‘Ukuqhubeka Ngenxa Yeqiniso’
“Hlahlameleka ebukhosini bakho uqhubeke ngenxa yeqiniso nokuthobeka nokulunga; isandla sakho sokunene siyakukufundisa izinto ezesabekayo.”—IHUBO 45:4.
1, 2. (a) Isiphi isigijimi esajabulisa umhubi? (b) Kungani lesosigijimi kumelwe sisishukumise?
IMBONGI yayisilangazelela ukuqala inkondlo yayo. Ukulangazelela ukuza kukahulumeni omuhle ezandleni zombusi ongafi, olungile kwakunamandla kakhulu. Yayingenakuthula. Engasakwazi ukuzibamba, umhubi wadazuluka ngalamazwi: “Inhliziyo yami iyachichima ngendaba enhle; ngikhuluma igama engiliqambé ngenkosi; ulimi lwami lulusiba loloba ngokushesha.” (IHubo 45:1) Imbongi yakuqala kade yafa. Kodwa inkondlo yayo engokwesiprofetho isaphila, futhi ukusebenza kwayo akukaze kube namandla ngaphezu kokuba kunjalo manje.—Qhathanisa nabaseKolose 3:16.
2 Iye yabonakala iyini ‘indaba enhle’ eyashukumisa inhliziyo yomhubi? Ihlangene nezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu! Isigijimi soMbuso ‘sihle’ kangangokuthi sifanelwe ‘ukushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke’ ngaphambi kokuba “ukuphela” kwalelizwe kufike. (Mathewu 24:14) Namuhla, ingabe isihloko ‘esihle’ soMbuso kaNkulunkulu wobuMesiya siyishukumisile inhliziyo yakho? Kumelwe. Ngani? Ngoba isenzo sesiHeberu esihunyushwe ngokuthi “iyachichima” (ra·chashʹ) sisho isimo esishukunyisiwe, njengamanzi agxabhayo, abilayo. Lesisenzo sisho futhi ukugcwala. Futhi khumbula, uMholi wethu, uJesu Kristu, wathi: ‘Umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.’ (Luka 6:45) Ngakho, ingabe wena, njengomhubi, unenhliziyo echichima ‘indaba enhle’? Uma kunjalo, khona-ke akukho lutho olungakumisa ekuhlabeleleni leliqiniso elihle kakhulu: UJesu Kristu uyabusa eMbusweni kaNkulunkulu!
Ukusakaza Ingoma Yeqiniso
3. Iziphi izindlela ezimbili eziyinhloko ezisetshenziswayo ekusakazeni izindaba ezinhle zoMbuso namuhla?
3 Ingasakazwa kanjani lengoma enhle kangaka? Ngomoya ongcwele, ulimi lomhubi lwaba “usiba” ezandleni zikaJehova. (Qhathanisa neyesi-2 Samuweli 23:2.) Izosha zakhe ezilotshiwe zazihlatshelelwa ukuze zizwiwe yibo bonke abakhulekeli bakaJehova basendulo. Thina namuhla singalwela iqiniso loMbuso kaNkulunkulu ngezindlela ezimbili ezifananalezo. Okokuqala, ngamazwi ethu azwakala ekushumayeleni kwasobala, futhi okwesibili, ngamazwi ethu afundwa ezincwadini zethu. Ngakho-ke, lapho sisakaza izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, sikhuluma lokho ulimi lwamadoda angcwele aphefumlelwe eselikukhulumile kakade. (2 Thimothewu 3:16; 2 Petru 1:20, 21) Futhi namuhla isigijimi soMbuso esilotshiwe sisakazwa ngezibalo nangezilimi nangejubane elalingaphezu kokucabanga komhubi. Ingabe unengxenye evamile ekusakazweni kwaso, ikakhulukazi ngokusakaza omagazini beNqabayokulinda nePhaphama!?
4. (a) Kukanjani uKristu Jesu eye waba ‘muhle kunabantwana babantu’? (b) Isigaba esigcotshiwe somlindi sibulingisa kanjani ‘ubuhle bezindebe zikaKristu’?
