Ukuphefumula ‘Umoya’ Walelizwe Kuyabulala!
“Nina uNkulunkulu waniphilisa nakuba nanifile eziphambekweni nasezonweni zenu, lezo enake nahamba kuzo . . . ngokombusi wegunya lomoya.”—EFESU 2:1, 2, NW.
1. Ukungcola komoya kuye kwaba kanjani okubulalayo kubantu?
UKUPHEFUMULA umoya omusha! Yeka ukuthi kuqabula kanjani ngemva kokuba sendlini ekhuntelene! Kodwa ngisho nasezindaweni ezivulekile, ukungcola komoya kuyinkinga enkulu namuhla. Ubuthi obusemkhathini buningingezinga elithusayo emazweni amaningi.Intuthu enobuthi, uthuli olunobuthi namakhemikhali, namagciwane abanga izifo konke kuhamba ngomoya. Umoya osekela ukuphila, olungiselelwe ngobuningi uMdali wethu onothando, uya ngokuyaubaobulala kakhulu ngenxa yobugovu nokunganaki komuntu.
2. Imuphi “umoya” ongcolile oyingozi kakhulu kunomoya ongcolile esingase siwuphefumule?
2 Nokho, kukhona olunye uhlobo “lomoya” ongcolile olubulala ngisho nangaphezulu, oluyingozi njengokungcola komoya. Akuwona umoya ongcolile owabangelwa ingozi yenuzi eChernobyl (U.S.S.R.) noma umoya ogcwele intuthu waseLos Angeles, eCalifornia (U.S.A.). Cha, sisengozini yokuphefumula ‘umoya’ obulala kakhulu. Umphostoli uPawulu wakhuluma ngawo lapho etshela amaKristu akanye nawo: “Nina uNkulunkulu waniphilisa nakuba nanifile eziphambekweni nasezonweni zenu, lezo enake nahamba kuzo ngokwesimiso sezinto salelizwe, ngokombusi wegunya lomoya, umoya manje osebenza kubantwana bokungalaleli.”—Efesu 2:1, 2, NW.
3, 4. (a) Ubani “umbusi wegunya lomoya”? (b) Kungani “umoya” wabase-Efesu 2:1, 2 ungesiyo indawo yokuhlala yamademoni?
3 Uyini ‘lomoya’? UPawulu ubonisa ukuthi ‘unegunya,’ noma amandla, futhi kukhona ‘umbusi’ phezu kwawo. Akukho kungabaza ngokuthi ungubani lombusi. UnguSathane uDeveli, lowo uJesu Kristu ambiza ngokuthi “umbusi walelizwe.” (Johane 12:31) Beqaphela lokhu, abanye abacwaningi beBhayibheli banomuzwa wokuthi uPawulu lapha waboleka emithonjeni yobuJuda noma yobuqaba futhi wayekhuluma ngomoya njengoyindawo yamademoni elawulwa uDeveli. Izinguqulo eziningi zeBhayibheli ziveza lombono. Kodwa “lomoya” awufani ‘nomkhathi’ okuhlala kuwo “omoya bobubi.”—Efesu 6:11, 12.
4 Ngesikhathi uPawulu ebhalela amaKristu e-Efesu, uSathane namademoni babe sesezulwini, nakuba babengekho emseni kaNkulunkulu. Babesazolahlelwa phansi emhlabeni. (IsAmbulo 12:7-10) Ngaphezu kwalokho, umoya uhlobene ikakhulukazi nabantu kunezidalwa zomoya. Ngokufanelekile, umphakathi wabantu wawuzozwa imiphumela lapho isitsha sokugcina solaka lukaNkulunkulu sithululelwa “emoyeni.”—IsAmbulo 16:17-21.
5. Imuphi “umoya” okuxoxwa ngawo lapha, futhi unathonya lini kubantu?
5 Ngakho, kubonakala sengathi uPawulu usebenzisa umoya ongokoqobo, noma umkhathi, ukufanekisela isimo esivamile, noma isimo esibusayo sobugovu nokungalaleli, esiboniswa abantu abadediselwe kude noNkulunkulu. Uyafana ‘nomoya manje osebenza kubantwana bokungalaleli’ ‘nomoya wezwe.’ (Efesu 2:2; 1 Korinte 2:12) Njengoba nje umoya ongokoqobo ukuyo yonke indawo, ulungele ukuphefumulwa, kanjalo “umoya wezwe” uhlale ukhona. Kusukela bengabantwana kuze kube sethuneni, ungena, uthonye futhi ulolonge indlela abantu abacabanga futhi benze ngayo ekufuneni kwabo ukugcwalisa izifiso namathemba abo.
