Woza Ulalele Inkulumo Yeningi Ethi:
Ukulunga Kubo Bonke Ngomahluleli KaNkulunkulu Omisiwe
Sekuyisikhathi eside ohulumeni bezama ukufinyelela Ùkulunga Kubo Bonke,’ njengoba kwenza amaGreki asendulo ababahluleli bawo bezwa amacala abucayi omthetho kuleAreyophagu, noma iMars’ Hill. Eminyakeni engaphezu kwe-1 900 edlule, kulenkantolo yokwahlulela enye indoda yabonisa indlela ukulunga kubo bonke okuyofezeka ngayo. Inkulumo yayo iyohlolisiswa enkulumweni eyinhloko yoMhlangano Wesigodi “Wokulunga Kwaphezulu” walelihlobo woFakazi BakaJehova.
Lenkulumo ungayizwa kunoma imuphi wemihlangano enjalo eyi-14 eqhutshwa eNingizimu Afrika kulelihlobo. Isimiso somhlangano sinikeza futhi izingxoxo zeBhayibheli eziwusizo ezindabeni ezingokoqobo zokuphila, namadrama amabili eBhayibheli afundisayo.
Thintana neHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova elisendaweni yakini ukuze uthole isikhathi nendawo yomhlangano oseduze nawe, noma ubhalele abacindezeli balomagazini. Lenkulumo iyonikezwa ngeSonto ngo-2 ntambama.