4 Ukubonakala kweNkosi kaJehova kushukumisela umhubi ukuba alobe: “Umuhle wena kunabantwana babantu; ubuhle buthululelwe ezindebeni zakho; ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile kuze kube-phakade.” (IHubo 45:2) Kusukela osukwini lokugcotshwa kwakhe ngomoya kaNkulunkulu, izindebe zikaJesu zashumayela njalo ngoMbuso, kwaze kwaba yilapho amanxusa kaSathane angabantu ezithulisa okwesikhashana. Ngenxa yokuthembeka kukaJesu, uJehova wabe esembusisa phakade ngokumvusa kwabafileyo futhi wamphakamisa phezu kwazo zonke ezinye izidalwa. (Filipi 2:8-11) Kusukela ekukhazinyulisweni kukaJesu kwasezulwini, lapho ‘afuza uNkulunkulu uqobo,’ muhle ngaphezu kombusi ophakanyiswe kakhulu, ongumuntu noma oyingelosi. (Heberu 1:3, 4) Manje, njengeNkosi ebusayo, uJesu unikeza izindebe zesigaba esigcotshiwe somlindi kanye nabangane baso amandla okuba zihlabelele ngesibindi izindaba ezinhle zoMbuso. Nokho, lena futhi ingoma yempi.
5, 6. (a) Kusho ukuthini ‘ukuqhubeka kukaKristu ngenxa yeqiniso’? (b) Isigaba somlindi siyisebenzisa kanjani INqabayokulinda nePhaphama!?
5 Ngokulandelayo umhubi umemeza eNkosini ebusayo: “Bophela inkemba yakho okhalweni lwakho wena-qhawe, kube-ngukupha kama kwakho nobukhosi bakho. Hlahlameleka ebukhosini bakho, uqhubeke ngenxa yeqiniso nokuthobeka nokulunga; isandla sakho sokunene siyakukufundisa izinto ezesabekayo.” (IHubo 45:3, 4) Kusukela ngo-1914 uKristu ubelokhu egibele ihhashi lempi, ulungele ukuthatha isinyathelo. (IsAmbulo 6:1, 2) Ugaxe inkemba—uphawu lwempi nolwegu nya namandla avela kuNkulunkulu okubulala izizwe eziphikisayo. UKristu uselwile kakade noSathane namademoni akhe, ebakhipha emazulwini futhi ebavalela emhlabeni.—IsAmbulo 12:1-13.
6 Nokho, ngaphambi kokuba kubuyiselwe ukuthula, isandla seNkosi sokunene kumelwe senze izinto ezithusa kakhulu kunalena lapho ‘iqhubeka ngenxa yeqiniso’ eHarmagedoni ukuze ibhubhise zonke izitha zikaNkulunkulu emhlabeni. (IHubo 45:4; IsAmbulo 16:14, 16; 19:17, 18) Futhi uKristu uye wasiqunga isibindi isigaba esigcotshiwe somlindi ukuba sihlabelele lesixwayiso. Yini “umlindi” ayisebenzisayo ukuze andise izwi lakhe? Ngokuyinhloko amakhasi omagazini INqabayokulinda—umagazini ovelele ekumemezeleni uMbuso kaJehova omisiwe. Isigaba somlindi, njengesikhonyane sofezela abatinyelayo, sifakwa lomoya ofanayo oqhuba uKristu ukuba ‘aqhubeke ngenxa yeqiniso.’ (IsAmbulo 9:7-11) Ngokuphumelelayo, sisebenzisa omagazini abalungiselelwe ngaphansi kokuqondisa ‘komlindi’—INqabayokulinda nePhaphama!—“ngenxa yeqiniso.”—Mathewu 24:45; qhathanisa nesAmbulo 9:16-19.
‘Ukuqhubeka Ngenxa Yeqiniso’
7. Kungayiphi indlela enamandla omagazini beNqabayokulinda nePhaphama! abathuthukisa ngayo iqiniso leBhayibheli?
7 Eminyakeni engaphezu kweyikhulu, INqabayokulinda ibilokhu ilwela ‘iqiniso loMbuso.’ Isebenzisa iZwi likaNkulunkulu ngekhono njengenkemba ekuguguleni ulwebu lwamaphutha asezimfundisweni zenkolo yamanga. (Qhathanisa nabase-Efesu 6:17; Heberu 4:12.) Umagazini iPhaphama! nawo umelela iqiniso. Uma kuziwa ezenzakalweni zamuva, iPhaphama! ishona ngaphansi kolaza olumboze izimfundiso ezingokwesayensi ezilulaza iBhayibheli nemikhuba eyingozi yezenhlalo neyokuziphatha. Yini esingayenza ukuze sishiye labomagazini ezandleni zabantu abaningi ukuze bezwe isigijimi soMbuso esisindisa ukuphila?
