Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 8/15 k. 27
  • Ingabe Uyakhumbula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakhumbula?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amaphuzu Avelele Encwadi KaJohane
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-43—UJohane
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • ISanhedrini Imqulisa Icala Bese Eyiswa KuPilatu
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 8/15 k. 27

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe ubatholile omagazini bamuva beNqabayokulinda abayinzuzo engokoqobo kuwe? Kungani ungavivinyi inkumbulo yakho ngemibuzo elandelayo?

◻ Iyini impendulo enkingeni yanamuhla yokukhulelwa kwabevé eshumini elinambili?

Intsha kumelwe inikezwe ukuqondiswa okungokomoya nokokuziphatha. IBhayibheli libonisa ukuthi abazali banomthwalo wemfanelo wokwenza lokhu. (Efesu 6:4)—4/15, ikhasi 4.

◻ Yini ekwenza kube nzima ukukhulisa abantwana ngokuphumelelayo?

Abazali nabantwana abaphelele, ngakho-ke benza amaphutha. (Roma 5:12) Futhi, abantwana abakhulayo bathonywa kakhulu ukuthambekela okubi komphakathi wosuku lwanamuhla; okuba nemiphumela emibi ezintweni zabo ezibalulekile nombono ekuphileni. (2 Thimothewu 3:1-5)—5/1, ikhasi 4.

◻ Yiziphi izindlela ezine ezihlukene eziphawulekayo phakathi kwamaKristu eqiniso nawokuzisholo?

AmaKristu eqiniso ayaliyeka igazi. (IzEnzo 15:28, 29) Alondoloza izindinganiso eziphakeme zokuziphatha. (1 Korinte 6:9, 10) AmaKristu eqiniso awathathi-hlangothi kwezombangazwe noma emibangweni eminingi yobuzwe. (Johane 17:16) Labo abalandela uJesu balingisa isibonelo sakhe sothando ebuhlotsheni babo bomkhaya. (Efesu 5:21-25)—5/1, amakhasi 17-19.

◻ Kungani amaJuda abiza uJesu ngokuthi ungumSamariya? (Johane 8:48)

AmaJuda ayewazonda amaSamariya. Ngakho-ke, lelogama ayelisebenzisa njengesisho sendelelo nesihIamba ngokumelene noJesu.—5/15, ikhasi 8.

◻ Luyini “ulimi oluhlanzekileyo” okukhulunywe ngalo kuZefaniya 3:9, NW?

Lolu ulimi lweqiniso elingokomBhalo olwenza abantu abesaba uNkulunkulu bazo zonke izizwe nezinhIanga bakwazi ukukhonza uJehova ngokubambisana.—5/15, ikhasi 16.

◻ Yikuphi ukukhululeka okuvela ekwakheni ubuhlobo noNkulunkulu?

Ukukhululeka ekwesabeni abantu okugqilazayo nasemikhubeni ecindezelayo engenangqondo nengabalulekile ngempela. (IzAga 29:25) Nokukhululeka ekwesabeni ukufa. (UmShumayeli 9:5, 10; Johane 5:28, 29)—6/1, amakhasi 5-6.

◻ Wayesho ukuthini uJesu lapho ethi: “Buyeza ubusuku, lapho kungesebenze-muntu”? (Johane 9:4)

UJesu lapha wayebhekisela esikhathini lapho ayezokwehlela ethuneni futhi ayengeke esakwazi ukwenza imisebenzi emangalisayo ayeyenza esaphila.—6/1, ikhasi 8.

◻ Ubhapathizo lwamanzi lubonisani?

Ukucwiliswa ngokuphelele emanzini kuwuphawu olufanelekayo lokuzinikezela komuntu kuNkulunkulu, lapho ngakho umuntu eba isikhonzi esimisiwe. Lapho esengaphansi kwamanzi, eqinisweni, uyafa endleleni yakhe yokuphila yakuqala, bese kuthi lapho ephuma emanzini, kuba njengokungathi usephila enkambweni entsha yokuzinikela enkonzweni kaJehova. (Qhathanisa namaRoma 6:2-4; 12:1; Filipi 3:16.)—6/15, ikhasi 29.

◻ Yiziphi ezinye izindlela zokubonisa ukubonga kuJehova?

Lapho ukubonga kunamandla, isifiso esishukumisayo sokukhonza uNkulunkulu siphuphuma ngokwengeziwe enhliziyweni enokwazisa. Enye indlela yokwanelisa lesifiso iwukuhlanganyela enkonzweni, mhlawumbe enkonzweni yobuphayona. Enye, ukuhlanganyela esimisweni sokwakha manje esiqhubekayo emhlabeni wonke.—7/1, ikhasi 11.

◻ Kungani uJesu anikeza abangama-70 babafundi bakhe amandla okuphilisa abagulayo lapho ebathumela emkhankasweni wokushumayela eGalile?

Labafundi, ngokwenza izimangaliso ezinjalo, balungisela uJesu indlela yomsebenzi wokulandelela. Izimangaliso abazenza zaziyokwenza abaninikhaya abaningi babe nesifiso sokubona uJesu futhi balalele isigijimi sakhe soMbuso.—7/1, amakhasi 16-17.

◻ Ingabe uJesu wayebhekisela kuJuda lapho etshela uPilatu ukuthi: “Onginikele kuwe unesono esikhulu”?—Johane 19:11.

Kubonakala sengathi uJesu wayebhekisela kubo bonke ababenomthwalo wemfanelo ngokuba kwakhe ecaleni phambi kukaPilatu. Lokho ngokuqinisekile kwahlanganisa uJuda Iskariyothe, owakhaphela uJesu. (Luka 22:2-6) Kodwa umpristi omkhulu uKayifase nabanye abaholi benkolo nabo futhi babehilelekile ekubangeleni ukuboshwa kukaJesu. (Mathewu 26:59-65; 27:1, 2, 20-23) Ngokunokwenzeka bonke labo ababenecala babehlanganisiwe kulokho uJesu akusho kuJohane 19:11.—7/15, ikhasi 30.

◻ Iyiphi ingozi ebhubhisayo ekhethekile ehlangene nokukhulekela izithombe?

Umhubi wathi ngamaIsrayeli: “Bekhonza izithombe zobuqaba, bazithola besogibeni lokunikela ngamadodana namadodakazi abo siqu emademonini.” (IHubo 106:36, 37, The Jerusalem Bible) ImiBhalo yamaKristu yesiGreki ixwayisa ngengozi efanayo. (1 Korinte 10:19, 20) Ukukhulekela izithombe kwanoma yiluphi uhlobo kuvula ithuba lokuba isithombe sisebenze njengomxhumanisi wamandla obudemoni.—8/1, ikhasi 6.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela