Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Izinyembezi Zaphenduka Injabulo Enkulu
LAPHO uJayiru ebona owesifazane onesifo sokopha ephulukiswa, aku ngabaze ki ukuthi ithemba lakhe emandleni kaJesu ayisimangaliso liyanda. Ngasekuqaleni kosuku, uJayiru wayecele uJesu ukuba eze asize indodakazi yakhe ethandekayo eneminyaka eyi-12, eyayisethunzini lokufa. Kodwa lapho beya emzini kaJayiru, eKapernawume noma ngakhona, owesifazane omane athinte umphetho wengubo kaJesu uyaphulukiswa.
Nokho, phakathi nalesosikhathi lokho uJayiru akusaba kakhulu kuyenzeka. Lapho eJesu esakhuluma nowesifazane, amadoda athile ayafika futhi anyenyezela uJayiru: “Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na?”
Yeka indlela lezozindaba ezibuhlungu ngayo! Cabanga nje: Lendoda, ehlonishwa kakhulu emphakathini, manje ayisenathemba ngokuphelele njengoba izwa ngokufa kwendodakazi yayo. Nokho, uJesu uyayizwa ingxoxo. Ngakho, ephendukela kuJayiru, ngokukhuthazayo uthi: “Ungesabi, kholwa kuphela.”
UJesu uhamba nendoda elusizi njengoba iphindela ekhaya, Lapho befika, bathola ukukhala okukhulu nokububula. Isixuku sesiqoqene, futhi silusizi. Lapho uJesu engena uyabuza: “Niyaluzelani, nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele”
Lapho bezwa lokhu abantu baqala ukumhleka usulu uJesu ngoba bayazi ukuthi intombazane ife ngempela. Nokho, uJesu uthi imane ilele nje, ukuze abonise ukuthi, ngamandla akhe awaphiwe nguNkulunkulu, abantu bangabuyiswa kalula ekufeni njengoba bengase bavuswe ebuthongweni obujulile.
Manje uJesu uyala wonke umuntu ukuba aphume ngaphandle kukaPetru, ujohane, ujakobe, nonina noyise wentombazane efile. Khona-ke uya nalaba abayisihlanu lapho lentombazanyana ilele khona. Eyibamba ngesandla, uJesu uthi: “Thalitha, kumi,” okungukuthi ngokuhunyushwa, “Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!” Futhi ngokushesha intombazane iyavuka futhi iqala ukuhamba! Lombukwane ucishe wenza abazali bayo basangane ngenxa yenjabulo enkulu.
Ngemva kokuyala ukuba umntwana anikezwe ukudla, uJesu uyala uJayiru nomkakhe ukuba bangatshelimuntu okwenzekile. Kodwa naphezu kwalokho uJesu akushoyo, indaba yakho isakazekela kuso sonke lesosifunda. Lokhu ku ngokwesibili uJesu evusa umuntu. Mathewu 9:18-26; Marku 5:35-43; Luka 8:41-56.
◆ Yiziphi izindaba uJayiru azitholayo, futhi uJesu umkhuthaza kanjani?
◆ Siyini isimo lapho befika emzini kaJayiru?
◆ Kungani uJesu ethi umntwana ofileyo umane ulele?
◆ Obani abayisihlanu abanoJesu abazibonela ngokwabo uvuko?