8, 9. Ukusebenzisa isimiso esikwabase-Efesu 5:16 ekufundeni INqabayokulinda nePhaphama! kungakusiza kanjani ukuba ‘uchichime’ ukuhlanganyela ekufakazeni ngomagazini? Nikeza izibonelo.
8 Bonke abathanda iqiniso kumelwe ‘bachichime’ isigijimi omagazini beNqabayokulinda nePhaphama! abasiphethe. (IHubo 45:1) Kanjani? Kungani ungabafundi ngokushesha lapho ubathola? Eminyakeni eyishumi edlule uLillian wazitshela ukuthi: “Ngeke ngiwufunde umagazini noma incwadi yezwe kuze kube yilapho sengifunde omagazini bethu kuqala.” Usathembekile kulesosinqumo. (Mathewu 6:33) Yini ongayenza ngemva kokubafunda ? Xoxa ngabakuqukethe nabanye—amalungu omkhaya nawebandla okanye nawo. Lokhu kumelwe futhi kukufake intshiseko yokufakaza ngomagazini ukuze utshele omakhelwane bakho ngezinto ezinhle ozifundile. Akungabazeki ukuthi uzofuna ukuhlanganyela ekufakazeni ngomagazini isonto ngalinye, ubayise emakhaya omakhelwane. Lokhu kungaqhathaniswa nendlela umphostoli uPawulu ‘afakaza ngayo ngentshiseko.’—IzEnzo 20:20, 21, qhathanisa neNW.
9 Eminyakeni emine edlule uPeter nomkakhe uPetra bebekhonza njengezithunywa zevangeli ezweni laseAfrika. Omagazini beNqabayokulinda nePhaphama! bangomunye wemithombo yabo eyinhloko yomdlandla ongokomoya. “INqabayokulinda isisiza ukuba sihlale siqaphile ngokomoya ensimini yethu,” kusho uPetra. UPeter uyanezela, “Kumagazini ngamunye weNqabayokulinda nePhaphama! sithola isikhuthazo namandla, futhi isikhathi ngasinye okufika ngaso omagazini, kithina kubonakala sengathi sithola incwadi evela ekhaya.” (Qhathanisa neHubo 46:1.) Ingabe unokwazisa okufanayo okujulile ngomagazini bethu futhi ingabe uyakushisekela ukubafunda njengoba kwenza uPeter noPetra? Lolohlobo lomoya luyokushukumisela ukuba ubahambise njalo omagazini nakwabanye.
10. Luhlobo luni lwesimo esidingekayo ekufakazeni ngomagazini ngokuphumelelayo, futhi iziphi izinzuzo esingaziveza?
10 Abamemezeli boMbuso kumelwe babe nesimo esiqondile ngasekufakazeni ngomagazini. Abantu abathanda inkolo kakhulu basakwamukela ukwaziswa okusekelwe eBhayibhelini okuqukethwe omagazini bethu. (Qhathanisa nezEnzo 10:15, 30-33.) Ngani? Ngoba abanakukuthola komunye umthombo. Eminyakeni engaphezu kwama-45 edlule eSweden, uLars wathola inqwaba yomagazini beNqabayokulinda kumqashwa. “Lokhu kunengqondo,” etshela umkakhe ngemva kokubafunda. “Lokho iBhayibheli elikushoyo, INqabayokulinda iyakusho.” Lokho uLars akufunda kwamqhubela ekubhapathizweni—ngoMarch 1940. Cabangela esinye isibonelo. Izikhonzi ezimbili ezingamaphayona eningizimu United States zathi:
“Emsebenzini kamagazini kwahlanganwa nowesifazane. Ungumphathi-sikhwama wesonto elikhulu laseBaptist futhi ungumfundi weBhayibheli ozimisele kakhulu. Lapho efunda uchungechunge olukhuluma ngeArmagedoni komagazini beNqabayokulinda kaJanuary 1 kuya kuFebruary 15, 1985, wajabula. Ngaphambili, wayechithe amahora amaningi ehlola leyondaba kodwa wangathola lutho ngaphandle kombhalo otholakala kusAmbulo 16:16. Wayebuze umfundisi wakhe: ‘Yini iArmagedoni? Ungayichaza?’ Wambuka wayesethi, ‘Indaba ejulile leyo,’ wayesehamba. Waphawula ukuthi INqabayokulinda, ngakolunye uhlangothi, yaphendula yonke imibuzo yakhe nokuthi lona kwakuwukuphela komthombo ayewutholile onemibhalo edingekayo ngendaba yeArmagedoni.”
