Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 2/15 kk. 3-4
  • Ingabe Uyakhathazeka Ngabantwana Bakho?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakhathazeka Ngabantwana Bakho?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indodana Elahlekile
  • Lokho Esingakufunda Esibonelweni SikaMariya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • UMariya​—⁠Ukhulelwe Kodwa Akashadile
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UJesu Wafunda Ukulalela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Wafinyelela ‘Iziphetho Enhliziyweni Yakhe’
    Lingisa Ukholo Lwabo
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 2/15 kk. 3-4

Ingabe Uyakhathazeka Ngabantwana Bakho?

YEBO uyakhathazeka! Izifo, ukusetshenziswa kabi kwemilaliso, nobuhlongandlebe yizinkinga ezintathu nje owaziyo ukuthi zilimaza abantwana bakho. Kungokuvamile ngabazali ukuba bakhathalele abantwana babo—baze ngisho bakhathazeke ngabo.

Yileyondlela abazali abaningi abaye bazizwa ngayo kuwo wonke umlando, njengoba iBhayibheli libonisa. Khumbula ukuthi uJakobe wathuma uJosefa ukuba ayohlola abafowabo ngoba uJakobe wayebakhathalela. (Genesise 37:13, 14) UJobe, naye, wakhathazeka, ngisho nakuba amadodana akhe ayengabantu abadala abanemikhaya yabo siqu. Wacabanga: “Mhlawumbe amadodana ami onile, amthukile uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo.”—Jobe 1:4, 5.

Phela, ngisho noJosefa noMariya babeyikhathalela iNdodana yabo ephelele uJesu! Eqinisweni, kwesinye isehlakalo lapho uJesu eneminyaka eyi-12, bakhathazeka ngokukhethekile ngaye, ngoba bathola ukuthi wayelahlekile. Nokho, babemazisa kakhulu umntwana wabo uJesu, futhi babengenasizathu sokuzinyeza. Ake sibone ngokuthe ngqó ukuthi yini eyenzeka kulesosehlakalo esingenakukhohlakala futhi sibheke ukuthi iziphi izifundo abazali bamanje abangazithola kuso.

Indodana Elahlekile

Uma ungumzali, ngempela ungazwelana nemizwelo kaMariya lapho ngokuthetha ethi kuJesu: “Ndodana, kungani wenze lokhu kithi? Uyihlo nami besikhathazeke kakhulu sizama ukukuthola.” UJosefa noMariya babehlukene noJesu izinsuku ezintathu. Ungabona ukuthi kungani babekhathazekile ngokuthi ukuphi umfana oneminyaka eyi-12.—Luka 2:48, Today’s English Version.

Kungani uJosefa noMariya balahlekelwa uJesu? Umhlaziyi owaziwayo wabagxeka ngalokhu, ebhala: “Njengoba babewazi umcebo ababenawo, babengasithatha kanjani isikhathi eside kangaka ngaphandle kokuwuhlola? Zazikuphi izinseka nozwela lukamama?” Kodwa, eqinisweni, njengoba sizobona, ukucwaningisisa indaba kuyabakhipha oJosefa noMariya ecaleni.

Iqiniso liwukuthi iBhayibheli libonisa ukuthi uMariya wayengowesifazane omuhle nomama olungile. Ingelosi uGabriyeli, lapho ifika izobikezela ukuzalwa kukaJesu, yathi ‘wayefumene umusa kuNkulunkulu.’ (Luka 1:28, 30) Ngokuzimisela wemukela isabelo sokuzala lomntwana wesilisa okhethekile, kanye nomthwalo wemfanelo onzima wokumkhulisa nokumqeqesha. Wayengowesifazane othobekile nonokholo oluqinile kuNkulunkulu. Ngemva kokuzalwa kukaJesu, wenza konke okwakudingwa uMthetho kaJehova, “njengokulotshiwe.”—Luka 1:38, 45-48; 2:21-23, 39.

UJosefa, indoda eyashada noMariya futhi yaba usingayise kaJesu, nayo yayiyindoda enhle, elungile eyayiye yakhuluma nengelosi kaJehova ezehlakalweni ezine. (Mathewu 1:19, 20; 2:13, 19, 22) Khumbula, uJehova wakhetha uJosefa noMariya ukuba bakhulise iNdodana yakhe eyigugu, ezelwe yodwa. Ingabe kukhona okunye uNkulunkulu ayengakwenza ngaphandle kokukhetha umbhangqwana owawuyokwenza ngokufanele ukuze usize leNdodana ukuba ikhule ekuhlakanipheni kwaphezulu?

Yebo, ngokunokwenzeka abazali namuhla bayakhathazeka ngabantwana babo ngenxa yendawo eyingozi nenobuhlongandlebe ebazungezile. Futhi bayazi ukuthi abantwana babo abaphelele njengoba uJesu ayenjalo. Nalapha, singazuza esibonelweni sikaJosefa, uMariya, noJesu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela