Imibuzo Evela Kubafundi
■ Ingabe umuntu onikezela ukuphila kwakhe kuJehova uNkulunkulu angakubiza ngokufanelekile ngokuthi isifungo?
Abantu abafinyelela ekuthandeni uNkulunkulu weqiniso nabazimisela ukumkhonza ngokuphelele kufanele banikezele ukuphila kwabo kuJehova bese bebhapathizwa. Nakuba iBhayibheli lingalisebenzisi igama elithi “isifungo” ngokuqondene noku zinikezela kobuKristu, ukulisebenzisa akukona okungamukeleki.
I-Aid to Bible Understanding iyachaza ukuthi ngokomBhalo isifungo “isithembiso esi ngathi sína sokwenza isenzo esithile, ukwenza umnikelo noma isipho esithile, noma ukungenela inkonzo noma isimo esithile; isiqinisekiso, esivumayo noma esiphikisayo,” Ezinye izifungo ezisemiBhalweni yeBhayibheli zihilela isiqinisekiso sokulandela inkambo ethile uma uNkulunkulu enzé okuthile kuqaia. Ngokwesibonelo, uNumeri 21:2 uyalandisa: “UIsrayeli wenza isithembiso kuJehova, wathi: “Uma unikela nokunikela lababantu esandleni sami, ngiyakuchitha impela imizi yabo,” (Genesise 28:20-22; AbAhluleli 11:30-39) Ukunikezela komKristu ukuphila kwakhe kuNkulunkulu akusona isifungo esinemibandela kanjalo. Ngamanye amazwi, akasho ukuthi: ‘Uma wena Jehova, ungijabulisa futhi ungichumisa manje futhi ungiqinisekisa ngokuphila okuphakade esimisweni esisha sezinto, ngithembisa ukukukhonza kukho konke ukuphila kwami.’
IBhayibheli Iiveza ezinye izifungo njengezingacelwanga. IWilson’s Old Testament Word Studies ithi ngegama lesi Heberu elihilelekile: ”[na·daŕ] ukufunga, okungukuthi, ukuthembisa ngokuzithandela ukupha noma ukwenza okuthile; umqondo oyinhloko owokubekela eceleni.” Ngakho umuntu ngokuzithandela wenza isifungo kuNkulunkulu. Ingabe ngalokho kungacatshangwa ukuthi ukuba komuntu umfundi kaJesu ozinikezele, nobhapathiziwe akunakusho isifungo ngoba uNkulunkulu manje ufuna ukuzinikezela kubo bonke abafuna ukuvunyelwa nguYe?a
Nokho, iqiniso lokuthi uJehova unezimfuneko ezithile ukuze umuntu abe umhlobo wakhe alisho ukuthi akukho kuzikhethela komuntu siqu okuhilelekile, UMose watshela amaisrayeli: “Ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile wena nenzalo yakho.” (Duteronomi 30:19, 20; IHubo 15:1-5, qhathanisa noJoshuwa 24:15; 1 AmaKhosi 18:21.) Khumbula amazwi kaJesu: “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza. Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.” (Mathewu 11:28, 29) Ingabe leyo imfuneko ephoqayo? Noma ingabe isimemo esivumela ukusabela kokuzithandela?
UJesu wazalelwa esizweni esizinikezele kuNkulunkulu; izici eziningi zokuphila nokufa kwakhe zazinqunywe kusengaphambili esiprofethweni, futhi uNkulunkulu walungiselela uJesu umzimba ukuba anikele ngawo njengomhlatshelo, Noma kunjalo isinqumo sikaKristu sokuzithandela lapho eziletha ukuba enze inkonzo ekhethekile siboniswe emazwini akhe: “Ngase ngithi: Bheka, ngiyeza—emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami—ukuba ngiyenze, Nkulunkulu, intando yakho.” (Heberu 10:5-10) Ngendlela efanayo, umuntu ngamunye kufanele azinqumele ngokwakhe ukuba umKristu ozinikezele, obhapathiziwe,
Ngaphezu kwalokho, amaKristu namuhla ayaqaphela ukuthi ukusetshenziswa kwegama elinjengelithi “isifungo” akulinganiselwe kuphela endleleni elasetshenziswa ngayo eBhayibhelini. OFakazi BakaJehova kade babesebenzisa “izifungo zomshado” emishadweni eyenzelwa emaHholo abo oMbuso.b Lokhu kuvumelana nencazelo evamile ‘yesifungo,’ njengakulencazelo: “isithembiso esingathi sína noma ukuqinisekisa, ikakhulukazi ngendiela yokugomela kuNkulunkulu.”—Oxford American Dictionary, 1980 ikhasi 778.
Ngakho-ke, akubonakali kudingekile ukulinganisela ukusetshenziswa kwegama elithi “isifungo.” Umuntu onquma ukukhonza uNkulunkulu angase abe nomuzwa wokuthi, kuyena, ukuzinikezela kwakhe kokungagodli kusho isifungo somuntu siqu—isifungo sokuzinikezela. ‘Uthembisa ngokungathi sína noma uqinisekisa ukwenza okuthile,’ okuyilokho isifungo esiyikho. Kulendaba, kuwukusebenzisa ukuphila kwakhe ekukhonzeni uJehova, ukwenza intando yaKhe ngokwethembeka, Umuntu onjalo kumelwe azi zwe ngendlela engathi sína ngalokhu. Kufanele kube njengomhubi, owathi lapho ebhekisela ezintweni ayezifungele, wathi: “Ngiyakubuyiselani kuJehova ngazo zonke izenzo zakhe ezinhle kimina na? Ngiyakuthatha indebe yensindiso, ngibize igama likaJehova. Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalisa.”—IHubo 116:12-14; bheka futhi iHubo 50:14.
[Imibhalo yaphansi]
a Lesi yisimo esathathwa kuNqabayokulinda yesiNgisi kaOctober 1, 1973, Ikhasi 607.
b Ngesikhathi kushadwa, umakoti nomkhwenyana baya funga omunye komunye, kodwa futhi benza kanjalo phambi kofakazi naphambi kukaNkulunkulu.