Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 1/1 k. 27
  • “Abayikukwahlula”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Abayikukwahlula”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abalwa NoNkulunkulu Ngeke Banqobe!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Masijabule Noma Sishushiswa!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Izahlulelo ZikaNkulunkulu Kumelwe Zimenyezelwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • “Bayakulwa Nawe, Kepha Abayikukwahlula”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 1/1 k. 27

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

“Abayikukwahlula”

EZWENI eliseMelika Ephakathi, amadoda ayi-15 ahlomile athatha oFakazi BakaJehova ababili emakhaya abo ngenkani, abaletha eqenjini lamadoda angama-75 ahlome ngezinduku nangemimese. Athuka oFakazi ngezinhlamba ayesebayisa kwelinye iqembu lamadoda angama-350 ahlome ngokufanayo. Ayecabanga ukuthi abazalwane ababili babeyokwesaba bese behlehla esimweni sabo sokungathathi-hlangothi kobuKristu ngokuhlanganyela nebutho labo. (Isaya 2:4) Kodwa oFakazi bama beqinile futhi benqaba ukuhlanganyela ezempi. Ngakho baboshwa, kuyilapho amalungu amasonto amaningi ehlehla okholweni futhi eya emagqumeni namabutho.

Ngakusasa abazalwane bayiswa edolobheni elikhulu kuyolalelwa icala futhi. Njengoba babehamba, abalindi babatshela ukuthi imiqondo yabo yayishintshwe ngokuphelele. Abazalwane baphendula: “Ngokuqinisekile kuyiqiniso ukuthi sashintshwa imiqondo! Manje asisalimazi muntu; asiwona amasela, izidakwa, iziphingi.” Lapho isikhulu sithetha icala labo, sabonisa umusa futhi sabahalalisela, sithi, “Ukuba wonke umuntu wayenjengani, izinto beziyokwehluka . . . futhi kwangathi uNkulunkulu wenu uJehova anganivikela.” Base bekhululwa.

Kungani kushushiswa amaKristu angalimazi muntu, anokuthula abambelela ezindinganisweni zikaNkulunkulu zokulunga? Kungenxa yokuthi ‘awawona awezwe’ nezenzo zalo zezombangazwe. (Johane 17:16) Yeka induduzo ukwazi ukuthi nakuba uSathane nezwe lakhe bezolwa nezinceku zikaJehova, ngeke bazehlule! (Jeremiya 1:19) Lokhu kuye kwaba njalo kulelizwe, futhi isikhulu esasithetha icala labo kumelwe situswe ngokuqonda isimo sokungathathi-hlangothi koFakazi BakaJehova.

◻ Amazwi kaJeremiya aba yiqiniso futhi kokuhlangenwe nakho kwasezweni labaNsundu lapho umsebenzi woFakazi BakaJehova uvinjelwe khona. Ngemva kokuchaza ubunzima abazalwane ababhekana nabo ekuzameni ukusiza abantu bazi okwengeziwe ngezinjongo zikaJehova ezimangalisayo, umbiko uthi: “Ngenxa yesimo sokungathathi-hlangothi kwabantu bakaJehova, abaningi babazalwane bethu bayaboshwa, ngokuvamile izikhathi ezilandelanayo. Bashaywa kanzima, baphathwe ngonya, bacindezelwe ngazo zonke izindlela ukuze balimaze onembeza babo bobuKristu. Ngesinye isikhathi, ngemva kokuba ukushaywa ngonya kwehlulekile ukuphula ubuqotho bomzalwane, amanye amasosha ahlongoza ukumbulala. Lapho isikhulu esiphakeme sizwa ngozungu lwabo, sona ngokwaso sangenela futhi samshintshela kwelinye idolobha ngasese, kanjalo sisindisa ukuphila kwakhe.”

Lokhu kushushiswa akuzange kuyekise oFakazi BakaJehova ekushumayeleni izindaba ezinhle njengoba uNkulunkulu eyalile. (Mathewu 24:14) UJehova uyabasekela ngomoya wakhe futhi abusise isimo sabo sokwethembeka. Umbiko ovela kulelizwe uthi futhi: “Naphezu kobunzima obedlulele obungokwenyama, indlala, izifo, izimpi ezishubile zesizwe, nokushushiswa, kuye kwaba nokwanda ngamaphesenti ayi-17 enanini lesilinganiso sabamemezeli.” Isibalo sababa khona eSikhumbuzweni sanda ngamaphesenti angama-21, futhi amaphesenti angama-21 abo bonke abamemezeli akhonza njengamaphayona phakathi noApril 1984.

Ngakho abafowethu bayajabula ngisho nakuba beshushiswa. Bathemba kuJehova futhi bakhunjuzwa amazwi kaJeremiya: “Bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula, ngokuba nginawe, usho uJehova, ukuba ngikophule.”—Jeremiya 1:19.

[Isithombe ekhasini 27]

UJehova uyabasekela oFakazi bakhe abashushiswayo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela