Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 4/1 kk. 4-7
  • IBhayibheli LiyiZwi LikaNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhayibheli LiyiZwi LikaNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhayibheli Nokugxekwa Kwalo
  • IBhayibheli Nesayensi
  • Incwadi Enamandla
  • IBhayibheli—Ingabe LiyiZwi Lomuntu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Ingabe Bakufakazele Ukuthi IBhayibheli Linamanga?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Isayensi: Ingabe Iye Yabonisa IBhayibheli Linephutha?
    IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?
  • Likholeka Kangakanani “ITestamente Elidala”?
    IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 4/1 kk. 4-7

IBhayibheli LiyiZwi LikaNkulunkulu

INGABE kuyiqiniso ukuthi, isayensi nokugxekwa kwalo kuye kwalisusa iBhayibheli endaweni yalo yakuqala njengeZwi likaNkulunkulu? Kalula omunye umuntu angase acabange kanjalo. Ngisho nabaholi bezenkolo bazimisele ukusho ngokusobala ukuthi iBhayibheli alilona elingokwesayensi, nokugxekwa kwalo kuhlonishwa kakhulu kangangokuba kufundiswa nasemakholiji ezenkolo. Kodwa amaqiniso abonisani?

IBhayibheli Nokugxekwa Kwalo

Ngokuqondene nokugxekwa kweBhayibheli, iqiniso liwukuthi, kuze kube manje, abukho ubufakazi obuqand’ ikhanda obuye bavezwa ngokuqondene nemibono yakho. Awukho umthombo ocatshangelwayo wemiBhalo yokuqala emihlanu yeTestamente Elidala noma wencwadi kaIsaya oye watholakala. Futhi kuye kwatholakala izingxenye zakudala zikaDaniyeli okusikisela ukuthi leyoncwadi kakade yase yaziswa kakhulu eminyakeni embalwa nje ngemva kokuba abagxeki balo abakhulu bephawule ukuthi yabhalwa!

Uprofesa wezenkolo uthi: “Ngeke kwafakazelwa nganoma iyiphi indlela ukuthi izincwadi zeBhayibheli zavela ngendlela yobuqili njengoba kuchaza izikole zokuhlaziya. Kungenye into ngalesosikole ukugomela ngento enjalo, kungenye into futhi ngabo ukukufakazela lokho.” (kuyiWick Broomall Biblical Criticism) Isazi sezemivubukulo siyanezela: “Ngeke kwagcizelelwa kakhulu ukuthi abukho neze ubufakazi bamanga abhaliwe eMpumalanga Eseduze yasendulo.” (kwethi From the Stone Age to Christianity, nguW. F. Albright.) Kuyiqiniso, ukugxekwa kweBhayibheli kuyaqhubeka kuchuma. Kodwa lokhu kungenxa yokuthi kuvumelana kahle nendlela evamile yokucabanga yanamuhla, hhayi ngoba kuye kwafakazelwa.

IBhayibheli Nesayensi

Khona-ke, ingabe isayensi, ngezindlela ezithile ayilamukeli iBhayibheli? Nokho, ngezinye izikhathi kuye kwabonakala kunjalo. Ngokwesibonelo, ekhulwini le-18 leminyaka ukuqondwa okujulile ngokwakheka komhlaba kwenza kwakhanya ukuthi iplanethi yethu indala kakhulu. Ngalesosikhathi, abezenkolo abaningi baqinisa ngokuthi, ngokweBhayibheli, umhlaba wawumane uneminyaka eyizi-6 000. Lokhu kwabonakala kuyiphika ngokusobala imfundiso yeBhayibheli. Nokho, iqiniso liwukuthi akukho lapho iBhayibheli libonisa khona ukuthi umhlaba unesikhathi esingakanani. Kwakuwukungaqondi kwabezenkolo okwabangela lenkinga.

