Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 4/1 kk. 8-9
  • Isizathu Sokuza KukaJesu Emhlabeni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isizathu Sokuza KukaJesu Emhlabeni
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isizathu Sokuza KukaJesu Emhlabeni
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Wandisa Inkonzo Yakhe EGalile
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukushisekela Ukukhulekela UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ukushisekela Ukukhulekela KukaJehova
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 4/1 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Isizathu Sokuza KukaJesu Emhlabeni

NJENGOBA safunda esihlokweni esandulelayo salomagazini, ngosuku uJesu ayenabafundi bakhe ngalo eKapernawume, wayematasatasa. Okokuqala, waphulukisa indoda eyayinamademoni esinagogeni, ngemva kwalokho endlini kaPetru waphulukisa umkhwekazi kaPetru, futhi ngalobo busuku abantu baseKapernawume baletha bonke abagulayo babo kuye ukuba abaphilise. Sasingekho isikhathi sokuba abe yedwa.

Manje sekusentathakusa ngosuku olulandelayo. Kusemnyama, uJesu uyavuka futhi uya ngaphandle eyedwa. Uya endaweni eyihlane lapho ayengathandaza ngasese kuYise. Kodwa ukuba yedwa kukaJesu kuyaphazamiseka ngoba lapho uPetru nabanye bebona ukuthi akekho, bayaphuma beyomfuna.

Lapho bemthola uJesu, uPetru uthi: “Bonke bayakufuna.” Abantu baseKapernawume bafuna uJesu ahlale nabo. Bayakwazisa lokho aye wabenzela khona! Kodwa ingabe uJesu weza emhlabeni ngokuyinhloko ukuba azophulukisa ngokuyisimangaliso? Uthini yena?

Ngokwenye yezindaba zeBhayibheli, uJesu uphendula abafundi bakhe: “Masiye kwezinye izindawo emizaneni eseduze ukuba ngishumayele nakhona; ngokuba ngiphumele khona lokho.” Ngisho nakuba abantu benxusa uJesu ukuba ahlale, uyabatshela: “Nakweminye imizi ngimelwe ukushumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu, ngokuba ngithunyelwe lokho.”

Yebo, uJesu weza emhlabeni ngokukhethekile ukuba azoshumayela ngoMbuso kaNkulunkulu oyolwela igama likaYise futhi uxazulule phakade ukugula kwabo bonke abantu. Nokho, ukuze anikeze ubufakazi bokuthi uthunywe nguNkulunkulu, uJesu uphulukisa ngokuyisimangaliso. Ngendlela efanayo uMose emakhulwini amaningi eminyaka edlule, wenza izimangaliso ukuze abonise ubufakazi bokuba kwakhe inceku kaNkulunkulu.

Manje, lapho uJesu esuka eKapernawume eyoshumayela kweminye imizi, abafundi bakhe abane bahamba naye. Laba abane nguPetru nomfowabo uAndreya, noJohane nomfowabo uJakobe. Uzokhumbula ukuthi ngesonto elandulela lelo, babemenywe ukuba babe izisebenzi zokuqala ezazihamba noJesu.

Uhambo lukaJesu lokushumayela eGalile nabafundi bakhe abane luyimpumelelo emangalisayo! Eqinisweni, umbiko ngemisebenzi yakhe usakazeka ngisho nakulo lonke elaseAsiriya. Izixuku ezinkulu ezivela eGalile, eJudiya, nangaphesheya koMfula iJordani zilandela uJesu nabafundi bakhe. Marku 1:35-39; Luka 4:42, 43; Mathewu 4:23-25; Eksodusi 4:1-9, 30, 31.

◆ Yini eyenzeka ekuseni ngosuku olulandela lolo uJesu ayematasatasa ngalo eKapernawume?

◆ Kungani uJesu athunyelwa emhlabeni, futhi izimangaliso zakhe zafeza yiphi injongo?

◆ Obani abahamba noJesu ohambweni lwakhe lokushumayela eGalile, futhi kwaba yini ukusabela emisebenzini yakhe?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela