Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 8/15 kk. 3-4
  • Ukucindezela Kokuphumelela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukucindezela Kokuphumelela
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukucindezela Abantu Ababhekene Nakho
  • Yini Engaba Umphumela?
  • Thola Impumelelo Yangempela Ekuphileni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Impumelelo—Kungakhathaliseki Ukuthi Kwenzekani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Indlela Yokufinyelela Impumelelo Yangempela
    I-Phaphama!—2014
  • Iyini Impumelelo Yangempela?
    I-Phaphama!—2014
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 8/15 kk. 3-4

Ukucindezela Kokuphumelela

UKUKHANGISA kweTV kukhuthaza abantu baseNigeria ngokuthi “Yiba ngophumelelayo. Yiba ngobalulekile” ngokusebenzisa uhlobo oluthile lomuthi wokuxubha amazinyo. Nakuba sonke sazi ukuthi umuthi wokuxubha amazinyo ngeke neze ube isihluthulelo sokuba umuntu obalulekile, abakhangisi babonisa ukuthi bayaqaphela ukuthi abantu bafuna ukuhlanganiswa nezinto ezibhalwe ukuthi “impumelelo.”

Isifiso sokuphumelela nokuqashelwa abanye singesingokwemvelo. Nokho, kokubili amadoda nabesifazane ngokuvamile bayigcizelela kakhulu impumelelo yomuntu kangangokuthi bazicindezela ukuba “bahambisane nemfashini yamuva.” Ingabe lokhu kungaba ingozi? Ingabe kungakuthinta?

Ukucindezela Abantu Ababhekene Nakho

Isifiso somuntu siqu sokuceba singacindezela. Abantu abaningi bafuna ukuba bakwazi “ukubukisa ngezindlela [zabo] zokuphila,” ukuba nesikhundla nokuvelela emphakathini.—1 Johane 2:16, qhathanisa neNW.

Umkhaya ungase ucindezele. Emakhaya amaningi indoda kumelwe njalo ilwele ukuthuthukisa iholo layo nesikhundla sayo emsebenzini wayo ukuze ikhuphule izinga lomkhaya emphakathini. Noma umfazi angase alwele ukuba owesifazane oyisisebenzi esiphumelelayo. Abantwana bangaphoqelelwa ngokungenangqondo ukuba bazuze amamaki aphakeme ngokungenangqondo esikoleni. Lokhu kuyinkinga ikakhulukazi emazweni asathuthuka lapho abaningi bekholelwa ukuthi isihluthulelo sokuba umuntu athuthukise izinga lakhe lokuphila siyimfundo ephakeme.

Umphakathi nawo ungamcindezela umuntu ukuba aphishekele imfundo ephakeme, ingcebo, nezikhundla eziphakeme nokuba nethonya. Impumelelo, ngokuvamile elinganiswa ngemali, ingase iholele ekuveleleni, udumo, nenhlonipho. Umhleli weDaily Times yaseNigeria wathi: “Kungakhathaliseki ukuthi izimfanelo zomuntu zingaba zinhle futhi zikhange kanjani, [abantu] abaningi abamhloniphi futhi bamqaphele, uma engenamali.”

Yini Engaba Umphumela?

Impumelelo enjalo yezwe ingayiletha injabulo ethile, kodwa cabangela futhi inkokhelo enkulu okuyifunayo. Umlobi wamaphephandaba uAchike Okafo wabhala: “Imikhaya ehlelekile . . . iyawohloka nsuku zonke, ikakhulukazi ngenxa yemali nalokho okungathengwa imali. . . . Ngisho nabalingane bomshado abasahlala ndawonye abakhulumi neze ngezibopho zabo zobuzali . . . ngoba bonke bamatasa kakhulu ekuphishekeleni izinto ezibonakalayo ezifunekayo zenhlala-kahle.” Okwenezela kulokhu inkinga yabantwana abanganakwa abaphendukela emilalisweni nasebugebengwini noma abeqayo emakhaya, futhi inkokhelo iba ephakeme kakhulu.

Ukucindezela kokuphumelela kuye kwaphoqelela abanye abantu abahahayo ukuba bahileleke ekungathembekini noma ekuziphatheni okubi. Abesifazane abasebasha baye bathengisa ngobulili ukuze bathole imiphumela emihle ekuhlolweni nasekuqashweni emsebenzini. Ngisho nalapho impumelelo ifinyelelwa ngobuqotho, abantu abachumayo bangase babhekane nenzondo noma umona wabangaphumeleli nobuzenzisi ‘babangane’ abakhangwa ingcebo nesikhundla. (UmShumayeli 5:11) Ingabe lena impumelelo yangempela?

Umlobi ohlakaniphile womShumayeli eBhayibhelini uyalandula. Ngemva kokuhlola ingcebo yakhe, amandla, nesikhundla kanye nenjabulo lokhu okukulethile, waphetha ngokuthi lokhu “kwakuyize nokufuna umoya.”—UmShumayeli 2:3-11.

Ingabe lokhu kusho ukuthi konke okuphishekelwayo ekuphileni kuyize? Noma ingabe kukhona ukulinganisela okufanelekile abantu abangaba nakho lapho besahlela umsebenzi ovuzayo? Yini okuhlangenwe nakho okubonisa ukuthi cishe kuyoba umgomo ofanele ukulwelwa?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela