Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 10/15 k. 7
  • Ingabe Izinkozi Noma Amanqe?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Izinkozi Noma Amanqe?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isibonakaliso
  • Ukukhuphuka Ngamaphiko Njengezinkozi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Lapho Izinkozi Ziya Khona Ukuze Zidle Isidlo Sezinhlanzi
    I-Phaphama!—1995
  • Iso Lokhozi
    I-Phaphama!—2003
  • Izifundo Esizithola Ezinyonini Zezulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 10/15 k. 7

Ingabe Izinkozi Noma Amanqe?

Isibonakaliso

“NOMAPHI lapho kukhona isidumbu, kulapho izinkozi ziyakubuthana khona.’ (Mathewu 24:28, NW) Kunokuba bafunde kulomfanekiso, abanye bawubona unephutha. Bathi izinkozi ziyizinyoni ezizingela ngazinye ezidla izinyamazane ezisaphila, hhayi izidumbu. Ngakho-ke, amanye amaBhayibheli, njengelesiZulu, asebenzisa igama elithi “amanqe.” Kodwa igama lesiGreki elingatshazwayo, elithi a·e·tosʹ, lihunyushwe kahle ngokuthi “ukhozi.”

Olunye uhlobo lokhozi olutholakala kwaIsrayeli luwukhozi olumpofu. “Njengezinyoni eziningi ezidla izinyamazane,” kuphawula uJohn Sinclair noJohn Mendelsohn, “ukhozi olumpofu aluxabene nengcuba futhi ngokuvame kakhulu luphakathi kwezilwane ezifika kuqala kokusanda kubulawa.” Enye ingqapheli yabika ukubuthana kwezinkozi ezingama-60 ezimnyama nezimpofu eKalahari eseAfrika. Yanezela: “UKhozi Olumpofu yilona oluba luningi lapho zihlangana engcubeni. Ezikhathini eziningana izinyoni ezimbili, esingathi umbhangqwana, ziye zabonwa zihlanganyela ekudleni isilwane esibulewe.”

Izinkozi zasolwandle nazo zivamile emazweni aseMedithera. Emakhulwini eminyaka adlule, izinkozi zasolwandle nezinkozi zasezweni zazidla izidumbu zamahhashi abulewe empini. “Kwaziwa kahle . . . ukuthi zilandela amabutho ngaleyonjongo,” kusho iCyclopædia kaMcClintock noStrong.

Njengoba zishesha futhi zibona kude, ngezinye izikhathi izinkozi ziyizinyoni ezifika kuqala esidunjini esisanda kufa. UJesu wayejwayelene nencazelo uJehova uNkulunkulu abuza kuyo uJobe lombuzo othobisayo: “Ukhozi lwenyukela phezulu ngezwi lakho, lwakhe isidleke salo phezulu, na? . . . eweni ledwala eliyinqaba yalo. Lulapho luhlola ukudla kwalo; amehlo alo akubona kusekude . . . lapho kukhona abagwaziweyo, lukhona nalo.”—Jobe 39:27-30.

Ngakho-ke, uJesu wakufanekisela kahle ukuthi yilabo kuphela abaneso elingokomfanekiso lokhozi ababeyozuza esibonakalisweni.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela