseka kwalo ngakho konke okuye kwembulwa. Ngakho-ke kokubili isiko elingcwele nomBhalo ongcwele kumelwe kwamukelwe futhi kuhlonishwe ngomqondo ofanayo wokuzinikela nenhlonipho.
Khona-ke, kuthiwani uma isiko elenziwe abantu lingqubuzana ngokuyisisekelo nomBhalo kaNkulunkulu ophefumlelwe? Ukuze sithole impendulo, masihlolisise amasiko ngombono weseluleko seBhayibheli.