6. (a) Andiswa kanjani amandla ‘omoya’ walelizwe, futhi alisebenzisa kanjani “igunya”? (b) Ukuphefumula ‘lomoya’ kungamthonya kanjani umuntu ukuba alingise indlela kaDeveli yokuhlubuka?
6 Lomoya wokona nokuhlubuka ubusa phezu komphakathi wesintu esingaphelele. Njengoba “lomoya” uphefumulwa, amandla awo abulalayo andiswa ukucindezela kontanga nothando olukhula njalo lwenjabulo yenyama. Ngakho, ‘unegunya’ elikhulu phezu kwabantu. (Qhathanisa namaRoma 6:12-14.) Yiqiniso, uDeveli ungumqambi wakho konke okubi. (Johane 8:44) Ngakho uthonya abantu ukuba balingise inkambo yakhe yokuhlubuka futhi kanjalo uphefumlela, alolonge, futhi alawule ‘lomoya’ womphakathi. ‘Njengombusi’ phezu kwalamandla amabi, noma ‘igunya,’ uSathane uwasebenzisa ekulawuleni ukucabanga kwabantu. Izici zawo zenzelwe ukuba zigcine abantu bematasa ngokwanelisa izifiso zenyama nokufuna izithakazelo zezwe kangangokuthi abanasikhathi noma ukuthambekela kokwazi uNkulunkulu nokuthobela umoya wakhe ongcwele, “uMoya ophilisayo.” (Johane 6:63) Bafile ngendlela engokomoya.
7. (a) Kungayiphi indlela amaKristu ‘ayengabantwana bolaka’? (b) Lapho siba amaKristu, iluphi ushintsho olwenzeka?
7 AmaKristu nawo ayengaphansi ‘kwegunya,’ noma ukulawula ‘kwalomoya’ ongcolile ngaphambi kokuba afunde iqiniso leZwi likaNkulunkulu futhi aqale ukuvumelana nezindinganiso zakhe zokulunga. “Esasikade sihamba phakathi kwabo [abantu bezwe] sonke ezinkanukweni zenyama yethu, senza intando yenyama neyengqondo; ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabo abanye.” Kodwa lapho siba ngamaKristu, sayeka ukuphefumula ‘umoya’ obulalayo walelizwe. ‘Sakhumula umuntu omdala ongowenkambo yokuqala sembatha umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.’—Efesu 2:3; 4:22-24.
8. Isimo sethu namuhla sifana kanjani naleso sesizwe sakwaIsrayeli ehlane?
8 Manje ingozi iwukuthi, ngemva kokuba sesibalekile emkhathini ongcolile walelizwe, singase siyengelwe ukuphindela kuwo. Lapha, sisekujuleni ‘kwesikhathi sokugcina’ nasonqenqemeni lomhlaba omusha. (Daniyeli 12:4) Ngokuqinisekile asifuni ukulahlekelwa ngenxa yokubambeka ogibeni olufanayo njengoba kwenza amaIsrayeli. Ngemva kokuba ekhululwe ngokuyisimangaliso eGibithe futhi esefiké emngceleni weZwe Lesithembiso, izinkulungwane ‘zashaywa phansi ehlane.’ Ngani? Ngoba abanye bakhonza izithombe, abanye benza ubufebe, abanye balinga uJehova ngokububula nangokukhonona kwabo. UPawulu uveza iphuzu elinamandla lapho ethi: “Kepha lezozinto zabehlela bona kube-yisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina, osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi.”—1 Korinte 10:1-11.
9. (a) Singaba kanjani sezweni kodwa singabi yingxenye yalo? (b) Kumelwe sibe njani ukuze sigweme ukuphindela emoyeni obulalayo walelizwe?
9 Ngokuqondene nabafundi bakhe, uJesu wathandaza: “Ngokuba bengesibo abezwe, njengalokho nami angisiye owezwe. Angiceleli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ubalonde kokubi.” (Johane 17:14, 15) UJehova uyosilonda, kodwa akasibiyeli “ngothango,” noma asivikele ngokuyisimangaliso ‘emoyeni’ walelizwe. (Jobe 1:9, 10) Ngakho inselele esibhekene nayo iwukuba sezweni likaSathane, kodwa singabi yingxenye yalo, ukuba sizungezwe ‘umoya’ walo ongcolile, kodwa singawuphefumuli. Uma sifunda izincwadi zezwe, sibuka itelevision noma siya ezindaweni zokuzijabulisa, cishe siyochayeka “emoyeni” walelizwe. Nakuba ukuhlangana nabantu bezwe kungenakugwenywa—emsebenzini, esikoleni, nangezinye izindlela—kumelwe sihlale siqaphile ukuze sigweme ukuphindela emoyeni obulalayo walelizwe.—1 Korinte 15:33, 34.