Wona kanye amazwi okuqala eBhayibheli athi: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.” (Genesise 1:1) Lenkulumo yokuthi kwakunesiqalo, ivumelana nokuqonda kwanamuhla kwesayensi. Khona-ke, ngokweBhayibheli, kwakunesikhathi lapho umhlaba “wawuyihlane elingenalutho,” ungakhiwe futhi ungenakwakhiwa. (Genesise 1:2) Izazi zamadwala ezizama ukwenza futhi umlando wokuqala womhlaba zisikisela ukuthi ngempela lokhu kwakunjalo ngalesosikhathi. Ngokulandelayo, iBhayibheli lichaza indlela izilwandle nezwe okwenzeka ngayo. Izitshalo zavela, kamuva izidalwa zaselwandle, izinyoni, futhi ekugcineni, izilwane zasendle. Ekugcineni, umuntu ngokwakhe wavela. Konke lokhu, kufana nsé nalokho ososayensi abaye bakuthola ngokuhlolisisa izinto zakudala zomhlaba, ngisho nokuhleleka kwezinto ezihlukahlukene zokuphila.—Genesise 1:1-28.

Lokhu akusho ukuthi iBhayibheli livumelana ngokuphelele nalokho okusezincwadini zesayensi. Kodwa kunamaphuzu amaningi avumelanayo asenza sizibuze: ‘Labo balobi bakuqala beBhayibheli bakwazi kanjani okuningi kangaka?’ Benalololwazi lwakuqala lwesayensi kulezozinsuku zakudala, kungaba ukuthi othile wabatshela—ukusekela okuqinile kweqiniso lokuthi iBhayibheli ngempela liyiZwi likaNkulunkulu. Lapho kukhona ukungavumelani phakathi kwezimfundiso zesayensi neBhayibheli, ingabe kumelwe sikuthathe njengokuyiqiniso ukuthi iBhayibheli linamanga futhi ososayensi ngaso sonke isikhathi baneqiniso? Kunezandulela eziningi ezibonisa ukuthi isayensi ingangena emzileni ongaqondile ngezikhathi ezithile.

Yebo, imfundiso yokuziphendukela kwemvelo iveza iphuzu eliyinhloko lokungavumelani neBhayibheli. Okuphawulekayo ngalemfundiso yindlela eyashesha ngayo ukuthandeka phakathi kososayensi ngemva kokukhishwa kwencwadi kaDarwin ethi The Origin of Species. Yemukelwa kudala ngaphambi kokuba khona kwesikhathi sokuhlola imfundiso yalencwadi noma sokuhlola imivubukulo eyifakazelayo. Kungani? Isazi sokuziphendukela kwemvelo uHoimar v. Ditfurth uvuma ngokusobala ukuthi: “Ngokwencazelo isayensi iwumzamo wokubona ukuthi umuntu nemvelo kungachazwa kangakanani ngaphandle kokuphendukela encazelweni yezimangaliso.” (The Origins of Life, nguH. v. Ditfurth) Khona-ke, ingabe kuyamangalisa ukuthi ososayensi baye bemukela ngentshiseko imfundiso yokuziphendukela kwemvelo, bechitha isikhathi esiningi nomzamo bezama ukunikeza ubufakazi bayo futhi bezama kancane ukubona ukuthi ingenqatshwa yini? Okuwukuphela kwabangaphendukela kukho, indalo, kungaba yisimangaliso—esiyinqaba kubo.

Nokho, ngempela nganoma ubani ongamelene nezimangaliso, indalo iyindlela enengqondo ngempela yokuqonda izinto ososayensi abaye behluleka ukuzichaza, njengomthombo wokuphila, unembeza, ukuhlakanipha, nendlela yemvelo yokuziphatha komuntu.