11. (a) Kungani kumelwe kuhlelelwe ukufakaza ngomagazini, futhi kaningi kangakanani? (b) Ingabe inkonzo kamagazini ingaba usizo emsebenzini wezifundo zeBhayibheli? Chaza. (c) Ungakwazi kanjani ukuhambisa INqabayokulinda nePhaphama!? Bheka ibhokisi.
11 Ungahlela yini okungenani usuku olulodwa lokufakaza ngomagazini isonto ngalinye, wenze lokhu kube yingxenye yesimiso sakho esingokomoya? (Qhathanisa nabaseFilipi 3:16.) “Abamemezeli, namaphayona ngokufanayo, abasebenzisi isikhathi esanele emsebenzini kamagazini,” kuphawula igatsha laseNigeria leWatch Tower Society. Kodwa ingabe manje ukufakaza ngomagazini kumelwe kugubuzele umsebenzi wokwenza abafundi? Ngokuphambene, imibiko evela emagatsheni eNhlangano eAustralia naseBrazil ibonisa ukuthi ukuhambisa omagazini kungaba isinyathelo sokuqala ekuqaliseni izifundo zeBhayibheli. “Kusukela ekuhambiseni kwami omagazini okokuqala, ngaqalisa izifundo ezintathu,” kusho udade waseAustralia. Ungakwazi kanjani ukuhambisa omagazini abangaholela esifundweni seBhayibheli? Bheka ibhokisi elinesihloko esithi “Ukuhambisa Omagazini” ukuze uthole ukusikisela.
Ingabe Uke Wakuzama Lokhu Kusikisela?
12. Ikuphi ukusikisela okwabonakala kuwusizo kummemezeli othile?
12 INkonzo Yethu YoMbuso kaMay 1984 yayinesenezelo esinamakhasi amane ngokufakaza ngomagazini. Ingabe uke wakuzama ukusikisela eyakunikeza? Abamemezeli boMbuso bayobe benza kahle ngokuphinde bafunde lesosenezelo futhi basebenzise iseluleko saso enkonzweni yasensimini. Omunye udade wase United States wakwenza lokhu; imiphumela yammangalisa ngenjabulo. Uyabhala:
“Bengilokhu ngisebenzisa amaphuzu ahlelwe esenezelweni seNkonzo YoMbuso kaMarch (ekaMay eNingizimu Afrika) 1984 ngokuhanjiswa komagazini, futhi kuyasebenza! Ekupheleni kuka-1983 ngangihambise omagazini abangama-36 kuphela unyaka wonke! Ngangidumele, hhayi ikakhulukazi ngenxa yezibalo ezisembikweni, kodwa ngoba ngangehlulekile ukushiya lokhu kwaziswa okunikeza ukuphila ezandleni zabantu abakudingayo. Ngathandaza kuJehova ngalendaba futhi ngazimisela ukwenza umzamo owengeziwe wokuhambisa INqabayokulinda nePhaphama! Ngasebenzisa ukusikisela kokuzibekela umgomo womuntu siqu wengizobahambisa, ngisebenzisa intshumayelo emfushane eqokomisa umagazini owodwa kuphela, ngiphuma njalo enkonzweni yasensimini ngosuku lukamagazini, futhi ngiba nesimo esiqondile. Manje lapho umninikhaya enqaba isipho esivamile, ngithi: ‘Nokho, sengizovele ngikushiyele omagazini bamuva beNqabayokulinda nePhaphama! ngamasenti angama-40.’ Lamaphuzu asebenza ngempela. Ezinyangeni ezine ezidlule, ngakwazi ukuhambisa isilinganiso somagazini abayi-14 ngenyanga!”
13. Isiphi iseluleko esakhishwa ngo-1888 esisasebenza namuhla?
13 Kumagazini weZion’s Watch Tower kaDecember 1888, ngaphansi kwesihloko esithi “Ukusikisela Kubavuni,” kwanikezwa leseluleko: “Ubunzima obukhulu kakhulu ngabaningi bubonakala buwukuthi izinhliziyo zabo zigcwele kakhulu izindaba ezinhle kangangokuthi balingelwa ukusho okuningi ngokwengeziwe ngokuqondene neCebo LikaNkulunkulu.” Ingabe lesoseluleko sisasebenza? Lapho ebuzwa ukuthi yini abamemezeli abangayenza ukuze bandise omagazini ababahambisayo, omunye umbonisi wesifunda waseFrance waphendula: “Ungeluli. Shaya iphuzu.”