10, 11. (a) Ukuba kwethu sepharadesi likaJehova elingokomoya kungaqhathaniswa kanjani nokuhlala engxenyeni ‘yabangabhemi’? (b) !ziphi izinyathelo okufanele sizithathe uma kuzwakala iphunga ‘lomoya’ walelizwe?
10 Isimo sethu singasiqhathanisa nokuhlala endlini yokudlela enengxenye ‘yababhemayo’ ‘neyabangabhemi.’ NjengamaKristu epharadesi likaJehova elingokomoya, ngokufanelekile sisengxenyeni ‘yabangabhemi,’ kude nomoya walelizwe. Ngokuqinisekile, asinakuhlala ngamabomu engxenyeni ‘yababhemayo.’ Lokho bekungaba ubuphukuphuku. Kodwa yini evame ukwenzeka lapho sihleli engxenyeni ‘yabangabhemi’ endlini yokudlela? Phela, umoya ogcwele intuthu, ongcolile, uza ngakithi futhi siyawuhogela! Lapho lokhu kwenzeka, ingabe sithola umoya ongcolile uheha? Noma asiwubalekeli yini ngokushesha ngangokunokwenzeka?
11 Kodwa yini oyenzayo lapho ‘umoya’ walelizwe uza ngakuwe? Ingabe uthatha isinyathelo esisheshayo sokubalekela lelithonya elibi? Uma uhlala lapho futhi uwuphefumule, ungaqiniseka ukuthi ukucabanga kwakho kuyothonyeka. Lapho uqhubeka uphefumula “lomoya,” kulapho wakha ukuwubekezelela okukhulu. Ngaphezu kwalokho, ngokuhamba kwesikhathi, iphunga alibe lisanyanyeka kangako kunalokho liyakhanga, lijabulise, lifiseleke enyameni. Lingase likhulise isifiso sangasese obukade ulwa nokusilawula.
12. Yini edingekile ukuze sigweme ukuthonywa yilezo zici ‘zomoya’ walelizwe ezingabonakali kalula?
12 Ezinye izici ezibulalayo ezingcolisa ‘umoya’ waleli zwe azibonakali kalula, njengoba izici ezingcolisa umoya ongokoqobo ezinjengecarbon monoxide zingenalo iphunga futhi zingenakho ukunambitheka. Khona-ke, ingozi iwukuthi singase singayiboni ‘intuthu ebulalayo’ kuze kube yilapho isisinqobile. Ngakho, sidinga ukuqapha ukuze singaholelwa ogibeni lokufa yisimo salelizwe sokuyekelela noma ukungazithobeli kwalo izindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga. UPawulu wakhuthaza amaKristu akanye nawo ukuba ‘ayalane imihla ngemihla . . . ukuze kungabikho kini owenziwa-lukhuni ngokukhohlisa kwesono.’—Heberu 3:13; Roma 12:2.
Yini Eyakha “Umoya” Walelizwe?
13. (a) Iluphi uhlobo “lomoya” waleli zwe okufanele siluqaphele? (b) Kubonakala kanjani ukuthi lomoya usuye wathonya abanye babantu bakaJehova?
13 Isiphi isimo esivamile esingase siqale ukuba naso, singanakile, ngenxa yethonya elinamandla “lomoya” walelizwe? Esinye siwukuthambekela ekudlaleni ngezinto ezingcolile. Imiqondo yaleli zwe ngobulili nangokuziphatha isizungezile. Abaningi bathi: ‘Kulungile ukwenza ubufebe, ukuzala abantwana ungashadile, nokwenza ubungqingili. Simane senza okujwayelekile, okuyimvelo.’ Ingabe “lomoya,” noma umoya wezwe, usuye wathonya abantu bakaJehova? Ngeshwa, phakathi nonyaka wenkonzo ka-1986, abayizi-37 426 kwadingeka basuswe ekuhlanganyeleni nebandla lobuKristu, abaningi babo ngenxa yokuziphatha kabi ngokobulili. Futhi lokhu akuhlanganisi isibalo esikhulu nangaphezulu sabasolwa ngenxa yokuziphatha okubi kodwa bangasuswa ekuhlanganyeleni ngoba baphenduka ngobuqotho.—IzAga 28:13.
