Abesifazane Emsebenzi—Uvivinyo Nezinselele
“ABESIFAZANE baye bangenela imisebenzi ngokusemthethweni ngamanani angakaze abonwe phakathi neminyaka engamashumi amathathu edlule.” Kubika kanjalo inhlangano yokuhlola iWorldwatch Institute. Umbiko waqhubeka, “Kokubili emazweni acebile nampofu, ukwehla kwamandla emali kukhuthaza abesifazane ukuba basebenzele iholo.” Noma njengoba omunye wesifazane waseNigeria akubeka: “Ukucindezela kwezomnotho kukhulu kangangokuba kumelwe ngimane ngiphume ngiyosebenza.”
‘Njengomfazi okhutheleyo’ wezikhathi zeBhayibheli, abesifazane abaningi bayakujabulela ukuba nengxenye edingekayo ngokwezomnotho enhlala-kahleni yemikhaya yabo. (IzAga 31:10, 16, 24) Futhi abanye bathola ukuba nomsebenzi kuyinselele futhi kwanelisa. Kodwa nakuba umsebenzi wokuziphilisa unezinzuzo, ungaba futhi nezinkinga.
Ngokwesibonelo, omunye umphathisitolo wesifazane wathi: “Ngiyawuthanda umsebenzi wami. Ubasi wami ukahle kakhulu, ihhovisi lami lihle. Kodwa angithandi lapho lowomsebenzi uthatha isikhathi sami esiningi kunaleso engingaba naso kuwo, ngoba ngemva kwalokho nginomunye umsebenzi ongilindele ekhaya—njengenkosikazi nomama.” Nalapha, abesifazane abaningi bakhathalela umsebenzi, ikhaya, nomkhaya ngendlela ekahle kakhulu, futhi kumelwe batuswe ngokufudumele ngalokho.a
Nokho, imisebenzi yokuziphilisa, ifaka abesifazane ezinkingeni eziningi ezivame endaweni yomsebenzi. Ngabaningi, inselele iwukugcina umbono olinganiselwe lapho becindezelwa ukuba basebenze endaweni egcwele ukuncintisana konya noma enokungabi nandaba okwandile. Isifiso sokuthuthuka, ukuba phambili, siye sashukumisela abesifazane abathile ukuba benze imisebenzi yabo ibe imigomo eyinhloko ekuphileni kwabo.
Ngezinye izikhathi indawo yomsebenzi futhi ingumthombo wokucindezeleka ngokokuziphatha. Esinye isikhalo esivamile sabesifazane abasebenzayo ukuba yizisulu ezinkulumweni ezilulazayo zansuku zonke. Nokho okubi kakhulu, abanye bazithola beyizisulu zokuhlala bekhathazwa ngokobulili. Omunye wesifazane ongumKristu uyakhumbula, “Lapho ngiqala ukusebenza, kwakuyimi kuphela intombazane ehhovisi. Abesilisa babekhuluma izinkulumo ezivusa izinkanuko, futhi kwakunzima ngempela ngami.”’
Izinkinga ezinjalo ziyindaba engathi sína ngabesifazane okumelwe babhekane nazo nsuku zonke, ikakhulukazi labo abafisela ukugcina izindinganiso zobuKristu. Ngokujabulisayo, kunomthombo wosizo lwangempela ngabo.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka indaba ethi “Abesifazane Abasebenzayo—Ukubhekana Nezinselele,” kuPhaphama! yesiNgisi kaFebruary 8, 1985, umagazini ongumngane walona.