14, 15. Imifanekiso ekuNqabayokulinda nePhaphama! ingasetshenziswa kanjani ekufakazeni? Nikeza izibonelo.
14 Ezilimini eziningi omagazini abaphuma ngazo, imifanekiso ekhangayo yemibala emine iye yanezela ekukhangeni kwesigijimi soMbuso njengoba sifinyelela izinhlobo ezihlukahlukene zabantu. Ngomagazini kaJanuary 8, 1987, iPhaphama! yajoyina INqabayokulinda ekunyathelisweni ngemibala emine ngezilimi eziningi ezinkulu. Ingabe uye wayisebenzisa imifanekiso nezithombe ezikulabomagazini njengamaphuzu okukhulunyelwa? Abaningi baye bakwenza, kwaba nemiphumela emihle. UTheresa, isithunywa sevangeli eMpumalanga Ekude kusukela ngo-1976, uye wakwenza. Uhambisa omagazini abangama-260 ngenyanga. Uthi, “Ngisebenzisa imifanekiso ukuze ngiqokomise iphuzu eliyinhloko lentshumayelo yami. Ezikhathini eziningi ngimane ngibonise umninikhaya isembozo bese ngikhuluma ngesihloko, futhi ngokuvamile umagazini uyazihambisa.”
15 UKay, isithunywa sevangeli ezweni laseSuriname, uye waba nokuhlangenwe nakho okufanayo. Yena nomyeni wakhe sebeneminyaka eyishumi belapho, futhi bathola imifanekiso iphumelela lapho befakaza, ikakhulukazi kulabo bokholo lobuHindu. Ngani? UKay uyachaza:
“Inkolo yobuHindu iyinkolo yemifanekiso. Kwenye indlu, ngabuza owesifazane: ‘Siza ungitshele igama lonkulunkulu benu abasemifanekisweni yenu.’
“‘Lona uShiva,’ ephendula.
“‘Manje, ubani ongunkulunkulu ophakeme?’ ngiphinda ngibuza. Wangangiphendula. ‘Singamfunda uJeremiya 10:10-12? Ubani uNkulunkulu ongazibiza ngokuthi unguMdali? UJehova kuphela. Siyazi ukuthi niyayithanda imifanekiso. Ingabe ayimihle yini futhi ayithakazelisi lemifanekiso ekuNqabayokulinda nePhaphama!? Ubungeke yini wayithanda injabulo yokuzwa ukuthi isho ukuthini?’”
Kungani ungazami ukufaka imifanekiso engxoxweni yakho ngesikhathi esizayo oyobe usemsebenzini kamagazini ngaso?
16. Ikuphi ukusikisela okuvela kummemezeli waseHong Kong ongakuthola kuwusizo?
16 Lapho ekhonza eHong Kong, uGene wahambisa isilinganiso somagazini abangaphezu kwama-300 ngenyanga. Wayekwenza kanjani? Uyachaza:
“Okokuqala, thandazela isibusiso sikaJehova ekufakazeni kwakho ngomagazini. Okwesibili, yiba nesimo esiqondile, mamatheka, yiba nobungane. Okwesithathu, fanelana nezimo ube ngowamukelekayo, futhi ufune iphuzu enivumelana kulo nomninikhaya. Okwesine, oda omagazini abanele bayo yonke inyanga. Ngineoda elikhulu, njengoba lokhu kunginika umfutho owengeziwe. Okwesihlanu, bekela eceleni ubusuku obubodwa ngesonto ngenjongo yenkonzo kamagazini, njengoba kunabantu abaningi ekhaya ngalesosikhathi futhi bephumule. Okwesithupha, qalisa umzila kamagazini, ngisho noma umncane.”
Ukuqalisa Umzila Kamagazini
17. (a) Kukusiphi isici sokufakaza kwethu ngomagazini okungasetshenziswa kuso isimiso esikuzEnzo 15:36? (b) Emazweni aneposi elingasheleli, iyiphi enye indlela abamemezeli abangahambisa ngayo omagazini?