14. Kungani amanye amaKristu ephuma endleleni ngokokuziphatha, enqaba siphi iseluleko esingokombhalo?
14 Kwenzekani kulabo abawela ekuziphatheni okubi kobulili? Lapho amaqiniso evela obala, ngokuvamile kutholakala ukuthi baye baqala futhi ukuphefumula ‘umoya’ obulalayo walelizwe. Baye bavumela isimo sezwe sabenza behlisa izindinganiso zabo. Ngokwesibonelo, bangase baqale ukubuka amabhayisikobho ababe ngeke bawabuke eminyakeni edlule. Okubi nangaphezulu, kumavideo asemakhaya bangase babuke izithombe ezingamfanele neze umKristu. Ukudlala okunjalo ngezinto ezingcolile kumelene ngokuqondile nesiyalo esingokomBhalo: “Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele, nehlazo, nokubheda, nokulawula.”—Efesu 5:3, 4.
15. IsHingo sokudlala ngokuziphatha okubi kobulili singaqala kanjani kalula?
15 Yiqiniso, ungase wale ngokushesha noma isiphi isicelo esiqondile sokwenza ubufebe. Kodwa wenzenjani lapho othile emsebenzini noma esikoleni ezama ukukudlalisa sakushela, ezama ukukujwayela kakhulu ngokomzimba, noma ekumema ukuba uphole naye? Amaphunga ‘omoya’ walelizwe aye eza kanjalo ngakuwe. Ingabe uyazivumela ukuba ujabulele lokho kunakwa, ukuba ukukhuthaze? Ngokwemibiko evela kubadala, ukwenza okubi kuvame ukuqala ngezindlela ezinjalo zokunganaki. Indoda yezwe ingase ithi kowesifazane ongumKristu: “Awuve ubukeka kahle namhlanje!” Lokho kungase kujabulise ukukuzwa, ikakhulukazi uma owesifazane ezizwa enesithukuthezi. Okubi nangaphezulu, abanye abazange basabele ngokuhlakanipha emizamweni yokuthintwa okungafanele. Baye babonisa isimo sokungafuni kodwa ngendlela yokuyekelela kangangokuthi umuntu wezwe wakhuthazeka ukuba aqhubeke nalokho ayekwenza. Kuthiwani uma lokho kweshelwa okubi kowesifazane ongumKristu kuqhubeka, njengephunga elinamandla lomoya ongcolile eliza ngakuye? Ngendlela eqinile, kufanele amtshele ukuthi akakufuni ukunakwa nguye futhi ngeke akwamukele. Uma eqhubeka ephefumula “lomoya,” ukwenqaba kwakhe kuyophelelwa amandla. Angase aholekele ekuziphatheni okubi, uma kungekhona emshadweni ongenangqondo.—Qhathanisa nezAga 5:3-14; 1 Korinte 7:39.
16. Yini edingekayo ukuze sibe “yiphunga elimnandi likaKristu”?
16 Ngakho, shesha ukwenqaba ‘umoya’ walelizwe obulalayo wokuziphatha okubi. Esikhundleni sokuvumela iphunga lawo elihehayo futhi ulethe isihlamba egameni likaJehova nasenhlanganweni, yiba iphunga elimnandi kuNkulunkulu ngesimo sakho nokuziphatha kokwesaba uNkulunkulu. UPawulu wakubeka ngalendlela: “Ngokuba siyiphunga elimnandi likaKristu kuNkulunkulu kubo abasindiswayo nakubo abalahlwayo, kulabo siyiphunga lokufa kube ngukufa, kodwa kulabo siyiphunga lokuphila kube ngukuphila.” (2 Korinte 2:15, 16) Kunandabani uma abaningi benqaba indlela yobuKristu? (1 Petru 4:1-5) Yeka izwe liqhubeke endleleni yalo, livune isivuno salo esibi samakhaya ahlukene, ukuzala okungemthetho, izifo ezithathelwana ngobulili, njengeAIDS, nezinye izinhlupheko ezingenakubalwa ezingokomzwelo nezingokomzimba. Ngeke usinde nje kuphela ezinhlungwini eziningi kodwa futhi uyozuza umusa kaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, okungenani abanye bayohlatshwa umxhwele ukuziphatha kwakho okuhle nesigijimi soMbuso osishumayelayo, ngaleyondlela bakhangwe ‘iphunga lokuphila kube ngukuphila.’
