Ukuqondisisa Izindaba
Izimbangela Zomonakalo
“Phakathi nezinsuku zokuqala zethelevishini, ubudlova babungavezwa njalo nangendlela engokoqobo kunokuba kunjalo namuhla,” kuphawula uDr. Paul Wilson weNhlangano Yobugebengu yaseAustralia. Nokho, ekuchazeni lokho akucabangela njengenqubo yenhlekelele engokwenhlalo nesiphithiphithi, uWilson uyanezela: “Manje, igazi liyagobhoza liphuma emanxebeni asemzimbeni futhi usizi lokufa lubanjwa unya olwenzeka kancane kancane. . . . Intsha ibulawa ngezimbazo futhi iklinywe kancane kancane ezintanyeni ezigenciwe futhi ukukhahlela kwayo kokufa kuthathwa yikhamera ngendlela yothando.”
Esihlokweni sakhe esiphuma kuThe Sydney Morning Herald, uDr. Wilson wakhuluma ngobunzima abacosheli bezindaba ababuthola ekuvuseni isithakazelo somphakathi waseAustralia ngokugumbuqelwa kwamuva kombuso okungenakho ukuchithwa kwegazi eFiji eseduze. Siyini isizathu? “Ubudlova buwuphawu lokuzilibazisa kwanamuhla,” kusho uWilson. Ukuvezwa kwezindaba kuTV nasemaphephandabeni kwakuqondile, kuhlaziywe ngokunakekela, futhi kuyiqiniso, kodwa yayingekho “imifanekiso yethelevishini evela ibuye inyamalale yobudlova nezigaba zamaphephandaba ezichaza izibhelu,” echaza.
Yeka ukuthi lenkanuko edlondlobalayo yokujatshuliswa ubudlova ifanelana kanjani nencazelo yeBhayibheli yalabo abaphila “ezinsukwini zokugcina” zesimiso sezinto samanje! Kulesizukulwane sokugcina esibucayi, abantu bachazwe ‘njengabangazithibi, abangenabumnene, nabangathandi okuhle.’—2 Thimothewu 3:1, 3.
Ukuba Nomfazi Oyedwa Noma Isithembu?
Ingabe isonto kumelwe limukele amalungu anabangane bomshado abangaphezu koyedwa? Ukuze lixazulule lenkinga, iSonto laseSheshi eUganda liye lamisa iqembu lokuhlola “isithembu nomkhaya wamaKristu.” IEcumenical Press Service ibika ukuthi, ngokwelinye ilungu leqembu lokuhlola, umBhishobhi uChristopher Senyonjo, ukuba nabangane bomshado abengeziwe akwemukeleki nje kuphela kodwa futhi kunenzuzo. Kungani ezizwa ngaleyondlela? Uthi, imishado yesithembu ingasiza ekuvimbeleni ukusakazeka kwesifo iAIDS. Ngaphezu kwalokho, ugomela ngokuthi amaKristu angazikhethela ukuthi afuna isithembu noma cha, ethi uKristu ‘uyoyishintsha imishado yethu eyisidina neduma ibe yiwayini elimnandi, kungakhathaliseki ukuthi ihilela umfazi oyedwa noma isithembu.”
Nokho, iBhayibheli libonisa ngokukhanyayo ukuthi uJehova uNkulunkulu, uMsunguli womshado nomfazi oyedwa, akavumelani nalokho. Waphefumlela umphostoli uPawulu ukuba abhale: “Akube-yilowo nalowo abe-nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe-neyakhe indoda.” (1 Korinte 7:2) Ngokubalulekile, uPawulu kamuva wabhala ngokuphathelene nezimfanelo zalabo abelusa umhlambi: “Khona-ke umbhishobhi kumelwe angasoleki, indoda enomfazi oyedwa.”—1 Thimothewu 3:2, King James Version.
Nokho, amaKristu eqiniso eAfrika, njengakwezinye izindawo, abheka isithembu ngalokho esiyikho—ukwephulwa komthetho kaNkulunkulu.
Ukushumayela Ngenxa Yenzuzo
Abapristi beSonto laseLuthela eSweden bebengajabulile ngamaholo abo ngoba, njengoba kubikwa, amaholo abo “aphansi uma eqhathaniswa nalawo akhokhwa kweminye imisebenzi enezifundo ezithatha isikhathi esifushane noma ukuqeqeshwa.” Nokho, ngokomthombo wezindaba woMkhandlu Wezwe Wamasonto, izinto manje seziyalunga. Ngemva “komkhankaso omude futhi ngakolunye uhlangothi obuhlungu,” muva nje abapristi baye bathola amahora angama-40 okusebenza ngesonto. Kodwa kuthiwani uma abantu baseSweden bedinga usizo lwabapristi ngemva kwamahora okusebenza? Isivumelwano esisha somsebenzi siqinisekisa futhi inkokhelo yesikhathi esingaphezu kwesivamile yehora ngalinye elingaphezulu lomsebenzi wokunakekela kobupristi. Amaholo anjalo esikhathi esingaphezu kwesivamile kulindeleke ukuba enyuse amaholo abo aminyaka yonke ngamaphesenti ayi-10 kuya kwayi-12.
Ngokuphambene nokukhathalela amaholo angcono ngezinkonzo zabo okuphakathi kwabapristi baseSweden, lapho uJesu ethuma abafundi bakhe ukuba bayoshumayela, wabatshela: “Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle. Ningaphathi-golide, nasiliva, nathusi emixhakeni yenu.” (Mathewu 10:8, 9) Wayesho ukuthini? Izindaba ezinhle zoMbuso zazingezukuthengiswa, futhi zazingezukusetshenziselwa izinzuzo zobugovu zomuntu siqu. Abafundi banamathela ekuqondiseni kukaJesu, futhi inkonzo yabo yafezwa. Ngani? Ngoba uNkulunkulu wabasekela enkonzweni.