Incwadi Enamandla

IBhayibheli ngokwalo lixwayisa ngokuthi kuyoba khona ukuphikisana phakathi kokuhlakanipha kwezwe nezimfundiso zeBhayibheli. (1 Korinte 1:22, 23; 3:19) Ngenxa yokuthi ulwazi olusekelwe ekucwaningeni komuntu nolwefilosofi aluqiniseki, lokhu kuphikisana akumelwe kusimangaze. Futhi akumelwe siphatheke kabi uma izimfundiso ezithile ezithandwayo ziphikisa iBhayibheli. IBhayibheli ngokwalo liyasiqondisa ukuba sibheke kwezinye iziqondiso ukuze sifakazele ukusho kwalo ukuthi ngempela liyiZwi likaNkulunkulu.

Ngokwesibonelo, iBhayibheli libonakala liyincwadi yesiprofetho. (2 Petru 1:19-21) Abagxeki beBhayibheli bathi leziprofetho zabhalwa ngemva kwesenzakalo, kodwa ezikhathini eziningi lokhu ngokukhanyayo akunakwenzeka. Iziprofetho ngoJesu ezashiwo emakhulwini amaningi eminyaka ngaphambi kokuzalwa kwakhe zagcwaliseka njengoba zinjalo. (Ngokwesibonelo, bheka uIsaya 53:1-12; Daniyeli 9:24-27.) Iziprofetho zikaJesu ngokubhujiswa kweJerusalema zagcwaliseka njengoba ayeshilo. Futhi iziprofetho yena nomphostoli uPawulu abazisho ngezinsuku zokugcina zisho okufana nokushiwo iphephandaba lanamuhla ekuseni. (Mathewu 24; Marku 13; Luka 21; 2 Thimothewu 3:1-5) Ngenxa yokuthi abantu baziwa njengabangashayi emhloleni lapho bezama ukubikezela isikhathi esizayo, iziprofetho zeBhayibheli zibonisa ngokunamandla ukuthi zivela eMthonjeni ophakeme.

Obunye ubufakazi obunamandla bubonakala emazwini alo: “Izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla.” (Heberu 4:12) Lawomandla aye aboniswa kuwo wonke umlando ngabantu abaningana abaye bahlupheka futhi bafa ngenxa yelungelo lokufunda iBhayibheli noma lokulihlanganyela nabanye. Ayikho enye incwadi eyake yaba nomphumela onjengalona onenzuzo kubantu lapho beyifunda ngomoya wokuzithoba nowokuqonda. Lishintsha abantu abayizidlwangudlwangu babe abantu abanokuthula futhi lingabushintsha ngokuphelele ubuntu bomuntu. (Mika 4:3, 4; Efesu 4:24) Ngokwesibonelo, cabangela lokho iBhayibheli elakwenzela uLuiz.

Ejele laseBrazil ayevalelwe kulo, uLuiz wayaziwa njengoyingozi kakhulu. Khona-ke, omunye woFakazi BakaJehova, lapho eshumayeza ezinye iziboshwa ezikanye noLuiz, waba nethuba lokukhuluma noLuiz. Amazwi eBhayibheli aba nethonya elikhulu kuLuiz kangangokuba ngokushesha waba ngumuntu ohlukile. (Kolose 3:9, 10) Ngaphambili, akekho owayelokotha amphendule, kodwa manje wayephatha wonke umuntu ngomusa futhi enikeza ngisho nabaphathi bejele inhlonipho ebafanele. Eminyakeni emihlanu ngemva kokuba iBhayibheli liqalile ukusebenza ebuntwini bukaLuiz, waqala ukuhlanganyela lokho ayekufundile nezinye iziboshwa, futhi uvunyelwe ngisho nokushumayela ngaphandle kwezindonga zejele.