“Umoya” Wezitayela Zezwe
17. Izitayela zokugqoka nezokuzilungisa zingabonisa kanjani ukuthi umuntu useye wathonywa umoya walelizwe?
17 Esinye isici ‘somoya’ walelizwe siphathelene nezitayela zokugqoka nokuzilungisa. Abaningi ezweni bagqoka ngendlela yokuba bakhange ngokobulili. Ngisho nabase ngaphansi kweminyaka eyi-12 bafuna ukuzilungisa ngendlela yokuba babukeke bebadala, begcizelela ubulili. Ingabe ‘lomoya’ owandile, noma isimo, uyakuthinta? Ingabe ugqokela ukuvusa imizwa, ukucanula, ukuvusa ngokungafanele isithakazelo salabo bobulili obuhlukile? Uma kunjalo udlala ngomlilo. Ukuphefumula “lomoya” kuyocinanisa umoya wakho wesizotha, isifiso sakho sokuba-msulwa. (Mika 6:8) Labo abanomoya wezwe bayokhangwa nguwe. Ngezenzo zakho, bayothola isigijimi sokuthi ukulungele ukuhlanganyela nabo ekuziphatheni okubi. Kodwa kungani uqala lenkambo ngokuvumela ‘umoya’ onjalo ukuyengele ekwenzeni okubi emehlweni kaNkulunkulu?
18. Ukukhumbula njalo ukuthi simeIela uJehova kuyosisiza kanjani ekukhetheni izitayela zokugqoka nezokuzilungisa?
18 Ukuze sibe nesizotha, akudingeki ukuba sigqoke nomasizilungise kabi noma ngendlela engakhangi. Cabangela indlela iningi loFakazi BakaJehova eligqoka futhi lizilungise ngayo. Bagwema izitayela zalelizwe ezeqisayo kodwa bazigcinabekhanga, bekhumbula ukuthi bayizikhonzi ezimelele uMbusi wendawo yonke, uJehova.Izweli_ ngamane lizigxeke izitayela zabo ezizothile. Abalingi bavumele isimo salelizwe sibabangele behlise izindinganiso zabo zobuKristu. “Ngakho ngisho, ngifakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokho kuhamba abezizwe ebuzeni bengqondo yabo . . . abathi bebuthuntu, bazinikela emanyaleni, ukuze basebenze ukungcola konke ngokuhuheka.” (Efesu 4:17-19) UmKristu ovuthiwe uyogqoka ngokulinganisela, engenzi njengoba kwenza abezizwe.—1 Thimothewu 2:9, 10.
19. Ngemva kokucabangela iziciezimbili ezinkulu ‘zomoya’ walelizwe,yini esibonakala kakade ngengozi yokuwuphefumula?
19 Okwamanje, sisacabangele izici ezimbili kuphela ‘zomoya’ walelizwe. Kodwa sesibonile kakade ukuthi “lomoya” ulimaza kakhulu empilweni engokomoya. Esihlokweni esilandelayo, sizofunda ngezinye izici ‘zalomoya’ obulalayo uDeveli nesimiso sakhe abaqhubeka bewuvuthela kumaKristu, bethembaukuthi ayowuvumela. Yeka ukuthi kubalulekekanjani ukubasigweme ‘umoya’ onjalo,ngobaukwamukela umoyawalelizwe kufananokuphefumula umhwamuko wokufa!
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Uyini ‘umoya’ walelizwe futhi ubani owubusayo?
◻ ‘Umoya’ wezwe unaliphi “igunya” phezu kwabantu?
◻ Kungani kungathiwa amaKristu asendaweni ‘yabangabhemi’?
◻ Ngokuqondene nokudlala ngezinto ezingcolile, ‘umoya’ walelizwe ungabathonya kanjani abantu bakaJehova?
◻ Isizotha singasisiza kanjani ukuba sigweme ukuthonywa ‘umoya’ walelizwe ngokuqondene nokugqoka nokuzilungisa?
[Isithombe ekhasini 10]
Ingabeuyenqaba ukuphefumula ‘umoya’ walelizwe obulalayo?
[Isithombe ekhasini 13]
Yini oyenzayo uma amaphunga ‘omoya’ walelizwe eza ngakuwe?