17 “Ukugcina imibhalo eqondile yalapho omagazini beshiywe khona nokubuyela njalo kungenye indlela yokwandisa ukusakazwa komagazini,” kusho uOllie, okhonza ezweni laseAfrika eBurkina Faso. “Ngiye ngaba nabantu abayi-15 emzileni wami kamagazini. Njengoba iBurkina Faso iyigatsha elinganyathelisi futhi ukuhanjiswa kweposi kungasheleli, ngokuvamile oFakazi bathola omagazini babo abahanjiswayo ngezinqwaba, mhlawumbe omagazini abahlukene abane noma abayisihlanu ngesikhathi.” Ingabe lokhu kunjalo nasezweni lakini? Uma kunjalo, yini engenziwa ukuze kunqotshwe lenselele yokuhanjiswa komagazini? “Ungaphatha omagazini abehlukene ezandleni zakho, baveze bonke omagazini, futhi umeme umuntu othakazelayo ukuba azikhethele ukuthi imuphi angathanda ukuwufunda,” kusikisela uOllie. “Ngokuvamile uzoba thatha bonke.”
‘Zigcine Uchichima Indaba Enhle’
18. Iziphi izici zemibiko yenkonzo yasensimini yamuva ezituseka ngokukhethekile, futhi kukuphi lapho singaletha ukunakekela okukhudlwana khona?
18 Nina bamemezeli boMbuso niye nasiza ekwenzeni isibalo sezikhokhelo ezitholakalayo zabo bobabili omagazini zinyuke ngokumangalisayo. Kumelwe nituswe ngentshiseko yenu yokusakaza izindaba ezinhle ngalendlela. Kuyatuseka futhi ukwenyuka kwengqikithi yomagazini abahanjiswayo. Nokho, mhlawumbe singanakekela ngokwengeziwe ukuhambisa kwethu omagazini ngokomuntu siqu. Njengoba siyihlanganisa kahle kakhulu insimu, ukuhanjiswa komagazini kommemezeli ngamunye kuye kwehla. Njengoba siphila phakathi impela nesikhathi sokuphela, ingabe ‘singachichima yini ngisho nangokwengeziwe indaba enhle’ yoMbuso ngokufakaza ngomagazini?—IHubo 45:1; 1 Petru 4:7.
19. Kungaziphi izindlela ezimbili esingalwela ngazo iqiniso loMbuso?
19 UKristu ebukhazikhazini boMbuso uqhubekela ekuphumeleleni ekungcweliseni igama elingcwele likaYise nasekulweleni ukubusa kwaKhe kwendawo yonke. (IsAmbulo 6:2) Masisebenzise ulimi lwethu nezincwadi ezilotshiwe ukuze simemezele ukufika kwakhe. Kwangathi singenyusa ngokwethembeka amazwi ethu nesigaba esigcotshiwe somlindi njengoba sihlanganyela noKristu ekulweleni iqiniso loMbuso kaNkulunkulu omisiwe wobuMesiya. Yebo, masiyisakaze kabanzi INqabayokulinda nePhaphama!—omagazini abafeza indima ebalulekile njengoba iNkosi yethu ‘iqhubeka ngenxa yeqiniso.’—IHubo 45:4.
Uyakhumbula?
◻ Iyiphi ‘indaba enhle’ okumelwe ishukumise inhliziyo yakho?
◻ ‘Ukuqhubeka kukaKristu ngenxa yeqiniso’ kuletha miphi imiphumela?
◻ Kungamuphi umqondo INqabayokulinda nePhaphama! ikhonza ‘ngenxa yeqiniso’?
◻ Singakunikeza kanjani ukunakekela okwengeziwe ekufakazeni ngomagazini?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 18]
UKUHAMBISA OMAGAZINI
Ingabe Uke Wakuzama?—
◆ Ukufakaza endlini ngendlu
◆ Ukufakaza emigwaqweni
◆ Ukufakaza emabhizinisini
◆ Ukufakaza emizileni kamagazini
◆ Ukufakaza kusihlwa
◆ Lapho isipho sencwadi senqatshwa
◆ Lapho wenza izimpindelo
◆ Lapho uvakashela izifundo zeBhayibheli zesikhathi esidlule
◆ Lapho uhamba noma uthenga
◆ Lapho uxoxa nezihlobo, osebenza nabo, omakhelwane, ofunda nabo, noma othisha