Khona-ke cabanga ngoWayne. UWayne wayephila ukuphila kokuzitika eUnited States, ezinikele ikakhulu ekuziphatheni okubi nasekusebenziseni kabi imilaliso. Lapho eshada, ukuziphatha kabi kwakhe ekugcineni kwenza umkakhe ukuba naye aziphathe kabi. Ukuphila kwabo kwasekhaya kwakukubi. Lapho sebeseqophelweni lokudivosa, omunye woFakazi BakaJehova waba nethuba lokubonisa uWayne lokho iBhayibheli elikushoyo ngomthwalo wemfanelo nothando emkhayeni. (Efesu 4:22-24; 5:22-28) Wasizakala ukuba athole imbangela yezinye zezinkinga zakhe. (Bheka eyoku-1 Korinte 15:33.) Futhi, ekugcineni, wakwazi ukushintsha indlela yakhe yokucabanga. Lokhu kwasiza nomkakhe ukuba ashintshe. Futhi manje lomkhaya osemusha uyisibonelo sokwaneliseka—siyalibonga iBhayibheli.

Okokugcina, cabangela indaba kaElena. WayengumArgentina osemusha owayehlushwa ukucindezeleka. Lapho eya kudokotela wezifo zengqondo eyofuna usizo, wamtshela ukuthi kwakudingeka ahlanganyele ebulilini ukuze axazulule izinkinga zakhe. Wacwila ekuziphatheni okubi, emimoyeni emibi, nasekusebenziseni kakhulu ugwayi. Wakhipha isisu kabili. Kodwa oFakazi Bakajehova bamkhathalela uElena futhi bakwazi ukumsiza ukuba asebenzise iBhayibheli ekuphileni kwakhe. Kancane kancane, amazwi eBhayibheli akwazi ukumenza ayeke imikhuba yakhe emibi futhi azi uMdali, uJehova uNkulunkulu, neNdodana yakhe, uJesu Kristu. Manje, ekhuluma ngalabaBantu ababili, uElena uthi: “Angizifanele noma iziphi izinto ezinhle engizitholayo kubo, futhi ngalesosizathu ngifuna ukukhuluma kaningi ngokwengeziwe ngomusa nothando lwabo ngathi.”

Njengoba lezibonelo ezimbalwa zibonisa, iBhayibheli lingaba amandla ayinzuzo kakhulu ekuphileni kwethu. ULuiz, uWayne, noElena basizwa lapho oFakazi BakaJehova bebahlanganisa neBhayibheli futhi bebabonisa indlela yokusebenzisa lokho elikushoyo. Emhlabeni namuhla, kunoFakazi abangaphezu kwezigidi ezintathu, abaningi babo baye baba nokuhlangenwe nakho okufanayo ngaphambili futhi bonke baye bavumela iBhayibheli ukuba lenze ushintsho olusheshayo ekuphileni kwabo. Uyini umphumela?

LamaKristu ayizigidi ezintathu akha umphakathi lapho izinkinga eziyinhloko manje ezisongela ikusasa lesintu kakade esezixazululwa kuwo. Awahlukanisiwe ubuzwe noma ukwehlukana kwezinhlanga. Kunalokho, ngosizo lweBhayibheli asebenza kanzima ukuba anqobe izinkinga zobuzwe nezomnotho. Futhi aye afunda ukuhlala ndawonye ngokuthula, khona ngokwakho okuwukugcwaliseka okuncane kwesinye seziprofetho eziningi eziphawulekayo zeBhayibheli.—Isaya 11:6-9.

Ukuba khona kweqembu elinjalo kuwubufakazi obunamandla bokuthi iBhayibheli ngempela liyiZwi likaNkulunkulu. Siyakumema ukuba uwazi lamaKristu futhi uzibonele lobufakazi ngokwakho. OFakazi BakaJehova bayokujabulela kakhulu ukukusiza ukuba wenze njalo.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]

Abukho neze ubufakazi obuqand’ ikhanda balokho okushiwo ukugxekwa kweBhayibheli

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]

IBhayibheli alithembeli kuyisayensi yanamuhla noma kuyifilosofi ukuze lifakazele ukuthi liyiZwi likaNkulunkulu

[Isithombe ekhasini 7]

IBhayibheli liguqula abantu

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela